Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • ijwyp isihloko 79
  • Ingabe Sengikulungele Ukuhamba Ekhaya?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Sengikulungele Ukuhamba Ekhaya?
  • Intsha Iyabuza
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Hlola izizathu zakho
  • Bala izindleko
  • Ingabe Sengikulungele Ukuhamba Ekhaya?
    I-Phaphama!—2010
  • Ingabe Sengikulungele Ukuhamba Ekhaya?
    Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, Umqulu 1
  • Lapho Kumelwe Ubuyele Ekhaya
    I-Phaphama!—2015
  • Ezothando—Ingxenye 1: Ingabe Ngikulungele Ukuthandana Nothile?
    Intsha Iyabuza
Bheka Okunye
Intsha Iyabuza
ijwyp isihloko 79
Insizwa ipakisha izimpahla zayo ilungela ukuhamba ekhaya

INTSHA IYABUZA

Ingabe Sengikulungele Ukuhamba Ekhaya?

Ukucabanga ngokuhamba ekhaya kungase kujabulise futhi kuphinde kusabise. Ungazi kanjani uma usukulungele ukuhlala wedwa?

  • Hlola izizathu zakho

  • Bala izindleko

  • Okushiwo ontanga yakho

Hlola izizathu zakho

Ziningi izizathu ezingakwenza ufune ukuhamba ekhaya, kodwa ezinye zazo azizinhle. Insizwa okuthiwa uMario ithi: “Ngangifuna ukuhamba ekhaya ngoba ngifuna ukubalekela imisebenzi yami yasekhaya.”

Iqiniso liwukuthi uba nenkululeko encane nakakhulu uma ungasahlali ekhaya. U-Onya uthi: “Uma uhamba ekhaya, usuke usuyozinakekelela wena indawo ohlala kuyo, uzithengele ukudla, ukhokhele amanzi nogesi futhi abazali bakho bazobe bengasekho eduze ukuba bakusize!”

Iphuzu elibalulekile: Kufanele wazi ukuthi kungani ufuna ukuhamba ekhaya ukuze ukwazi ukubona ukuthi usukulungele ngempela yini.

Bala izindleko

UJesu wathi: “Ngubani kini othi efuna ukwakha umbhoshongo angahlali phansi kuqala abale izindleko, ukuze abone ukuthi unakho yini okwanele ukuba awuqede?” (Luka 14:28) ‘Ungazibala kanjani izindleko’ ezihambisana nokuhamba ekhaya? Sebenzisa la maphuzu alandelayo ukuze uzihlole.

UYAKWAZI YINI UKUSEBENZISA KAHLE IMALI?

IBhayibheli lithi: ‘Imali iyisivikelo.’​—UmShumayeli 7:12.

  • Ingabe uyehluleka ukubeka imali?

  • Ingabe ungumuntu othanda ukuthenga?

  • Ingabe uvame ukuboleka imali kwabanye?

Uma uphendule ngoyebo komunye wale mibuzo, kungenzeka isasasa lokuhamba ekhaya lingakuletheli injabulo obucabanga ukuthi uzoyithola!

“Ubhuti wami wahamba ekhaya eneminyaka engu-19. Esikhathini esingangonyaka wayengasenamali, imoto yakhe isidliwe yibhange, esenegama elibi kwababolekisa ngemali futhi esecela ukubuya ekhaya.”​—UDanielle.

Ongakwenza manje: Buza abazali bakho ukuthi ngokuvamile ziba yimalini izindleko zabo zenyanga. Iziphi izindleko abazikhokha nyanga zonke, futhi bahlela kanjani ukuze bakwazi ukuzikhokha? Yiziphi izinhlelo abanazo zokubeka imali?

Iphuzu elibalulekile: Ukufunda ukusebenzisa kahle imali usahlala ekhaya, kuzokusiza ukwazi ukubhekana nezinkinga zemali lapho usuhlala wedwa.

INGABE UTHEMBEKILE?

IBhayibheli lithi: “Yilowo nalowo uyothwala owakhe umthwalo.”​—Galathiya 6:5.

  • Ingabe ungumuntu othanda ukuhlehlisa izinto?

  • Ingabe abazali bakho kufanele baze bakukhumbuze ukuze wenze imisebenzi yakho yasekhaya?

  • Ingabe ujwayele ukubuya ekhaya sesidlulile isikhathi abazali bakho abakubekele sona?

Uma uphendule ngoyebo komunye wale mibuzo, uzoba nenkinga nakakhulu uma usuhlala wedwa.

“Lapho usuhlala wedwa, kunezinto okungenzeka ukuthi awuthandi ukuzenza kodwa ozophoqeleka ukuba uzenze. Akekho umuntu ozokutshela ukuthi uzenze lezo zinto, ngakho kufanele uzimisele ukuze ukwazi ukuqhubeka uzenza.”​—UJessica.

Ongakwenza manje: Zama ukwenza imisebenzi eyengeziwe ekhaya inyanga yonke. Ngokwesibonelo, hlanza indlu yonke uwedwa, uziwashele izimpahla zakho, uthenge ukudla kwasendlini, upheke ukudla kwasebusuku inyanga yonke bese ugeza izitsha njalo ngemva kokudla. Lokhu kuzokunika isithombe sokuthi kuzoba njani ukuphila uma usuhlala wedwa.

Iphuzu elibalulekile: Uma ufuna ukuzimela ngelinye ilanga, kubalulekile ukuba ube ngumuntu othembekile.

Insizwa iphuma ebhanoyini ingakakwazi ukuvula ipharashuthi

Ukuhamba ekhaya ungakakulungeli, kufana nokuphuma ebhanoyini elisemoyeni ungakakwazi ukusebenzisa ipharashuthi

INGABE UYAKWAZI UKULAWULA IMIZWA YAKHO?

IBhayibheli lithi: “Kulahleni konke kude nani, ulaka, intukuthelo, ububi, inkulumo eyihlazo, nenkulumo eyichilo.”​—Kolose 3:8.

  • Ingabe ukuthola kunzima ukuphilisana nabanye?

  • Ingabe uyahluleka ukulawula imizwa yakho?

  • Ingabe ufuna ukuba izinto zihlale zenziwa ngendlela yakho?

Uma uphendule ngoyebo komunye wale mibuzo, kungenzeka ukuthole kunzima ukuhlala nomunye umuntu, ngisho nalapho usushadile.

“Ngaqala ukubona izinto ezingathandeki ngami lapho sengihlala nomunye umuntu. Ngabona ukuthi kwakungafanele ngilindele ukuba abantu babekezelele imizwa yami eshintsha njalo. Kwakufanele ngithole indlela engcono yokwenza izinto uma ngizizwa ngicindezelekile.”​—UHelena.

Ongakwenza manje: Zijwayeze ukuphilisana kahle nabazali bakho kanye nezingane zakini. Indlela owabekezelela ngayo amaphutha abantu ohlala nabo manje, ibonisa indlela oyobabekezelela ngayo nabanye oyohlala nabo esikhathini esizayo.

Iphuzu elibalulekile: Ukuhlala wedwa akuyona indlela yokubaleka ekhaya, kudinga isikhathi nokulungiselela kahle. Khuluma nabathile abakwazile ukukwenza ngempumelelo. Babuze ukuthi yini abebengayishintsha esinqumweni sabo, nokuthi yini abayaziyo manje abafisa ngabe babeyazi ngaphambi kokwenza lesi sinqumo. Kuwusizo ukwenza kanjalo lapho wenza noma yiziphi izinqumo ezinkulu.

Okushiwo ontanga yakho

UDapo

“Intsha eningi ikuthatha kalula ukuhlala yodwa, ayiqapheli ukuthi kunzima kangakanani ukuzikhokhela izindleko. Akulula ukuthola indawo yokuhlala eshibhile! Intsha eningi ijaha ukuthutha ekhaya, kodwa ekugcineni izithole isibuyela khona.”​—UDapo.

U-Ashley

“Ukuhlala ekhaya kunikeza osemusha ithuba lokufunda izinto eziningi, kancane kancane. Abanye bangaqala ngokwenza imisebenzi eyengeziwe ekhaya, noma ngokukhokhela ezinye zezindleko noma ngokuphekela wonke umndeni. Lezi zinto ezincane zingakusiza ukulungele ukuhlala wedwa.”​—U-Ashley.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela