I-INDONESIA
Salalela Isiqondiso—Sasinda!
UBlasius da Gomes
UNYAKA AZALWA NGAWO 1963
UNYAKA ABHAPATHIZWA NGAWO 1995
UMLANDO WAKHE OMFUSHANE Umdala owanakekela ngothando umhlambi ngesikhathi kunombango wezenkolo e-Ambon, eyingxenye yeMaluku Islands.
NGO-January 19, 1999, ubutha obabukhula phakathi kwamaSulumane namaKristu bagcina sebuwudlame endaweni eqhele ngamakhilomitha cishe amathathu emzini wami. Kwaqubuka izinxushunxushu eziningi.a
Ngemva kokuqiniseka ngokuphepha komkhaya wami, ngabe sengithinta abanye abamemezeli ukuze ngizwe ukuthi banjani. Ngabakhuthaza ukuba bahlale bezolile nokuba bagweme izindawo eziyingozi. Kamuva, abadala bavakashela izimvu ukuze baziqinise ngokomoya futhi bazikhuthaze ukuba zihlangane ngamaqembu amancane ukuze zibe nemihlangano.
Ihhovisi legatsha lasikhuthaza ukuba sithathe abamemezeli ababehlala ezindaweni eziyingozi sibayise ezindaweni eziphephile, futhi sadlulisela leso siqondiso emikhayeni eminingana. Omunye umzalwane owenqaba ukuthutha kamuva wabulawa iviyo labantu elalihlomile. Kodwa bonke abantu abalalela isiqondiso sehhovisi legatsha basinda.
a Lolu dweshu lwasakazeka kuso sonke isifundazwe saseMaluku iminyaka engaphezu kwemibili futhi lwasusa amashumi ezinkulungwane zabantu emizini yabo.