Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • yb16 k. 146-k. 150 isig. 1
  • Umsebenzi Ukhula Ngejubane

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Umsebenzi Ukhula Ngejubane
  • INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2016
  • Izihlokwana
  • Ukugcwalisa Isidingo Esiphuthumayo
INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2016
yb16 k. 146-k. 150 isig. 1
OFakazi BakaJehova bashumayela emakethe eJakarta

Bashumayela emakethe eJakarta

I-INDONESIA

Umsebenzi Ukhula Ngejubane

Lapho abaholi bamasonto eLobukholwa bezwa ukuthi oFakazi BakaJehova banikezwe inkululeko yokukhulekela, bakhala ezimathonsi. Abefundisi nabaholi bamasonto abangaphezu kuka-700 ababevela emasontweni angu-7 amaProthestani baba nomhlangano eJakarta ukuze bagqugquzele uhulumeni ukuba uphinde uvimbele oFakazi. Kodwa uhulumeni wama waqina esinqumweni sawo.

Ishadi elibonisa inani labamemezeli namaphayona e-Indonesia kusukela ngo-2002 kuya ku-2015

Njengoba izindaba zazisakazeka ezweni lonke zokuthi umsebenzi awusavinjelwe, abantu abaningi ababenesithakazelo babhalela ehhovisi legatsha becela izincwadi noma ukufundelwa iBhayibheli. Ngo-2003, abantu abangaphezu kuka-42 000 baba khona eSikhumbuzweni, okuyinani elaliliphinda kabili inani labamemezeli ezweni lonke. Abantu abacishe babe ngu-10 000 baba khona emhlanganweni eJakarta, kukhona nesikhulu esiphezulu soMnyango Wezindaba Zenkolo. Samangazwa ukubona abasha nabadala bevula amaBhayibheli abo bebheka imiBhalo. Saqinisekisa abazalwane ukuthi sizimisele ukulungisa ukwaziswa okuyiphutha abantu abanakho mayelana noFakazi BakaJehova.

Ukuphela kokuvinjelwa kwaphinde kwaphendlela izithunywa zevangeli indlela yokuba zibuyele e-Indonesia. Izithunywa zevangeli zokuqala ezabuyela kwakunguJosef noHerawati Neuhardta (baseSolomon Islands), u-Esa noWilhelmina Tarhonen (baseTaiwan), uRainer noFelomena Teichmann (baseTaiwan), kanye noBill noNena Perrie (baseJapane). Balandelwa yizithunywa zevangeli ezintsha zaseGileyadi ezabelwa eNyakatho Sumatra, eKalimantan, eNyakatho Sulawesi nakwezinye izindawo ezingaphandle.

UJulianus Benig

“Ngakujabulela kakhulu ukusiza abafundi ukuba bathuthuke ekufundiseni nasekhonweni lokukhuluma.”—UJulianus Benig

Ngo-2005, ihhovisi legatsha laqhuba amakilasi ezikole ezingokwasezulwini ezimbili ezintsha. Omunye wabafundisi eSikoleni Sokuqeqeshela Inkonzo (manje esibizwa ngokuthi iSikole Sabashumayeli Bevangeli LoMbuso), uJulianus Benig, wathi: “Ngakujabulela kakhulu ukusiza abafundi ukuba bathuthuke ekufundiseni nasekhonweni lokukhuluma nokuba babe usizo nakakhulu enhlanganweni.” Abaningi abathweswa iziqu kulesi sikole manje bakhonza njengamaphayona akhethekile noma ababonisi abajikelezayo. Iningi labazalwane ababesekilasini lokuqala leSikole Sababonisi Abajikelezayob lalikade liqeqeshwe njengoba umsebenzi wawuvinjelwe. Lesi sikole esisha sabasiza ekusingatheni izabelo zabo ngemva kokuqedwa kokuvinjelwa. UPonco Pracoyo, owayesekilasini lokuqala, wathi: “Lesi sikole sangisiza ukuba ngibe nozwela ngokwengeziwe futhi ngisingathe izabelo zami ngendlela ekahle kakhulu njengombonisi ojikelezayo. Ngaqabuleka futhi ngakhuthazeka!”

Ukugcwalisa Isidingo Esiphuthumayo

Phakathi neminyaka engu-25 yokuvinjelwa, iningi lamabandla e-Indonesia lalihlangana emizini emincane yabazalwane. Ayembalwa amabandla ayekwazi ukuhlangabezana nezindleko zokwakha amaHholo OMbuso, futhi kwakunzima nokuthola izimvume zokwakha izindawo ezintsha zokukhulekela. Njengoba amabandla amaningi ayekhula ngokushesha, ihhovisi legatsha lamisa uMnyango Wokwakhiwa KwamaHholo OMbuso (manje obizwa ngokuthi iLocal Design/Construction Department) ukuze usingathe lesi simo esiphuthumayo.

Enye yezindawo zokuqala eyazuza kulolu hlelo olusha lokwakha kwakuyiNias Island eNyakatho Sumatra. “Lapho sizwa ukuthi sizothola iHholo LoMbuso elisha, sathokoza kakhulu,” kusho uHaogo’aro Gea, onesikhathi eside ehlanganyela eBandleni LaseGunungsitoli. “Ihhovisi legatsha lathumela izisebenzi zokuzithandela zokwakha ezingu-7 ukuba zengamele lo msebenzi. Ihholo laphothulwa ngo-2001.” UFaonasökhi Laoli, ilungu lekomiti yokwakha yendawo, uyalandisa: “Sasikade sihlangana emizini yabazalwane emincane, futhi umphakathi wawubeya oFakazi BakaJehova. Kodwa ngokushesha lapho siqeda iHholo LoMbuso, inani lababeba khona ezifundweni lenyuka lasuka ku-20 laya ku-40. Zingakapheli izinyanga ezingu-12, lenyuka ngamaphesenti angaphezu kuka-500. Indawo yethu yokukhulekela iyona enhle kakhulu endaweni, futhi umphakathi uyabahlonipha oFakazi BakaJehova.”

A two-story Kingdom Hall in Bandung, West Java

IHholo LoMbuso laseBandung

Ngo-2006, eBandung, eseNtshonalanga Java, abazalwane baqala ukufuna indawo yokwakha iHholo LoMbuso lokuqala kuleli dolobha. “Kwathatha izinyanga ezingu-12 ukuthola indawo ekahle yokwakha,” kusho uSingap Panjaitan, umdala owayekhonza ekomitini yokwakha. “Kodwa kwakudingeka sithole omakhelwane abangebona oFakazi okungenani abangu-60 ukuba bavume ukuba senze lo msebenzi ngaphambi kokuba iziphathimandla zisinikeze imvume yokwakha. Omakhelwane abangu-76 bavuma, kuhlanganise nomama othile oqavile owayeqale wasiphikisa. Lapho ihholo seliphothuliwe, samema omakhelwane bethu nomphathi-dolobha waseBandung ukuba bazolibona. Umphathi-dolobha wathi: ‘Le ndawo yokukhulekela ehlanzekile necocekile ibekela wonke amasonto isibonelo esihle.’” Leli Hholo LoMbuso elinezitezi ezimbili lanikezelwa ngo-2010.

Kusukela ngo-2001, sekwakhiwe amaHholo OMbuso angaphezu kwekhulu e-Indonesia, kodwa kusadingeka engeziwe.

a Indaba yokuphila kaHerawati Neuhardt yavela kuyi-Phaphama! ka-February 2011.

b Manje sibizwa ngokuthi iSikole Sababonisi Abajikelezayo Nomkabo.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela