Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • ijwyp isihloko 75
  • Yini Engingayenza Uma Umngane Wami Engiphatha Kabi?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Yini Engingayenza Uma Umngane Wami Engiphatha Kabi?
  • Intsha Iyabuza
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Okufanele ukwazi
  • Ongakwenza
  • Kungani Umngane Wami Angiphatha Kabi?
    Intsha Iyabuza Izimpendulo Ezisebenzayo—Umqulu 2
  • Kungani Umngane Wami Angiphatha Kabi?
    I-Phaphama!—2000
  • Kuyini Ukuthethelela?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • Ningabakhubi “Laba Abancane”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka (Efundwayo)—2021
Bheka Okunye
Intsha Iyabuza
ijwyp isihloko 75
Intombazane isho ezinto eziphatha kabi umngane wayo

INTSHA IYABUZA

Yini Engingayenza Uma Umngane Wami Engiphatha Kabi?

  • Okufanele ukwazi

  • Ongakwenza

  • Okushiwo ontanga yakho

Okufanele ukwazi

  • Abekho abantu abangaxabani. Ngisho nomngane wakho omkhulu uyawenza amaphutha, ngakho angasho noma enze into ezokuphatha kabi. Nawe uyawenza amaphutha. Akekho yini umuntu owake wamphatha kabi?​—Jakobe 3:2.

  • Ngenxa ye-Internet, sekulula ukubona izinto ezingakuphatha kabi. Ngokwesibonelo, osemusha okuthiwa uDavid uthi: “Kungenzeka ukuthi ukuyi-Internet bese ubona izithombe zabangane bakho besemcimbini, ungase uzibuze ukuthi kungani wena ungamenywanga bese uphatheka kabi.”

  • Ungakwazi ukuyixazulula le nkinga.

Ongakwenza

Zihlole. IBhayibheli lithi: “Ungasheshi ukucasuka emoyeni wakho, ngoba ukucasuka kuhlala esifubeni seziphukuphuku.”​—UmShumayeli 7:9.

“Ngezinye izikhathi ubona kamuva ukuthi into ekuphathe kabi empeleni ibiwubala.”​—U-Alyssa.

Ongacabanga ngakho: Ingabe usheshe uzwele? Ungakwazi yini ukubabekezelela kakhudlwana abanye?​—UmShumayeli 7:​21, 22.

Cabanga ngezinzuzo zokuthethelela. IBhayibheli lithi: “Kungubuhle . . . ukweqa isiphambeko.”​—IzAga 19:11.

“Ngisho noma unesizathu sokuphatheka kabi, kuhle ukuthethelela. Lokhu kusho ukungalokhu ukhumbuza umuntu ngento ayenza futhi umenze axolise njalo. Uma usumxolele, yidlulise leyo nto.”​—UMallory.

Ongacabanga ngakho: Ingabe leyo nto ibaluleke ngempela? Ungakwazi yini ukuvele uxole ukuze kube nokuthula?​—Kolose 3:​13.

Ukungenisa umoya obandayo endlini efudumele

Ukuhlale ubalela umngane izinto azenzayo ezikuphatha kabi, kufana nokungenisa umoya obandayo endlini efudumele

Cabanga ngalowo muntu. IBhayibheli lithi: “Ningakhathaleli nje kuphela izindaba zenu siqu, kodwa futhi nikhathalele nezabanye.”​—Filipi 2:4.

“Uma wena nomngane wakho nithandana futhi nihloniphana, nizosheshe nizixazulule izinkinga ngoba nifuna ubungane benu buqhubeke. Nibusebenzele kanzima, ngakho anifuni buphele.”​—UNicole.

Ongacabanga ngakho: Ungakwazi yini ukuzama ukuqonda ukuthi kungani ezizwa ngendlela azizwa ngayo?​—Filipi 2:3.

Iphuzu elibalulekile: Ukwazi ukuthi yini ongayenza lapho othile ekuphathe kabi kuyikhono eliyokusiza ngisho usumdala. Kungani ungalifundi manje?

Okushiwo ontanga yakho

UKiana

“Akuyona yonke inkinga edinga ukusukunyelwa. Uma kuyinto engikwazi ukuyidlulisa, ngenza kanjalo. Ukwenza kanjalo kungagcina ukuthula kunokuveza yonke into encane engiphatha kabi.”​—UKiana

UTreigh

“Esimweni ngasinye ngiye ngizibuze, ‘Ingabe le nkinga yimbi kangangokuba sengingalahlekelwa umngane ngenxa yayo?’ Esikhathini esiningi impendulo iba ngu-cha!”​—UTreigh.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela