Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • mrt isihloko 100
  • Yiba Nethemba Ngo-2024—Lithini IBhayibheli?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Yiba Nethemba Ngo-2024—Lithini IBhayibheli?
  • Izihloko Ezengeziwe
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • IBhayibheli lisinika ithemba
  • Indlela iBhayibheli elingakusiza ngayo manje
  • IBhayibheli Linikeza Ithemba
    Phila Kuze Kube Phakade!—Izifundo ZeBhayibheli
  • IBhayibheli Linikeza Ithemba
    Phila Kuze Kube Phakade!​—Isethulo Sezifundo ZeBhayibheli
  • Izizathu Zokuba Nethemba ngo-2023—Lithini IBhayibheli?
    Izihloko Ezengeziwe
  • Ithemba Langempela Lekusasa Elingcono
    Izihloko Ezengeziwe
Bheka Okunye
Izihloko Ezengeziwe
mrt isihloko 100
Umuntu uphakamisa isithombe sezihlahla ezinamacembe aluhlaza uziqhathanisa nezihlahla ezomile eziphambi kwakhe.

Thomas Jackson/​Stone via Getty Images

HLALANI NILINDILE!

Yiba Nethemba Ngo-2024​—Lithini IBhayibheli?

Abantu abaningi bacabanga ukuthi alikho ikhambi lezinkinga ezikhungethe umhlaba ngo-2024. Kodwa akufanele silahle ithemba ngekusasa. Singalitholaphi ithemba?

IBhayibheli lisinika ithemba

IBhayibheli lisitshela ukuthi uNkulunkulu uzoxazulula izinkinga njengamanje okubonakala sengathi ngeke zixazululeke. Maduze, uNkulunkulu “uyosula zonke izinyembezi emehlweni abo, ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona.”—IsAmbulo 21:4.

  • Ukuze ufunde kabanzi ngezithembiso zeBhayibheli ngekusasa, funda isihloko esithi “Ithemba Langempela Lekusasa Elingcono.”

Indlela iBhayibheli elingakusiza ngayo manje

IBhayibheli likunika ithemba elingakusiza ulwe nemizwa engemihle futhi uthuthukise indlela obheka ngayo izinto. (Roma 15:13) Iseluleko seBhayibheli singaphinde sikusize ezinkingeni okungenzeka ubhekene nazo kwamanje, njengokuhlupheka, ukungabi nabulungisa nokugula.

  • Zibonele ukuthi iBhayibheli layisiza kanjani enye indoda yaba nokuthula futhi yajabula ngisho noma yakhula kanzima. Buka ividiyo ethi UJuan Pablo Zermeño: UJehova Wangisiza Ngazi Ukuthi Ngiphilelani.

  • Thola indlela iBhayibheli elingakusiza ngayo ulwe nokuzizwa unecala, ukudabuka, ukukhathazeka kanye nokushonelwa. Funda isihloko esithi “IBhayibheli Linawo Yini Amazwi Enduduzo?”

  • Bona indlela owesifazane owayeyisosha elingumakad’ ebona, owayezichaza njengomuntu “ogcwele ubumnyama nongenandaba nabanye,” athola ngayo ithemba esizwa yiBhayibheli. Buka ividiyo ethi Ngasibeka Phansi Isibhamu Sami.

Yenza u-2024 ube unyaka omuhle kuwe nomndeni wakho. Thola indlela iBhayibheli elingakusiza ngayo. Zama isifundo sethu seBhayibheli samahhala. Bona indlela uNkulunkulu angakunika ngayo “ukuthula” kanye “nekusasa elihle nethemba.”​—Jeremiya 29:11.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela