Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • ijwyp isihloko 64
  • Kufanele Yini Ngithole Abangane Abengeziwe?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Kufanele Yini Ngithole Abangane Abengeziwe?
  • Intsha Iyabuza
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Inkinga ngokuba nabangane abambalwa
  • Ongakwenza
  • Abangane Abahle Abangane Ababi
    I-Phaphama!—2004
  • Bakhethe Ngokuhlakanipha Abangane
    Phila Kuze Kube Phakade!—Izifundo ZeBhayibheli
  • Ukufuna Abangane Beqiniso
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
  • Ngingabenza Kanjani Abangane Abakahle?
    Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, Umqulu 1
Bheka Okunye
Intsha Iyabuza
ijwyp isihloko 64
Amantombazane ayazishutha

INTSHA IYABUZA

Kufanele Yini Ngithole Abangane Abengeziwe?

“Ngikhululeka kuphela uma nginabangane bami, kunzima ukujwayelana nabanye abantu.”​—U-Alan.

“Angikuthandi ukuba nabangane abaningi nokukhuluma nabantu engingabazi.”​—USara.

Uzizwa njengo-Alan noSara yini? Nawe unabangane abambalwa osondelene nabo futhi awuthandi ukuthola abangane abasha?

Uma kunjalo lesi sihloko sibhalelwe wena!

  • Inkinga ngokuba nabangane abambalwa

  • Ongakwenza

  • Okushiwo ontanga yakho

Inkinga ngokuba nabangane abambalwa

Ayikho into embi ngokuba nabangane abambalwa osondelene nabo. Kwenza uzizwe wamukelekile naphezu kwamaphutha akho.

“Kumnandi ukuba phakathi kwabangane abakuthandayo. Uma usemusha, ufuna ukwamukeleka.”​—UKaren, 19.

Bewazi? UJesu wayenabangane abaningi, okuhlanganisa nabaphostoli bakhe abangu-12 kodwa uPetru, uJakobe noJohane babengabangane bakhe abaseduze kakhulu.​—Marku 9:2; Luka 8:​51.

Ukuba neqembu elilodwa labangane ozwana nabo nokungafuni ukuthola abanye, kungakubangela izinkinga. Ngokwesibonelo:

  • Kungakwenza ulahlekelwe ithuba lokuthola abanye abangane abahle.

    “Awukwazi ukufunda izinto ezintsha kwabanye uma unabangane ababodwa.”​—U-Evan, 21.

  • Kungakwenza ubonakale ungumuntu ozenza ngcono.

    “Uma uzwana neqembu elithile labangane, ungenza abanye bacabange ukuthi awufuni ukukhuluma nabo.”​—USara, 17.

  • Kungakwenza uxhaphaze abanye.

    “Uma uwedwa ungase ungabaxhaphazi abanye, kodwa uma abangane bakho bekwenza ungagcina nawe usukwenza futhi ukujabulele.”​—UJames, 17.

  • Kungakufaka enkingeni, ikakhulu uma uzimisele ukwenza noma yini ukuze ube yingxenye yalelo qembu labangane.

    “Uma umuntu oyedwa kulelo qembu enza izinto ezimbi, nonke ningagcina senizenza.”​—UMartina, 17.

Ongakwenza

  • Cabanga ngokuthi ufuna ukuphila kanjani.

    Zibuze: ‘Ngifuna ukuphila kanjani? Ingabe abangane bami benza kube nzima ukuphila ngendlela engiyifunayo? Ngingaqhubeka yini ngizwana nabo ngisho noma kunjalo?’

    Okushiwo iBhayibheli: “Ukuzihlanganisa nababi konakalisa imikhuba emihle.”—1 Korinte 15:33.

    “Uma abangane bakho benza izinto ongazithandi, nawe ungagcina sewenza izinto ongakaze ucabange ukuthi ungazenza.”​—U-Ellen, 14.

  • Cabanga ngokuthi yini ebalulekile kuwe.

    Zibuze: ‘Ingabe ngingenza izinto engingazithandi ngenxa nje yokuthi angifuni ukulahlekelwa abangane bami? Ngingenzenjani uma umngane wami enza into engafanele?’

    Okushiwo iBhayibheli: “Bonke engibathandayo ngiyabasola.”—IsAmbulo 3:19.

    “Uma omunye wabangane bakho enza into engalungile, ungase obone sengathi uma umceba uzobe uyamdayisa.”​—UMelanie, 22.

  • Thola abangane abengeziwe.

    Zibuze: ‘Kungangisiza yini ukuthola abangane abengeziwe?’

    Okushiwo iBhayibheli: “Ningakhathaleli nje kuphela izindaba zenu siqu, kodwa futhi nikhathalele nezabanye.”—Filipi 2:4.

    “Kungase kube nzima ngezinye izingane ukujwayela abanye, ngenxa yendlela eziphathwa ngayo ekhaya. Kodwa uma uzama ukuzijwayela ungase ubone ukuthi kumnandi ukuba nazo.”​—UBrian, 19.

Nakhu okubalulekile: Akukubi ukuzwana nabangane abathile nje kuphela. Kodwa kungakusiza ukuzama ukuthola abangane abengeziwe. IBhayibheli lithi: “Kwenzeni umkhuba ukupha, khona-ke abantu bayonipha.”—Luka 6:38.

Okushiwo ontanga yakho

UMaryam

“Esikoleni kwakuneqembu elithile labangane engangilithanda, kodwa lapho ngibona ukuthi amanye amantombazane ayekuleli qembu ayexhaphaza abanye ngayeka ukuba umngane nabo. Kwangithatha isikhathi ukuphinde ngithole abanye abangane, kodwa kwangijabulisa ukuthi angivumanga ukwenza izinto engangingazithandi.”​—UMaryam.

U-Alex

“Ukuze ngaziwe esikoleni, ngakhetha ukuzihlanganisa neqembu elithile labangane. Kodwa, ngabona ukuthi abangane ababi bangakwenza ubabheke kabi abanye futhi uzenze umuntu ongeyena.”​—U-Alex.

UBethany

“Kwaphela iminyaka eminingi ngizama ukujwayelana neqembu elithile esikoleni kodwa bona babengangifuni eqenjini labo. Lapho ngibona ukuthi ngiyahluleka, ngafunda ukuthanda abangane enganginabo.”​—UBethany.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela