Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • ijwyp isihloko 98
  • Kuthiwani Uma Ngifeyila Esikoleni?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Kuthiwani Uma Ngifeyila Esikoleni?
  • Intsha Iyabuza
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ongakwenza
  • Ungayisiza Kanjani Ingane Yakho Yenze Kangcono Esikoleni?
    Usizo Lomndeni
  • Ngingawenza Kanjani Umsebenzi Wami Wesikole Ngiwuqede?
    Intsha Iyabuza
  • Ngingasitholaphi Isikhathi Sokwenza Umsebenzi Wesikole Ekhaya?
    I-Phaphama!—2004
  • ‘Nginomsebenzi Omningi Kakhulu!’
    I-Phaphama!—2009
Bheka Okunye
Intsha Iyabuza
ijwyp isihloko 98
Intsha iphuma esikoleni. Enye yamantombazane idumele njengoba ibuka imiphumela yayo yesivivinyo.

INTSHA IYABUZA

Kuthiwani Uma Ngifeyila Esikoleni

“Ngiye ngibone ezinye izingane engifunda nazo zizihlalele nje ekilasini zingavule ncwadi futhi zifake ama-headphones, zilalele umculo kuyilapho uthisha ekhuluma. Bese ziyamangala uma sezifeyila! Bese kuba khona izingane ezinjengami, ezizimiselayo, ezizikhandlayo, kodwa nazo zifeyile. Angiqondi ngempela ukuthi kungani lokhu kwenzeka. Kubuhlungu ngempela ukufeyila ngemva kokungalali iviki lonke ngitadisha.”—UYolanda.

Wake wazizwa ngendlela uYolanda azizwa ngayo? Uma sikhuluma iqiniso ave kudikibalisa ukufeyila, ingasaphathwa ke eyokufeyila kaningana!

Enye intsha efeyilayo ingase iyeke ukuzama ukwenza kangcono ekilasini. Enye ingase iyeke nesikole. Nakuba ungase ulingeke ukusebenzisa lezi zindlela ezimbili, ikhona enye indlela engcono yokubhekana nale nkinga. Cabanga ngezinto eziyisithupha ongazenza ukuze wenze kangcono esikoleni.

  • Ongakwenza

  • Okushiwo Ontanga Yakho

Ongakwenza

  • Yiba khona njalo ekilasini. Ungase ukuthathe kalula lokhu kodwa uma ungayi ekilasini izikhathi eziningana, ungase ufeyile.

    “Esikoleni engangifunda kuso, izingane ezazingenandaba nomsebenzi wazo wesikole zazivamise ukudoja esikoleni, okuyinto ebanga izinkinga.”—UMatthew.

    Okushiwo iBhayibheli: “Noma yini umuntu ayihlwanyelayo, uyovuna yona futhi.”—Galathiya 6:7.

  • Zimisele lapho usekilasini. Ukuba sekilasini kuyisiqalo esihle, kodwa lapho usukhona, qiniseka ukuthi wenza konke ongakwenza ukuze uzuze. Bhala amanothi. Zama ukuqonda lokho uthisha wakho akushoyo. Uma kuvumelekile, buza imibuzo.

    “Ngibuza imibuzo eminingi ekilasini ngoba sengabona ukuthi uthisha uyichaza kangcono into esuke ifundwa uma azi ukuthi kunomfundi ongayiqondi.”—U-Olivia.

    Okushiwo iBhayibheli: ‘Naka indlela olalela ngayo.’—Luka 8:18.

  • Ungakopeli. Ukukopela kuwukungathembeki. Ziningi izindlela zokukopela esikoleni. Enye indlela iwukukopela umsebenzi wabanye. Lokhu akukona ukungathembeki nje kuphela kodwa futhi akukusizi ngalutho.

    “Uma kukhona ongakuqondi esivivinyweni, ungakopeli izimpendulo zabanye abafundi. Akukusizi ngempela ukukopela. Kunokuba ufunde ukuzixazululela izinkinga, uzifundisa ukuthembela kwabanye ukuba bakuxazululele zona.”—UJonathan.

    Okushiwo iBhayibheli: “Wenze kahle umsebenzi wakho, ukuze ube nento ozojabula ngayo.”—Galathiya 6:4, Contemporary English Version.

  • Yenza umsebenzi owunikwezwe esikoleni uze kuqala. Uma kungenzeka, ngaphambi kokuba wenze ezinye izinto zokuzilibazisa, qala ngokwenza umsebenzi wesikole.a Lokho kuzokusiza ukuthi lapho usuwuqedile umsebenzi wesikole, usijabulele isikhathi sakho sokuphumula!

    “Ngakubheka njengento ebalulekile ukwenza umsebenzi engiwunikwe esikoleni futhi lokhu kwawenza umehluko ezifundweni zami. Lapho ngifika ekhaya, ngangivamise ukufuna ngempela ukulala noma ukulalela umculo. Kodwa ngangizama ukwenza umsebenzi wesikole kuqala bese ngiyaphumula.”—UCalvin.

    Okushiwo iBhayibheli: ‘Qiniseka ngezinto ezibaluleke kakhulu.’—Filipi 1:10.

  • Cela usizo. Ungabi namahloni okucela usizo kwabanye. Khuluma nabazali bakho. Cela uthisha wakho akusize ukhuphule amasokisi. Kwezinye izimo, ungase ucele usizo komunye umuntu osaziyo leso sifundo.

    “Iya kuthisha wakho ngokuqondile. Mcele akusize uqonde futhi wenze kangcono ezifundweni zakho. Maningi amathuba okuba uthisha wakho ahlabeke umxhwele ngokuzimisela kwakho ukuphasa futhi uzokusiza.”—UDavid.

    Okushiwo iBhayibheli: “Kuba khona okufezwayo uma abeluleki bebaningi.”—IzAga 15:22.

  • Wasebenzise wonke amathuba owatholayo. Kwamanye amazwe, izivivinyo ziba nemibuzo othi uma uyiphendule kahle uthole amamaki engeziwe. Ungase uvolontiyele neminye imisebenzi yesikole engase ikhuphule amamaki akho. Kwamanye amazwe uma ufeyile isivivinyo, uyakwazi ukucela ukusiphinda leso sivivinyo.

    Intombazane eseyintsha isekamelweni layo idlala isiginci.

    Ukwenza kangcono ezifundweni zakho kunjengokufunda ukudlala insimbi yomculo. Kunzima kodwa kuyazuzisa

    “Uma ngifuna ukukhuphula amasokisi esifundweni esithile, yimina okumele athathe isinyathelo kuqala. Ngibuza uthisha wami ukuthi ikhona yini eminye imisebenzi yesikole engingayenza noma engingayiphinda ukuze ngenze kangcono.”—UMackenzie.

    Okushiwo iBhayibheli: “Kukhona inzuzo kuzo zonke izinhlobo zomsebenzi onzima.”—IzAga 14:23.

Okushiwo Ontanga Yakho

U-Alexandra.

“Ukuze uphumelele esikoleni, khumbula ukuthi ithuba lokuphumelela liza kanye ekuphileni, futhi uzovuna okutshalayo.”—U-Alexandra.

U-Elijah.

“Bazise othisha ukuthi ufuna ukuphasa. Lapho ngisesesikoleni, ngangibabuza othisha bami ukuthi yini engingayenza ukuze ngiphase, ngisho noma lokho kwakusho ukuthi kwakumele ngiyiphinde imisebenzi yesikole noma ngenze eyengeziwe.”—U-Elijah.

UMackenzie.

“Thatha isinyathelo ucele usizo. Ngokuvamile othisha bazokusiza uma bebona ukuthi uzimisele ukwenza umzamo wokuphasa.”—UMackenzie.

Ukubukeza: Kuthiwani uma ngifeyila esikoleni?

  1. Yiba khona njalo ekilasini.

  2. Zimisele lapho usekilasini.

  3. Ungakopeli.

  4. Yenza umsebenzi owunikezwe esikoleni uze kuqala.

  5. Cela usizo.

  6. Wasebenzise wonke amathuba owatholayo.

a Ukuze uthole amacebiso okutadisha, bheka isihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Ngingawenza Kanjani Umsebenzi Wami Wesikole Ngiwuqede?”

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela