Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • ijwbq isihloko 39
  • Kufanele Yini UmKristu Elashwe Odokotela?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Kufanele Yini UmKristu Elashwe Odokotela?
  • Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Impendulo yeBhayibheli
  • Ingabe Kunendaba Ukuthi Yikuphi Ukwelashwa Okukhethayo?
    I-Phaphama!—2001
  • Imibuzo Evela Kubafundi Balo Magazini . . .
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
  • Kungani Sekuthandwa Kangaka Ukusebenzelana Nemimoya?
    I-Phaphama!—2000
  • Ingabe OFakazi BakaJehova Bayakwamukela Ukwelashwa Odokotela?
    Imibuzo Evame Ukubuzwa
Bheka Okunye
Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
ijwbq isihloko 39

Kufanele Yini UmKristu Elashwe Odokotela?

Impendulo yeBhayibheli

Yebo. UJesu wabonisa ukuthi abalandeli bakhe kufanele bafune usizo lwezokwelapha lapho ethi: “Abantu abanempilo enhle abamdingi udokotela, kodwa ngabagulayo abamdingayo.” (Mathewu 9:12) Nakuba iBhayibheli lingeyona incwadi yezempilo, linikeza labo abafuna ukujabulisa uNkulunkulu iziqondiso.

Imibuzo ongazibuza yona

1. Ngiyaluqonda yini lolu hlobo lokwelashwa? IBhayibheli liseluleka ukuba sifune ukwaziswa emthonjeni onokwethenjelwa kunokuba “nokholo kuwo wonke amazwi.”—IzAga 14:15.

2. Ingabe kufanele ngithole umbono wodokotela ababili noma abathathu lapho ngizokwelashwa? ‘Abeluleki abaningi’ bangaba usizo ikakhulukazi uma isimo sakho sibucayi.—IzAga 15:22.

3. Ingabe lokho kwelashwa kuzokwenza uphule umthetho weBhayibheli ‘wokudeda egazini’?—IzEnzo 15:20.

4. Ingabe kulokho kwelashwa kuzosetshenziswa imimoya? IBhayibheli liyawulahla “umkhuba wokusebenzisa imimoya.” (Galathiya 5:19-21) Ukuze ubone ukuthi lokho kwelashwa kusebenzisa imimoya yini cabangela le mibuzo:

  • Ingabe olaphayo usebenzelana nemimoya?

  • Ingabe ngelashwa ngenxa yenkolelo yokuthi ukugula kwami kubangelwa ulaka lwamadlozi noma ukuthakathwa izitha?

  • Ingabe ukuthaka la makhambi noma ukuwasebenzisa kuhambisana nemihlatshelo, ukukhuluma nemimoya, noma eminye imicikilisho yokusebenzelana nemimoya?

5. Ingabe sengikhathazeka ngokweqile ngempilo yami? IBhayibheli liyeluleka: “Ukucabangela kwenu makwaziwe yibo bonke abantu.” (Filipi 4:5) Ukuba ocabangelayo kuyokusiza ukuba ugxile ezintweni “ezibaluleke kakhulu,” njengezinto ezingokomoya.—Filipi 1:10; Mathewu 5:3.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela