Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • ijwhf isihloko 32
  • Lapho Ingane Yakho Ifuna Ukuzibulala

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Lapho Ingane Yakho Ifuna Ukuzibulala
  • Usizo Lomndeni
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukuzibulala kwentsha—kungani abazali kufanele bakhathazeke ngale ndaba?
  • Yini ongayenza uma ingane yakho inemicabango yokuzibulala?
  • Yini ongayenza uma ingane yakho inemicabango yokuzibulala?
  • USIZO LOMKHAYA | UKUKHULISA IZINGANE
    I-Phaphama!—2015
  • Indlela Yokuvikela Abantwana Bakho
    I-Phaphama!—2007
  • Siza Ingane Yakho Ibhekane Nosizi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
  • Bazali, Finyelelani Inhliziyo Yomntwana Wenu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1982
Bheka Okunye
Usizo Lomndeni
ijwhf isihloko 32
Intombazane ibheke phansi, ibukeka iphelelwe ithemba.

USIZO LOMNDENI | UKUKHULISA IZINGANE

Lapho Ingane Yakho Ifuna Ukuzibulala

Kule minyaka yakamuva, izinga lokuzibulala kwentsha liye lakhuphuka kakhulu kwamanye amazwe. Kungani? Ingabe ingane yakho isengozini yokuzibulala?

Kulesi sihloko

  • Ukuzibulala kwentsha—kungani abazali kufanele bakhathazeke ngale ndaba?

  • Yini ongayenza uma ingane yakho inemicabango yokuzibulala?

  • Ukuzibulala kwentsha—kungani abazali kufanele bakhathazeke ngale ndaba?

Ukuzibulala kwentsha—kungani abazali kufanele bakhathazeke ngale ndaba?

Kusukela ngo-2009 kuya ku-2019, liye lanyuka ngamaphesenti angu-40 inani labafundi besikole samabanga aphakeme abanesifo sokucindezeleka e-United States. Nezinga lokuzibulala lakhuphuka kakhulu kuleyo minyaka.a

“Inkinga enkulu ukuthi intsha yanamuhla ibhekana nezinkinga ezixakile . . . Lezo zinkinga ziye zabangela ukuba intsha ibe nezifo eziningi ezithinta ingqondo.”—UVivek H. Murthy, uDokotela wase-U.S.

Isimiso seBhayibheli: “Umoya omunyu uqeda amandla.”—IzAga 17:22.

Yini ongayenza uma ingane yakho inemicabango yokuzibulala?

Cabanga ngalezi zinto ezilandelayo.

  • Okwenzeka ekuphileni kwayo. Ingabe ingane yakho ike yabhekana nobuhlungu bokulahlwa, ukuhlukana nomuntu ethandana nayo, ukuzizwa iyisehluleki noma ukushonelwa umuntu emthandayo? Uma kunjalo, kungenzeka yini ukuthi konke lokhu kuyizwisa ubuhlungu obukhulu kakhulu?

  • Indlela eziphatha ngayo. Ingane yakho iyekile yini ukuchitha isikhathi nabangani bayo nabomndeni noma ingabe ayisakuthandi ukwenza izinto ebithanda ukuzenza? Ingabe izinto eziyigugu kuyo ivele yazipha abanye?

  • Lokho evame ukukusho. Ingabe ingane yakho ivame ukukhuluma ngokufa noma isho izinto ezinjengokuthi, “Kungangcono kakhulu uma ngingafa”? Ingabe ivame ukusho into enjengokuthi, “Angifuni ukuba umthwalo?”

    Empeleni, ngezinye izikhathi ingase ikhulume “ngokunganaki.” (Jobe 6:3, mbhw.) Kodwa ezinye izinto engase izisho zisuke ziyindlela yokukhalela usizo. Ngakho, konke ingane yakho ekushoyo ngokuphathelene nokuzibulala akumele ukuzibe.

Zama lokhu: Khuluma nengane yakho. Ungayibuza ngokuqondile, “Wake wakucabanga yini ukuzibulala?” Ukubuza umbuzo onjengalona ngeke kuyenze ingane yakho ifune ukuzibulala.

Uma ingane yakho ithi yake yacabanga ukuzibulala, ungayibuza, “Usuke wacabanga ukuthi uzokwenza nini futhi kuphi?” Impendulo yakhe iyobonisa ukuthi lesi simo siphuthuma kangakanani.

“Njengabazali, kungenzeka asifuni ukubuza izingane zethu imibuzo ngoba sesaba ukuthi zizophendula zithini. Kodwa uma lokho ezikushoyo kuveza indlela ezizizwa ngayo, kungcono kakhulu ukuba nikhulume ngakho.”—USandra.

Isimiso seBhayibheli: “Imicabango yenhliziyo yomuntu injengamanzi ajulile, kodwa umuntu onokuqonda uyayikhipha.”—IzAga 20:5.

Yini ongayenza uma ingane yakho inemicabango yokuzibulala?

  • Ngesineke thola ukuthi ingane yakho icabangani nokuthi izizwa kanjani. Okokuqala, yincome ngokuthi ikhulume iqiniso. Ungasho into enjengokuthi: “Ngiyafuna ukwazi ukuthi kwenzekani ekuphileni kwakho nendlela ozizwa ngayo. Ngitshele, kukhona yini okwenzeke kuwe muva nje” noma “Ungakwazi yini ukuchaza ukuthi uzizwa kanjani?”

    Umama ududuza indodakazi yakhe edangele.

    Lalela ngesineke lapho ingane yakho iphendula imibuzo yakho. Gwema ukusho izinto ezizobonisa ukuthi indlela ezizwa ngayo ayibalulekile noma gwema ukuyitshela ngokushesha isixazululo sezinkinga zayo.

    Isimiso seBhayibheli: “Shesha ukulalela, wephuze ukukhuluma, ungasheshi ukuthukuthela.”—Jakobe 1:19.

  • Yenza ingane yakho izizwe iphephile. Siza ingane yakho ibhale phansi lokhu okulandelayo:

    Izimpawu okumele uzinake. Isuke yenzani ngaphambi kokuba ifikelwe imicabango yokuzibulala?

    Izinto eziwusizo ingane engazenza. Yiziphi izinto engazenza ezingayisiza yehlise ukukhathazeka futhi ingacabangi ngokuzibulala?

    Abantu abawusizo. Ingabe bakhona yini abantu ingane yakho engaya kubo uma idinga usizo? Kungase kuhlanganise nomuntu omdala engamethemba, udokotela osebenza ngabantu abanezifo ezithinta ingqondo, noma inhlangano ethile eqeqeshelwe ukusiza abantu abahlushwa imicabango yokubulala.

    Abazali bayalalelisisa njengoba indodakazi yabo ibatshela indlela ezizwa ngayo.

    Lungiselela lesi simo ukuze ingane yakho iphephe

    Isibani.

    Icebiso: Susa noma uzifihle izinto ezisekhaya ingane yakho engazisebenzisa ukuze izibulale, kuhlanganise nemithi yakwadokotela.

    Isimiso seBhayibheli: “Ngokuqinisekile amacebo okhuthele amenza aphumelele.”—IzAga 21:5.

  • Hlala uqaphile. Hlola njalo isimo, ngisho nalapho ingane yakho ibonakala yenza kahle.

    “Lapho indodana yami ingitshela ukuthi ayisenayo imicabango yokuzibulala, ngacabanga ukuthi iyinqobile le nkinga. Kwakuyiphutha elikhulu lelo. Umuntu ingambuyela ngokushesha imicabango yokuzibulala lapho esebhekene nenye inkinga futhi ingamfikela engalindele.”—UDaniel.

    Umama ubuka indodakazi yakhe esibukweni semoto ebonakala idangele.

    Siza ingane yakho iqonde iqiniso elibalulekile ngokuphathelene nendlela ezizwa ngayo: Indlela ozizwa ngayo iyashintshashintsha. Incwadi ethi The Whole-Brain Child ithi, “Imizwa ifana nesimo sezulu. Kungaba ubuwula ukucabanga ukuthi uma imvula ina lokho kusho ukuthi ilanga ngeke liphinde libalele.”

  • Iqinisekise ingane yakho: Itshele ingane yakho ukuthi uyayithanda nokuthi uyohlale ukhona ukuze uyisize. Ungayitshela into enjengokuthi, “Ngizokwenza konke engingakwenza ukuze ngikusize unqobe le nkinga.”

    Isimiso seBhayibheli: “Umngane weqiniso ubonisa uthando ngaso sonke isikhathi futhi uba umfowenu ngesikhathi sosizi.”—IzAga 17:17.

a Abantu abaningi osekuyisikhathi eside benezifo zokucindezeleka abavamile ukuzibulala. Noma kunjalo, iningi labantu abazibulalayo basuke becindezeleke okwaleso sikhathi.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela