Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • ijwhf isihloko 3
  • Indlela Yokubonisana Uthando

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Indlela Yokubonisana Uthando
  • Usizo Lomndeni
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Okufanele ukwazi
  • Ongakwenza
  • “Thandanani Omunye Nomunye”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2004
  • Ukuze Kube Nenjabulo Emshadweni: Bonisani Uthando
    Usizo Lomndeni
  • Ukuthola Isihluthulelo Sothando Lomzwelo Lobuzalwane
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1993
  • Bonisa Uthando Kwabasekhaya
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2002
Bheka Okunye
Usizo Lomndeni
ijwhf isihloko 3
Indoda ihaga umkayo

USIZO LOMNDENI

Indlela Yokubonisana Uthando

Njengoba iminyaka ihamba, abanye abantu abashadile ababe besabonisana uthando ngendlela ababenza ngayo ekuqaleni. Kufanele ukhathazeke yini uma lokhu kwenzeka emshadweni wakho?

  • Okufanele ukwazi

  • Ongakwenza

Okufanele ukwazi

Ukuze umshado uqine kubalulekile ukubonisana uthando. Njengoba ukuthola ukudla namanzi njalo kubalulekile ukuze umzimba uqine futhi uphile kahle, ukubonisana uthando njalo nakho kubalulekile ukuze umshado uhlale uqinile futhi ujabulise. Ngisho noma sebeshade amashumi eminyaka, amadoda namakhosikazi ayakudinga ukuba abashade nabo babaqinisekise ukuthi bayathanda.

Uthando lwangempela luyacabangela. Umuntu onalolu thando ufisa ukujabulisa lowo ashade naye. Umuntu ocabangelayo ngeke agcine ngokubonisa ashade naye ukuthi uyamthanda ngezikhathi ezithile kuphela, kodwa uzocabanga ngokuthi lowo ashade naye ukudinga kangakanani ukuboniswa ukuthi uyathandwa bese enza ngokuvumelana nalokho.

Ngokuvamile, amakhosikazi akudinga kakhulu ukuboniswa uthando kunamadoda. Indoda ingase imthande kakhulu umkayo. Kodwa uma igcina ngokutshela umkayo ukuthi iyamthanda ekuseni noma ntambama noma ngaphambi kokuba baye ocansini, umkayo angase angaqiniseki ukuthi imthanda ngempela. Kungcono kakhulu ukubonisana uthando kaningana phakathi nosuku.

Ongakwenza

Bonisa uthando ngamazwi. Amazwi alula anjengokuthi, “Ngiyakuthanda” noma “Ubaluleke kakhulu kimi,” angenza oshade naye azizwe ethandwa.

Okushiwo iBhayibheli: “Umlomo ukhuluma ngokuchichima kwenhliziyo.”​—Mathewu 12:34.

Icebiso: Akudingeki ukuba ugcine ngokumtshela ngomlomo kuphela oshade naye ukuthi uyamthanda. Ungambhalela umyazelo, kungaba sephepheni, ngefoni noma nge-email.

Bonisa uthando ngezenzo. Ukubamba isandla soshade naye, ukumqabula noma ukumhaga, kungambonisa ukuthi uqinisile uma uthi “ngiyakuthanda.” Ungambonisa ngendlela ombuka ngayo, ngokumthinta ngothando, nangokumupha isipho. Okunye ongakwenza ukusiza umkakho ngezinto ezithile, kungaba ukumphathela izikhwama, ukumvulela umnyango, ukuwasha izitsha, ukuwasha izingubo nokupheka. Abantu abaningi abazibheki lezi zinto njengosizo nje kuphela, kodwa njengezenzo zothando!

Okushiwo iBhayibheli: “Masibe nothando, hhayi ngezwi noma ngomlomo, kodwa ngesenzo.”​—1 Johane 3:18.

Icebiso: Bonisa oshade naye ukuthi uyamthanda ngokumcabangela ngendlela owawenza ngayo ngesikhathi ningakashadi.

Bekani isikhathi sokuba ndawonye. Ukuba nesikhathi ninodwa kuyawuqinisa umshado wenu futhi kuqinisekise oshade naye ukuthi uyakujabulela ukuba naye. Kungase kube nzima ukuhlela isikhathi esinjalo uma ninezingane noma kunezinto eziningi okufanele nizenze phakathi nosuku. Mhlawumbe ningahlela ukwenza into elula njengokulula izinyawo ndawonye.

Okushiwo iBhayibheli: “Niqiniseke ngezinto ezibaluleke kakhulu.”​—Filipi 1:10.

Icebiso: Abanye abashadile nakuba bematasa kodwa bazibekela isikhathi esithile sokuba ndawonye ebusuku noma ngezimpela sonto.

Indoda nomkayo bazikhiphile

Mazi oshade naye. Ayifani indlela abantu abathanda ukuboniswa ngayo uthando. Xoxani ngokuthi umuntu ngamunye ufuna ukuboniswa kanjani uthando nokuthi ikuphi lapho okufanele nithuthukise khona. Yibe usuzimisela ukwenza lokho okudingwa oshade naye. Khumbula, ukuze umshado uqine, kubalulekile ukubonisana uthando.

Okushiwo iBhayibheli: “Uthando . . . aluzifuneli izinzuzo zalo siqu.”​—1 Korinte 13:4, 5.

Icebiso: Kunokufuna ukuboniswa uthando, zibuze, ‘Yini mina engingayenza ukuze engishade naye angibonise uthando kakhudlwana?’

UDouglas noDebra

“Ngokuhamba kwesikhathi ngafunda ukungagxili kulokho mina engikufunayo nengikudingayo. Kunalokho, ngafunda ukubonga ngalokho umyeni wami akwenzayo ukuze asize umndeni wethu. Ngathola ukuthi lapho ngiqhubeka ngimbonisa uthando naye wayengibonisa uthanda nakakhulu.”​—UDebra nomyeni wakhe uDouglas.

U-Aron noFlavia

“Sizama ukungazikhohlwa izidingo zomunye nomunye. Ngokwesibonelo, umyeni wami uyathanda ukuthi ngimbonge ngezinto angenzela zona. Kumbonisa ukuthi ngiyamthanda. Mina ngiyajabula uma engibuza ukuthi nginjani. Yilokho okungibonisa ukuthi uyangithanda.”​—UFlavia nomyeni wakhe u-Aron.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela