Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • yb16 k. 123-k. 125 isig. 2
  • Kufika Izithunywa Zevangeli Ezengeziwe

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Kufika Izithunywa Zevangeli Ezengeziwe
  • INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2016
  • Izihlokwana
  • “Isipho SikaKhisimusi” Sabefundisi
INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2016
yb16 k. 123-k. 125 isig. 2

I-INDONESIA

Kufika Izithunywa Zevangeli Ezengeziwe

Ngo-July 9, 1964, uMnyango Wezobulungisa Wase-Indonesia wabhalisa ngokomthetho iNhlangano YabaFundi BeBhayibheli, inhlangano engokomthetho eyayisetshenziswa oFakazi BakaJehova. Kodwa ngaphambi kokuba abazalwane bayithole ngokugcwele inkululeko engokwenkolo, kwakudingeka babhalise eMnyango Wezindaba Zenkolo. Lo mnyango wawufakane imilomo nomnyango obizwa ngokuthi iDirectorate General of Christian Community Guidance, owawugcwele amaProthestani antamolukhuni, ayengabafuni nakubabona oFakazi BakaJehova.

Ngelinye ilanga omunye umzalwane watholana nesikhulu esiphakeme esasisebenzelana eduze noMnyango Wezindaba Zenkolo. Bathola ukuthi bobabili babengabakhaya, ngakho baxoxa kamnandi ngolimi lwakubo. Lapho lo mzalwane exoxela lesi sikhulu ngezinkinga oFakazi ababenazo nomnyango obizwa ngokuthi iDirectorate General of Christian Community Guidance, sahlela ukuba abazalwane abathathu baxoxe ngokuqondile nongqongqoshe, umSulumane onenhliziyo enhle nonozwela. Ngo-May 11, 1968, ungqongqoshe wakhipha isinqumo esiqaphela oFakazi BakaJehova njengenkolo nesiqinisekisa amalungelo abo okwenza umsebenzi wabo e-Indonesia.

Lesi sikhulu sabuye sakhetha ukungayi kuyiDirectorate General of Christian Community Guidance ukuze oFakazi bakwamanye amazwe bakwazi ukuthola ama-visa okuba yizithunywa zevangeli. Ngosizo lwalesi sikhulu esingabandlululi, izithunywa zevangeli ezingu-64 zangeniswa e-Indonesia eminyakeni embalwa eyalandela.

Ngo-1968, izithunywa zevangeli namaphayona akhethekile angaba ngu-300 nabamemezeli abangaphezu kuka-1 200 babeshumayela izindaba ezinhle kulo lonke elase-Indonesia. Izithunywa zevangeli zanikeza abazalwane bendawo ukuqeqeshwa okuwusizo. Kwabasiza bathuthuka masinyane ngokomoya. Lokhu kuqeqeshwa kwakufike ngesikhathi ngoba ushushiso lwalusondela ngokukhulu ukushesha.

“Isipho SikaKhisimusi” Sabefundisi

Ngo-1974, umnyango obizwa ngokuthi iDirectorate General of Christian Community Guidance wawuqala phansi umkhankaso wawo owawusunesikhathi eside wokuvimbela oFakazi BakaJehova. Umqondisi-jikelele walowo mnyango wabhalela ihhovisi ngalinye lesifunda loMnyango Wezindaba Zenkolo, waqamba amanga wathi oFakazi BakaJehova babengaqashelwe ngokomthetho. Wakhuthaza izikhulu ukuba zibathathele isinyathelo oFakazi noma nini lapho “bebadalela izinkinga”—okwakuyisikhuthazo nje sokuba bashushise abantu bakaJehova. Iningi lezikhulu alisinakanga leso sikhuthazo. Kodwa ezinye zathi zibonwa yini, zavala imihlangano nomsebenzi wendlu ngendlu.

Ngo-December 1976, iphephandaba lamemezela ukuvinjelwa koFakazi BakaJehova e-Indonesia

Ngo-December 24, 1976, iphephandaba lamemezela ukuvinjelwa koFakazi BakaJehova

Ngaso leso sikhathi, uMkhandlu Wezwe Wamasonto wawuhlela ukuba nomhlangano wezizwe eJakarta, okuyinto amaSulumane ayibheka njengesusa uchuku nebonisa indelelo. Ngenxa yokuthi isimo sasiqhubeka sishuba, lo Mkhandlu wawuhoxisa umhlangano. Nokho, ukuguqulelwa kwabantu ebuKristwini kwakuyindaba egudwini, futhi osombusazwe abaningi babesaba. Njengokulindelekile, abefundisi bazama ukusola ngomsebenzi wabo wokushumayela. Lokhu kwenza izikhulu eziningi zangabanambithisisa kahle oFakazi.

Ngo-December 1975, njengoba isimo sezenkolo sasiqhubeka sishuba, i-Indonesia yahlasela i-East Timor (manje osekuyiTimor-Leste), eyayibuswa iPortugal. Ngemva kwezinyanga ezingu-7, i-East Timor yadliwa, okwakhwezela umlilo wobuzwe kulo lonke izwe. Abazalwane abathathanga-hlangothi futhi benqaba ukuhlanganyela empini noma ukushayela ifulege indesheni, okwenza izikhulu zempi zawotha ubomvu. (Math. 4:10; Joh. 18:36) Abefundisi bathi sibonwa yini, bahlohla uhulumeni ukuba ulwe noFakazi. Ekugcineni, maphakathi no-December 1976, abefundisi bathola “isipho sikaKhisimusi”—uhulumeni wamemezela ukuthi oFakazi BakaJehova bavinjelwe.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela