IGeorgia
UKUSAKAZWA kwezindaba zoMbuso eGeorgia kubonakala ngokucacile emfanekisweni kaJesu wemvubelo. (Math. 13:33) Njengoba kwakunjalo ngemvubelo, ukukhula okungokomoya kwakungabonakali ekuqaleni kodwa ngokushesha nje izindaba zoMbuso zasakazekela kuyo yonke indawo futhi zashintsha ukuphila kwabaningi.
Funda ngendaba eshukumisayo nekhuthazayo yothando, ukholo, ubuqotho, ukuzinikela nesibindi okwaboniswa abantu bakaNkulunkulu eGeorgia ‘ngenkathi evumayo nangenkathi enzima.’—2 Thim. 4:2.