Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • ijwyp isihloko 27
  • Kungani Ngingenabo Abangane?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Kungani Ngingenabo Abangane?
  • Intsha Iyabuza
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Isivivinyo mayelana nesizungu
  • Amaqiniso ngobungane nesizungu
  • Indlela yokunqoba le nkinga
  • Ungavumeli Isizungu Sikuthonye Kabi Ukuphila Kwakho
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
  • Isizungu—Ukuhlushwa Okufihlekile
    I-Phaphama!—1993
  • USIZO LOMKHAYA | INTSHA
    I-Phaphama!—2015
  • Ngingasixosha Kanjani Isizungu?
    I-Phaphama!—1990
Bheka Okunye
Intsha Iyabuza
ijwyp isihloko 27
Intombazane ehlushwa ukuba nesizungu

INTSHA IYABUZA

Kungani Ngingenabo Abangane?

Usengosini ye-Internet, ubukela izithombe zomcimbi wamuva nje. Bonke abangane bakho bakhona futhi kusobala ukuthi bajabule badelile. Kodwa kunokuthile okungekho. Uma nje singagunci, kunothile ongekho—nguwena!

‘Kungani ngingamenywanga?’ uyazibuza.

Isifiso sakho sokwazi impendulo yalo mbuzo siphenduka indumalo. Uba nomuzwa wokuthi wenzelwe phansi! Kunjengokungathi bonke ubungane obunabo buvele bafadalala. Uzithola uhlaselwa isizungu futhi uyazibuza, ‘Kungani ngingenabo abangane?’

  • Isivivinyo mayelana nesizungu

  • Amaqiniso ngobungane nesizungu

  • Indlela yokunqoba le nkinga

  • Okushiwo ontanga yakho

  • Ukunqoba ukwesaba ukuba nabangane

Isivivinyo mayelana nesizungu

Iqiniso noma Amanga

  1. Uma unabangane abaningi, awusoze waba nesizungu.

  2. Uma uba yilungu lengosi yokuxhumana nabantu, awusoze waba nesizungu.

  3. Uma uhlale uthumelelana nabanye imiyalezo ngomakhalekhukhwini, awusoze waba nesizungu.

  4. Uma wenzela abanye izinto, awusoze waba nesizungu.

Impendulo kukho konke lokhu ithi amanga.

Ngani?

Amaqiniso ngobungane nesizungu

  • Ukuba nabangane abaningi akuqinisekisi ukuthi awusoze waba nesizungu.

    “Ngiyabakhathalela abangane bami, kodwa ngezinye izikhathi ngiye ngibe nomuzwa wokuthi bona abangikhathaleli. Ungazizwa unesizungu esixakile lapho unabangane kodwa bebonakala bengakuthandi noma bengakudingi.”—U-Anne.

  • Ukuba yilungu lengosi yokuxhumana nabantu akusona isiqinisekiso sokuthi awusoze waba nesizungu.

    “Abanye abantu baba nenqwaba yabangane njengokungathi izinto zokuhlobisa. Kodwa ukuba nenqwaba yezinto zokuhlobisa endlini akumenzi umuntu azizwe ethandwa. Uma ungenabo ubungane obucacile, abangane obathola kuyi-Internet bayazifanela nje nezinto zokuhlobisa.”—U-Elaine.

  • Ukuthumelelana imiyalezo ngomakhalekhukhwini nothile akusona isiqinisekiso sokuthi awusoze waba nesizungu.

    “Ngezinye izikhathi lapho unesizungu udamane ubheka ucingo lwakho ukuze ubone ukuthi akekho yini kubangane bakho okuthumelele umyalezo. Uma kuwukuthi kakade isizungu sikuphethe bese uthola ukuthi akekho oke wazama ukuxhumana nawe, isizungu sivele sikubhuqabhuqe nakakhulu!”—USerena.

  • Ukwenzela abanye izinto akusona isiqinisekiso sokuthi awusoze waba nesizungu.

    “Bengilokhu ngizama ukwenzela abangane bami izinto ezithile, kodwa ngiyaqaphela ukuthi bona abenzi okufanayo kimi. Angizisoli ngokubenzela izinto, kodwa kuyaxaka ukuthi bona abazihluphi nje ngokungenzela okuthile.”—URichard.

Iqiniso elingenakushintsha: Ngaphezu kwanoma yini enye, isizungu siyisimo sengqondo. “Sivela ngaphakathi kumuntu, hhayi ngaphandle,” kusho owesifazane osemusha, uJeanette.

Yini ongayenza uma uzizwa ungenabangane futhi unesizungu?

Indlela yokunqoba le nkinga

Intombazane ehlushwa ukuba nesizungu

Thuthukisa ukuzethemba.

“Isizungu singabangelwa ukungazethembi. Kunzima ukwakha ubungane uma unomuzwa wokuthi awukufanele ukuthandwa omunye umuntu.”—UJeanette.

IBhayibheli lithi: “Kumelwe uthande umakhelwane wakho njengoba uzithanda wena.” (Galathiya 5:14) Ukuze sibe nobungane obujabulisayo, kudingeka sizibheke njengababalulekile ngezinga elithile—kodwa hhayi ukuba sigcine sesiqhosha.—Galathiya 6:3, 4.

Umfana ohlushwa ukuba nesizungu

Gwema ukuzidabukela.

“Isizungu sifana nodaka olubishayo. Lapho ubisha ngokwengeziwe, kuba nzima nakakhulu ukuphuma. Uma usivumela sibuse ukucabanga kwakho, kungakabiphi uyobe usuyinto edabukisayo kungekho muntu ofuna ukusondela kuwe.”—U-Erin.

IBhayibheli lithi: “Uthando . . . aluzifuneli izinzuzo zalo siqu.” (1 Korinte 13:4, 5) Iqiniso liwukuthi, lapho sizicabangela kakhulu, asibi nalo uzwela ngabanye abantu futhi ngenxa yalokho akulula ukuba bafise ukuba abangane bethu. (2 Korinte 12:15) Asibhekane neqiniso: Lapho ulinganisa impumelelo yakho ngokusekelwe endleleni abanye abenza ngayo, nakanjani uzokwehluleka! Ngempela, amazwi anjengokuthi “Akekho oke angifonele” nathi “Akekho oke angimeme” enza ukuba injabulo yakho ibe sezandleni zabanye. Ukwenza kanjalo akukhona yini ukubanika amandla angaphezu kwafanele?

Umfana owenqaba ugwayi

Ungabi umngane wanoma ubani nje.

“Abantu abanesizungu bafuna ukunakwa futhi bangafinyelela eqophelweni lokungabi nandaba ukuthi bakuthola kubani lokho kunakwa. Inqobo nje uma kukhona onendaba nabo. Nokho, abanye abantu bakwenza uzizwe ubalulekile kubo bese besizakala ngawe. Ngemva kwalokho uzithola unesizungu ngokwedlulele.”—UBrianne.

IBhayibheli lithi: “Ohamba nabahlakaniphile uyohlakanipha, kodwa osebenzelana neziphukuphuku kuyomhambela kabi.” (IzAga 13:20) Umuntu olambe kakhulu angadla cishe noma yini. Ngokufanayo, abantu abangenabangane bangase bafune abangane ngisho nasendaweni engafanele. Bangase ngisho bawele ezandleni zabantu abafuna ukudlala ngabo, becabanga ukuthi lobo bungane buyinto evamile futhi akufanele balindele okungaphezu kwalokho.

Isiphetho: Wonke umuntu uyaba nesizungu ngezinye izikhathi; umahluko nje kuba izinga laleso sizungu. Nakuba isizungu singase sibe umuzwa onamandla, simane nje siwumuzwa. Ngokuvamile imizwa yethu ibangelwa yimicabango yethu, futhi singakwazi ukulawula imicabango yethu.

Linganisela kulokho okulindele kwabanye. UJeanette, ocashunwe ngaphambili uthi: “Akuwona wonke umuntu ozoba umngane wakho omkhulu, kodwa uzobathola abantu abakukhathalelayo. Kanti ukukhathalelwa kwanele. Yikho okwenza umuntu angabi naso isizungu.”

Ingabe udinga usizo olwengeziwe? Funda isihlokwana esithi “Ukunqoba Ukwesaba Ukuba Nabangane.” Ungadawuniloda ne-PDF ethi “Ukulwisana Nesizungu.”

OKUSHIWO ONTANGA YAKHO

UVanessa

“Khuluma nothile ngenkinga yakho yesizungu. Ungayifihli imizwa yakho. Kunamathuba amaningi okuthi kube nabanye abantu obaziyo abazizwa njengawe. Ngezinye izikhathi okudingayo nje umngane oyedwa ozokwenza uzizwe kangcono.”—UVanessa.

UTaylor

“Awukwazi ukuhlale usola abanye abantu ngesizungu sakho. Ngezinye izikhathi kusuke kunguwe ozihlukanisile. Ngakho yenza lokho ongakwenza ukuze uphinde uzihlanganise nabanye abantu. Uma lokho kungasebenzi, zama ukwakha abangane abasha—mhlawumbe nabanye ongakaze uzame ukwakha ubungane nabo ngaphambili.”—UTaylor.

Ukunqoba Ukwesaba Ukuba Nabangane

“Umngane wami unesizungu esingamahlala khona. Nakuba ezungezwe abantu abamkhathalelayo, usalokhu enomuzwa wokuthi akekho onendaba naye futhi akathandwa. Ufihla umuzwa wakhe wokuzenyeza ngokuvele aqinise ubuso. Ngicabanga ukuthi imizamo yakhe yokufuna ukubonakala eqinile yiyo empeleni emenza angakwazi ukuba nabangane. Abantu ahlangana nabo baba nomuzwa wokuthi akanasikhathi sabantu, futhi abantu abangaphikeleli emizamweni yabo, lokho kuvele kubaqhelise.

“Enye into ngomngane wami, ukuthi unovalo lokuthi abantu bazomzwisa ubuhlungu, ngakho lapho abantu bezama ukwakha ubungane naye, kwesinye isikhathi ucabanga ukuthi banezisusa ezimbi noma acabange ukuthi lobo bungane buzophelela emoyeni. Unesizungu ngenxa yokuthi abantu abaningi abamqondi, kodwa akafuni ukuvezela abanye imizwa yakhe.

“Umngane wami kudingeka aqonde ukuthi ukutshela abanye ngemizwa yakho kuyasiza ekuqiniseni ubungane futhi kusiza ukuba abanye bakuqonde kangcono. Kuyabasiza bakwazi ukukunika ubungane obudingayo. Ngethemba ukuthi umngane wami uzoba ngcono ngokuhamba kwesikhathi futhi afunde ukunqoba inkinga yokwesaba ukuba nabangane.”—U-Elaine.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela