Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • ijwyp isihloko 97
  • Kungani Kufanele Ngixolise?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Kungani Kufanele Ngixolise?
  • Intsha Iyabuza
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Kungani kufanele uxolise?
  • Indlela yokuxolisa
  • Ukuze Kube Nenjabulo Emshadweni: Xolisa
    Usizo Lomndeni
  • Ingabe Kuyadingeka Ngempela Ukuba Uxolise?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1996
  • Indlela Yokuxolisa
    I-Phaphama!—2015
  • Kungani Kunzima Kangaka Ukuxolisa?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2002
Bheka Okunye
Intsha Iyabuza
ijwyp isihloko 97
Umfundi uhlezi ekilasini, uthisha wakhe uyamkhuza.

INTSHA IYABUZA

Kungani Kufanele Ngixolise?

Yini ongayenza kulezi zimo ezilandelayo?

  1. Uthisha wakho uyakuthethisa ngenxa yokuhlupha ekilasini.

    Ingabe kufanele uxolise kuthisha wakho—ngisho noma ucabanga ukuthi uyeqisa?

  2. Umngane wakho uthola ukuthi ukhulume izinto ezingezinhle ngaye.

    Ingabe kufanele uxolise kumngane wakho—ngisho noma ukholelwa ukuthi usho into efanele?

  3. Uyacasuka bese umphendula kabi ubaba wakho.

    Ingabe kufanele uxolise kubaba wakho—ngisho noma ubona sengathi nguye okucasulile?

Impendulo yayo yomithathu le mibuzo inguyebo. Kodwa kungani kufanele uthi “ngiyaxolisa,” ngisho noma ucabanga ukuthi ubungekho ephutheni?

  • Kungani kufanele uxolise?

  • Indlela yokuxolisa

  • Okushiwo ontanga yakho

Kungani kufanele uxolise?

  • Ukuxolisa kubonisa ukuthi uvuthiwe. Uma uvuma ukuthi ube nephutha ngento oyishilo noma oyenzile, ubonisa ukuthi ufunda ukuba nezimfanelo ezibalulekile ozozidinga lapho usumdala.

    “Ukuthobeka nesineke kungasisiza sixolise bese silalela lokho okushiwo omunye umuntu.”—URachel.

  • Ukuxolisa kukwenza ukwazi ukulungisa izinto. Abantu abathi “ngiyaxolisa” babonisa ukuthi bakhathalela kakhulu ukwenza ukuthula kunokuveza ukuthi abanaphutha nokuthi yilo omunye umuntu onephutha.

    “Ngisho noma ucabanga ukuthi awunaphutha, ukwenza ukuthula kufanele kube yinto eza kuqala. Akubizi mali ukuthi ‘ngiyaxolisa,’ kodwa kungabulondoloza ubungane.”—UMiriam.

  • Ukuxolisa kukwenza uzizwe kangcono. Ukuzisola okubangelwa ukuzwisa omunye umuntu ubuhlungu ngento oyishilo noma oyenzile kuwumthwalo onzima ukuwuthwala. Nokho, lapho usuxolisile, lowo mthwalo uyasuka emahlombe akho.a

    “Kunezikhathi lapho ngangikhuluma kabi nomama noma nobaba. Ngangizizwa kabi, kodwa ngangikuthola kunzima ukuxolisa. Nokho, uma ngixolisile ngangihlale ngizizwa kangcono ngoba lokho kwakwenza kube nokuthula ekhaya.”—UNia.

    Umfana ubelethe itshe elikhulu emhlane.

    Ukuzisola kunjengomthwalo osindayo; lapho usuxolisile akube kusadingeka uwuthwale lowo mthwalo

Ingabe ukuxolisa kuyawudinga umzamo? Yebo! UDena, owesifazane osemusha okwadingeka axolise izikhathi eziningi kumama wakhe ngenxa yokumedelela, uyavuma: “Akulula ukuthi ‘ngiyaxolisa.’ Ngivele ngibindeke!”

Indlela yokuxolisa

  • Uma kungenzeka, bonana nomuntu ubuso nobuso ukuze uxolise. Ukuxolisa kumuntu ubuso nobuso kwenza omunye abone ukuthi uzisola ngempela. Ukuxolisa ngokubhala imiyalezo yocingo, kungase kungabi naso isisindo. Ngisho noma uthumela i-emoji enobuso obudangele, kungase kungazwakali ukuthi uxolisa ngobuqotho.

    Icebiso: Uma ungeke ukwazi ukuxolisa ubuso nobuso, mhlawumbe ungamfonela noma umbhalele ikhadi. Noma iyiphi indlela okhetha ukuyisebenzisa, kucabangisise kahle ozokusho.

    Okushiwo iBhayibheli: “Inhliziyo yolungile iyazindla ngaphambi kokuphendula.”—IzAga 15:28.

  • Xolisa ngokushesha. Uma indaba ihlala isikhathi eside ingalungisiwe, iphutha liyobonakala lilibi nakakhulu, nobuhlobo bakho nomuntu omzwise ubuhlungu bungase buphazamiseke nakakhulu.

    Icebiso: Zibekele umgomo—ngokwesibonelo ungase uthi, ‘ngizoxolisa namuhla.’ Nquma ukuthi uzoxolisa nini; bese unamathela kuleso sikhathi osinqumile.

    Okushiwo iBhayibheli: “Lungisa izindaba ngokushesha.”—Mathewu 5:25.

  • Xolisa ngobuqotho. Ukuthi “ngiyaxolisa ngokuthi uzizwa kanjalo” akukhona ukuxolisa! “Umuntu owoniwe ngokuvamile uyokuhlonipha uma ebona ukuthi uyalivuma iphutha lakho,” kusho owesifazane osemusha uJanelle.

    Icebiso: Xolisa ngaphandle kokubeka imibandela. Ngamanye amazwi, ungasho ukuthi, “Ngizoxolisa ngephutha lami uma nawe uzoxolisa ngephutha lakho.”

    Okushiwo iBhayibheli: “Masilwele ukwenza izinto ezibangela ukuthula.”—Roma 14:19.

Okushiwo ontanga yakho

UValerie.

“Kudinga ukuthobeka ukuxolisa—ikakhulukazi lapho ngicabanga ukuthi angilenzanga iphutha. Ngisho noma kunjalo, ngifuna ukukhuluma amazwi amahle nakhuthazayo. Umgomo wami uwukulungisa izinto, ngingazenzi zibe zimbi nakakhulu.”—UValerie.

UPhilip.

“Uma uzimisele ukuxolisa, ubonisa ukuthi ukhathalela abanye kakhulu kunokuzikhathalela wena. Ukuxolisa kungase kukubangele amahloni, kodwa kukwenza umngane ongcono kakhulu futhi kungabuqinisa ubungane.”—UPhilip.

UKendall.

“Ngezinye izikhathi umuntu ocasukayo usuke ethatha ngamawala. Kodwa lokho akusho ukuthi mina anginaphutha yilowo muntu onephutha. Kungcono ukucabanga ngokuthi uthinteke kanjani. Uma othile ephatheke kabi ngenxa yento engiyishilo noma engiyenzile, kudingeka ngixolise.”—UKendall.

Ukubukeza: Kungani kufanele ngixolise?

  • Ukuxolisa kubonisa ukuthi uvuthiwe.

  • Ukuxolisa kuyakusiza ulungise izinto.

  • Ukuxolisa kukwenza uzizwe kangcono.

Indlela ongakwenza ngayo:

  • Uma kungenzeka, xolisa kumuntu ubuso nobuso.

  • Xolisa ngokushesha.

  • Xolisa ngobuqotho.

a Uma ulahle noma ulimaze into yomunye umuntu, kungaba ukuhlakanipha ukubonisa ukuthi uyaxolisa ngokukhipha isinxephezelo.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela