Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • ijwyp isihloko 76
  • Kungani Kufanele Ngiye Emihlanganweni Eba SeHholo LoMbuso?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Kungani Kufanele Ngiye Emihlanganweni Eba SeHholo LoMbuso?
  • Intsha Iyabuza
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Kwenzekani eHholo LoMbuso?
  • Kungani kufanele ube khona kule mihlangano?
  • Kungakuzuzisa Ngani Ukuya Emihlanganweni YoFakazi BakaJehova?
    Phila Kuze Kube Phakade!—Izifundo ZeBhayibheli
  • Lena Indawo Yethu Yokukhulekela
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2015
  • Kungani Kufanele Sihlangane Ndawonye Ukuze Sikhulekele?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2016 (Efundwayo)
  • Amalungiselelo Ezindawo Zokukhulekela
    Ukuhlelelwa Ukwenza Intando KaJehova
Bheka Okunye
Intsha Iyabuza
ijwyp isihloko 76
Umfana ubuka abantu beyongena eHholo LoMbuso

INTSHA IYABUZA

Kungani Kufanele Ngiye Emihlanganweni Eba SeHholo LoMbuso?

Kabili ngesonto, oFakazi BakaJehova baba nemihlangano endaweni ebizwa ngokuthi iHholo LoMbuso. Kwenzekani kuleyo mihlangano, futhi ukuya kuyo kungakusiza kanjani?

  • Kwenzekani eHholo LoMbuso?

  • Kungani kufanele ube khona kule mihlangano?

  • Okushiwo ontanga yakho

Kwenzekani eHholo LoMbuso?

IHholo LoMbuso indawo okufundwa kuyo indlela yokusebenzisa izinto eziseBhayibhelini. Imihlangano eba seHholo LoMbuso ingakusiza:

  • ufunde iqiniso ngoNkulunkulu.

  • wazi ukuthi izinto ezenzekayo emhlabeni zisho ukuthini.

  • uthuthukise indlela oziphatha ngayo.

  • uthole abangane abahle.

Bewazi? Into oFakazi BakaJehova abaxoxa ngayo kakhulu emihlanganweni yabo, uMbuso kaNkulunkulu. Yingakho indawo abahlangana kuyo ibizwa ngokuthi iHholo LoMbuso.​—Mathewu 6:9, 10; 24:14; Luka 4:43.

Kungani kufanele ube khona kule mihlangano?

Ozokufunda khona kuzokusiza. Amaqiniso avela eBhayibhelini okuxoxwa ngawo emihlanganweni yoFakazi BakaJehova azokusiza ‘uzuze ukuhlakanipha.’ (IzAga 4:5) Lokho kusho ukuthi iBhayibheli lingakusiza wenze izinqumo ezinhle ekuphileni. Lingakunikeza nezimpendulo zemibuzo ebalulekile, njengale:

  • Kungani siphila?

  • Ingabe nguNkulunkulu obangela izinkinga zethu?

  • Kwenzekani uma sifa?

Nazi ezinye izihloko zezinkulumo eziba seHholo LoMbuso ngezimpelasonto:

  • Kungani Kumelwe Uqondiswe IBhayibheli?

  • Ungalutholaphi Usizo Ezikhathini Zokucindezeleka?

  • Lokho UMbuso KaNkulunkulu Osenzela Khona Manje.

“Omunye esifunda naye esikoleni wafika emihlanganweni yethu. Wahlala nomndeni wakithi, futhi sambukisa okwakufundwa ezincwadini zethu. Ngemva komhlangano, wangitshela ukuthi ukuthandile obekushiwo abantu lapho becelwa ukuba baveze imibono yabo ngesihloko okwakuxoxwa ngaso. Wangitshela nokuthi esontweni labo abanazo izinto zokutadisha iBhayibheli thina esinazo.”​—UBrenda.

Bewazi? Awukhokhi uma ungena eHholo LoMbuso futhi akukho sitsha esidluliswayo sokuqoqa imali.

Abantu ozobathola eHholo LoMbuso bazokukhuthaza. IBhayibheli lithi esinye isizathu sokuba amaKristu ahlangane ndawonye siwukuba ‘akhuthazane.’ (Hebheru 10:24, 25) Namuhla abantu ababacabangeli abanye, yingakho kumnandi ukuba nabantu abathanda uNkulunkulu futhi abacabangela abanye ngaphezu kokuba bezicabangela bona.

“Ngezinye izikhathi usuku luphela ngikhathele ngiyimvithi, kodwa abantu engibabona eHholo LoMbuso bangenza ngizizwe ngingcono. Lapho ngibuyela ekhaya, ngisuke sengijabule futhi ngikulungele ukubhekana nolunye usuku.”​—U-Elisa.

Bewazi? Emhlabeni wonke kunamabandla oFakazi BakaJehova angaphezu kwangu-120000, futhi ahlangana ezindaweni ezingaphezu kwezingu-60000. Unyaka ngamunye kwakhiwa amaHholo OMbuso angaba ngu-1500 ngenxa yokwanda kwabantu abeza emihlanganweni yethu.a

Okushiwo ontanga yakho

UJessica

“Ngesikhathi ngisafunda isikole, intombazane engangifunda nayo yeza emihlanganweni yethu eHholo LoMbuso, kwayijabulisa ukubona abantu abaneminyaka ehlukahlukene behlangene ndawonye ukuze bafundiswe. Muva nje, kweza umqashi wami emihlanganweni yethu, futhi wamangazwa indlela esasilisebenzisa kaningi ngayo iBhayibheli. Ukubona indlela akujabulela ngayo ukuba semihlanganweni yethu, kwenza nami ngayithanda kakhulu imihlangano yethu!”​—UJessica.

UTimothy

“Imihlangano ingenza ngikhohlwe izinkinga nezinkathazo zansuku zonke. Emihlanganweni yethu sifunda ukuthi singajabula kanjani ekuphileni, singayithuthukisa kanjani indlela esiziphatha ngayo, kanye nokunye. Njalo uma kuphela imihlangano eHholo LoMbuso ngisuke ngikhuthazekile futhi ngijabule.”​—UTimothy.

UJacob

“Indoda engayimemela emihlanganweni yethu yathi: ‘Bengizele ukuzobona ukuthi ngingayithola yini into enginganiphikisa ngayo. Kodwa ngibonile ukuthi yizinto engizikholelwayo ezingelona iqiniso!’ Wayithanda indlela oFakazi abamphatha kahle ngayo. Wathi: ‘Bengiqala ukunibona, kodwa ngendlela eningiphathe kahle ngayo, sengathi kade sazana!’”​—UJacob.

UMadison

“Ngezinye izikhathi ngike ngizitshele ukuthi ngizohamba ngokushesha nje uma kuphela umhlangano. Kodwa imihlangano iphela ngingasazizwa ngaleyo ndlela. Ngemva komhlangano, ngixoxa nabantu futhi ngisuke ngingasazi ukuthi kungani bengifuna ukusheshe ngihambe. Ukube imihlangano ibingekho, bengingeke ngibe nabangane abahle enginabo.”​—UMadison.

a Ukuze uthole indawo esihlangana kuyo, iya ekhasini elithi “Imihlangano Yebandla YoFakazi BakaJehova” bese ucofa lapho kuthi khona “Thola Indawo Eseduze Nawe.”

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela