Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • ijwbq isihloko 50
  • Lithini IBhayibheli Ngokudweba Umzimbac?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Lithini IBhayibheli Ngokudweba Umzimbac?
  • Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Impendulo YeBhayibheli
  • Ingabe Kufanele Ngizidwebe Umzimba?
    I-Phaphama!—2003
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1995
  • Ukuhlobisa Umzimba—Isidingo Sokulinganisela
    I-Phaphama!—2000
  • Izimfashini—Ingabe Kufanele Ngizilandele?
    I-Phaphama!—1994
Bheka Okunye
Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
ijwbq isihloko 50

Lithini IBhayibheli Ngokudweba Umzimbac?

Impendulo YeBhayibheli

IBhayibheli likhuluma kanye nje kuphela ngokudweba umzimba, kuLevitikusi 19:28 lithi: “Akumelwe nizidwebe imifanekiso.” UNkulunkulu wanika isizwe sakwa-Israyeli lo myalo, ngaleyo ndlela esihlukanisa ezizweni ezazisizungezile ezazidweba amagama noma imifanekiso yonkulunkulu bazo emzimbeni. (Duteronomi 14:2) Nakuba uMthetho owanikwa ama-Israyeli ungawabophi amaKristu, kuyafaneleka ukuba sisihlole isimiso okusekelwe kuso lo mthetho.

Ingabe kuyafaneleka ukuba umKristu adwebe umzimba?

Amavesi eBhayibheli alandelayo angakusiza ucabange ngale ndaba:

  • ‘Abesifazane kufanele bazihlobise ngezingubo ezinesizotha.’ (1 Thimothewu 2:9, New American Bible) Lesi simiso sisebenza kwabesifazane nabesilisa. Kufanele sihloniphe imizwa yabanye futhi singagqoki ngendlela edonsa amehlo ngokungadingekile.

  • Abanye bafuna ukwehluka kwabanye kanti abanye badweba umzimba ukuze babonise ukuthi banelungelo lokwenza abakuthandayo ngemizimba yabo. Nokho, iBhayibheli likhuthaza amaKristu: “Ninikele imizimba yenu ingumhlatshelo ophilayo, ongcwele, owamukelekayo kuNkulunkulu, inkonzo engcwele ngamandla enu okucabanga.” (Roma 12:1) Sebenzisa ‘amandla akho okucabanga’ ukuze uhlole ukuthi kungani ufuna ukudweba umzimba wakho. Uma kuwukuthi ufuna ukulandela ezemfashini noma ukuba yilungu leqembu elithile, khumbula ukuthi imizwa yakho ingashintsha kanti umdwebo wona uyohlala njalo. Ukuhlola izisusa zakho kungakusiza wenze isinqumo esihlakaniphile.—IzAga 4:7.

  • “Ngokuqinisekile amacebo okhuthele ayamzuzisa, kodwa noma ngubani onamawala ngokuqinisekile uphokophele ekusweleni.” (IzAga 21:5) Ngokuvamile isinqumo sokuzidweba senziwa ngaphandle kokucabangisisa, kodwa singaba nomthelela ebuhlotsheni bethu nabanye kanye nasemsebenzini. Ukuzidweba kuyabiza futhi kubuhlungu ukuyisusa leyo midwebo. Ucwaningo—kanye nebhizinisi elichumayo lokususa imidwebo—lubonisa ukuthi iningi lalabo abake bazidweba ngokuhamba kwesikhathi bafisa sengathi ukube abazange bakwenze lokho.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela