Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • yb16 k. 126-k. 127 isig. 3
  • Indodakazi KaSara Yangempela

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Indodakazi KaSara Yangempela
  • INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2016
  • Indaba Ethi Ayifane
  • UNkulunkulu Wabiza USara Ngokuthi INkosazane
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2017
  • “UNkulunkulu Akabheki Ubuso Bamuntu”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
  • Ukuxazulula Izinkinga Zentsha
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1982
  • “Ungowesifazane Omuhle”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2017
Bheka Okunye
INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2016
yb16 k. 126-k. 127 isig. 3

I-INDONESIA

Indodakazi KaSara Yangempela

UTiti Koetin

  • UNYAKA AZALWA NGAWO 1928

  • UNYAKA ABHAPATHIZWA NGAWO 1957

  • UMLANDO WAKHE OMFUSHANE Udade owaba nesu lokusiza umyeni wakhe ophikisayo ukuba afunde iqiniso.—Ilandiswa indodana yakhe, uMario Koetin.

UTiti Koetin

UMAMA wayenomusa, ethanda abantu, ethanda neBhayibheli. Lapho etholana noGertrud Ott, owayeyisithunywa sevangeli eManado, eNyakatho Sulawesi, wavumela phezulu ukufundelwa iBhayibheli wabe esethola iqiniso. Kodwa ubaba, u-Erwin, owayeyisikhulu sasebhange futhi kamuva waba usihlalo we-Jakarta Stock Exchange, wamphikisa kakhulu.

Ngelinye ilanga ubaba wanqumela umama ugwayi katiki.

Ethukuthele wathi: “Kumelwe ukhethe—inkolo yakho noma umyeni wakho!”

Umama wathula wacabangisisa. Wabe esephendula ngomusa, “Ngikufuna kokubili—umyeni wami noJehova.”

Ubaba waphelelwa amazwi negwebu lehla.

Ekugcineni, ubaba wathamba ngoba wayemthanda kakhulu umama futhi ekwazisa kakhulu ukuhlakanipha nokuqonda kwakhe.

Nokho, umama wayefuna ukuba umyeni wakhe ahlanganyele naye ekukhulekeleni kweqiniso. Ngemva kokuthandaza ngobuqotho ngalokhu, wakhumbula ukuthi ubaba wayethanda ukufunda izilimi. Ngakho wanquma ukubeka obala amavesi eBhayibheli esiNgisi endlini. “Ngizama ukuthuthukisa isiNgisi sami,” etshela ubaba. Ekhumbula ukuthi ubaba wayekuthanda ukulalela izinkulumo zasobala, wayemcela nokuba amsize lapho eprakthiza izinkulumo zakhe zeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini. Wavuma. Ekhumbula ukuthi unomoya wokungenisa izihambi, umama wamcela ukuba bamukele umbonisi ojikelezayo. Wavuma. Njengoba ayemazi ukuthi uyawazisa umkhaya wakhe, wasikisela ngomusa ukuba ahlale nathi emihlanganweni emikhulu yobuKristu. Wenza kanjalo.

Imizamo kamama yokuba nesineke nokuqonda, kancane kancane yayithambisa inhliziyo kababa. Kamuva, lapho sesihlala eNgilandi, ubaba wayeya emihlanganweni yebandla futhi waba umngane kaJohn Barr, owaba ilungu leNdikimba Ebusayo YoFakazi BakaJehova. Ngawo lowo nyaka, ubaba wabhapathizwa, okwajabulisa umama kakhulu. Eminyakeni eyalandela, ubaba wabonisa umama uthando ngezindlela ezingachazeki.

Abanye babangane bethu bafanisa umama noLidiya, owesifazane ongumKristu wangekhulu lokuqala owabonisa umoya wokungenisa izihambi ngendlela evelele. (IzE. 16:14, 15) Kodwa mina ngivame ukumfanisa noSara, owazithoba ngenjabulo kumyeni wakhe, u-Abrahama. (1 Pet. 3:4-6) Umama wayengowesifazane omsulwa, onenhlonipho nothanda izinto ezingokomoya owathinta bonke ababemazi. Yisibonelo sakhe esasiza ubaba ukuba amukele iqiniso. Kimina wayeyindodakazi kaSara yangempela.

Umama wayengowesifazane omsulwa, onenhlonipho nothanda izinto ezingokomoya owathinta bonke ababemazi

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela