Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • yb17 kk. 76-81
  • E-Oceania

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • E-Oceania
  • INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2017
  • Izihlokwana
  • Uthisha Wakhe Wasabela Ngemva Kweminyaka Engu-9
  • Wayifunda Kathathu Incwadi
  • Isicelo Sendodakazi
  • “Njengezimvu Ezingenamalusi”
  • Izipho Zikadokotela
INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2017
yb17 kk. 76-81
Umzalwane ushumayeza indoda ethile eVanuatu

EFiji

UKUSHUMAYELA NOKUFUNDISA EMHLABENI WONKE

E-Oceania

  • INANI LAMAZWE 29

  • INANI LABANTU 41 051 379

  • INANI LABAMEMEZELI 98 574

  • INANI LEZIFUNDO ZEBHAYIBHELI 67 609

Uthisha Wakhe Wasabela Ngemva Kweminyaka Engu-9

U-Olivia, wase-Australia, wayesenkulisa ngesikhathi ememela uthisha wakhe eSikhumbuzweni. Kwaze kwaphela iminyaka engu-8, u-Olivia elokhu ememela uthisha wakhe eSikhumbuzweni. Ekugcineni, ngonyaka ka-2016, uthisha wamshayela ucingo ethi angathanda ukuba khona eSikhumbuzweni. Uthi wazizwa ebalulekile ngokuthi u-Olivia wayelokhu emmema njalo ngonyaka. Ngakho uthisha wafika eSikhumbuzweni, ehamba nomyeni wakhe. Ngenxa yokuthi wayesebenzela umkhandlu wedolobha, umyeni wakhe wayesakhumbula ukuthi iHholo LoMbuso lakhiwa nini edolobheni. Watshela abazalwane ukuthi kwakumhlabe umxhwele ukuhleleka akubona lapho kwakhiwa iHholo LoMbuso. Bobabili uthisha nomyeni wakhe bajabula kakhulu kangangokuthi baze bahamba nabokugcina.

U-Olivia, e-⁠Australia, ukhuluma nothisha wakhe ocingweni

E-Australia: Ukuphikelela kuka-Olivia, kwaba nemiphumela emihle

Wayifunda Kathathu Incwadi

UJacintu nomkakhe bahlala eTimor-Leste. Njengoba babengamaKatolika azinikele, bathuka kakhulu lapho umshana wabo eba nguFakazi kaJehova futhi engasakhonzi nabo njengomndeni. Ukuze abonise umshana wakhe ukuthi udukile, uJacintu wanquma ukufunda incwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? Inhloso yakhe yayiwukuthola izimfundiso ezingamanga kuyo. Kamuva wathi kumkakhe: “Ngiyifundile incwadi. Akukho nokuncane kuyo okungalungile.”

Umkakhe wathi, “Mhlawumbe awuyifundisisanga. Yifunde futhi, kodwa kulokhu uyifunde ngesineke.”

UJacintu wenza kanjalo, waphinde wathi kumkakhe: “Ayinalutho olubi.” Wanezela: “Konke ekushoyo kuvela eBhayibhelini. Ngisho nalokho ekushoyo ngokukhonza abantu abangasekho kuvela eBhayibhelini.”

Umkakhe wathi: “Yifunde okwesithathu, kodwa kulokhu udwebele isigaba nesigaba—uyifunde ngokucophelela. Ayikwazi ukungabi naphutha.”

UJacintu wayifunda ngokucophelela, edwebela isigaba nesigaba. Lapho eseyiqedile, wathi: “Konke kuyiqiniso! Umshana akadukile.” Manje uJacintu usefunda iBhayibheli noFakazi BakaJehova.

Isicelo Sendodakazi

Udade oyiphayona, ohlala eGuam, wavakashela owesifazane wasePohnpei wambukisa i-video ethi Kungani Kufanele Utadishe IBhayibheli? Udade wathi uzophinde abuye futhi. Nakuba lo dade aphindela izikhathi eziningana wayengamtholi lo mame. Ngakho lapho indodakazi yalo mame imvulela, lo dade wayibonisa i-video yochungechunge oluthi Yiba Umngane KaJehova. Le ntombazanyana yajabula kakhulu ngaleyo video. Ngokulandelayo lapho lo dade efika, umama wale ntombazane wavula umnyango futhi wawamukela kahle umyalezo weBhayibheli. Indodakazi yayicele unina ukuthi baye esontweni lowesifazane oyibonise i-video. Kubonakala sengathi yilokho okwavusa isithakazelo sikamama. Kwaqalwa isifundo seBhayibheli kwenziwa namalungiselelo okuqhubeka naso.

“Njengezimvu Ezingenamalusi”

UTerence, umbonisi ojikelezayo, wahamba nomkakhe uStella baya e-Inakor, okuyinsimu engabelwe esePapua New Guinea. UTerence uyalandisa: “Ngosuku lokuqala nje sifikile, ngesikhathi sisalele, kwaba khona ongqongqozayo. Kwakunabantu abaningi ababesilinde ngaphandle, ngakho sabashumayeza kusukela ngo-6 ekuseni kwaze kwaba semini bebade. Sathatha ikhefu ukuze sigeze, ngemva kwalokho sathola ukuthi base bebaningi nakakhulu ababesilindile. Ngakho saphinde sashumayela kusukela ngo-2 ntambama kwaze kwaba sebusuku phakathi kwamabili.” Ngosuku olulandelayo, uTerence nomkakhe banquma ukuhamba ekuseni kakhulu ukuze baye kwenye indawo. Kwafika abaningi bezobabheka endlini ababehleli kuyo, kodwa bangabathola. UTerence uthi, “Lapho sebezwile ukuthi sasiye ngakuphi, basilandela baze basithola. Saphinde sashumayela kwaze kwaba semini. Lapho sibuyela endaweni esasihleli kuyo, sasilindwe elinye iqembu labantu. Njalo ngosuku kwakwenzeka into efanayo. Abantu ‘babenjengezimvu ezingenamalusi.’”—Math. 9:36.

Abantu ePapua New Guinea bayajabula ngokubona uTerence noStella befika

EPapua New Guinea: Abantu balinde uTerence noStella ngokulangazela okukhulu

Izipho Zikadokotela

U-Agnès, oyiphayona, ohlala eNew Caledonia, kwakumelwe aye kudokotela wamathambo ngoba yayibuhlungu ingalo yakhe. Njengoba lo dokotela esiza u-Agnès wathi usebone abantu abaningi behlupheka ngakho uyazibuza ukuthi uNkulunkulu unonya yini. U-Agnès wabonga uJehova buthule ngokumnika ithuba lokuba amkhulumele. Wabonisa udokotela ipheshana elithi Ingabe Ukuhlupheka Kuyoke Kuphele? wabe esemfundela umBhalo wesAmbulo 21:3, 4.

Udokotela wathi: “Elami iBhayibheli linamaVangeli kuphela ngakho ngisola sengathi ivesi ongifundele lona alikho kulo.” Lapho lo dokotela eqaphela ukuthi u-Agnès unguFakazi KaJehova, wathi wayeke wahlangana noFakazi ezweni lakubo, eChile.

U-Agnès wakhumbula ukuthi umbiko wegatsha waseChile wawukade usakazwa eSiteshini Sokusakaza se-JW. Ngakho lapho ebuyela kudokotela, waphatha i-tablet yakhe wambukisa i-video eyayinalowo mbiko. Kwamhlaba umxhwele udokotela ukubona iBethel neHholo LoMhlangano kwaseChile. Ngemva kwalokho, u-Agnès wathi, “Nakhu okwesibili engikuphathele kona, iBhayibheli eliphelele ukuze ukwazi ukufunda isAmbulo 21:3, 4, ivesi engikufundele lona ngesonto eledlule!” Udokotela wasukuma ngokushesha esihlalweni sakhe wambamba ngemfudumalo u-Agnès wathi, “Ngibonga kakhulu ngalezi zipho ezinhle kangaka!”

U-Agnès, iphayona eNew Caledonia, ubonisa udokotela wakhe i-⁠video

ENew Caledonia: Udokotela wakhe wahlabeka umxhwele

Lapho u-Agnès ebuyela ngokulandelayo, waphatha incwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? wamchazela kabanzi ngembangela yokuhlupheka okusemhlabeni. Udokotela wathi uzothatha iholide aye eChile, angathanda ukuhamba nencwadi ukuze ayifunde yonke.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela