Isihloko Sonyaka Ka-2013
“Yiba Nesibindi Uqine. . . . UJehova UNkulunkulu Wakho Unawe.”Joshuwa 1:9
Ngo-1473 B.C.E., ama-Israyeli ayeselungele ukungena eZweni Lesithembiso, kodwa phambi kwawo kwakunezitha ezinamandla. UNkulunkulu wayala uJoshuwa: “Yiba nesibindi uqine.” Uma uJoshuwa ayezohlala ethembekile, wayeyophumelela. Watshelwa: “Ungethuki noma wesabe, ngoba uJehova uNkulunkulu wakho unawe nomaphi lapho uya khona.” Futhi ngempela uNkulunkulu waba naye ngoba ama-Israyeli anqoba izitha zawo ngeminyaka eyisithupha.—Josh. 1:7-9.
AmaKristu eqiniso asezongena ezweni elisha elithenjisiwe ngakho nawo kudingeka abe nesibindi aqine. NjengoJoshuwa, sibhekene nezitha ezinamandla ezizama ukwephula ubuqotho bethu. Izimpi esizilwayo asizilwi ngemikhonto nezinkemba, kepha ngezikhali ezingokomoya, futhi uJehova usiqeqeshela ukuba sizisebenzise ngobuciko. Noma ngabe isiphi isimo esikuqhamukelayo, qiniseka ukuthi uma unesibindi, uqinile futhi uthembekile, uJehova uyoba nawe ukuze akwenze unqobe.