Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • ijwbq isihloko 38
  • Iyini Intando KaNkulunkulu Ngami?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Iyini Intando KaNkulunkulu Ngami?
  • Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Impendulo yeBhayibheli
  • NgoNkulunkulu Weqiniso
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
  • Iyini Injongo Yokuphila?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • Hlala Useduze NoJehova
    Lingasifundisani IBhayibheli?
  • Ungubani UJesu Kristu?
    Lingasifundisani IBhayibheli?
Bheka Okunye
Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
ijwbq isihloko 38

Iyini Intando KaNkulunkulu Ngami?

Impendulo yeBhayibheli

Intando kaNkulunkulu iwukuba umazi njengoMuntu, usondele kuye bese umthanda futhi umkhonze ngenhliziyo yakho yonke. (Mathewu 22:37, 38; Jakobe 4:8) Ungafunda ukwenza intando kaNkulunkulu ekuphileni nasezimfundisweni zikaJesu. (Johane 7:16, 17) UJesu akazange nje akhulume ngentando kaNkulunkulu—waphila ngokuvumelana nayo. Empeleni, uJesu wathi injongo yakhe ekuphileni ‘ukungenzi intando yakhe kodwa eyalowo owamthuma.’—Johane 6:38.

Ingabe kudingeka ngithole isibonakaliso esikhethekile, umbono, noma ubizo ukuze ngazi ukuthi iyini intando kaNkulunkulu ngami?

Cha, ngoba iBhayibheli linomyalezo kaNkulunkulu oya kubantu. Linalokho okudingayo ukuze ‘ufaneleke ngokugcwele, uyihlomele ngokuphelele yonke imisebenzi emihle.’ (2 Thimothewu 3:16, 17) UNkulunkulu ufuna ukuba usebenzise iBhayibheli ‘ngamandla akho okucabanga’ ukuze ufunde intando yakhe ngawe.—Roma 12:1, 2; Efesu 5:17.

Ngingayenza ngempela yini intando kaNkulunkulu?

Yebo, ungayenza, ngoba iBhayibheli lithi: “Imiyalo kaNkulunkulu ayinzima kakhulu kithi.” (1 Johane 5:3, Easy-to-Read Version) Lokho akusho ukuthi imithetho kaNkulunkulu ihlale ilula ngaso sonke isikhathi. Kodwa izinzuzo oyozithola zinkulu kakhulu uma ziqhathaniswa nemizamo yakho. UJesu ngokwakhe wathi: “Yeka indlela abajabula ngayo lapho abezwa izwi likaNkulunkulu bese belilalela!”—Luka 11:28, Good News Translation.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela