Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • ijwbq isihloko 49
  • Uhlala Kuphi UDeveli?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Uhlala Kuphi UDeveli?
  • Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Impendulo YeBhayibheli
  • Isitha Sokuphila Okuphakade
    Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni
  • USathane
    I-Phaphama!—2013
  • “Melanani NoDeveli” Njengoba Kwenza UJesu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
  • Ababusi Endaweni Yomoya
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
Bheka Okunye
Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
ijwbq isihloko 49

Uhlala Kuphi UDeveli?

Impendulo YeBhayibheli

Njengesidalwa esiwumoya, uDeveli uhlala endaweni engabonakali. Nokho, le ndawo ayisona isihogo lapho ehlupha khona ababi njengoba kubonisiwe esithombeni esikulesi sihloko.

“Impi ezulwini”

Kukhona isikhathi lapho uSathane uDeveli ayeya noma kuphi endaweni yomoya kuhlanganise nokungena phambi kukaNkulunkulu kanye nezingelosi ezithembekile. (Jobe 1:6) Kodwa iBhayibheli labikezela ukuthi kuyoba khona “impi ezulwini” eyobangela ukuba uSathane axoshwe ‘aphonswe phansi emhlabeni.’ (IsAmbulo 12:7-9) Uhlelo lokulandelana kwezenzakalo zeBhayibheli nezenzakalo zomhlaba lufakazela ukuthi le mpi yasezulwini seyenzekile kakade. Manje uDeveli uvalelwe lapha emhlabeni.

Ingabe lokhu kusho ukuthi uDeveli uhlala endaweni ekhethekile lapha emhlabeni? Ngokwesibonelo, kwathiwa emzini wasendulo wasePhergamu yilapho “isihlalo sobukhosi sikaSathane sikhona” futhi yilapho “uSathane ehlala khona.” (IsAmbulo 2:13) Empeleni, lokhu kumane kuchaza izinga lokukhulekelwa kukaSathane kulowo muzi. IBhayibheli lithi uDeveli ubusa phezu kwayo “yonke imibuso yomhlaba owakhiweyo,” ngakho akahlali endaweni eyodwa esemhlabeni, kodwa uvaleleke lapha emhlabeni.​—Luka 4:5, 6.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela