Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • ijwfq isihloko 61
  • OFakazi BakaJehova Bayisebenzisa Kanjani Iminikelo?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • OFakazi BakaJehova Bayisebenzisa Kanjani Iminikelo?
  • Imibuzo Evame Ukubuzwa
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Izibonelo Zemisebenzi Yethu
  • Isekelwa Kanjani Inkonzo Yethu Ngokwezimali?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2015
  • “Isipho SikaJehova”
    INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2018
  • Kungani Kufanele Uphe UMuntu Onakho Konke?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2018 (Efundwayo)
  • Ivelaphi Imali Yokusekela Umsebenzi Wethu Womhlaba Wonke?
    Obani Abenza Intando KaJehova Namuhla?
Bheka Okunye
Imibuzo Evame Ukubuzwa
ijwfq isihloko 61
Izithombe: Imisebenzi ehlukahlukene engokwenkolo kanye neyenhlalakahle yabantu eyenziwa oFakazi bakaJehova esekelwa iminikelo. 1. OFakazi bakha iHholo LoMbuso. 2. Ivolontiya elinguFakazi linikeza owesifazane amanzi. 3. Eduze kwenqola yokukhangisa ngezincwadi zethu, uFakazi uxoxa nowesifazane ngesihloko esikwincwajana ethi “Phila Kuze Kube Phakade”.

OFakazi BakaJehova Bayisebenzisa Kanjani Iminikelo?

Sisebenzisa iminikelo ukuze sisekele imisebenzi yenkolo neyenhlalakahle eyenziwa inhlangano yethu. Le misebenzi siyenza njengengxenye yomgomo wethu oyinhloko, owukusiza abantu babe ngabalandeli bakaKristu Jesu.—Mathewu 28:19, 20.

Asilokothi sisebenzise iminikelo ukuze senze othile acebe. Asibakhokheli abadala noma izinceku, futhi oFakazi bakaJehova abakhokhelwa ngokushumayela endlini ngendlu. Labo abakhonza emahhovisi ethu amagatsha kanye nasendlunkulu yethu yomhlaba wonke, kuhlanganise nalabo abakha iNdikimba Ebusayo, bayingxenye yenhlangano engakhokhelwa.

Izibonelo Zemisebenzi Yethu

  • Ukunyathelisa: Siyahumusha, sinyathelise, sikhiqize futhi sisakaze izigidigidi zamaBhayibheli kuhlanganise nezinye izincwadi zobuKristu unyaka nonyaka, futhi akekho okhokhiswayo ngokuthola lezi zincwadi. Ngendlela efanayo, i-jw.org ne-JW Library yenza izincwadi zethu zitholakale kwezobuchwepheshe mahhala futhi azikho izikhangiso zokwenza imali.

    Omunye woFakazi bakaJehova osebenza endaweni yethu yokunyathelisa uhlola iBhayibheli elisanda kuphrintwa.
  • Ukwakha Nokunakekela Izakhiwo: Sakha futhi sinakekele izakhiwo zethu zokukhulekela emhlabeni wonke ukuze amabandla ethu abe nezindawo ezifanelekayo zokuhlangana ndawonye futhi adumise uNkulunkulu. Senza okufanayo ngamahhovisi egatsha kanye namahhovisi okuhumusha. Umsebenzi omningi wenziwa amavolontiya, okusiza ukuba izindleko zingabi ziningi uma kwakhiwa noma kunakekelwa izakhiwo.

    UFakazi uhlanganisa iskafula ngaphandle kwesakhiwo esisetshenziselwa ukukhulekela.
  • Umnyango Wokuqondisa: Imisebenzi eyenziwa endlunkulu yethu yomhlaba wonke, emahhovisi amagatsha kanye nasemahhovisi okuhumusha, kuhlanganise nemisebenzi eyenziwa yilabo abakhonza njengezithunywa zevangeli, isekelwa ngeminikelo yomsebenzi womhlaba wonke esiyitholayo.

    Omunye woFakazi bakaJehova osebenza emnyangweni wokuqondisa umsebenzi wethu.
  • Ukushumayela: OFakazi abakhokhelwa ngokushumayela izindaba ezinhle noma ngokufundisa abanye ‘izwi likaNkulunkulu.’ (2 Korinte 2:17) Noma kunjalo, njengakumaKristu angekhulu lokuqala, izikhonzi ezithile ezikhethiwe neziqeqeshiwe ezichitha isikhathi sazo esiningi emsebenzini yokushumayela, zisekelwa ngezindawo ezikahle zokuhlala kanye nezinto eziyisidingo zokuphila.—Filipi 4:16, 17; 1 Thimothewu 5:17, 18.

    Indoda nomkayo abangoFakazi bahlanganyela enkonzweni yasensimini. Babonisa indoda ividiyo esekelwe eBhayibhelini.
  • Ukufundisa: Imihlangano yethu yesigodi neyesifunda isekelwa ngeminikelo. Ngaphezu kwalokho, sikhiqiza okulalelwayo okusekelwe eBhayibhelini kanye nezinhlelo zamavidiyo. Siqhuba nezikole eziqeqesha abadala nezikhonzi zesikhathi esigcwele ukuze zikwazi ukuphumelela kakhudlwana ezabelweni zazo.

    Abeze emhlanganweni babukela ividiyo enkundleni enkulu.
  • Ukusiza Ezinhlekeleleni: Sibapha ukudla, amanzi nezindawo zokuhlala labo abehlelwe izinhlekelele zemvelo noma izinhlekelele ezibangelwa abantu. Le msebenzi yenhlalakahle ayigcini ngokuzuzisa ‘labo abahlobene nathi okholweni’ kodwa izuzisa nalabo abangebona oFakazi.—Galathiya 6:10.

    Endaweni yokugcina izimpahla, oFakazi abaningi bahlela izimpahla zosizo.
    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela