Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • ijwhf isihloko 4
  • Ukukhuluma Nezingane Ngotshwala

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukukhuluma Nezingane Ngotshwala
  • Usizo Lomndeni
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Okufanele ukwazi
  • Ongakwenza
  • Ukuphuza Ngokweqile Kanye Nempilo
    I-Phaphama!—2005
  • Londoloza Umbono Olinganiselayo Ngotshwala
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2004
  • Vumela Ukuqondiswa Umbono KaNkulunkulu Ngotshwala
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2023
  • AmaKristu Kufanele Akubheke Kanjani Ukuphuza Utshwala?
    Phila Kuze Kube Phakade!—Izifundo ZeBhayibheli
Bheka Okunye
Usizo Lomndeni
ijwhf isihloko 4
Intombazanyana ibona abazali bayo bephuza utshwala

USIZO LOMNDENI

Ukukhuluma Nezingane Ngotshwala

“Saqala ukukhuluma nendodakazi yethu ngotshwala ineminyaka engu-6. Kwasimangaza ukuthi yayazi okuningi ngotshwala kunalokho esasikulindele.”​—U-Alexander.

  • Okufanele ukwazi

  • Ongakwenza

  • Okushiwo iBhayibheli ngotshwala

Okufanele ukwazi

Kubalulekile ukukhuluma nezingane ngotshwala. Ungalindi ingane ize ikhule. UKhamit, waseRussia uthi, “Sifisa ngabe saqala ukukhuluma nendodana yethu ngotshwala isencane. Ngafunda kabuhlungu. Ngathola ukuthi indodana yami yayisiphuza utshwala ineminyaka engu-13.”

Kungani kufanele ukhathazeke?

  • Umbono wengane yakho ngotshwala ungase uthonywe yizikhangiso, i-TV noma yizingane efunda nazo esikoleni.

  • Ngokombiko we-U.S. Centers for Disease Control and Prevention, ingxenye engamaphesenti angu-11 yabantu abaphuza utshwala e-United States yakhiwa yizingane ezingavumelekile ukuphuza ngokweminyaka ebekwe uhulumeni.

Akumangazi ukuthi izikhulu zezempilo zikhuthaza abazali ukuba bafundise izingane zabo zisencane ngezingozi zokuphuza utshwala. Ungakwenza kanjani lokho?

Ongakwenza

Yazi ukuthi uzoyiphendula kanjani imibuzo yengane yakho. Izingane ziyathanda ukubuza, futhi uma sezikhulile zibuza nakakhulu. Ngakho kuzokusiza ukulungiselela kusenesikhathi ukuthi uzoyiphendula kanjani leyo mibuzo. Ngokwesibonelo:

  • Uma ingane yakho ikubuza ukuthi bunjani utshwala, ungase uyitshele ukuthi iwayini lithi alifane nojusi omuncu wezithelo, kanti ubhiya wona uyababa.

  • Uma ingane yakho ifuna ukuzizwela ukuthi utshwala bunjani, ungase uyitshele ukuthi bunamandla kakhulu ukuthi bungaphuzwa ingane esencane. Yichazele ukuthi utshwala benzani emzimbeni: Utshwala benza umuntu akhululeke, kodwa uma esebuphuze kakhulu angase adiyazele, enze izinto ezingafanele noma asho izinto azozisola ngazo.​—IzAga 23:29-35.

Zifundise wena kuqala. IBhayibheli lithi: “Wonke umuntu onokuqonda uyokwenza ngolwazi.” (IzAga 13:16) Funda ngotshwala, nangemithetho yasezweni ohlala kulo elawula indlela utshwala okufanele busetshenziswe ngayo. Ngaleyo ndlela uzokwazi ukusiza ingane yakho.

Ungalindi kuze kube yingane yakho ekubuzayo. UMark ohlala eBrithani, uthi: “Izingane zingase zingazi ukuthi utshwala kufanele busetshenziswe kanjani. Ngabuza indodana yami eneminyaka engu-8 ukuthi kubi yini ukuphuza utshwala. Ngenza isimo saba esikhululekile, okwenza kwaba lula ngayo ukuba iveze lokho ekucabangayo.”

Uma ukhuluma ngotshwala izikhathi eziningana nezingane zakho, uyozisiza zibe nombono ofanele ngabo. Lapho ukhuluma nengane yakho ngotshwala, khuluma nangezinye izinto ezibalulekile njengocansi nokuphepha emgwaqweni, kuye ngokuthi ikhule kangakanani.

Yiba yisibonelo. Izingane zifana neziponji, zimunca lokho okuzizungezile futhi ucwaningo lubonisa ukuthi abazali bazithonya kakhulu izingane zabo. Lokhu kusho ukuthi uma uphuza utshwala njalo lapho ukhathazekile, izingane zakho zizofunda ukuthi into engazisiza lapho zicindezelekile, ukuphuza utshwala. Ngakho yiba isibonelo esihle. Qiniseka ukuthi wena ubusebenzisa ngendlela efanele utshwala.

Intombazanyana ibona umama wayo enqaba ukuthelelwa iwayini elengeziwe

Ingane yakho izofunda endleleni wena obusebenzisa ngayo utshwala

Okushiwo iBhayibheli ngotshwala

‘UJehova wenza iwayini elenza inhliziyo yomuntu ofayo ijabule.’ (IHubo 104:14, 15) Utshwala abububi, buyisipho esivela kuNkulunkulu.

“Iwayini lingumhleki wosulu, uphuzo oludakayo lunomsindo, noma ubani oduka ngalo akahlakaniphile.” (IzAga 20:1) Kufanele busetshenziswe kahle utshwala.

‘Izidakwa, ngeke zilizuze ifa lombuso kaNkulunkulu.’ (1 Korinte 6:10) UNkulunkulu uyasivumela ukuba siphuze utshwala, kodwa uyakwenqabela ukudakwa.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela