Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • ijwbq isihloko 95
  • Kuyini Ukuthethelela?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Kuyini Ukuthethelela?
  • Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Impendulo YeBhayibheli
  • ‘Qhubekani Nithethelelana Ngokukhululekile’
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1997
  • Kungani Kumelwe Uthethelele?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
  • Ukuthethelela Futhi Ukhohlwe—Kungenzeka Kanjani?
    I-Phaphama!—1995
  • Thethelela Ngokukhululekile
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2015
Bheka Okunye
Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
ijwbq isihloko 95
Abesifazane ababili bayangana

Kuyini Ukuthethelela?

Impendulo YeBhayibheli

Ukuthethelela kuyisenzo sokuxolela umuntu okonile. EBhayibhelini, igama lesiGreki elihunyushwe ngokuthi “ukuthethelela” ngokwezwi nezwi lisho “ukudlulisa,” njengalapho umuntu ethi ungabe usasikhokha isikweletu. UJesu wasebenzisa lokhu kuqhathanisa lapho efundisa abalandeli bakhe ukuba bathandaze: “Usithethelele izono zethu, ngoba nathi ngokwethu siyamthethelela wonke umuntu onecala kithi.” (Luka 11:4) Ngokufanayo, emzekelisweni wakhe wesigqila esingenasihe, uJesu wahlobanisa ukuthethelela nokusulwa kwesikweletu.​—Mathewu 18:23-​35.

Sisuke sixolela abanye lapho siyeka ukuthukuthela futhi siyeka ukufuna isinxephezelo ngokuphathwa kabi noma ngalokho okuye kwasilahlekela. IBhayibheli lifundisa ukuthi uthando olungenabugovu luyisisekelo sokuthethelela ngokusuka enhliziyweni, njengoba uthando ‘lungenawo amagqubu.’​—1 Korinte 13:​4, 5.

Ukuthethelela akusho lokhu okulandelayo

  • Ukuvuna ububi. Empeleni iBhayibheli liyabalahla labo abathi izenzo ezimbi azilimazi noma zamukelekile.​—Isaya 5:​20.

  • Ukwenza sengathi ububi abuzange benzeke. UNkulunkulu wayixolela iNkosi uDavide ngezono zayo ezimbi kakhulu, kodwa akazange ayivikele ekubhekaneni nemiphumela yezenzo zayo. UNkulunkulu wabangela nokuba izono zikaDavide zibhalwe ukuze zikhunjulwe nanamuhla.​—2 Samuweli 12:​9-​13.

  • Ukuvumela ukuba abantu bakuxhaphaze. Ake sithi, ngokwesibonelo, uboleka othile imali, bese eyisebenzisa kabi angabe esakwazi ukuyikhokha njengoba ekuthembisile. Uyazisola kakhulu futhi axolise kuwe. Ungase ukhethe ukumthethelela ngokungafukameli intukuthelo, ungaqhubeki ukhuluma ngakho, futhi mhlawumbe usisule ngokuphelele isikweletu. Nokho, ungase ukhethe ukungaphinde umboleke imali.​—IHubo 37:21; IzAga 14:15; 22:3; Galathiya 6:7.

  • Ukuthethelela ngaphandle kwesizathu esizwakalayo. UNkulunkulu akabathetheleli abantu abona ngamabomu, abenza isono esibi futhi abenqaba ukuvuma amaphutha abo bashintshe izindlela zabo futhi baxolise kulabo ababonile. (IzAga 28:13; IzEnzo 26:20; Hebheru 10:26) Abantu abanjalo abangaphenduki baba izitha zikaNkulunkulu futhi akalindele ukuba sithethelele labo abayizitha zakhe.​—IHubo 139:21, 22.

    Kuthiwani uma uyisisulu sokuphathwa kabi othile ongafuni ukuxolisa noma ukuvuma iphutha lakhe? IBhayibheli liyaseluleka: “Hlukana nentukuthelo uyeke ukufutheka.” (IHubo 37:8) Nakuba ungalishalazeli iphutha, ungase uyeke ukufukamela intukuthelo. Qiniseka ngokuthi uNkulunkulu uyomenza alandise. (Hebheru 10:30, 31) Kungase kukududuze ukwazi ukuthi uNkulunkulu uyoletha isikhathi lapho siyobe singasabuzwa khona ubuhlungu obujulile noma ukukhathazeka okungenzeka sibhekane nakho manje.​—Isaya 65:17; IsAmbulo 21:4.

  • “Ukuthethelela” amaphutha angathi shu. Ngezinye izikhathi, kunokuba sixolele lowo esithi usonile, kungase kudingeke ukuba sivume ukuthi besingekho isizathu esizwakalayo sokuzizwa soniwe. IBhayibheli lithi: “Ungasheshi ukucasuka emoyeni wakho, ngoba ukucasuka kuhlala esifubeni seziphukuphuku.”​—UmShumayeli 7:9.

Indlela yokuthethelela othile

  1. Khumbula ukuthi ukuthethelela kuhilelani. Awuvuni ububi noma wenze sengathi abenzekanga​—umane nje udlulisa lokho okwenzekile.

  2. Qaphela izinzuzo zokuthethelela. Ukuyeka ukuthukuthela nokubamba amagqubu kungakusiza uzole, kuthuthukise impilo yakho futhi kukwenze ujabule kakhulu. (IzAga 14:30; Mathewu 5:9) Okubaluleke nakakhulu ukuthi ukuthethelela abanye kuyindlela eyinhloko yokuthola intethelelo kaNkulunkulu ngezono zakho.​—Mathewu 6:​14, 15.

  3. Yiba nozwela. Sonke asiphelele. (Jakobe 3:2) Njengoba sikwazisa ukuthethelelwa, nathi kufanele sibathethelele abanye.​—Mathewu 7:​12.

  4. Yiba ocabangelayo. Ngisho noma sinaso isizathu sokukhononda, singasebenzisa iseluleko seBhayibheli: “Qhubekani nibekezelelana.”—Kolose 3:​13.

  5. Thethelela ngokushesha. Lwela ukuthethelela ngokushesha kunokuba uvumele intukuthelo ikhule.​—Efesu 4:​26, 27.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela