Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • ijwfq isihloko 62
  • Kwenzekani Emshadweni WoFakazi BakaJehova?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Kwenzekani Emshadweni WoFakazi BakaJehova?
  • Imibuzo Evame Ukubuzwa
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Umshado woFakazi wenziwa kanjani?
  • Yenzelwa kuphi imishado yoFakazi BakaJehova?
  • Obani abangaba izimenywa kuyo?
  • Ingabe kufanele kugqokwe ngendlela ethile?
  • Ziyobe zikhona yini izipho?
  • Iyokwenziwa yini i-toast?
  • Lizophonswa yini ilayisi noma okunye okufana nalo kumakoti nomkhwenyana?
  • Kuzoba khona yini ukudla, iziphuzo noma utshwala?
  • Uzoba khona yini umculo kanye nomdanso?
  • Ingabe oFakazi BakaJehova bayawagubha ama-anniversary?
  • Yenza Umshado Wakho Ujabulise Futhi Uhlonipheke
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2006
  • Eningakwenza Ukuze Nilungiselele Umshado Odumisa UJehova
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2025
  • Imishado YobuKristu Eletha Injabulo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1984
  • Imishado Ejabulisayo Edumisa UJehova
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka—2000
Bheka Okunye
Imibuzo Evame Ukubuzwa
ijwfq isihloko 62
Umakoti nomkhwenywana bayashada endaweni eyomshado engaphandle. Umkhwenyana ufaka umakoti indandatho.

Kwenzekani Emshadweni WoFakazi BakaJehova?

Imishado yoFakazi BakaJehova ngokuvamile ihloniphekile, ayiyona imicikilisho futhi kwenziwa inkulumo emfushane esekelwe eBhayibhelini. Ngemva kwalokho kube sekulandela idili elihlanganisa nokudla.a UJesu wake waya emcimbini onjalo edolobheni laseKhana lapho esanda kuqala inkonzo yakhe.—Johane 2:1-11.

  • Umshado woFakazi wenziwa kanjani?

  • Yenzelwa kuphi imishado yoFakazi BakaJehova?

  • Obani abangaba izimenywa kuyo?

  • Ingabe kufanele kugqokwe ngendlela ethile?

  • Ziyobe zikhona yini izipho?

  • Iyokwenziwa yini i-toast?

  • Lizophonswa yini ilayisi noma okunye okufana nalo kumakoti nomkhwenyana?

  • Kuzoba khona yini ukudla, iziphuzo noma utshwala?

  • Uzoba khona yini umculo kanye nomdanso?

  • Ingabe oFakazi BakaJehova bayawagubha ama-anniversary?

Umshado woFakazi wenziwa kanjani?

Inkulumo yomshado ibaluleke kakhulu lapho kushadwa, iba yimizuzu engu-30 ubude futhi ibekwa owesilisa ongumdala onguFakazi kaJehova. Le nkulumo eyakhayo igcizelela indlela iBhayibheli elingabasiza ngayo abashadayo ukuba baqhubeke bethandana futhi babe nomshado ojabulisayo.—Efesu 5:33.

Emazweni amaningi, uhulumeni unikeza igunya abadala abathile abangoFakazi bakaJehova ukuba babashadise ngokomthetho labo abashadayo. Lapho beshadiswa, abashadayo benza izifungo ngasekupheleni kwenkulumo yomshado. Bangase bafakane izindandatho. Bese kuthi umdala obenza inkulumo amemezele ukuthi sebeyindoda nenkosikazi.

Kwamanye amazwe, abashadayo kudingeka ukuba bashadiswe ngokomthetho kuqala, ehhovisi likahulumeni. Lokhu bakwenza ngokushesha ngaphambi kwenkulumo yomshado. Uma umkhwenyana nomakoti bengazenzanga izifungo ehhovisi likahulumeni, bangazenza ngasekupheleni kwenkulumo. Uma bezenzile izifungo, bangakhetha ukuziphinda kodwa bezisho besebenzisa inkathi edlule ukuze kucace ukuthi lezi zifungo bazenzile ngaphambili. Inkulumo iyophetha ngomthandazo wokucela ukuba uNkulunkulu abusise laba bashadikazi.

Yenzelwa kuphi imishado yoFakazi BakaJehova?

OFakazi abaningi bakhetha ukushadela eHholo LoMbuso uma likhona.b Uma bezoba nedili kamuva, bangakhetha enye indawo elizoba kuyo.

Umakoti nomkhwenyana bayashada eHholo LoMbuso. Umzalwane onguFakazi kaJehova unikeza inkulumo yomshado esekelwe eBhayibhelini.

Obani abangaba izimenywa kuyo?

Uma umshado uzoba seHholo LoMbuso, ngokuvamile noma ubani angaba khona—okuhlanganisa oFakazi BakaJehova nabangebona. Uma abashadikazi benedili, bayazikhethela bona ukuthi bazomema obani.

Ingabe kufanele kugqokwe ngendlela ethile?

Nakuba imishado eyenzelwa eHholo LoMbuso ingenayo imithetho ebekiwe yendlela okufanele kugqokwe ngayo, oFakazi BakaJehova balwela ukulandela iziqondiso zeBhayibheli zokugqoka ngesizotha. Bayajabula lapho abanye benza ngendlela efanayo. (1 Thimothewu 2:9) Noma kunjalo, izimiso ezifanayo ziyasebenza nalapho sekuyiwa edilini, uma abashadikazi bekhethe ukuba nalo.

Ziyobe zikhona yini izipho?

IBhayibheli likhuthaza ukupha. (IHubo 37:21) OFakazi BakaJehova bayakujabulela ukupha izipho nokuzamukela. (Luke 6:38) Nokho, oFakazi bayakugwema ukuzicelela izipho noma ukumemezela obala amagama alabo ababaphe izipho. (Mathewu 6:3, 4; 2 Korinte 9:7; 1 Petru 3:8) Ngaphandle nje kokuthi izimiso ziyakwenqabela, lokho kungenza abakhona emshadweni bazizwe bengakhululekile.

Iyokwenziwa yini i-toast?

IBhayibheli alikwenqabeli ukwenza i-toast noma ukushayisa izingilazi, kodwa abanye abashadikazi bangase bacele ababamemile ukuba bangayenzi i-toast ukuze bagweme ukukhuba abanye.—Roma 14:21.

Lizophonswa yini ilayisi noma okunye okufana nalo kumakoti nomkhwenyana?

Cha. Kwezinye izindawo, abantu baphonsa ilayisi noma okunye okufana nalo kubashadikazi. Bakholelwa ukuthi lokhu kuyobalethela izinhlanhla, injabulo futhi baphile isikhathi eside. Kodwa oFakazi BakaJehova bayakugwema ukwenza izinto eziyizinkolelo-ze. Lokhu kuhlanganisa nokucela izinhlanhla, okuyinto engahambisani nezimiso zeBhayibheli.—Isaya 65:11.

Kuzoba khona yini ukudla, iziphuzo noma utshwala?

Umshado oseHholo LoMbuso awunalo idili. Abanye bayaye bakhethe ukuba nedili kwenye indawo ngemva kwenkulumo lapho beyojabulela khona ukudla neziphuzo. (UmShumayeli 9:7) Uma abashadikazi benquma ukuba kube notshwala, bayaqinisekisa ukuthi buba sesilinganisweni esifanele futhi abangaphuza yilabo abaneminyaka engokomthetho evumela abantu ukuba baphuze.—Luka 21:34; Roma 13:1, 13.

Uzoba khona yini umculo kanye nomdanso?

Uma abashadikazi benedili, bangakhetha ukuba kudlalwe umculo futhi kudanswe. (UmShumayeli 3:4) Kuyokhethwa umculo omnandi nofanelekayo, kuye ngokuthi yimuphi umculo othandwayo endaweni noma umculo abashadikazi abathanda ukuwudlala. Emshadweni oseHholo LoMbuso ngokuvamile kudlalwa izingoma ezisekelwe eBhayibhelini.

Abashadikazi bayadansa edilini labo lomshado kanye nezimenywa.

Ingabe oFakazi BakaJehova bayawagubha ama-anniversary?

Ngenxa yokuthi iBhayibheli alikwenqabeli noma alisho ukuthi akwenziwe ukugujwa kweminyaka yomshado, abashadikazi abangoFakazi bayazinqumela bona ukuthi bazoyigubha yini i-anniversary. Uma bekhetha ukwenza kanjalo, bangase bakwenze bebodwa lokho noma benabangani nabomndeni.

a Amasiko athile, okwenziwayo lapho kushadwa, nezinto ezingokomthetho ezidingekayo kungase kuhluke kuye ngezindawo.

b Umzalwane owenza inkulumo, akalindele ukukhokhelwa futhi ukusebenzisa iHholo LoMbuso kumahhala.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela