INorway
INSIZWA esemkhunjini yayihlezi ibuke ugu lwaseNorway ngenjabulo. Igama layo kwakunguKnud Pederson Hammer. Le nsizwa, eyayingumfundisi esontweni lamaBaptist eNorth Dakota, e-U.S.A., yayibe omunye wabaFundi BeBhayibheli (manje abaziwa ngokuthi oFakazi BakaJehova) ngonyaka owandulele. Manje, ngo-1892, uKnud wayesephindela ezweni lakubo eyoshumayeza abangane nezihlobo.
Iningi lezakhamuzi zaseNorway eziyizigidi ezimbili lalingamalungu eSonto LoMbuso LamaLuthela. UKnud wayemagange ukusiza abantu abaqotho bakuleli ukuba bazi uNkulunkulu weqiniso, uJehova, nokuba baqonde ukuthi lo Nkulunkulu onothando akahluphi izoni esihogweni somlilo. Wayefuna nokubatshela ngokuBusa KukaKristu Kweminyaka Eyinkulungwane okuzayo, lapho umhlaba uyoba ipharadesi.
Njengoba umkhumbi wawusondela ogwini, uKnud wabuka indlela leli zwe elihle elakheke ngayo—izwe elilulekile, elincane ngobubanzi, elinezintaba eziphakeme ezimbozwe iqhwa, imifula ejulile ephahlwe amawa nodedangendlale bamahlathi. Waqaphela ukuthi kwakuyoba inselele ukufinyelela ezifundazweni ezigqagqene ezingenamigwaqo namabhuloho. Nakuba abantu abaningi baseNorway babehlala emadolobheni ayesathuthuka, abanye babehlala emaphandleni, ezindaweni okudotshwa kuzo noma eziqhingini eziningi ezingasogwini. Imiphumela yokushumayela kukaKnud nokwanda kokukhulekela kweqiniso eNorway naphezu kwezinselele ezikhungathekisayo kuqinisa ukholo futhi kukhuthaza abantu bakaNkulunkulu yonke indawo.
IMBEWU YOMBUSO ITHELA IZITHELO
Nakuba abanye endaweni yakubo kaKnud, eSkien, basilalela isigijimi sakhe, akazange akwazi ukuqhubeka enabo ngoba kwadingeka aphindele emkhayeni wakhe e-United States. Nokho, ngo-1899, waphinde wabuyela eNorway esecelwe uCharles T. Russell, owayengumqondisi womsebenzi wabaFundi BeBhayibheli ngaleso sikhathi. UMfoweth’ uRussell wayefuna uKnud amise ibandla eNorway. UKnud waya khona ephethe amakhophi emiqulu emibili yokuqala ye-Millennial Dawn (kamuva eyabizwa ngokuthi i-Studies in the Scriptures), eyayihunyushwe ngesiDano-Norwegian. (Ngaleso sikhathi, isiNorway esibhalwa phansi sasifana nesiDanishi, futhi izincwadi zazifundwa eDenmark naseNorway.) UKnud wafakaza kubantu abaningi wahambisa nezincwadi, kodwa ngemva kwesikhashana kwadingeka aphinde abuyele e-United States.
Ngonyaka olandelayo, u-Ingebret Andersen, owayehlala endaweni eyakhelene neSkien, wathola incwadi eyayithi Plan of the Ages, cishe eyayingenye yezincwadi uKnud ayefike nazo eNorway. Kwase kuyisikhathi eside u-Ingebret efisa ukwazi “ngokuza kwesibili” kukaKristu, futhi manje yena nomkakhe, uBerthe, bakuthanda ababekufunda. Ngokushesha u-Ingebret waqala ukushumayela. Wayeze aye nasemasontweni afundise ngokuBusa KukaKristu Kweminyaka Eyinkulungwane. Kamuva wavakashela ababenesithakazelo, masinyane kwaba nebandla elikhuthele labaFundi BeBhayibheli abangaba yishumi eSkien.
Lapho isihlobo sikaKnud simtshela ngebandla elincane laseSkien, waphindela eNorway ngo-1904 eyofuna u-Ingebret. Wamisa umlisa mumbe emgwaqweni wambuza, “Ngicela ukubuza, uyamazi u-Ingebret Andersen?” “Yimina lowo,” kuphendula lo mlisa. Wajabula kakhulu uKnud kangangokuba wavula isudikesi khona lapho phakathi nomgwaqo wambonisa izincwadi ayeze nazo. U-Ingebret naye wakujabulela ukuhlangana noKnud nokubona leyo nqwaba yezincwadi.
Ngentokozo, uKnud waxoxela abakhulekeli ayekanye nabo baseNorway ngenhlangano nangomsebenzi wokushumayela. Ngesikhathi ephindela emkhayeni wakhe owawusuhlala eCanada, iBandla LaseSkien lalikulungele ukuqhubekela phambili.
UKUFINYELELA EZINYE IZINGXENYE ZASENORWAY
Ngo-1903, kwafakwa umfutho emsebenzini wokushumayela eNorway lapho kufika ama-colporteur (abashumayeli besikhathi esigcwele) amathathu ashisekayo—uFritiof Lindkvist, uViktor Feldt no-E. R. Gundersen. UFritiof wahlala enhloko-dolobha, iKristiania (manje eyi-Oslo), ngo-1904 umuzi wakhe waba ihhovisi le-Watch Tower Society, lapho kwakuthunyelwa khona ama-oda ezincwadi nezikhokhelo ze-Zion’s Watch Tower.
Ngasekupheleni kuka-1903, lapho uMfoweth’ uGundersen eshumayela eTrondheim emaphakathi neNorway, wafakaza kuLotte Holm, wamhambisela nezincwadi. Kamuva uLotte waya ekhaya eNarvik, engenhla kwe-Arctic Circle, waba ummemezeli wokuqala enyakatho yeNorway. Ngemva kwalokho, uViktor Feldt waya eNarvik wasiza imibhangqwana emibili eshadile ukuba ibe abaFundi BeBhayibheli. Le mibhangqwana yathintana noLotte, ngokushesha leli qembu elincane lahlangana njalo ukuze litadishe iBhayibheli. Udadewabo kaLotte, uHallgerd, naye walamukela iqiniso, kamuva bobabili bakhonza njengamaphayona ashisekayo ezingxenyeni ezihlukahlukene zeNorway.
UMfoweth’ uFeldt noGundersen bathola abantu abasabela kahle lapho beshumayela eBergen ngo-1904 nango-1905. I-Zion’s Watch Tower ka-March 1, 1905 yabika: “Umshumayeli odumile wesonto leFree Mission [laseBergen] usekhanyelwa bhá amaqiniso futhi manje useshumayela iVangeli eliphelele neliyiqiniso ezindimbaneni zezilaleli zakhe avame ukuzishumayeza.”
Lowo mshumayeli kwakunguTheodor Simonsen, kamuva owaxoshwa eSontweni elibizwa ngokuthi iFree Mission ngoba efundisa amaqiniso amahle amasha ayewafunde ezincwadini zethu. Ukuwa kwenye indlu kwaba ukuvuka kwenye. Abantu bakaJehova babemthanda uTheodor futhi eyisikhulumi esihle. Kamuva, wahlala eKristiania, lapho kwakunebandla elifufusayo labaFundi BeBhayibheli.
AMAPHAYONA OKUQALA
Ngawo-1905, kwakunamabandla abaFundi BeBhayibheli emadolobheni amane: eSkien, eKristiania, eBergen naseNarvik. Ngokushesha, abamemezeli abaningana abakhuthele baqala ukuphayona futhi baya kwezinye izindawo eziningi zakuleli zwe beyoshumayela izindaba ezinhle. Kuyathakazelisa ukwazi ukuthi lawo maphayona ayevela ezizindeni ezinjani.
Elokuqala, kwakungudade waseNorway, uHelga Hess. Wayeyintandane futhi ehlala eBergen, lapho aba uthisha kaSonto-sikole eneminyaka engu-17. Lapho ezwa uTheodor Simonsen ekhuluma esontweni laseFree Mission ngalokho ayekufunde kwenye yezincwadi zabaFundi BeBhayibheli, wafuna ukwazi okwengeziwe futhi naye waqala ukuzifunda. Wayeka ukuba uthisha kaSonto-sikole, kwathi ngo-1905 lapho eseneminyaka engu-19, waqala ukusakaza izindaba ezinhle eHamar naseGjøvik.
Ngolunye usuku ngo-1908, u-Andreas Øiseth wavakashelwa iphayona ngesikhathi etheza izinkuni epulazini lomkhaya wakubo eduze kwaseKongsvinger, lamshiyela incwadi ethi The Divine Plan of the Ages. U-Andreas, owayesanda kweva eminyakeni engu-20, wakujabulela ayekufunda futhi wa-oda ezinye izincwadi. Ngemva kwezinyangana washiya ipulazi komunye wabafowabo abancane, waba iphayona. Phakathi neminyaka engu-8 eyalandela, washumayela cishe kulo lonke leli zwe. Waqale waya enyakatho, ehlobo ehamba ngebhayisikili, ebusika ahambe ngesikebhe. Lapho efika eTromsø, wehlela eningizimu eshumayela ezindaweni ezingasogwini waze wayofika eKristiania.
U-Anna Andersen waseRygge, eduze kwaseMoss, wayengelinye iphayona lokuqala. Wayeyisikhulu kuyiSalvation Army iminyaka eminingi ezinikele ekusizeni abaswele. Cishe ngawo-1907 wafunda ezinye zezincwadi zethu, wabona ukuthi uthole iqiniso. EKristiansund, wahlangana nesinye isikhulu saseSalvation Army, uHulda Andersen (kamuva owaba u-Øiseth), esaba nesithakazelo eBhayibhelini. Masinyane laba besifazane ababili bathatha uhambo olude baya enyakatho ngesikebhe, bahamba bayofika lé phezulu eKirkenes, eduze komngcele waseRussia. Babedlula kuwo wonke amatheku bahambise izincwadi. Ngawo-1912, u-Anna waba iphayona. Wahamba amashumi eminyaka kuleli zwe ngesikebhe nangebhayisikili, waya cishe kuzo zonke izindawo zaseNorway ehambisa izincwadi zeBhayibheli. Wachitha isikhathi esithile eningizimu eKristiansand, lapho ayenakekela khona ibandla elikhulayo.
UKarl Gunberg wayeyisikhulu sezempi ngaphambi kokuba abe umFundi WeBhayibheli. Waqala ukuphayona eneminyaka engaba ngu-35, cishe ngo-1911, enguthisha wabashayeli bemikhumbi. Nakuba ayebonakala engumuntu onesandla esiqinile, wayaziwa njengomuntu onobungane nohlekisayo. Washumayela kulo lonke elaseNorway waze waba mdala, futhi ulwazi aluthola ngesikhathi eyisikhulu kwezempi nangesikhathi engumqondisi wokushayela imikhumbi lwaba usizo kakhulu ekushunyayelweni kwezindaba ezinhle, njengoba sizobona kamuva.
UKUQINISA UBUZALWANE
Ngo-October 1905, abazalwane bajabula kakhulu ngokuba nomhlangano wokuqala eKristiania. Kwaba khona cishe abangu-15, kwabhapathizwa abangu-3. Ngo-1906 kwaba nomhlangano eBergen, futhi kusukela ngo-1909 kuqhubeke, kwahlelwa ukuba kube nemihlangano unyaka nonyaka, kumenywe nezikhulumi ezivela eDenmark, eFinland naseSweden. Abanye balabo bafowethu babehambela namabandla njengama-pilgrim, namuhla aziwa ngokuthi ababonisi abajikelezayo.
Into eyayithandwa kunazo zonke ngalezo zikhathi kwakuwukuhanjelwa uMfoweth’ uRussell. Ngo-1909 wavakashela eBergen naseKristiania. Yeka indlela abafowethu nodade abalazisa ngayo ithuba lokubonana naye nokulalela izinkulumo zakhe! Ekuhambeleni kwakhe kwesibili ngo-1911 kwakuphume nesinedolo, futhi abafowethu nodade abangu-61 ababezolalela inkulumo yeningi kaMfoweth’ uRussell bajabula kakhulu ngokuba nabangaba ngu-1 200!
Ngemva kweminyaka emibili uMfoweth’ uRussell wabela uHenry Bjørnestad ukuba ahambele abafowethu baseNorway naseSweden ngokuqhubekayo njengombonisi ojikelezayo wokuqala waseNorway.
KUFAKWA UMFUTHO NGAPHAMBI KUKA-1914
Ngo-1910 kwaba nethuluzi lokushumayela eliwusizo, ipheshana elithi Peoples Pulpit. Lokhu kwasiza abaFundi BeBhayibheli abengeziwe ukuba bahlanganyele ngomdlandla emsebenzini wokushumayela. Bemagange ukudalula amaphutha enkolo nokuchaza amaqiniso eBhayibheli, abafowethu nodade bahambisa izinkulungwane zalawa mapheshana mahhala, ngokuvamile bewafaka phakathi kwamaphephandaba.
AbaFundi BeBhayibheli babezibuza ukuthi kazi kuyokwenzekani ngo-1914. Incwadi ethi The Time Is at Hand (umqulu wesibili wethi Millennial Dawn) yachaza ukuthi izikhathi zabeZizwe zaziyophela ngo-1914 futhi kube khona izinkinga neziyaluyalu, ngemva kwalokho uMbuso kaNkulunkulu uqale ukubusa. AbaFundi BeBhayibheli babelindele nokuthi izindlalifa ezikanye noKristu ziyokwamukela umvuzo wazo wasezulwini ngaleso sikhathi.
Yilezo ezazisematheni. Ngokwesibonelo, ngobunye ubusuku ngo-July 1914, uKarl Kristiansen wayedlala eqenjini lomculo laseSkien. Phakathi nekhefu watshela abathile ayenabo: “Ngemva kwamasonto ambalwa, kunokuthile okuzokwenzeka. Kuzoqale kube nempi, izibhelu neziyaluyalu, ngemva kwalokho uMbuso kaNkulunkulu uzofika.” Lapho kugqashuka iMpi Yezwe I masinyane ngemva kwalokho, abantu baya kuKarl befuna abatshele okwengeziwe.
Eningizimu lé ngasogwini, e-Arendal, kwakunomFundi weBhayibheli oyedwa vó ngo-1914. Ngelinye ilanga lo dade wahlangana noMia Apesland emgwaqweni wamtshela ukuthi ngokweBhayibheli, kuzoba nempi ekwindla ka-1914. UMia wathi, “Lokho ngizokukholwa kuphela uma ngikubona kwenzeka.” Ngokushesha lapho uMia ekubona kwenzeka lokho ayekutshelwe udade, wafeza isithembiso sakhe ngokuba umkhulekeli weqiniso. UMia, udade ayexoxe naye nabanye abambalwa baba abokuqala eBandleni Lase-Arendal.
INTUTHUKO ILANDELWA IZINKINGA
Akuzona zonke izinto abaFundi BeBhayibheli ababezilindele ngo-1914 ezenzeka. Noma kunjalo, baqhubeka ngentshiseko nomsebenzi wabo. Kusukela ngo-December 1914 kuze kube maphakathi no-1915, inkulumo emnandi eyifilimu nama-slide, i-“Photo-Drama of Creation,” yanikeza ubufakazi obuhle kakhulu kulabo abayibuka eKristiania, eBergen, eTrondheim, eSkien, e-Arendal naseKristiansand.
Nokho, ngokushesha ngemva kwalokho kwaphakama izinkinga. UFritiof Lindkvist, owayeqondisa umsebenzi eNorway iminyaka engaba yishumi, waqala ukuzenzela umathanda, ngo-1916 washiya inhlangano. Ngenxa yalokho, abafowethu abanemithwalo yemfanelo eSweden naseDenmark baqondisa umsebenzi eNorway iminyaka embalwa. Ngo-1921, u-Enok Öman wabelwa ukuyoqondisa umsebenzi eNorway, wakhonza khona kwaze kwaba ngu-1945.
Kwaba khona izinxushunxushu nangesikhathi kushona uC. T. Russell ngo-1916 futhi elandelwa uJ. F. Rutherford njengomqondisi wemisebenzi yabaFundi BeBhayibheli. Ngenxa yokungafezeki kwamaphupho ngo-1914 nezinguquko ezenziwa enhlanganweni, abaningi bayishiya. Isimo sasibucayi kakhulu eBergen ngo-1918, lapho kwasala khona umfowethu oyedwa nodade abangu-7 ebandleni. ETrondheim, baningana abashiya ibandla futhi iqembu laseKristiania laphela. Kodwa labo ababeyisekela ngobuqotho inhlangano ngokushesha bathola isibusiso sikaJehova esicebile.
INTSHISEKO EVUSELELWE
Ngo-1918, uMfoweth’ uRutherford wanikeza inkulumo evusa amadlingozi ethi “Izigidi Eziphilayo Manje Azisoze Zafa.” Kusukela ngo-1920 kuya ku-1925, le nkulumo evuth’ uphondo yanikezwa emhlabeni wonke. U-A. H. Macmillan wasendlunkulu yomhlaba wonke eNew York wayinikeza emadolobheni amaningana eNorway. EKristiania kwagcwala kwathi mfí, kwaphela indawo yokuhlala ehholo laseyunivesithi, abaningi kwadingeka baphindele emuva. UMfoweth’ u-Öman wagibela phezu kwebhokisi elalisemnyango wamemezela: “Uma nibuya ngemva kwehora nesigamu, uMacmillan uzophinde ayinikeze futhi le nkulumo!” Nangempela, abantu baphinde bagcwala ehholo bezolalela uMfoweth’ uMacmillan eyinikeza okwesibili. Ngemva kwalokho, kwaphela iminyaka abafowethu baseNorway benikeza le nkulumo kulo lonke leli zwe. Izixuku zazilalelisisa ubufakazi obukholisayo obuseBhayibhelini bokuthi abaningi bayosinda e-Armagedoni bathole ukuphila okuphakade epharadesi emhlabeni. Abaningi bathola isigijimi encwajaneni ethi Millions Now Living Will Never Die!
Kusukela ngo-1922 kuya ku-1928, abaFundi BeBhayibheli bahambisa amakhulu ezinkulungwane zamapheshana anamazwi ezinqumo ayekhishwe emihlanganweni, njengelithi A Challenge to World Leaders, A Warning to All Christians nelithi Ecclesiastics Indicted. AbaFundi BeBhayibheli abaningi baqala ukushumayela ngokuhambisa lawo mapheshana.
Noma kunjalo, ukwanda kwakukuncane. Nakuba amaphayona nabamemezeli abashisekayo babephikelela ekushumayeleni, kwadingeka abanye basizwe ukuze bahlanganyele ngokwengeziwe ekushumayeleni. Ngaphezu kwalokho, izincwadi zazitholakala ngesiDanishi, isiDano-Norwegian noma isiSwidi, zingekho ngesiNorway. Yini eyayingenziwa ukuze kufakwe umfutho?
I-Bulletin (manje eyi-Nkonzo Yethu YoMbuso) yango-April 1925 yesiNorway yakhipha isaziso esijabulisa kakhulu: “Sinithumela ikhophi yokuqala ye-Golden Age ngesiNorway. Izikhokhelo seziyatholakala manje.” Kwakuyi-Golden Age (manje eyaziwa ngokuthi i-Phaphama!) ka-March 1925. Ngokushesha i-Golden Age yesiNorway yayisihanjiswa kakhulu, hhayi kuphela eNorway kodwa naseDenmark. Ngawo-1936, lapho igama le-Golden Age yesiNorway lishintshwa kuthiwa i-Ny Verden (Izwe Elisha), kwase kukhishwa izikhokhelo ezingu-6 190.
UKUHLELWA KAHLE KOMSEBENZI NEZAKHIWO EZINTSHA
Ngo-May 1925, abaFundi BeBhayibheli abangaphezu kuka-500 basezindaweni ezihlukahlukene zaseScandinavia baya emhlanganweni owawuse-Örebro, eSweden. Kulowo mhlangano, uMfoweth’ uRutherford wamemezela ukuthi kuzomiswa iHhovisi LaseNyakatho Yurophu eCopenhagen, eDenmark. Kwakuzoza uWilliam Dey evela eLondon ezoqondisa imisebenzi yabantu bakaNkulunkulu eDenmark, eNorway, eSweden, eFinland nasemazweni aseBaltic. Amanye amazwe ayesazoqhubeka enomqondisi wawo, no-Enok Öman aqhubeke eqondisa eNorway.
UWilliam Dey, ongowokuzalwa eScotland, wayengumzalwane onentshiseko owenza lukhulu ekufakeni umfutho ekushumayeleni. Wayehlelekile, futhi wakhuthaza abafowethu ngobuntu bakhe obuthandekayo nangokuba isibonelo esihle enkonzweni. Phakathi no-September no-October 1925, walihamba lonke elaseNorway futhi wahlela imisebenzi yebandla ngokweziqondiso ezivela endlunkulu, ekhuluma isiNgisi futhi etolikelwa. UMfoweth’ uDey wakhonza njengomqondisi weHhovisi LaseNyakatho Yurophu kwaze kwagqashuka iMpi Yezwe II.
Kwaphela isikhathi esithile abafowethu befuna indawo ekahle yehhovisi laseNorway. Ngo-1925, umzalwane owayethole isamba semali njengefa wathenga isakhiwo esinezitezi ezintathu e-Oslo wasithengisela inhlangano ngengxenye yentengo. Leso sakhiwo sasitholakale ngesikhathi! Sasetshenziswa ngokuyinzuzo kwaze kwaba u-1983.
INHLANGANO YOFAKAZI ABAKHUTHELE
Ngo-1931 kwaba nengqopha-mlando emlandweni wabakhulekeli bakaNkulunkulu emhlabeni wonke. Bamukela igama elisha—oFakazi BakaJehova. UMfoweth’ u-Öman wabhala: “Lapho kumenyezelwa igama elisha, sonke sema ngezinyawo samemeza ngenjabulo enkulu sathi ‘Ja’ [Yebo].” Abazalwane bajabula kakhulu lapho bethola igama elingokomBhalo, futhi babezimisele ukuphila ngokuvumelana nalo.
Kwakusobala ukuthi uJehova uyawubusisa umsebenzi omkhulu wokushumayela eNorway. Isilinganiso senani labamemezeli sakhuphuka sisuka ku-15 ngo-1918 saya ku-328 ngo-1938. Abantu bakaJehova babengebona nje abaFundi BeBhayibheli; babengofakazi abakhuthele.
Isibonelo salokhu esika-Even Gundersrud, owabhapathizwa ngo-1917 futhi wahlanganyela neBandla LaseSkien. Ekuqaleni, umkakhe wazama ukumyekisa ukuya esifundweni ngokufihla izicathulo zakhe. Kodwa lokho akuzange kumyekise—wavele washaya ngoCetshwayo! Ngesinye isikhathi lapho umkakhe emkhiyele egunjini lokulala, waphuma ngefasitela. Akukho umkakhe ayekwenza okwamvimbela ukuba aye esifundweni. Ngesikhathi esifanayo, u-Even waqhubeka emphatha kahle umkakhe. Umkakhe waqala ukuba namahloni ngokubona umyeni wakhe eya edolobheni engafake zicathulo. Efuna ukwazi ukuthi kungani le mihlangano ibaluleke kangaka ku-Even, waqala ukuhamba naye. Ekugcineni, naye waba omunye woFakazi BakaJehova.
Intshiseko yeBandla LaseSkien yayiyisibonelo esihle sendlela amabandla ayeyiyo ngaleso sikhathi. Abafowethu lapho babeshumayela ngokuzikhandla emadolobheni nasemaphandleni. Ngezimpelasonto babevame ukuhamba ngamaloli noma ngezikebhe bayoshumayela futhi bahlele imihlangano. Ngokushesha kwamiswa amaqembu namabandla amasha kuleyo ndawo. Amanye amabandla nawo ayezikhuthalele izinto ezingokomoya.
INTUTHUKO ENHLE EBERGEN
Omunye wabamemezeli ababekhuthele eBergen kwakunguTorkel Ringereide. Ngo-1918 wathola incwajana eyayinyatheliswa abaFundi BeBhayibheli. Wafuna uMfoweth’ uDahl, okwakungukuphela komzalwane owayeseBandleni LaseBergen ngaleso sikhathi. UMfoweth’ uDahl wayeqhubela imihlangano emzini wakhe ekanye nodade abangu-7. Phakathi kwabo kwakunoHelga Hess, okukhulunywe ngaye ekuqaleni, owayesebuyele eBergen. UTorkel wahlanganyela nalelo bandla elincane, ngo-1919 washada noHelga.
UTorkel wayeyindoda enesibindi nezwi elinamandla. Kwadlula iminyaka eminingi kunguye kuphela isikhulumi sasobala ebandleni. Ngokuvamile, wayenikeza izinkulumo njalo ngeSonto, edalula ubuzenzisi babefundisi nezimfundiso zabo ezingamanga. Lezi zinkulumo zazimenyezelwa emaphephandabeni futhi inani labathakazelayo ababeba khona emihlanganweni lalilidlula kude elabaFundi BeBhayibheli bakule ndawo.
UTorkel wakhuthaza izilaleli ukuba zihlanganyele amaqiniso nabanye. Ngo-1932, uNils Raae wayengomunye walezo zilaleli. Kwase kuphele unyaka ethole iqiniso, kodwa emadolonzima ukuba aqale ukushumayela. Ibandla lase lizoqala umkhankaso omkhulukazi ngencwajana ethi Umbuso, Ithemba Lomhlaba, futhi uTorkel wanikeza inkulumo ngesidingo sokuhlanganyela enkonzweni. “Kwakuyinkulumo eshisayo,” kusho uNils, “futhi yangithinta enhliziyweni.” Esiphethweni, uTorkel wacaphuna amazwi kaJehova aku-Isaya 6:8: “Ngizothuma bani, ubani ozosiyela?” Wabe esethi: “Kwangathi sonke singaphendula njengo-Isaya: ‘Nangu mina! Thuma mina’!” Kwakuyiso kanye isikhuthazo uNils nomkakhe ababesidinga. Ngaphandle kokungabaza, baqala ukushumayela.
Abafowethu nodade babevame ukuvakashela emzini kaTorkel noHelga. Njalo nje babexoxa ngeqiniso, futhi lokhu kwabakhuthaza kakhulu abamemezeli abasha nentsha. Abamemezeli baseBergen babevame ukuyoshumayela ezifundeni ezizungezile ngesikebhe nangeloli. Ngemva kwalokho, babehlangana baxoxe ngokuhlangenwe nakho futhi bajabulele ubudlelwane obujabulisayo.
ABASHUMAYELI ABASHISEKAYO BASE-OSLO
Phakathi nawo-1920 nawo-1930, umsebenzi wokushumayela wawanda nase-Oslo. Omunye wabamemezeli kwakungu-Olaf Skau, owabhapathizwa ngo-1923. Ngo-1927 wamiswa njengomqondisi wenkonzo ebandleni, futhi kwaphela amashumi eminyaka engumbonisi okhaliphile nokhathalelayo. Wahlela umsebenzi wokushumayela e-Oslo, wahlela nohambo lwangezimpelasonto lokuya ezindaweni ezizungeze inhloko-dolobha ngebhasi noma ngeloli. Wayehlala kuze kube sebusuku kakhulu edweba amabalazwe ehlela nohambo lokuyoshumayela.
Abamemezeli base-Oslo babeshumayela emadolobheni nasemaqaqasini, besuka eHalden naseFredrikstad eningizimu ye-Oslo beya enyakatho eHamar, besuka empumalanga eKongsvinger beya entshonalanga eDrammen naseHønefoss. Babefika ensimini ngawo-9 ekuseni bashumayele endlini ngendlu usuku lonke. Ngokuvamile babeba nanemihlangano yeningi. Lo msebenzi wasiza ekubekeni isisekelo sokumiswa kwamaqembu namabandla amasha futhi idlanzana labazalwane bakulezo zindawo laliwazisa ngokujulile. Phakathi nomkhankaso wezinsuku ezingu-9 ngo-1935, abamemezeli abangu-76 e-Oslo bahambisa izincwajana ezingu-13 313, isilinganiso sezincwajana ezingaphezu kuka-175 ummemezeli emunye!
Umka-Olaf, u-Esther, wahlaselwa isifo sokuqaqamba kwamalunga, wahamba ngesihlalo sabakhubazekile. Noma kunjalo, abazalwane babekuthanda ukubavakashela. U-Olaf wayevame ukubaphekela izimpiko zenkukhu ezehla esiphundu. Kodwa oFakazi abaningi asebekhulile bakhumbula imibuthano eyakhayo ngokomoya, izingxoxo zeBhayibheli ezimnandi nemidlalo yokubuzana ngezinto eziseBhayibhelini eyayiba khona kwaSkau. “Sasingaphumi kwaSkau singajabule,” kukhumbula uRagnhild Simonsen.
“BABETHAMBEKELE NGOKUFANELE EKUPHILENI OKUPHAKADE”
Ngaphambili abantu babeyithanda kakhulu inkolo futhi benolwazi olwengeziwe ngeBhayibheli kunamanje. Abaningi babezimisele ukuxoxa ngemiBhalo, futhi njengasekhulwini lokuqala, “labo ababethambekele ngokufanele ekuphileni okuphakade baba ngamakholwa.”—IzE. 13:48.
UDurdei Hamre uyisibonelo salokhu. Ngo-1924 wamukela incwajana, wayifunda ngalo lelo langa ubusuku bonke. Kamuva wathi, “Ngalala ngisonta kwaMoya, ngavuka nginguFakazi KaJehova.”
Phakathi nawo-1920, omunye wezelamani zakwaFjelltvedt ezingu-8 waya kolalela inkulumo yeningi eyayiphathelene nesihogo somlilo wathola nencwajana ekhuluma ngaso. Lokho akufunda kwamenza waqiniseka ukuthi imfundiso yesihogo somlilo ingamanga. Ngokushesha ngemva kwalokho, lapho behlangana njengomkhaya epulazini lakubo, ngenjabulo waxoxela abafowabo abangu-7 nodadewabo abathathu izinto azifundile. Baxoxa ngaleyo ncwajana kwaze kwaba sebusuku kakhulu. Ngesikhashana, zonke izelamani nabangane bazo bomshado abaningi baba abaFundi BeBhayibheli. Kamuva, izingane zazo nabazukulu baba abamemezeli abashisekayo, abanye bahamba bayoshumayela kwezinye izindawo.
Isithakazelo sabantu sabonakala ngo-1936 lapho uM. A. Howlett wasendlunkulu yomhlaba wonke eNew York ehambele imihlangano eBergen nase-Oslo. EBergen, bangu-810 ababekhona enkulumweni yeningi, kuhlanganise nabefundisi benkolo nombhishobhi. OFakazi ababekhona babengu-125 kuphela. E-Oslo, lapho kwakunoFakazi abangu-140, inani lababekhona enkulumweni yeningi lalingu-1 014!
“SEBEYEZA MANJE!”
Ngo-1935, oFakazi BakaJehova bajabula kakhulu lapho kucaciswa ukuthi singobani “isixuku esikhulu” okukhulunywa ngaso kusAmbulo 7:9-17. Abantu bakaNkulunkulu bakuthokozela ukwazi ukuthi izikhonzi ezinethemba lokuphila epharadesi emhlabeni zingahlanganyela nensali yabagcotshiwe njengezinceku ezizinikezele zikaJehova. Kusukela ngalowo nyaka, umsebenzi wokushumayela wagxila ekubutheni isixuku esikhulu esasiyosinda “osizini olukhulu”—umsebenzi wokubutha wabakhulekeli beqiniso omkhulu kunayo yonke emlandweni wesintu.
Ngo-1935 amanye amaphayona ayenethemba lokuphila ezulwini ayeshumayela emaphandleni eduze kwaseLillehammer. UJohn Johansen oneminyaka eyishumi walalelisisa njengoba la maphayona exoxela umkhaya wakubo ngenjongo kaNkulunkulu yomhlaba oyipharadesi. Lapho eneminyaka engu-13, waba nesifiso esinamandla sokuxoxela abanye ngethemba elihle analo kangangokuba waboleka isikhwama sikayise wahamba wayoshumayeza omakhelwane—eyedwa! Manje, ngemva kweminyaka engaphezu kuka-70, uJohn nomkakhe, u-Edith, usashumayela ngentshiseko futhi ujabula kakhulu ngokuba nengxenye ekubutheni abaningi abasha kuyo yonke le minyaka.
Ngolunye usuku ngo-1937, u-Olaf Rød nomunye umfowethu babesemzini ka-Olaf bexoxa ngesixuku esikhulu. Babewukuphela koFakazi ababekhona eHaugesund futhi bezibuza ukuthi lo msebenzi omkhulukazi wokubutha bazowenza kanjani. Ngokushesha, kwangqongqoza umuntu emnyango. Kwakungu-Alfred Trengereid. Wayethole INqabayokulinda wayifunda futhi wakujabulela ayekufunda. Akapholisanga maseko, wagibela esikebheni waya eHaugesund eyofuna izincwadi kumuntu ayemazi ukuthi unguFakazi—u-Olaf. U-Olaf wabamba ongezansi. Wacabanga, ‘Sebeyeza manje!’ Nangempela beza, nakuba bengezanga ngale ndlela nangesikhathi esifanayo bonke. U-Alfred waba umKristu, nabanye abaningi kuleyo ndawo bazilalela izindaba ezinhle zoMbuso.
KUBUTHWA ISIXUKU ESIKHULU NGEZIKEBHE
Lapho kuqalwa umsebenzi wokushumayela eNorway, kwakungabazeka ukuthi kuyoke kushunyayelwe kubantu abahlala eziqhingini eziningi ezicezile nasezindaweni eziqhelile ezingasogwini. Yingakho ngo-1928 ihhovisi legatsha lathenga isikebhe esinenjini esasingathwala amaphayona amabili noma amathathu futhi esasiqine ngokwanele ukuba singahamba ngasogwini lwaseNorway olumagebhugebhu. Kodwa ngubani owayezoba ukaputeni waso? Iphayona eselimnkantsh’ ubomvu uKarl Gunberg lathi lizoba ukaputeni. Okuhlangenwe nakho kwasebuthweni lasolwandle nolwazi uKarl ayenalo njengothisha wokushayela imikhumbi kwamsiza kakhulu. Isikebhe sokuqala, esasibizwa ngokuthi i-Elihu, sasuka e-Oslo saya eningizimu, sihamba sima emathekwini ngasogwini. Nokho, ngobunye ubusuku obunesiphepho ebusika ngo-1929, i-Elihu yaphahlazeka budebuduze neStavanger. Bonke lapho bajabula ngokuthi abafowethu ababesesikebheni bafika bephephile ogwini.
Ngo-1931 abafowethu bathola esinye isikebhe, basibiza ngokuthi i-Ester. Naso sashayelwa uKarl esizwa abafowethu ababili. Bahamba ngaso emasimini asentshonalanga nasenyakatho yeNorway iminyaka engu-7. Ngo-1932, uKarl waba nomuzwa wokuthi “usemdala kakhulu ukuba angathatha olunye uhambo.” Ngakho wayeka ukushayela isikebhe wakhonza njengephayona empumalanga yeNorway, sashayelwa uJohannes Kårstad. Ngo-1938 i-Ester yathathelwa indawo isikebhe esasibizwa ngokuthi i-Ruth, esasetshenziswa kwaze kwaba u-1940, lapho umsebenzi wokushumayela ngezikebhe umiswa ngenxa yeMpi Yezwe II. Amaphayona ayehamba ngezikebhe ayeseshumayele ezindaweni eziningi ahambisa nezincwadi eziningi. Ngo-1939 abafowethu ababili ababehamba nge-Ruth, u-Andreas Hope noMagnus Randal, babika ukuthi ngonyaka owodwa vó, babehambise izincwadi, izincwajana nomagazini abangaphezu kuka-16 000, badlalela izilaleli ezingu-2 531 izinkulumo ezingu-1 072 ngegilamafomu!
Ngaphezu kokuhlangenwe nakho okuningi okuhle enkonzweni, abafowethu ababehamba ngezikebhe babona nezindawo ezinhle. U-Andreas Hope uyabika, “Usuku nosuku sasiya enyakatho, sihamba emifuleni ephahlwe amawa futhi sihamba sigudla amawa eceleni kolwandle. Sasingakaze sibubone ubuhle obunjengalobuya.” Ebusika, enyakatho ye-Arctic Circle, bakhexa lapho bebona “ukukhanya kwasenyakatho okumibalabala [i-aurora borealis].” Ehlobo kwakubahlaba umxhwele ukubona “ukukhanya kwelanga phakathi kwamabili.”
UDADE OYIPHAYONA ELISHISEKAYO
Phakathi nawo-1930, inani lamaphayona lakhula ngokushesha. Babengenazo izinto ezanele eziyizidingo zokuphila, ngakho kwakudingeka baciciyele, kodwa bahamba izindawo eziningi beshumayela izindaba ezinhle behambisa nezincwadi zeBhayibheli. Intshiseko yabo enganciphi yasiza ekubekeni isisekelo esiqinile sokwanda okwakuseza.
Ngokwesibonelo, uSolveig Løvås (kamuva owaba uStormyr), wase-Oslo, wayefuna iqiniso futhi evakashela amasonto ahlukahlukene. Ngolunye usuku waya emhlanganweni woFakazi BakaJehova futhi wabona ukuthi uselitholile iqiniso leBhayibheli. Wabhapathizwa ngo-1933, ngemva kweminyaka emibili waya enyakatho yeNorway eyokhonza khona njengephayona. Nakuba ayexhuga ngenxa yovendle, kwaphela iminyaka eyisithupha eseshumayele kwamaningi amadolobha, izigodi okudotshwa kuzo nemiphakathi emincane kusukela eningizimu yeBodø kuya lé eKirkenes. Izinkulungwane zabantu zamukela izincwadi zeBhayibheli. Ngonyaka nje owodwa, uSolveig wathola izikhokhelo ezingaphezu kuka-1 100!
Omunye owabonisa isithakazelo esikhulu esigijimini sikaSolveig kwakungumbazi uDag Jensen waseHennes eVesterålen. Kwase kuyiminyaka ethola izincwadi zethu kwabanye abantu ababethakazela. Lapho uSolveig evakashela uDag, wahlela ukuba athole isikhokhelo sikamagazini, wayesehamba eyoshumayela kwezinye izindawo. UDag waqala ukushumayela eyedwa, eboleka abantu abathakazelayo izincwadi ezimbalwa ayenazo.
Esiqhingini sase-Andøya, uSolveig waya emkhukhwini owawuhlala izikhondlakhondla zamadoda angabadobi. Wawashumayeza ngesibindi, wawadlalela izinkulumo ngegilamafomu, wacela nezikhokhelo zikamagazini. Enye insizwa engumdobi, uFrits Madsen, yayinesithakazelo futhi yabhalisela isikhokhelo sikamagazini. Lapho eseyihlanganisile le nsimu, uSolveig waqhubekela phambili. Kwakuvame ukuba njalo-ke—amaphayona ayeshumayela, athole abanesithakazelo, ahambise izincwadi nezikhokhelo bese edlulela emasimini amasha. Yini eyayingenziwa ukuze kuphindelwe kubo bonke abanesithakazelo?
UKWALUSA IZIMVU ZIKANKULUNKULU
Ngo-January 1939, kwaqala ilungiselelo elisha lababonisi abajikelezayo. INorway yahlukaniswa yaba izifunda ezine. Ababonisi bezifunda (ababebizwa ngokuthi izinceku zezifunda) kwakufanele bahlale isikhathi esijana endaweni ngayinye kunangaphambili. Babegxile ikakhulu ekusizeni amabandla, ekuhleleni amabandla amasha nasekusizeni abathakazelayo ukuba baqale ukushumayela. U-Andreas Kvinge wayabelwe ukuba akhonze njengombonisi wesifunda eSifundeni 4, indawo engamakhilomitha angu-2 600, kusukela eFlorø kuya eKirkenes. Kuleyo nsimu enkulukazi, kwakunamabandla nje amathathu—eTrondheim, eNamsos naseNarvik. Kodwa kwakukhona nabamemezeli namaqembu asezindaweni ezikude kanye nabantu ababethola izikhokhelo zikamagazini okwakufanele bahanjelwe.
U-Andreas wahamba nomkakhe, uSigrid, baya enyakatho ngebhayisikili. Wazama ukusiza abamemezeli nabathakazelayo ukuba bathuthuke ngokomoya. Amaphayona anjengoSolveig Løvås anikeza u-Andreas ukwaziswa okwengeziwe ngabantu abanesithakazelo okwakudingeka basizwe ngokomoya. Ngokwesibonelo, udade Solveig wamtshela ngoDag Jensen waseHennes noFrits Madsen wasesiqhingini sase-Andøya.
Ngo-1940, lapho u-Andreas ehlangana noDag okokuqala, “wayeshefa, ubuso bakhe bugcwele insipho,” kukhumbula u-Andreas. “Angisoze ngazikhohlwa izingqumuza zamehlo akhe ezazizungezwe amagwebu ensipho. Wavele wakhohlwa indaba yokushefa.” U-Andreas wasiza uDag ukuba athuthuke ngokomoya. UDag wayeshiseka, ngokushesha wasiza umkakhe, u-Anna, abangane nezihlobo zakhe eziningi ukuba zifunde iqiniso.
Lapho esesigodini saseBleik e-Andøya, u-Andreas wafuna insizwa engumdobi egama layo linguFrits Madsen. Wasiza uFrits nomkakhe ukuba babe isisekelo sebandla elamiswa kabusha kuleyo ndawo. Kwezinye izindawo eziningi, u-Andreas nomkakhe babevakashela abantu ababeke bahanjelwa uSolveig namanye amaphayona akhuthele. U-Andreas nabanye ababonisi bezifunda bahlela imihlangano futhi bamisa amabandla. Njengoba kwakunjalo nasebandleni lobuKristu ekhulwini lokuqala, abanye eNorway babetshala, abanye banisele; kodwa “uNkulunkulu waqhubeka ekhulisa” ngendlela enkulu.—1 Kor. 3:6.
KUGADLA IMPI YEZWE II ENORWAY
Ngo-April 1940, iNorway yangena empini yezwe yesibili lapho ihlaselwa amabutho aseJalimane. Ngemva nje kwezinsuku ezingu-62 kulwiwa, leli zwe lase libuswa iJalimane lamaNazi. Ngaleso sikhathi, kwakuqhuma izibhamu namabhomu emadolobheni amaningana. Ngemva kwezinsukwana lihlaselwe, amaGestapo abopha umbonisi wegatsha, u-Enok Öman, amfaka ejele isonto elilodwa. Ngemva kokumphenya ngemibuzo kafushane, amdedela. Ngemva kwamasonto athile, aphinde amthatha amphenya ngemibuzo.
Abafowethu babesaba ukuthi amaNazi azobathumela emakamu okuhlushwa, njengoba kwakwenziwa eJalimane. Kodwa awazange, futhi abamemezeli baqhubeka beshumayela ngokuzimisela nangentshiseko. Eqinisweni, abantu babezilalela nakakhulu izindaba ezinhle ngenxa yempi, futhi kwaqala izifundo zeBhayibheli zasekhaya eziningi. Babesayithola INqabayokulinda yesiDanishi ivela eDenmark, kanti i-Consolation (Ny Verden) yaqhubeka inyatheliswa ngesiNorway. Abafowethu babesaba nayo imihlangano emincane nemikhulu, futhi okumangazayo ukuthi isibalo sabamemezeli sakhula.
UKUSHAQWA KWEZINCWADI, UKUBOSHWA NOKUVINJELWA
Kodwa kwakufufusa uthuthuva. Amaphoyisa aseJalimane aphinde aya ehhovisi legatsha, afuna izincwadi futhi ahloma uMfoweth’ u-Öman imibuzo. Ngasekupheleni kuka-1940, ashaqa zonke izincwadi ezithi Enemies ngenxa yezinto ezazibhalwe kuyo ngobuFascist nangobuNazi. Ngasekuqaleni kuka-1941 amaphoyisa abopha futhi aphenya amaphayona amaningana ngemibuzo. Ngezinye izikhathi, amaNazi aseJalimane nawaseNorway ayeya ezifundweni eyohlola ukuthi kwenziwani. Izikhulu zamaNazi zaya ehhovisi zathatha incwajana ethi Fascism or Freedom nethi Government and Peace.
Ngokushesha ngo-July 1941, amaGestapo enza umzamo kazwelonke wokuwuqeda nyá umsebenzi wethu wokushumayela eNorway. Izikhulu ezinhlanu zamaphoyisa aseJalimane zafika eBethel, zashaqa zonke izincwadi ezazisele, zathatha umkhaya waseBethel zawuyisa ekomkhulu lamaphoyisa ukuze uphenywe ngemibuzo. UMfoweth’ u-Öman kwadingeka ayoziveza emaphoyiseni oMbuso nsuku zonke kwaze kwaphela amasonto angu-12.
Ngendlela ehlelwe kahle, amaGestapo asesha imizi yabazalwane abanemithwalo yemfanelo ashaqa nazo zonke izincwadi ezinyatheliswa i-Watch Tower Society. Atshela abafowethu ukuthi bazothunyelwa emakamu okuhlushwa uma bengayeki ukushumayela. AmaGestapo abopha abazalwane abaningana, abanye bavalelwa ejele izinsukwana.
EMoss, amaphoyisa aya emzini kaSigurd Roos ashaqa izincwadi zakhe. USigurd, umkakhe nomunye umzalwane baboshwa. Amaphoyisa abayala ukuba bayeke ukushumayela futhi bagcine ngcí ukusebenzisa igama likaJehova. Bachaza ukuthi abasoze bayeka ukushumayela ngoJehova nangoMbuso wakhe. Ekugcineni, amaphoyisa avuma: “Ngeke sikwazi ukuniphuca ukholo lwenu.” Ngemva kwamahora ambalwa, abadedela labo bamemezeli abaqotho.
AmaNazi aya nasemzini ka-Olaf Skau, e-Oslo. Apequlula umuzi wakhe ashaqa amaBhayibheli, izincwadi namagilamafomu. Ahluthulela nekhabethe lakhe lezincwadi. Awazange awathole amakhadi emibiko abamemezeli ayefihlwe kuhhavini. Kamuva, amaNazi abuya ehamba ngeloli ezothatha izincwadi. Ayeholwa uSS-Untersturmführer Klaus Grossmann, umNazi osatshwayo. Lapho u-Olaf embuza ukuthi bazokwenzani ngezincwadi zeBhayibheli, wathi bazozidabula zibe izicucu.
“Awumesabi yini uJehova?” kubuza uMfoweth’ uSkau.
“Akogawula abheke uJehova lowo!” kuphendula lo mNazi ngokweyisa. Lapho amaNazi ehoxa ngemva kweminyaka emine, uGrossmann wazibulala.
AmaGestapo abopha u-Andreas Kvinge eBodø ngo-July 1941 ambuza ukuthi angabatholaphi oFakazi enyakatho yeNorway. “Angazi ukuthi namhlanje bakuphi nendawo,” kuphendula u-Andreas ngokwethembeka. Cabanga nje ukuthi wazizwa kanjani u-Andreas ngesikhathi amaphoyisa emhloma imibuzo, esakaza phansi izinto ezazisesikhwameni sakhe—amaphepha ayenamagama namakheli amabandla, izinceku zamabandla nabantu abathakazelayo. Kwathi gidi lapho la maphoyisa engawagqizi qakala lawo maphepha. Into amaGestapo ayeyifuna ukuba u-Andreas asayine iphepha elalibhalwe ukuthi akuvumelekile ukushumayela nokukhonza njengomunye woFakazi BakaJehova.
“Siyazi ukuthi umsebenzi wethu manje uvinjelwe,” kuphendula u-Andreas, “ngakho ngingasayina ukuthi ngiyakwazi lokho. Kodwa ngisho noma singavunyelwe ukuba nemihlangano nokuhambisa omagazini nezincwadi, sizoqhubeka sisebenzisa iBhayibheli futhi sixoxa nabantu ngoMbuso kaNkulunkulu.” Lapho sekuwacacela ukuthi u-Andreas ngeke asayine, amdedela.
Ekugcineni, iziphathimandla zamaNazi zashaqa konke okwakusendlini eyayisetshenziswa njengehhovisi legatsha. Bathi akusale uMfowethu noDade Öman, amanye amalungu omkhaya ahanjiswa.
IMIHLANGANO NGESIKHATHI SOKUVINJELWA
Lapho amaNazi ezama ukuqeda oFakazi BakaJehova, abafowethu bamane benza imisebenzi yabo engokwasezulwini ngomshoshaphansi. Abafowethu abambalwa babehambela abazalwane babakhuthaze. USøren Lauridsen, owayekhonze eBethel isikhathi esithile, wayehambela abaseningizimu yeNorway. Kanti enyakatho yeNorway, u-Andreas Kvinge waqhubeka ehambela oFakazi esifundeni ayabelwe kuso—ebamba amatoho ukuze angasolisi. Ngo-1943, uMagnus Randal, owayekhonze esikebheni samaphayona i-Ruth, wathola amakheli kuMfoweth’ u-Öman wathatha uhambo olungamakhilomitha angu-1 200 ngebhayisikili eya enyakatho eBodø eyokhuthaza abazalwane.
Nakuba iziphathimandla zaziyivimbele imihlangano, amaqembu abafowethu nodade aqhubeka ehlangana ekhuthazana. Ngokuvamile, abafowethu babehlanganela emizini yabafowethu bengamaqembu amancane, kodwa ngezinye izikhathi babehlangana bebaningi ngasese. Bajabula kakhulu ngo-1942 lapho kuba khona abangu-280 eSikhumbuzweni esasisezindaweni ezimbili e-Oslo, abangu-90 badla izifanekiselo!
OFakazi bakwazi nokuhlela imihlangano emikhulu ngasese emapulazini akude noma emahlathini. Umhlangano omkhulu kunayo yonke wawungo-1943 ehlathini elisemngceleni waseSki. Kwaba khona abafowethu nodade abangaba ngu-180 basendaweni eseduze ne-Oslo Fjord. Phakathi nelinye ikhefu, ngesikhathi izihambeli zomhlangano zisadla, kwafika amasosha amathathu angamaJalimane egibele amahhashi. Babezokwenzenjani abafowethu nodadewethu?
Umfowethu okhuluma isiJalimane waya kuwo amtshela ukuthi afuna ukuyobhukuda kodwa aselahlekile. Njengokulindelekile, abafowethu bakuthokozela ukuwalayela indlela.
“Kwenziwani lapha?” elinye lamasosha libuza amanye njengoba esehamba.
“Ngicabanga ukuthi abantu abazocula,” kuphendula elinye. Kwathi gidi kubafowethu nodadewethu, bangazihlupha nokuzihlupha ngokuchazela lawo masosha njengoba ehamba engena ehlathini ngamahhashi.
UKUSEBENZA NGOMSHOSHAPHANSI
Abamemezeli abaningi babefihle izincwadi ezindaweni ezingajwayelekile. Babezimbela izincwadi bese bezikhipha lapho sebezidinga. UMfoweth’ uSkau, owayesebenza ngezinto zikagesi, wafihla elinye ibhokisi lezincwadi ngemuva kwe-transformer lapho esebenza khona. UMfoweth’ u-Øiseth wazifihla endlini yezinyosi, kanti uMfoweth’ uKvinge wazifihla emgqonyeni wamazambane.
Ekhathazeke ngokuthi kungase kuvele ukuthi kunedepho eHarstad, uLotte Holm waya khona eyothatha wonke amabhokisi ezincwadi. Wagibela isikebhe, wawapakisha kahle kuso, wahlala phezu kwawo. Lapho isikebhe sesihamba, wethuka lapho ebona ukuthi kanti kunamasosha angamaJalimane amaningi kangaka ayegibele nawo, wazibuza ukuthi kazi uzowehlisa kanjani la mabhokisi kodwa angabanjwa. Nokho, sasingekho isidingo sokuba akhathazeke. Lapho befika echwebeni, amasosha amzwela lona wesifazane owayenemithwalo eminingi kangaka esindayo, ngakho amehlisela amabhokisi esikebheni aze amphathisa wona waze wayofika kwakhe. Lawo masosha anomusa ayengazi ukuthi abasize kanjani oFakazi ngaleso sikhathi.
Naphezu kokuvinjelwa, abafowethu baqhubeka beshushumbisa amakhophi amasha e-Nqabayokulinda eNorway evela eSweden naseDenmark. Babehumusha izihloko ezifundwayo ngesiNorway bese bethumela amakhophi abhalwe ngomshini ezweni lonke. Kwakuneqembu elikhulu labazalwane ababehamba ngezitimela, amabhayisikili noma izikebhe bethumela ukudla okungokomoya okufike ngesikhathi kubakhulekeli beqiniso kulo lonke izwe.
BAQHUBEKA BESHUMAYELA
Phakathi nempi, kwaphakama isimo esaba uvivinyo kubafowethu nodade eNorway. Lapho umsebenzi wethu uvinjelwa ngo-July 1941, abafowethu batshelwa ukuba baqaphe ukuze bangazidonseli amanzi ngomsele. Ngakho abaningi babeshumayela ngokwethukela kubangane nasezihlotsheni noma bavakashele abantu ababeke baxoxa nabo. Nokho, abanye abazalwane babenomuzwa wokuthi le ndlela iyashwampuluza futhi ngeke kwenzeke lutho uma bengashumayela endlini ngendlu besebenzisa iBhayibheli kuphela. Nakuba bengabonanga ngaso linye mayelana nendlela okwakufanele bashumayele ngayo, bonke babenesifiso esinamandla sokukhonza uJehova ngokwethembeka ngaphansi kokuphikiswa.
Yini ababezoyenza? Impi yenza ukuba bangakwazi ukuxhumana nendlunkulu yomhlaba wonke eNew York, ngakho kwabonakala kungenakwenzeka ukuba le nkinga isheshe ixazululwe. Ingabe abafowethu babezovumela ukungaboni kwabo ngaso linye kuntengantengise ukholo lwabo? Noma ingabe babezoqhubeka benza konke okusemandleni abo ekushumayeleni futhi balinde uJehova nenhlangano yakhe ukuba axazulule le nkinga?
Kusobala ukuthi uJehova wayeyibusisa inkonzo yabo yokwethembeka ngoba kwaba nokwanda enhlanganweni ngesikhathi sempi okulingana nokwaseminyakeni emihlanu ngaphambi kwayo. Naphezu kwempi, ukuvinjelwa nezindlela ezingafani zokushumayela, inani labamemezeli lakhula lisuka ku-462 ngo-1940 laya ku-689 ngo-1945—okwanikeza abafowethu isizathu sokujabula!
UKUKHONZA UJEHOVA NGOBUNYE
Lapho impi iphela ngo-1945, uWilliam Dey wafika eNorway ngo-July nango-August ezosiza abafowethu ukuba bahlele kabusha umsebenzi. UMfoweth’ uDey wahlela imihlangano e-Oslo, eSkien naseBergen, wanxusa bonke abafowethu ukuba basebenze ngobunye. Waveza ukuthi uJehova wayebabusisile, kwaba nokwanda futhi babengaqhubeka nomsebenzi beqiniseka ukuthi uzobaqondisa.
Ngo-September 1945, uNathan H. Knorr endlunkulu yomhlaba wonke wakhuluma noMarvin F. Anderson, umzalwane waseMelika oneminyaka engu-28 owayedabuka eDenmark, eke wakhonza eBethel yaseNew York futhi engumbonisi wesifunda e-United States. UMfoweth’ uKnorr wabuza uMfoweth’ u-Anderson ukuthi angathanda yini ukuya eNorway ayosingatha izindaba ezithile futhi athi “ukuzinza khona.” UMfoweth’ u-Anderson wavuma, ngisho noma kwakusazodlula izinyangana ngaphambi kokuba aye khona.
Phakathi naleso sikhathi, uMfoweth’ uKnorr noHenschel bavakashela eNorway ngo-December 1945. Isiqondiso sabo sothando sasiza abafowethu ukuba baqinise isibopho sothando nobunye. Ngesikhathi esifanayo, uMfoweth’ uKnorr wamemezela ukuthi uMfoweth’ uDey wayezongena esikhundleni sikaMfoweth’ u-Öman akhonze njengombonisi wegatsha. Ngemva kwenyanga, uMfoweth’ u-Anderson wafika eNorway, ngo-February wamiswa njengombonisi wegatsha. Njengoba iMpi Yezwe II yayisiphelile, izinceku zikaJehova kulo lonke elaseNorway zashumayela ngentshiseko evuselelwe, ziqiniseka ngokuthi uJehova uzozibusisa.
INHLANGANO KAJEHOVA IQHUBEKELA PHAMBILI
Ngesikhathi uMarvin Anderson efika eNorway, igatsha lalinomsebenzi omningi. Ngo-September 1945, abamemezeli banikezwa incwajana eyodwa yesiNorway nezine zesiSwidi. Ngenyanga elandelayo, ngo-October 1, 1945, INqabayokulinda yanyatheliswa ngesiNorway, ngokuhamba kwesikhathi kwanyatheliswa nezinye izincwadi.
Kunento ehlekisayo ebonisa ukubaluleka kokuba nezincwadi zesiNorway. Enye yezincwajana zesiSwidi yayinesihloko esithi Hopp—igama elisho “ithemba” ngesiSwidi. Kodwa ngesiNorway igama elithi “hopp” lisho ukuthi “gxuma.” Kwadingeka abamemezeli bachaze ukuthi isigijimi sabo sethemba sasingadingi ukuba abasifundayo bagxume!
Lapho uMfoweth’ u-Anderson eba umbonisi wegatsha ngo-1946, ihhovisi legatsha lalicinene kakhulu, ngakho wahlala egunjini elalinabazalwane abahlanu. Abantu bezwe ababehlala kulesi sakhiwo kusukela ngesikhathi samaNazi kwadingeka bayiswe kwenye indawo ukuze kuvuleke indawo yomkhaya waseBethel owawukhula.
UMfoweth’ u-Anderson waqala isabelo sakhe esisha ngomkhulu umdlandla. Ihhovisi legatsha lalungiswa, kwathengwa imishini emisha, kuhlanganise nowokunyathelisa owawuqondiswa ngonyawo. Ngo-1946 kwavulwa isikole esisha nesijabulisayo emabandleni—iSikole Senkonzo Esingokwasezulwini. Manje abazalwane abengeziwe base bengaqeqeshelwa ukulungiselela nokunikeza izinkulumo, futhi ngokushesha abaningi bafanelekela ukuba izikhulumi zasobala.
Imihlangano emikhulu yokuqala ngemva kwempi yaba se-Oslo, eBergen naseTrondheim ngo-September nango-October 1946. Kuyo yomithathu, kwaba khona bangu-3 011 enkulumweni yeningi eyayinesihloko esithi “INkosi Yokuthula,” kwabhapathizwa abangu-52—okungamanani amangalisayo uma ucabanga ukuthi kwakunabamemezeli abangu-766 eNorway ngaleso sikhathi.
Ngo-December 1946, ngemva kokuphazamiseka iminyaka engaphezu kwemihlanu, umsebenzi wokujikeleza waphinde waqalwa. Izinsizwa eziningana, ezinye ezazikhonze eBethel, zabelwa ukuba zibe ababonisi besifunda (ababebizwa ngokuthi izinceku zabazalwane). Omunye wemigomo yabo eyinhloko kwakuwukuqeqesha abamemezeli enkonzweni yendlu ngendlu, futhi bazama ukusebenza nabaningi ngangokunokwenzeka ebandleni ngalinye. UGunnar Marcussen, omunye wababonisi besifunda ababesebancane ngaleso sikhathi, uthi kwamanye amabandla wasebenza nabamemezeli abaphakathi kuka-50 no-70 ngesonto lokuhambela kwakhe. Kancane kancane abamemezeli baba nekhono lokwethula isigijimi soMbuso, bayeka ukusebenzisa amakhadi obufakazi namagilamafomu, izinto ababezisebenzise kusukela ngawo-1930. Baphaphamela nokwenza izimpindelo nokuqhuba izifundo zeBhayibheli.
KUKHUTHAZWA INKONZO YAMAPHAYONA
Ngemva kwempi, abamemezeli bakhuthazwa ukuba babhalisele ukuphayona ukuze basize abantu abaningi ababethanda isigijimi soMbuso. Ngenxa yalokho, abamemezeli abaningana ababeyeke ukuphayona ngenkathi umsebenzi wethu uvinjelwa ngo-1941, baphinde bayingenela inkonzo yesikhathi esigcwele. Yize isimo somnotho sasinzima, abazalwane nodade abangu-47 base beqalile ukuphayona ekupheleni kuka-1946.
Omunye walawo maphayona kwakunguSvanhild Neraal, udade owathatha uhambo lokuya enyakatho eFinnmark ngo-1946. Wayephayone lapho ngo-1941 noSolveig Løvås futhi wayekhona ngesikhathi idolobha laseKirkenes nelaseVardø eqhunyiswa ngamabhomu. USvanhild wayengasikhohliwe isithakazelo sabantu ababexoxe nabo benoSolveig, ngakho waphindela eKirkenes, manje eyayisicekelwe phansi impi. Abantu balapha babecabanga ukuthi uyahlanya ngoba wafika la engenandawo ngisho yokuhlala.
Noma kunjalo, uSvanhild wathembela kuJehova futhi ngobusika bokuqala walala phansi ekhishini endlini encane okwakuhlala kuyo abantu abahlanu. Abantu babedonsa kanzima kakhulu ngemva kwempi futhi wakhuthazelela ukuhlupheka okukhulu. Wayeye alinde izikebhe endaweni eneqhwa nemvula ehambisana nokukhithika, izikebhe ezazingafiki ngesikhathi uma kuwukuthi zizofika.
Wathola okuningi okuhlangenwe nakho lapho eshumayeza amaSami. Uma engakwazi ukuhamba ngebhasi aye lapho ehlala khona, wayehamba ngesikebhe noma ngebhayisikili. AmaSami aphanayo ayevame ukumngenisa ematendeni awo enziwe ngezikhumba zezinyamazane, alalelisise njengoba ewashumayeza esizwa otolika. Ngezikhathi zokudla ayemcela ukuba adle nawo inyama yenyamazane. Abanye abashunyayezwa uSvanhild kamuva balamukela iqiniso.
UKjell Husby, owayekhonza eBethel ngaleso sikhathi, uthi igatsha lalihlale lazi ukuthi ukuphi uSvanhild, lisizwa amakheli ezikhokhelo ayezithumela. Eminyakeni emithathu eseFinnmark, wathola izikhokhelo ze-Nqabayokulinda ezingu-2 000, wahambisa izincwadi ezingu-2 500!
“ABADOBI BABANTU”
Ngemva kwempi, abamemezeli bahlanganyela ngokuzimisela emsebenzini wokushumayela, kwaba nemiphumela emihle. Ngesikhathi isabambene, uDag Jensen, okukhulunywe ngaye ngaphambili, wayeshumayeze abangane nezihlobo edolobhaneni laseHennes eVesterålen. Abaningi babonisa isithakazelo futhi batadisha iBhayibheli ngezincwadi zethu. Lapho impi iphela ngo-1945, uDag wabhapathizwa. Ngonyaka olandelayo, ngenkathi kumiswa ibandla eHennes, kwabhapathizwa abantu abangu-16 emzini wakhe. Ngemva kweminyaka eyisihlanu, leli bandla lase linabamemezeli abangaba ngu-50, ngo-1971 uDag wabika ukuthi abangaphezu kuka-20 kuleli bandla base beqale ukuphayona.
Uthando lukaDag ngoJehova nentshiseko yakhe enkonzweni kwakusuleleka nakwabanye. U-Åshild Rønning, owakhulela kuleli bandla, uyakhumbula: “Lapho uDag engena endlini, wawungeke ungayiboni injabulo nentshiseko yakhe. Kwakumnandi ukuba naye.” Wayehlale ezikhuthaza njalo izingane, njengalapho zinezabelo eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini. “Wayesenza sibe nomuzwa wokuthi senze into ebalulekile,” kusho u-Åshild. Ngenxa yesikhuthazo esinjalo, naye u-Åshild waqala ukuphayona ngo-1962 futhi uye wahlanganyela nabanye ‘izindaba ezinhle ezikhazimulayo zikaNkulunkulu ojabulayo,’ uJehova.—1 Thim. 1:11.
Kungani abaningi kangaka kule ndawo baba oFakazi abashisekayo? Nakuba iningi kulo mphakathi omncane lalingasonti, lalikholelwa kuNkulunkulu naseBhayibhelini. Ngaphezu kwalokho, oFakazi abaningi babaziwa emphakathini ngokuthi bayizinhloko ezinhle zemikhaya ezisekelwa omkazo abaqotho. Enye yalezi zinhloko zemikhaya kwakungu-Arnulf Jensen, ingane yomfowabo kaDag, owabhapathizwa ngo-1947. Phakathi nezinsuku wayeziphilisa ngokudoba, ahambe ngesikebhe ayodoba olwandle izinsuku ezimbalwa. Kepha njalo ngoLwesihlanu kusihlwa wayegoduka, ngisho noma ziningi izinhlanzi ayezibamba futhi nabanye abadobi besesolwandle ukuze benze imali eningi. Wayeqikelela ukuthi ngezimpelasonto usekhaya ukuze aye ezifundweni futhi ashumayele nomkakhe nezingane zakhe ezingu-8—zonke ezabambelela eqinisweni. NgeMigqibelo nangamaSonto, abafowethu babefeza umsebenzi abawuthunyiwe wokuba “abadobi babantu,” ngokuvamile behamba ngesikebhe sika-Arnulf beyodoba ngokomoya ezindaweni eziqhelile.—Marku 1:16-18.
“SENZA UMSEBENZI OBALULEKILE”
Ukuqeqeshwa kwezithunywa zevangeli e-Watchtower Bible School of Gilead eNew York kubazuzise kakhulu abafowethu eNorway. UHans Peter Hemstad noGunnar Marcussen, abaphothula eGileyadi ngo-1948, babengabafundi bokuqala abavela lapha. Babelwa eNorway futhi bakhonza njengababonisi abajikelezayo naseBethel bengakashadi nakamuva lapho sebeshadile. Kusukela ngo-1948 kuya ku-2010, bangu-45 abavela eNorway abaphothule eSikoleni SaseGileyadi. Abangaphezu kwesigamu kubo babelwa eNorway futhi bakhonza njengabashumayeli besikhathi esigcwele noma ababonisi abajikelezayo noma amalungu omkhaya waseBethel.
Phakathi kwezinye izithunywa zevangeli zokuqala eziqeqeshwe eGileyadi ezafika eNorway kwakuno-Andreas Hansen waseDenmark noKalevi Korttila waseFinland. Ngo-1951 bathunyelwa e-East Finnmark, lapho bahamba khona amabanga amade ngezikebhe, amabhayisikili nangokushwiza eqhweni. Babakhela esisekelweni esingokomoya esasibekwe uSvanhild Neraal eminyakeni engaphambili. Ngenxa yalokho, ngemva konyaka owodwa nje, inani labamemezeli ensimini yabo lenyuka lisuka kwabangu-3 liya kwabangu-15!
UKjell Martinsen waseHennes eVesterålen waphothula eGileyadi ngo-1953 wabelwa khona eNorway. Lapho eneminyaka engu-22, wathunyelwa emsebenzini wokujikeleza eVestfold naseTelemark. Nakuba kwakumesabisa ukuba umbonisi ojikelezayo emncane kangako, unezinkumbulo eziningi ezimnandi zendlela ayemukelwa kamnandi ngayo nababebambisana ngobuqotho ngayo naye abazalwane abanokuhlangenwe nakho kunaye. Wakhonza njengombonisi ojikelezayo kwaze kwaba u-2001, lapho yena nomkakhe uJorunn bezinza eSvolvær, eLofoten, ukuze abe iphayona.
UKaren Christensen wafika ngo-1950 evela eDenmark ezophayona e-Egersund naseKongsvinger, lapho kwakungekho mabandla khona. Insimu wayisebenza ngebhayisikili. Ngemva kokuphothula eGileyadi ngo-1954, wathunyelwa eKongsberg. Ngo-1956 washada noMarvin Anderson, wayesekhonza eBethel kusukela ngaleso sikhathi. Useneminyaka engaphezu kwengu-60 esenkonzweni yesikhathi esigcwele. Uthi: “Asibalulekile thina, kodwa senza umsebenzi obalulekile.”
INGQOPHA-MLANDO KWEZOMTHETHO
Ukwanda kwakukuhle kakhulu kusukela ngo-1948 kuya ku-1951. Ngo-1951 isilinganiso sabamemezeli sanda ngamaphesenti angu-29, bafinyelela ku-2 066. Kepha ngaso leso sikhathi izinceku zikaJehova eNorway zabhekana nezinselele kwezomthetho.
Icala eladonsa amehlo kakhulu laliphathelene nokushumayela emgwaqweni nge-Nqabayokulinda. Ngo-November 1949, abamemezeli ababeshumayela emgwaqweni e-Oslo bayiswa esiteshini samaphoyisa base bededelwa ngemva kwamahora ambalwa. Abazange baphele amandla, baphinda sona leso ngempelasonto elandelayo. Kwathi ngo-December 6, 1949, bonke abamemezeli ababeshumayela emgwaqweni e-Oslo baboshwa. Batshelwa ukuthi abavunyelwe ukuhambisa omagazini emgwaqweni ngaphandle kwemvume yamaphoyisa. Amaphoyisa athi umsebenzi wabo ungadala isiminyaminya, isiphithiphithi uphazamise nezimoto. Abamemezeli abangu-7 baphonswa imibuzo base beyiswa enkantolo, lapho kwathiwa bazohlawuliswa imali encane noma bagwetshwe izinsuku ezintathu ejele.
Ngenxa yokuthi lolu daba kwakungelona nje olokuthola imvume yamaphoyisa kuphela kodwa luhilela nelungelo lokukhuluma ngezinkolelo zabo ngokukhululeka, abafowethu badlulisela icala eNkantolo Ephakeme YaseNorway. Ephephandabeni i-Dagbladet, ummeleli woFakazi BakaJehova uJohn Roos wathi ukushumayela kwethu emgwaqweni akukaze kuphazamise. Wathi: “Uma abantu beshumayela ngenkolo emgwaqweni kodwa bengaphazamisi kuthula, bengavimbi zimoto futhi bengadali siminyaminya, kuyadingeka yini bacele imvume emaphoyiseni? Noma ingabe inkululeko engokwenkolo inika noma yisiphi isakhamuzi ilungelo lokushumayela kanjalo?” Lapho besalinde isinqumo seNkantolo Ephakeme, oFakazi baziqhubekela nokushumayela emgwaqweni nakuba babelokhu beboshwa futhi nenhlawulo yenyuka. Abanye abamemezeli baze baboshwa izikhathi eziyishumi.
Ngo-June 17, 1950, iNkantolo Ephakeme yasishintsha isinqumo senkantolo encane, labathetha icala abamemezeli! Lesi sinqumo nezinye zaqinisekisa ukuthi eNorway oFakazi BakaJehova banelungelo elingokomthetho lokuhambisa izincwadi zeBhayibheli emigwaqweni nasendlini ngendlu, ngaphandle kokucela imvume yamaphoyisa.
IMIHLANGANO EYOHLALE IKHUNJULWA
Ngawo-1950 nawo-1960 imihlangano eminingi emikhulu yaqinisa inhlangano futhi yenza oFakazi basondelana. UNathan H. Knorr noMilton G. Henschel, basendlunkulu, babephakathi kwezikhulumi emhlanganweni omkhulu owawuseLillehammer ngo-1951. Izihambeli zatheleka zivela nxazonke zezwe. Yeka indlela ezakujabulela ngayo ukubona kubhapathizwa abangu-89, kukhona nabangu-2 391 enkulumweni yeningi! Eminyakeni eyalandela, izihambeli zaseNorway zakuthakaselela kakhulu ukuya emihlanganweni yezizwe eLondon naseNew York. Ngo-1955, oFakazi baseNorway abangaba ngu-2 000 baya emhlanganweni wezizwe eStockholm, eSweden.
Ngo-1965 umhlangano wezizwe othi “Izwi Leqiniso” owawuse-Oslo e-Ullevål Stadium waba undabamlonyeni. Kepha kwakunenkinga. Ngayizolo iqembu lesizwe lebhola lezinyawo eNorway lalizodlala nelinye kule nkundla. OFakazi balinda ngaphandle kwamasango baze baphuma bonke abalandeli bebhola, base betheleka bezolungiselela umhlangano. Basebenza ubusuku bonke—behlanza, becosha udoti bakha namatende okwakuzophekelwa kuwo. Bakha isiteji nendawo yomculo base behlobisa ngokwakha inqolobane nezindlwana ezintathu—bazifulela ngotshani. Iphephandaba i-Dagbladet lathi: “Kwenzeke isimangaliso ebusuku. I-Ullevål Stadium ishintshwe yaba indawo enhle yasemaphandleni . . . OFakazi BakaJehova benza izimanga.”
Abafowethu nodade baseNorway abanomoya wokungenisa izihambi bamukela izihambeli zakwamanye amazwe ezingaphezu kuka-7 000, iningi lazo livela eDenmark. Kwakunendawo yamatende eyakhiwa ngaphandle nje kwedolobha. Yayikahle yona lapho isimo sezulu sisihle. Noma kunjalo, abafowethu abangu-6 000 ababehlala lapho ngeke bayikhohlwe imvula eyana ngezinsuku zokuqala zomhlangano, eyenza indawo yaba udaka. Bonke babonga lapho izulu liphenya ezinsukwini ezimbili zokugcina zomhlangano. Naphezu kwesimo sezulu esibi, izihambeli zomhlangano zendawo nezazivakashile zajabulela imfudumalo yobudlelwano bobuKristu obumnandi, futhi zakhuthazwa isimiso esingokomoya esifike ngesikhathi. Yeka intokozo ezaba nayo ngokubhapathizwa kwabangu-199 nangokuba nabangu-12 332 enkulumweni yeningi kaMfoweth’ uKnorr, okwakuyinto eyayiqala ngqá ukwenzeka!
“UKUSHUMAYELA KUYASIPHILISA”
Ngaphandle kokushumayela endlini ngendlu nasemigwaqweni, abafowethu nodade abaningi bathole imiphumela emihle ngokushumayela ngokwethukela. Ngo-1936, uKonrad Flatøy, owayebasa umlilo ophehla amandla emkhunjini, wanikeza isikhulu somkhumbi incwajana. Lesi sikhulu, uPaul Bruun, sayamukela sayifunda ngabo lobo busuku.
“Ngavele ngabona ukuthi yiqiniso leli,” kusho uPaul, “futhi le ncwajana yangibonisa umehluko phakathi kwenkolo yeqiniso neyamanga.” Njengoba eqhubeka efunda, waqala ukushumayeza abanye, futhi ngesikhathi impi ibambene, wafundela itilosi elalinesithakazelo. Njengoba nolwazi lwetilosi lwanda, lezwa kungavumi ukuba lisebenze ngezinhlokohlela zezibhamu zasemkhunjini. Lapho izikhulu zikuzwa lokhu, zathi uPaul akayeke ukufundela itilosi. Wenqaba, ngakho bobabili behliswa emkhunjini eLondon. Ngemva kwenyanga, lowo mkhumbi wacwila ngemva kokuqhunyiswa ngebhomu. Leli tilosi lagcina selingumzalwane obhapathiziwe, uPaul yena wamenyelwa esikoleni sezithunywa zevangeli eGileyadi. Ngemva kokuphothula ngo-1954, wabelwa ePhilippines njengesithunywa sevangeli. Kamuva, wabuyela eNorway waba umbonisi wesifunda, ehamba nomkakhe uGrethe.
Ngo-1948, uHolger Abrahamsen wayethutha izisebenzi ezaziya futhi zibuya emsebenzini ethekwini laseNarvik. Isiqubulo sakhe sasithi: “Ukushumayela kuyasiphilisa; ngaphandle kwako, sifile.” Ngakho wayengadlulwa ithuba lokushumayeza abagibeli. Omunye walabo bagibeli kwakungu-Olvar Djupvik, owaba nesithakazelo wayesetshela ingoduso yakhe, u-Anne Lise, ngethemba lePharadesi. Bobabili babhapathizwa, kamuva bakhulisa abafana abane baba izinceku zikaJehova. Omunye wabo, uHermann, wakhonza njengesithunywa sevangeli eBolivia nomkakhe uLaila. UHermann noLaila babuyela eNorway futhi manje bayajikeleza.
UKUNAKEKELA IZIMVU ZIKAJEHOVA
Ngawo-1960 nangawo-1970, kwenziwa izinguquko ezibalulekile mayelana nokuhleleka kwezinto ehhovisi legatsha nasemabandleni. URoar Hagen waba umbonisi wegatsha ngemva kukaMarvin Anderson. Kwathi ngo-1969 uThor Samuelsen wabelwa ukuba aqondise igatsha. Ngo-1976, kwamiswa iKomiti Yegatsha ukuba yengamele igatsha, uThor Samuelsen, uKåre Fjelltveit noNiels Petersen baba amalungu okuqala ayo.
Ngo-October 1972, kwamiswa izindikimba zabadala ukuba zibe abelusi abangokomoya emabandleni. Amadoda avuthiwe emabandleni asizwa ukuba afanelekele ukwalusa abaningi ababamukela iqiniso leBhayibheli. Kusukela ngaleso sikhathi, uJehova uye wababusisa ngokucebile abantu bakhe njengoba bekhonza ngobuqotho ngaphansi kokwengamela kwakhe kothando.
AMASAMI AMUKELA IZINDABA EZINHLE
Kwase kuphele amashumi eminyaka amaphayona amaningi nabanye beshumayeze amaSami, kuhlanganise nabelusi bezinyamazane ezintabeni zaseFinnmarksvidda. Nakuba iningi lamaSami lisikhuluma isiNorway, ngezinye izikhathi kuye kwadingeka ukuba abamemezeli basebenzise otolika. Omunye woFakazi bokuqala abashumayela kakhulu ngesiSami kwakungu-Aksel Falsnes, owayengumSami futhi ekhuluma isiSami, isiNorway nesiFinishi. Udadewabo, owayehlala eningizimu yeNorway, wayethole iqiniso futhi wamthumelela enye yezincwadi zethu, wayifunda ngomkhulu umdlandla. Kwakungekho Fakazi engxenyeni yeTroms u-Aksel ayehlala kuyo, kodwa ngo-1968 amanye amaphayona nombonisi wesifunda bamvakashela futhi bamsiza ukuba athuthuke ngokomoya.
U-Aksel wayengummemezeli oshisekayo. Wayaye afake ibhayisikili lakhe esikebheni ekuseni ngovivi, awele ngaso umfula, abese ehambela abantu ngebhayisikili lakhe. Njengoba ayesazi isiSami, u-Aksel wakwazi ukufakaza kumaSami ahlala emajukujukwini aseFinnmark.
U-Aksel wayekwazi ukumelana nobunzima futhi wayehamba amabanga amade ngezinto zokushibilika eqhweni ukuze afike emizini ekude. Ngokwesibonelo, ngelinye ilanga sekuhlwile kusebusika wahamba eshibilika eqhweni esuka eKarasjok wanqamula intaba waze wafika eKautokeino, wadlula waya e-Alta. Wayephethe ujosaka omncane onezinto ezimbalwa nezincwadi. Ngemva kwamasonto ambalwa, wafika emzini wabangane e-Alta, esehambe amakhilomitha angaba ngu-400 ngezinto zokushibilika eqhweni!
Ekuqaleni kwawo-1970, amaSami amaningana angena eqinisweni. EHammerfest, owesimame ongumSami nomyeni wakhe baqala ukufunda noFakazi BakaJehova. Ngokushesha ezinye zezihlobo zenkosikazi e-Alta zaba nesithakazelo. U-Arne noMarie Ann Milde, amaphayona akhethekile e-Alta, baqala isifundo seBhayibheli nalaba bantu abaqotho futhi kwakuvame ukuba kube khona abangu-10 kuya kwabangu-12. Cishe abayisigamu bagcina sebengoFakazi.
“Kuyinselele ukushumayela ensimini yamaSami,” kusho uHartvig Mienna, iphayona elingumSami e-Alta, osebenzisa imoto yakhe yokuhamba eqhweni ukuze afike kubantu abakude. “Izindawo ziqhelelene futhi abantu abaningi basabanjwe amasiko. Kepha banomusa futhi siye sakwazi ukuqala izifundo zeBhayibheli nabaningana.”
LWALUBHEKWE NGABOMVU!
Kwakunokwanda kwabamemezeli maphakathi nawo-1960 kuze kube maphakathi nawo-1970. Kodwa okwakulindelwe ngo-1975 kwaluvivinya ukholo lwabanye abafowethu. Lapho usizi olukhulu lungafiki ngo-1975, abambalwa bayishiya inhlangano; kwathi phakathi kuka-1976 no-1980, inani labamemezeli lathi ukuncipha. Abanye ababedumele bayinciphisa okwesikhashana inkonzo yabo yobuKristu. Iningi lalizizwa kanjani-ke kodwa ngokuqhubeka enkonzweni yalo kuJehova?
“Sasilindele ukuba kwenzeke okuthile ngo-1975,” kuvuma uHans Jakob Lilletvedt, “kodwa ukholo lwami lwalungancikile kulokho.”
“Asizinikezelanga kuJehova sinosuku oluthile engqondweni, ngakho savele saqhubeka nesasikwenza,” kusho oFakazi abathembekile nabangomakadebona, uJohn no-Edith Johansen.
“Ngizokhonza uJehova kuze kube phakade,” kucabanga uLea Sørensen. “Ukuthi ukuphela kufika ngo-1975 noma kamuva, akunandaba.”
IHHOVISI LEGATSHA ELISHA
Umsebenzi wanda egatsheni ngasekupheleni kwawo-1970. Ngakho kwadingeka izikhonzi zaseBethel ezengeziwe nendawo eyengeziwe yokuhlala neyokusebenzela. Ngenxa yalokho, ngo-1979 iNdikimba Ebusayo yagunyaza amapulani okwakha ihhovisi legatsha elisha ngaphandle kwase-Oslo. Ngasekupheleni kuka-1980, abafowethu bathola isiza esihle eYtre Enebakk, eqhele ngamakhilomitha angu-30 enkabeni ye-Oslo.
Ukuze kungabizi kakhulu ukwakha, kwacelwa izisebenzi zokuzithandela ukuba zakhe isakhiwo. Kwaba inselele ukuthola imishini yokwakha, ukudla nendawo yokuhlala yabantu abacela ekhulwini nokuhlela ukuba wonk’ umsebenzi uhambe ngokushelela.
Abafowethu nodade bendawo nabakwamanye amazwe abevile ku-2 000, ‘bazinikela ngokuzithandela.’ (IHu. 110:3) Abaningi balekelela ngokunikela ngamazambane, imifino, izithelo, izinkwa, amaqanda, izinhlanzi, izingubo namathuluzi. Abanye bagawula imithi ehlathini, abanye banquma izingodo zaba amapulangwe khona la esakhiweni. Abanye bafaka isandla ngokutshelekisa ngezimali nangokunikela ngazo.
Ezinye izisebenzi ezinamakhono zazikwazi ukusiza isikhashana, okwasho ukuthi umsebenzi omningi uzokwenziwa izisebenzi zokuzithandela ezingenamakhono. UJohn Johnson, owayephethe ezikagesi, uchaza indlela yena nabanye ababengamele umsebenzi wokwakha ababengazethembi ngayo. Uthi: “Izisebenzi zokuzithandela zafunda umsebenzi futhi zawenza kahle kakhulu. Kwakumangaza ukubona indlela izinkinga ezazixazululeka ngayo nomphumela ekugcineni. Kwakusobala ukuthi uJehova uNkulunkulu uyawuqondisa umsebenzi wokwakha.”
Ngenxa yenkuthalo yezisebenzi, isandla esivulekile sabafowethu nodade nesibusiso sikaJehova, umsebenzi wahamba kahle. Ukwakha kwaqala ekuqaleni kuka-1981, kwathi ngo-May 19, 1984, ihhovisi elisha legatsha lanikezelwa ngesikhathi uMilton Henschel weNdikimba Ebusayo ezobona izakhiwo ezintsha. Umsebenzi wokwakha uwodwa nje wawubajabulisa kakhulu abafowethu baseNorway futhi wabenza basondelana. Eminyakeni eyalandela umsebenzi wokwakha, izisebenzi zokuzithandela eziningi zabhalisela ukuba amaphayona asizayo noma avamile.
KUSHESHISWA UKWAKHIWA KWAMAHHOLO OMBUSO
Kwakungo-1928 ngesikhathi izelamani ezine zakwaFjelltvedt zakha ihholo lokuqala labakhulekeli bakaJehova eBergen. Ekuqaleni kwawo-1980, amabandla amaningana ayesezakhele noma athenga amaHholo OMbuso awo. Kodwa amabandla amaningi ayesaqhubela imihlangano emahholo angafaneleki ayewaqasha. Ngenkathi kwakhiwa igatsha, abanye abafowethu baxoxa ngokuthi bangakusheshisa kanjani ukwakhiwa kwamaHholo OMbuso. Babazi ukuthi e-United States naseCanada kwakunamaqembu abazalwane ayakha amaHholo OMbuso ngokushesha, futhi bazibuza, ‘Uma abafowethu balé bekwenza ngosizo lukaJehova, thina singahlulwa yini?’
Abanye abafowethu badweba amapulani bahlela neminye imininingwane, kwathi ngemva kokwakhiwa kwehholo eliyisampula e-Askim ngo-1983, bakha amaHholo OMbuso amathathu ngendlela esheshayo ngo-1984—eRørvik, eSteinkjer nase-Alta. Bawakha kanjani? Ngokwakha isisekelo kusengaphambili bese behlela kahle izisebenzi zokuzithandela—ezinamakhono nezingenawo—ngendlela yokuba izigaba ezihlukahlukene zomsebenzi ziqedwe ngezinsukwana nje.
Eminyakeni eyishumi eyalandela kwakhiwa amaHholo OMbuso angaba ngu-80 eNorway. Kamuva, abafowethu baseNorway baya e-Iceland beyosiza ngokwakha amaHholo OMbuso amathathu. Nakuba iningi lamabandla eNorway selinawo amaHholo OMbuso, kusekuningi okudinga ukwenziwa. Amahholo amadala kudingeka avuselelwe, amanye kudingeka anwetshwe kanti kusadingeka kwakhiwe namasha.
“UBUZALWANE BUQINISIWE”
Ukwakhiwa kwamaHholo OMbuso kwenze kwaba nezindawo zokukhulekela eziwusizo nezinhle futhi kube ubufakazi emiphakathini. Ngokwesibonelo, abafowethu abathathu baxoxa nezikhulu zedolobha eFredrikstad mayelana nokwakhiwa kweHholo LoMbuso ngo-1987. Zahleka lapho zizwa abafowethu bethi bazoliqeda ngezinsuku ezintathu. Kwangalo usuku lokuqala, uLwesihlanu, kwacaca kulezi zikhulu ukuthi oFakazi bazoliqeda ihholo njengoba behlelile. NgoMgqibelo, esinye sezikhulu safika neqembu laso lomculo wezinsimbi esakhiweni sathi alidlalele izisebenzi umculo—okuyindlela elalixolisa ngayo ngokungabakholwa ekuqaleni. Omunye umama owayebukele kwakhiwa iHholo LoMbuso Lase-Arendal ngo-1990, wathi: “Angikholwa ukuthi nikwazi ukwakha ngokushesha kangaka, kodwa okumangalisa nakakhulu ukubona abantu abamomothekayo nabeneme.”
Namuhla kunamaKomiti Okwakha Ezifunda amabili aqondisa ukwakhiwa kwamaHholo OMbuso kulo lonke elaseNorway. Abafowethu nodade abanomoya ovumayo baye bazenza batholakalela imisebenzi yokwakha emikhulu nenzima nakakhulu. Ngokwesibonelo, ngo-1991 nango-1992, abafowethu kwadingeka banwebe ihhovisi legatsha. Ngo-1994 bakha iHholo LoMhlangano elihle e-Oslo. Ngo-2003, kwakhiwa iHholo LoMbuso elikhulu eBergen, elingasetshenziselwa imihlangano yebandla nemikhulu.
Ukubambisana nokuba nenjongo eyodwa okuba khona ngenxa yale misebenzi kube nemiphumela emihle nasezincekwini zikaJehova. “Kwenze amabandla asondelana ngokwengeziwe,” kusho umfowethu owaqala ngo-1983 ukusiza ekwakheni amaHholo OMbuso. “Ubuzalwane buqinisiwe—kwakhiwe izibopho eziqinile zobungane kanti nekhono lethu lokusebenza ndawonye lithuthukile.”
UMSEBENZI OWANDAYO EBETHEL
Ngemva kokuphothulwa kwehhovisi legatsha, zase zinganezelwa izisebenzi futhi kwenziwe okwengeziwe ukuze kusekelwe umsebenzi wokushumayela eNorway. Ngokwesibonelo, ziningi izincwadi eziye zahunyushelwa olimini lwaseNorway. Ingqopha-mlando yaba mhla kukhishwa INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo Engcwele ngesiNorway ngo-1996. (INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo YamaKristu YesiGreki yayikhululwe ngo-1991.) Manje cishe zonke izincwadi ezikhishwa oFakazi BakaJehova ziyatholakala ngesiNorway, kuhlanganise ne-Insight on the Scriptures.
Izakhiwo ezintsha zazinanendawo yokuqopha eyayidingeka kakhulu. Kusukela ngawo-1960, amadrama omhlangano ayeqoshelwa emaHholo OMbuso nasemagunjini aphezulu nangaphansi esakhiweni segatsha esidala. Izimo zazenza kube nzima ukuqopha, futhi kwakuye kudingeke kumiswe ngenxa yomsindo wezimoto. Kodwa indawo yokuqopha yamanje yenze kwashesha kakhulu ukwenza amadrama, ama-video nomculo wezingoma zoMbuso. Kuqoshwa nane-Nqabayokulinda ne-Phaphama! ngesiNorway futhi lonke iBhayibheli nezinye izincwadi sezitholakala nge-CD nakule ngosi ye-Internet, www.jw.org.
BAKHONZA LAPHO BABEDINGEKA KHONA KAKHULU
Nakuba abamemezeli beshumayela endaweni abahlala kuyo, abanye abaningi kanye namaphayona baye baya emasimini angabelwe kude lé enyakatho eLongyearbyen eziqhingini zaseSvalbard. Abanye baye bathuthela ezindaweni eziningi ezikude beyomemezela izindaba ezinhle futhi basize ekumiseni amabandla uma kungenzeka.
Lapho uFinn noTordis Jenssen beshada ngo-1950, babazi ukuthi kunesidingo sabamemezeli eHammerfest, elinye lamadolobha aphezulu kude lé. UFinn noTordis babengenamali etheni; kodwa benawo amandla nokuzimisela namabhayisikili. Ngakho bahamba ngamabhayisikili besuka eBodø baya eHammerfest, ibanga elingaba amakhilomitha angu-900. Sebehambe ibanga cishe eliyingxenye, abazalwane babasiza ngezimali ukuze baqedele uhambo lwabo ngesikebhe. UFinn noTordis bafike baba matasa eHammerfest beshumayela futhi bememela abantu ezinkulumweni zeningi ezazinikezwa uFinn njalo ngezimpelasonto. UJehova wayibusisa imizamo yabo yenkuthalo, futhi ngokushesha bakwazi ukwakha ibandla elincane.
Esinye sezikhulumi emhlanganweni wesigodi owawuseTrondheim ngo-1957 sakhuthaza abamemezeli ukuba bacabangele ukuthuthela lapho kwakunesidingo sabashumayeli khona. UViggo noKaren Markussen, ababehlala eStavanger, babelalelisisile, uViggo wagquzula uKaren ngendololwane. UKaren wavele wafunda kwezakhe. Wacabanga, ‘Akusensuku zingaki sihambe la eStavanger.’ Kodwa amadodakazi abo amathathu, wonke ayengabamemezeli abaphakathi kweminyaka engu-11 no-14, ayezothini ngalokhu?
Lapho abakwaMarkussen bexoxa ngale nkulumo ngemva komhlangano, wonke umkhaya wavumelana ngokuthi ungazenza utholakalele ukukhonza lapho kunendingeko khona. Ihhovisi legatsha labacela ukuba bathuthele eBrumunddal, lapho kwakungekho bandla khona. Ngakho, ngo-1958 uViggo noKaren badayisa umuzi wabo wesimanje, uViggo wadayisa isitolo sakhe sefenisha, base bethuthela emzini wezingodo eduze kwaseBrumunddal. UJehova wawubusisa umoya wabo wokuzidela, futhi eminyakeni eyalandela, abaningi babantu ababafundela bangena eqinisweni. Ngesikhathi amantombazane esehamba ekhaya, noViggo noKaren sebeyojikeleza, kwase kunebandla elincane elishisekayo labamemezeli abangu-40 eBrumunddal.
Izinsizwa nazo zikwazile ukuthuthukisa izithakazelo zoMbuso ngokuthuthela ezindaweni ezazingenamabandla. Ngo-1992 iqembu labazalwane abangamaphayona, iningi labo lineminyaka engu-19, lathuthela eMåløy, eNord Fjord, lilandelela isithakazelo. Bangena shí emsebenzini wokushumayela, ngokushesha baqala ukuqhuba imihlangano endlini ababeyiqashile. Umama owayenesithakazelo ababemfundela wayenomusa kakhulu, waba njengomama kulezi zinsizwa. Kamuva umdala nomkakhe bathuthela khona la, kwase kumiswa ibandla. Lezi zinsizwa zazisijabulela ngendlela emangalisayo isabelo sazo, ziqhuba izifundo zeBhayibheli eziningi, zenza izabelo eziningi ebandleni, ziqinisa naleli bandla elisha. “Kwakungokuhlangenwe nakho okumangalisayo nethuba elingandile lokukhula ngokomoya,” kusho enye yalezi zinsizwa. Ngenxa yokuzikhandla kwazo nabanye, kumanje nje kunabamemezeli abangaba ngu-30 eBandleni LaseNord Fjord, baqhuba izifundo eziphakathi kuka-50 no-60.
UKUFAKAZA NGEZINYE IZILIMI
Eminyakeni engu-20 noma ngaphezulu edlule, liye landa inani lezifiki eNorway. Amabandla aye abambisana enza umzamo wokuzishumayeza ngolimi lwazo noma ulimi eziluqondayo. Ibandla lokuqala lolimi lwakwelinye izwe elamiswa ngo-1986 lalibizwa ngokuthi iBandla LesiLatini Lase-Oslo ngoba lalinabantu abakhuluma iSpanishi nesiPutukezi, iningi livela eLatin America. Cishe ngesikhathi esifanayo, abanye abamemezeli baqala ukushumayeza abantu abakhuluma isiNgisi e-Oslo. Bathola abaningi abanesithakazelo, ababevela ikakhulu e-Afrika nase-Asia. Abanye babebathola emsebenzini kamagazini; abanye babathole ezikhungweni zababaleki. Babesebenzisa namabhuku ocingo ukuze bathole abantu abanezibongo zakwamanye amazwe okungenzeka bakhuluma isiNgisi. Kwaqalwa izifundo zeBhayibheli eziningi, kwathi ngo-1990 kwamiswa iBandla LesiNgisi Lase-Oslo.
Kusukela ngaleso sikhathi, abamemezeli abaningi baseNorway baye bazama ukufunda ezinye izilimi. Bekanye nabamemezeli abadabuka kwamanye amazwe, baye basiza ekumiseni amaqembu noma amabandla abantu abakhuluma isi-Arabhu, isiNgisi, isiPersia, isiPholishi, isiPunjabi, isiRashiya, isiSerbo-Croatia, isiShayina, iSpanishi, isiTagalog, isiTamil nesiTigrinya.
Insimu yolimi lwezandla nayo iyanda. Kunezinkulungwane ezimbalwa zezithulu ezisebenzisa uLimi Lwezandla LwaseNorway, futhi inhlangano isebenza kanzima ukuze izisize. Ngawo-1970, abafowethu baqala ukuyihumushela olimini lwezandla imihlangano yebandla, emincane nemikhulu futhi kusukela ngaleso sikhathi, abamemezeli abaningi baye balufunda. Kwamanye amabandla kuye kwamiswa amaqembu olimi lwezandla, kwathi ngo-2008 kwamiswa ibandla lokuqala lolimi lwezandla e-Oslo. Ezweni lonke kunabamemezeli abayizithulu abangaba ngu-25 abazuzayo ezincwadini ezihunyushelwe oLimini Lwezandla LwaseNorway nezitholakala kuyi-DVD.
AMAKOMITI OKUBONISANA NEZIBHEDLELA
Ngenxa yokuthi oFakazi BakaJehova abalamukeli igazi, ngezinye izikhathi kube nzima ngeziguli ezingoFakazi ukuba zithole ukwelashwa ezikudingayo nezizimisele ukukwamukela. Ukuze kusizwe oFakazi abakulezo zimo futhi banikezwe ukwaziswa ngezinye izindlela abangelashwa ngazo, inhlangano yamisa amaKomiti Okubonisana Nezibhedlela [Hospital Liaison Committees (HLC)] eNorway ngo-1990. Kusukela ngo-1990 kuya ku-2010, abafowethu abakha i-HLC yase-Oslo baba nemihlangano engaba ngu-70 nezisebenzi zokwelapha ezibhedlela futhi zasiza iziguli ezingaphezu kuka-500. Imizamo yabo yenkuthalo ibasizile bakwazi ukuxhumana nodokotela abaningi abazimisele ukubambisana nabo futhi ukwaziswa okuphathelene nezindlela zokwelapha ama-HLC akunikezile kwenze odokotela abengeziwe basebenzisa ezinye izindlela kunokumpompela igazi. Iziguli nemikhaya yazo zikwazisa kakhulu nokusekela kwamaQembu Avakashela Iziguli.
Okwenzeka kuHelen, intokazi eyiphayona, kubonisa ukubaluleka kwelungiselelo le-HLC. Ngo-2007 wagula kakhulu wayeseyiswa esibhedlela. Umthamo wegazi lakhe wawehla ngokushesha, izisebenzi zokwelapha zamphoqa ukuba avume ukumpontshelwa igazi, zithi igazi yilona kuphela elingamsindisa. Ngosizo lwelungu le-HLC, wayiswa esibhedlela esikhudlwana nesinemishini engcono. Lapho uHelen nonina befika, umfowethu oku-HLC wayesebalindile, wabakhuthaza, wabasiza nokuba bathole ukunakekelwa ababekudinga. Isibhedlela savuma ukunikeza uHelen izinto ezizokhuthaza ukukhiqizwa kwamangqamuzana egazi abomvu. Kungakapheli nsuku zingaki, umthamo wegazi lakhe wawusunyukile, isimo singasebucayi. UHelen useluleme futhi ukwazisa kakhulu ukuthi isibhedlela sahlonipha izinkolelo zakhe. Yena nonina bathi, “Ukubona indlela inhlangano kaJehova esebenza ngayo nendlela abafowethu nodade abasisekela ngayo futhi besithandazela, kuyinto esiyoyazisa njalo nesingasoze sayilibala.”
UKUPHEBEZA UKUHLASELA KWABEZINDABA
Phakathi kuka-1989 no-1992, oFakazi BakaJehova eNorway babhecwa ngamanga futhi kwakhulunywa kabi ngabo emaphephandabeni, komagazini, emsakazweni nakuyi-TV. Isizathu esiyinhloko salokhu kuphikiswa kwakuwukunamathela kwethu kulokho iBhayibheli elikushoyo ngokuphathwa kwabasusiwe. (1 Kor. 5:9-13; 2 Joh. 10) Ngenxa yalokhu, oFakazi baphathwa kabi ensimini, emsebenzini, ezikoleni nangamalungu emikhaya. Yize abalandeli bakaJesu bengamangali lapho behlanjalazwa, kwakungelula ukubhekana nakho.—Math. 5:11, 12.
“Kwakuyisikhathi esinzima lesi, kodwa saveza nokuhle,” kuchaza omunye umfowethu. “Kwangenza ngaphinde ngahlola izisekelo ezingokomBhalo zezinkolelo zami. Kwakuqinisa ukholo ukucabanga ngokudla okumnandi okungokomoya okuvela encekwini ethembekile neqondayo. Ngenxa yalokho, ngicabanga ukuthi siqinisiwe ukuze sikwazi ukubhekana novivinyo lokholo.”
“Kwakuqinisa idolo ukubona isibindi sabafowethu nodade ngaleso sikhathi,” kukhumbula umbonisi wesifunda. “Saqaphela ukuthi indlela esingaphebeza ngayo lokhu ukuzinikela nakakhulu enkonzweni yasensimini, kuhlanganise nokufakaza emgwaqweni. Kuyajabulisa ukuthi oFakazi abaningi benza kanjalo.”
Ngokungafani nokucabanga okuphambene nemiBhalo okukhuthazwa abezindaba, awuzwe ukuthi umuntu owayesusiwe wayezizwa kanjani ngesiqondiso seBhayibheli sokususa ekuhlanganyeleni. UFred uthi, “Ngesikhathi ngisuswa ngineminyaka engu-20, ngaqala ukucabanga kanzulu ngokuphila kwami. Isimo engangikuso sasingemnandi kodwa ukususwa kwaba nomphumela omuhle. Kwakunjengokungathi uJehova uthi kimi: ‘Vuk’ uzithathe ndodana! Uma ungalungisi ukuhamba kwakho, uzozisola.’ Kwakuyisifundo engangisidinga esangenza ngayishiya inkambo yami yokona. Esikhundleni sokuthathwa izinjabulo nobumnandi, ngaqala ukugxila eqinisweni. Ngaphezu kwalokho, abanye abangane bami baba nesimo esihle sengqondo.” Okujabulisayo ukuthi uFred waphenduka, washintsha izindlela zakhe futhi wabuyiselwa. Manje ungumdala.
“SILULINDELE USUKU LUKAJEHOVA”
Naphezu kokuthanda izinto ezibonakalayo kwabantu abaningi nokunganaki okwandayo ensimini, izinceku zikaJehova ziye zaqhubeka zizibeka kuqala izinto ezingokomoya eziqinisa ukholo, njengokufunda iBhayibheli nsuku zonke nokuya ezifundweni. Inani elandayo labamemezeli liye landisa ingxenye yalo enkonzweni ngokubhalisa njengamaphayona avamile. Omunye umfowethu washo okucatshangwa abaningi lapho ethi: “Uma ngingakulungele ukubhekana nosuku lukaJehova kusasa, ngiyobe ngingakulungele nangamhla lufika. Kumelwe siqhubekele phambili. Lona luzofika.” Cishe yilesi simo sengqondo esibe nomthelela ekwandeni kusukela ngo-2001.
Ilungiselelo elafaka umfutho emabandleni, lanikeza nabafowethu abaningi imfundo enhle engokwasezulwini kube iSikole Sokuqeqeshela Inkonzo (manje esesibizwa ngokuthi iSikole SeBhayibheli Sabazalwane Abangashadile). Omunye umfundi uyakhumbula: “Ithuba lokutadisha iBhayibheli ngokujule kangaka amasonto angu-8 langenza ngaqonda iqiniso ngendlela engingakaze ngiliqonde ngayo. Konke okuseBhayibhelini kwakhanya futhi kwaba ngokoqobo nakakhulu kimi!” Eminyakeni engu-20 edlule abazalwane abaphothule kulesi sikole abangaphezu kuka-60 baye basiza ekuqiniseni amabandla nasekuwafakeni umfutho.
BAKHULISWA OFAKAZI BAKAJEHOVA
Abaningi abaye babhapathizwa baba oFakazi BakaJehova kule minyaka edlule bafundiswa abazali babo iqiniso. Abanye abamemezeli baseNorway bayisizukulwane sesithathu, sesine noma sesihlanu soFakazi. U-Ivan Gåsodden, indodana yomzukulu ka-Ingebret Andersen, umFundi WeBhayibheli wokuqala eSkien, uthi: “Ngiye ngicabange ngendlela enginenhlanhla ngayo ngokuzalelwa emndenini owakubeka phambili ukukhonza uJehova. Isifundo somuntu siqu, ukufunda iBhayibheli njalo nabangane abahle ababengisekela emigomweni yami, konke kwangisiza ngaba sohlangothini lweqiniso.” Amadodana ka-Ivan, u-André noRichard, nabo bayalazisa ifa labo elingokomoya njengeliyigugu kunakho konke.
“Kungijabulisa kakhulu ukuthi ngakhulela emkhayeni onokhokho ababengoFakazi,” kusho iphayona uBente Bu, umzukulu kaMagnus Randal owayekhonza esikebheni samaphayona i-Ruth. “Kwangophula ezinkingeni eziningi futhi ngifuna ukusebenzisa ukuphila kwami ngisize abanye.”
Abanye ababexega ngokomoya besebancane sebengoFakazi BakaJehova abazinikele njengoba sebekhulile. Ngokwesibonelo, uThomas noSerine Fauskanger baseBergen bakhuliswa abazali abangamaKristu, kodwa abazange bathuthuke kangako ngokomoya. Yini eyabasiza bashintsha indlela ababebheka ngayo ukukhulekela uJehova?
“Ngo-2002 kwafika insizwa ebandleni lethu eyayiseSikoleni Sokuqeqeshela Inkonzo,” kulandisa uThomas. “Yangisiza ensimini nasekubekeni imigomo engokomoya.”
Lapho eseneminyaka engu-25, washada noSerine, kwathi ngo-2007 bathuthela eBåtsfjord, eFinnmark, beyosiza umbhangqwana ongamaphayona ukwazi ukusiza abantu abanesithakazelo. Ngokushesha, uThomas noSerine baba amaphayona. Ngo-2009 bachitha izinyanga ezintathu ensimini engabelwe endaweni okudotshwa kuyo eKjøllefjord, lapho bona nabanye abamemezeli ababehamba nabo baqala khona izifundo zeBhayibheli ezevile ku-30. Babe sebethuthela eduze kwaseKjøllefjord beyohlakulela isithakazelo. Manje bahamba amahora amathathu nesigamu ngemoto beyosiza abathakazelayo. Bamatasa, kodwa uSerine uthi: “Ukuphila kwami sekulula manje futhi ngiyajabula. Sinezinto ezimbalwa nezinkinga ezimbalwa.”
UKUBHEKA PHAMBILI NGOKHOLO KUJEHOVA
Ukuphila kushintshe kakhulu eNorway kusukela ngesikhathi umFundi WeBhayibheli uKnud P. Hammer nabanye baqala ukushumayela. Ekuqaleni izinceku zikaJehova zazibhekwa njengeziphuma eceleni ngoba zifundisa iqiniso leBhayibheli emphakathini owawulawulwa amasonto anethonya elikhulu nafundisa izimfundiso ezingamanga. Eminyakeni edlule, abantu abaningi abaqotho bakuthokozela ukufunda iBhayibheli futhi bakwamukela ukukhulekela kweqiniso.
Manje isimo senkolo sesishintshile eNorway. Bambalwa nakakhulu abantu abakholelwa kuNkulunkulu futhi kubhekwa njengokugagamela ukuthi kunenkolo yeqiniso eyodwa kuphela. Kuthatha isikhathi nomzamo ukuba abathakazelayo bathole ulwazi lweBhayibheli futhi bakhe ukholo lwabo kuNkulunkulu naseBhayibhelini. Kuvame ukuthatha isikhathi eside nakakhulu ukufunda ukuphila ngezindinganiso zeBhayibheli. Noma kunjalo, uJehova uyaqhubeka edonsa abaqotho, noma ngabe bahlala ezindaweni ezingazodwa okudotshwa kuzo noma ezakhiweni zesimanje eziphakeme emadolobheni aphithizelayo.—Joh. 6:44.
Njengoba kunjalo kuwo wonke umhlaba, oFakazi BakaJehova eNorway bayalazisa ‘ilungelo [labo] lokunikela inkonzo engcwele ngesibindi’ eNkosini enguMbusi, uJehova. (Luka 1:74) Njengoba becinga abathambekele ekulungeni kule nsimu yabo enkulukazi, babona amazwibela obuhle nokuzola obukushiya ubambe ongezansi uMdali ajonge ukubuletha emhlabeni wonke. Bekanye nabafowabo nodadewabo abaqotho emhlabeni, abakhulekeli bakaJehova eNorway balubheke ngabomvu usuku uMbuso kaNkulunkulu oyofeza ngalo intando yaphezulu kuyo yonke le planethi yethu enhle ngendlela emangalisayo.—Dan. 2:44; Math. 6:10.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 106]
Lokho akuzange kumyekise —wavele washaya ngoCetshwayo!
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 111]
“Ngalala ngisonta kwaMoya, ngavuka nginguFakazi KaJehova”
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 122]
“Ngeke sikwazi ukuniyekisa ukholo lwenu”
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 157]
‘Vuk’ uzithathe ndodana! Uma ungalungisi ukuhamba kwakho, uzozisola’
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 90]
Ake Sithi Qaphu Qaphu NgeNorway
Izwe
INorway yaziwa ngemifula yakhona emihle ephahlwe amawa, izintaba ezikwenza ubambe ongezansi nezinkulungwane zeziqhingi. Ngaphandle kweziqhingana zaseSvalbard eziphakathi kwezwe neNorth Pole, leli zwe lithé ukuba likhudlwana kune-Italy. Nakuba isimo sezulu singase sishubise umnkantsha eNorway, ikakhulukazi e-Arctic esenyakatho, imisinga nomoya ofudumele wase-Atlantic kugcina ingxenye enkulu yezwe inesimo sezulu esipholile kunakwamanye amazwe asendaweni efanayo.
Abantu
Iningi labantu balapha abayizigidi ezinhlanu badabuka khona eNorway, kanti amaphesenti angu-10 abo ayizifiki. Abantu abaningi abangamaSami (ababaziwa ngokuthi amaLapp) basaziphilisa ngokudoba, ukuzingela nokufuya izinyamazane ezibizwa ngokuthi ama-reindeer.
Ulimi
Ulimi olusemthethweni, isiNorway, sihlukene kabili—isi-Bokmål (uLimi Olubhalwayo), esikhulunywa iningi futhi esinezici eziningi ezifana nezesiDanishi nesi-Nynorsk (isiNorway Esisha).
Indlela yokuziphilisa
Ukukhiqizwa kukawoyela negesi kanye nezimboni ezikhiqizayo kuyizindlela abantu bakuleli abangenisa ngayo imali. Ukuthengisela amanye amazwe izinhlanzi kuyibhizinisi elikhulu. Amaphesenti angaba mathathu kuphela eNorway angamasimu.
Ukudla
Abantu baseNorway bavame ukudla izinhlanzi, inyama, amazambane, isinkwa nezinto ezenziwe ngobisi. I-fårikål (isitshulu senyama yemvu neklabishi) iwukudla okwaziwa kakhulu khona. Ngenxa yokufika kwabantu abaningi abavela kwamanye amazwe eminyakeni yamuva, abantu balapha sebeyakudla ukudla kwakwamanye amazwe.
[Ibhokisi/Izithombe emakhasini 95, 96]
Wazidelela UJehova
UTHEODOR SIMONSEN
UNYAKA AZALWA NGAWO 1864
UNYAKA AQALA NGAWO UKUBA UMFUNDI WEBHAYIBHELI 1905
UMLANDO WAKHE OMFUSHANE Wayengu-mshumayeli wesonto elaziwa ngokuthi iFree Mission, kamuva waba umbonisi ojikelezayo.
◼ LAPHO uTheodor efunda ezincwadini zethu ukuthi imfundiso yesihogo somlilo iphambene neBhayibheli, waqala ukuyiphikisa le mfundiso engamanga ezintshumayelweni zakhe esontweni—okwajabulisa izilaleli zakhe eziningi. Langa limbe, ngemva kokushumayela, wanikezwa ipheshana elalithi, “Bekuyintshumayelo yakho yokugcina leyo la!”
Kwakungu-1905 ngesikhathi enikeza le ntshumayelo yakhe yokugcina kuleli sonto futhi ngawo lowo nyaka waba umFundi WeBhayibheli. Kamuva, wethula izinkulumo eziningi kubaFundi BeBhayibheli abaningi abanokwazisa. Umkhaya wakhe wayewondla ngokupenda, kuthi ngezimpelasonto ashumayele futhi afundise. Ngenxa yolwazi lwakhe oluhle lweBhayibheli kanye nokukhalipha nendlela yakhe yokukhuluma ezothile, waba umfundisi ophumelelayo. Wayeyigagu lokucula futhi evame ukwethula nokuphetha izinkulumo zakhe ngokuhlabelela ingoma abe edlala insimbi yomculo ebizwa ngokuthi i-zither.
Ngo-1919, lapho izimo zomkhaya wakhe sezimvumela, waba umbonisi ojikelezayo. Wajikeleza kwaze kwaba u-1935, ehambela amabandla aseNorway, eDenmark naseSweden. Kwakuwumsebenzi okhandlayo, owawungahlanganisi nje kuphela ukukhuthaza amabandla namaqembu angawodwa kodwa nokunikeza izinkulumo emadolobheni ayengenabo abaFundi BeBhayibheli. Ngokwesibonelo: Kolunye uhambo lwezinyanga ezingu-12, kwakumelwe ahambele izindawo ezingu-190 phakathi kweKristiansand eseningizimu neTromsø esenyakatho. Ngalezo zinsuku, abajikelezi babehlala usuku olulodwa noma ezimbili endaweni bese bedlulela kwenye, behamba nganoma yini etholakalayo.
Nakuba izindawo eziningi ayezihambela zazingenabo abaFundi BeBhayibheli, kwakufika abantu abaningi abathakazelayo uma enikeza inkulumo yeningi. Ngokwesibonelo, lapho ehambela eBodø ngo-1922, yena no-Anna Andersen, iphayona elalivakashele lapho ngaleso sikhathi, bashumayela futhi bamemela abantu enkulumweni yeningi. Ababili kulabo abafika, uJohan no-Olea Berntsen, babonisa isithakazelo esikhethekile. Ngemva kwenkulumo bamema uTheodor no-Anna ukuba bayophendula imibuzo yabo yeBhayibheli emzini wabo. Ngenxa yalokho, abakwaBerntsen baba abaFundi BeBhayibheli bokuqala eBodø.
UTheodor wasetshenziselwa ukuqopha izinkulumo eziningi ezazidlalwa ngegilamafomu ngesiNorway ngawo-1930. Wakhonza ngokwethembeka waze waqeda inkambo yakhe yasemhlabeni ngo-1955.
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 102]]
‘Wahamba NoNkulunkulu’
U-ENOK ÖMAN
UNYAKA AZALWA NGAWO 1880
ABHAPATHIZWA NGAWO 1911
UMLANDO WAKHE OMFUSHANE Wakhonza njengombonisi wegatsha kusukela ngo-1921 kuya ku-1945.
◼ LAPHO u-Enok waseSweden esemusha, ukulandisa kweBhayibheli kwendlela u-Enoke ‘aqhubeka [ngayo] ehamba noNkulunkulu weqiniso’ kwamthinta ngokujulile. (Gen. 5:22) Wayefuna ukwenza okufanayo nobizo wakhe waseBhayibhelini. Kodwa kwaze kwaba yilapho eseneminyaka engu-31 lapho afunda khona umqulu wokuqala we-Studies in the Scriptures, nalapho athola khona okwengeziwe ngokuhamba noNkulunkulu. Wabhapathizwa, waba umFundi WeBhayibheli, waqala nokuphayona. Kamuva wakhonza ehhovisi legatsha laseSweden.
Ngo-1917, u-Enok wathunyelwa eNorway esuka eSweden ukuba ayokhonza ehhovisi legatsha, futhi ekuqaleni kuka-1921, wamiswa ukuba engamele umsebenzi eNorway. Ngaleso sikhathi ihhovisi le-Watch Tower Society lalisekamelweni elilodwa esakhiweni uDade Maria Dreyer ayenefulethi kuso nendawo yokwenza umsebenzi wokunakekela izinzipho, izinyawo nezinzwane.Ngemva kokuba u-Enok noMaria beshadile ngo-1922, balisebenzisa lonke ifulethi lakhe njengehhovisi legatsha. Basebenza ndawonye eBethel kwaze kwaba yilapho uMaria eshona ngo-1944. Ngo-1953, u-Enok waphinde washada wayesengenela inkonzo yobuphayona futhi. Njengoba ayekhumbula njalo ukuthi unobizo lwasezulwini, u-Enok ‘wahamba noNkulunkulu’ ngokwethembeka kwaze kwaba yilapho eshona ngo-1975.
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 110]
“Wayeyiqabula Imiphefumulo Yethu”
UWILHELM UHRE
UNYAKA AZALWA NGAWO 1901
ABHAPATHIZWA NGAWO 1949
UMLANDO WAKHE OMFUSHANE Wayeshumayela ngentshiseko naphezu kwesifo esihlasela imisipha.
◼ UWILHELM wayenesifo esihlasela imisipha esamgoga imilenze futhi kwaqala nokuba nzima ukuba akhulume. Noma kunjalo, lapho nje ezwa izindaba ezinhle phakathi nawo-1930, waxoxela abanye amaqiniso amahle ayewafunda. Ensimini wayehamba ngebhayisikili elinamasondo amathathu elinenjini futhi evame ukuya ethekwini laseSortland iVesterålen afike adlale izinkulumo zeBhayibheli ngegilamafomu, ahambise nezincwadi. Ngenxa yokuthi wayekhubazekile futhi ehlala kude, waze wabhapathizwa ngo-1949. Kodwa wayengumshumayeli oshisekayo. Abaningi ababehamba ngasogwini balithola kuye iqiniso, futhi abanye babo baba oFakazi BakaJehova.
Lapho uWilhelm esemdala, wahlala ekhaya lasebekhulile eTromsø. Ngosizo lwabanye abamemezeli, waqhubeka eshumayela ngeposi. Ngenxa yobuntu bakhe obuhle, waba umthombo wesikhuthazo kwabanye, kuhlanganise nezisebenzi zasekhaya lasebekhulile. Lapho eshona, umphathi wakhona wathi: “Sasikujabulela ngaso sonke isikhathi ukumvakashela egunjini lakhe. Ngenxa yokholo lwakhe, wayeyiqabula imiphefumulo yethu.”
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 113]
Wasigcina Isithembiso Sakhe
UJOHANNES KÅRSTAD
UNYAKA AZALWA NGAWO 1903
ABHAPATHIZWA NGAWO 1931
UMLANDO WAKHE OMFUSHANE Waphayona ezikebheni zamaphayona iminyaka engu-8.
◼ NGO-1929, uJohannes wayesesibhedlela elulama esifweni sofuba. Waqala ukufunda iBhayibheli wayesethembisa uNkulunkulu ukuthi uyomkhonza uma eseluleme.
Esezophuma esibhedlela, wafunda ezinye zezincwadi zabaFundi BeBhayibheli ngesithakazelo esijulile. Kamuva, wathola izincwadi ezengeziwe, ngayinye wayifunda izikhathi ezine noma ezinhlanu, futhi kungakabiphi wayeseshumayeza abanye la maqiniso ayesanda kuwathola. Lapho eseluleme ngokugcwele, waya eBergen kuMfoweth’ uRingereide, owasikisela ukuba uJohannes aqale ukuphayona. Yize uJohannes ayesanda kuqala ukushumayela, akazange ananaze ukubhalisa njengephayona.
Kusukela ngo-1931 kuya ku-1938, waphayona ngesikebhe samaphayona i-Ester, waphayona futhi cishe unyaka owodwa nge-Ruth, eyayigudla lonke ugu kuze kuyofika enyakatho yeTromsø. Ngo-1939, uJohannes waba umbonisi ojikelezayo engxenyeni esempumalanga yeNorway ngaphezu kokukhonza eBethel izikhathi ezithile isikhashana. Ngemva kweMpi Yezwe II, washada noSigrid wayesephayona naye. Ngo-1995, uJohannes waqeda inkambo yakhe yasemhlabeni eseFredrikstad.
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 132]
Ukushumayela Endaweni Eqondile
URANDI HUSBY
UNYAKA AZALWA NGAWO 1922
ABHAPATHIZWA NGAWO 1946
UMLANDO WAKHE OMFUSHANE Ulokhu esenkonzweni yesikhathi esigcwele kusukela ngo-1946.
◼ ABAZALI bakaRandi babhapathizwa njengoFakazi BakaJehova ngo-1938, kamuva noRandi walithatha iqiniso. Ngo-1946, wamukela isimemo sokuyokhonza eBethel, nokuyilapho ahlangana khona nensizwa egama layo nguKjell Husby. Yena noKjell bathandana, bashada, base bengenela inkonzo yobuphayona. Baphila ukuphila okucebile ngokomoya ezinhlotsheni ezihlukahlukene zenkonzo yesikhathi esigcwele kwaze kwaba yilapho uKjell eshona ngo-2010.
Eminyakeni yakamuva, izinkinga zemilenze kaRandi zenze kwaba nzima ngaye ukukhuphuka izitebhisi noma imimmango. Kodwa endaweni eqondile uhamba kahle kakhulu futhi ubonakala njalo efakaza emigwaqweni nasezitolo eTrondheim. Ukuze ahlanganyele izindaba ezinhle nabo bonke ahlangana nabo, uyaqikelela ukuthi uphatha izincwadi ngezilimi ezingengaphansi kuka-8. Kanti nabangane bakhe ebandleni bamhambisa ngemoto kubantu abaningi abangumzila wakhe kamagazini.
URandi akasenawo amandla okwenza okuningi njengasekuqaleni. Kodwa uyaqhubeka ethola injabulo nokwaneliseka enkonzweni yakhe yomphefumulo wonke, azi ukuthi uJehova ‘akawukhohlwa umsebenzi wakhe nothando alubonisa kulo igama lakhe.’—Heb. 6:10.
[Ibhokisi/Izithombe emakhasini 149, 150]
Wawabona Amandla Aguqulayo EZwi LikaNkulunkulu
UVIKTOR UGLEBAKKEN
UNYAKA AZALWA NGAWO 1953
ABHAPATHIZWA NGAWO 1981
UMLANDO WAKHE OMFUSHANE Wayeyisigebengu esagqashula ekuhlushweni amademoni nasekusebenziseni kabi izidakamizwa.
◼ UVIKTOR waqala ukubhema insangu nezinye izidakamizwa esemncane futhi wagcina esephila ukuphila kobugebengu. Wayelokhu enesithakazelo eBhayibhelini, futhi ngo-1979, esekhathele ukuphila okunzima kobugebengu, wazibuza ukuthi iZwi likaNkulunkulu lingamsiza yini. Ukuphenya kwakhe izinkolo ezihlukahlukene kwamshiya edidekile futhi enganelisekile.
Ekugcineni, ecindezeleke kakhulu, wacabanga nokuzibulala. Kuthe kusenjalo, wathola incwadi evela kumzala wakhe eBergen, owayeseqale ukufundelwa oFakazi BakaJehova. UViktor wathuthela eBergen okwesikhashana futhi naye wahlanganyela esifundweni. Ekuqaleni, wazama ukuveza ukuthi oFakazi banephutha. Kodwa ngoba wayelokhu eyikhathalela imvelo, kwamjabulisa ukufunda ukuthi uNkulunkulu ‘uzochitha abachitha umhlaba’ futhi aguqule imbulunga yethu ewumhlaba ibe ipharadesi.—IsAm. 11:18.
Ngokushesha uViktor waqala ukuya ezifundweni nomzala wakhe, futhi wamhlaba umxhwele umusa nomoya wokungenisa izihambi awubona eHholo LoMbuso nasemizini yoFakazi. Akuzwa nakubona kwamkholisa ukuthi kwakumelwe ashintshe ukuphila kwakhe ayeke nokusebenzisa izidakamizwa. Ngenxa yokuphikelela kwakhe ngemithandazo esuka enhliziyweni, uViktor wawabona amandla aguqulayo eZwi likaNkulunkulu nomoya ongcwele.—Luka 11:9, 13; Heb. 4:12.
Kwakungelula ngoViktor ukwenza ushintsho ukuze afanelekele ukubhapathizwa. Kodwa ngosizo lukaJehova, wakwazi ukugqashula ekuhlushweni amademoni nasezidakamizweni ayesehluleke kabili ukuziyeka. Wasizakala lapho umdala emqinisekisa ngokuthi “njengoba ubaba ebonisa umusa emadodaneni akhe, kanjalo uJehova ubonisé umusa kulabo abamesabayo.” (IHu. 103:13) UViktor waqhubeka ethuthuka ngokomoya futhi wabhapathizwa ngo-1981. Yena wayesafuna ukudonsa isigwebo ejele ngamacala ayewenzile, kodwa ngokushesha kamuva wadedelwa, waqala ukuphayona. Kusukela ngaleso sikhathi, uthole injabulo ngokusiza abanye ukuba babe izinceku zikaJehova. Uye waphumelela ngokukhethekile lapho eshumayela emajele, futhi ezimbili zeziboshwa azifundela esaboshiwe nazo zingenile eqinisweni.
UViktor uyinhloko yomkhaya nomdala onokwethenjelwa. Uyaqhubeka ekhonza njengephayona nomkakhe, uTone, nendodana yabo. Manje uthi: “Inkonzo yayingenye yezinto ezangishintsha. Ngimbonga ngokujulile uJehova ngokuthi manje ngiyakwazi ukudlulisela amagugu angokomoya kwabanye.”
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 152]
Wayefuna Ukwenza Okungcono
UTOM FRISVOLD
UNYAKA AZALWA NGAWO 1962
ABHAPATHIZWA NGAWO 1983
UMLANDO WAKHE OMFUSHANE Umdlali webhola lezinyawo owafuna ukukhonza uJehova.
◼ LAPHO uTom eneminyaka engu-20, wayesebenza umsebenzi othembisayo engumdlali webhola lezinyawo kwelinye lamaqembu aphambili eNorway. Ngaleso sikhathi, unina kaTom waba ngomunye woFakazi BakaJehova. Ngelinye ilanga, lapho insizwa encane eyiphayona ivakashele unina kaTom, yacela ukumqhubela isifundo seBhayibheli uTom. UTom wasamukela isifundo kodwa wayitshela ukuthi wayengazimisele ukuba uFakazi.
UTom wathintwa imfudumalo amukelwa ngayo lapho eqala ukuya ezifundweni. Waqaphela nokuthi wonk’ umuntu wayevula imiBhalo phakathi nesimiso. Wacabanga: “Cishe yiBhayibheli leli elenza laba bantu balunge kangaka.”
Ekugcineni, wayeseqiniseka ukuthi uthole iqiniso nokuthi uyafuna ukukhonza uJehova. Kodwa-ke, wayezokwazi kanjani ukwenza iqembu lakhe lebhola limdedele, ebe ewumdlali onekhono kangaka? Hawu, ngemva nje kokuchazela abaphathi beqembu ukuthi ufuna ukwenza okungcono kakhulu ngokuphila kwakhe kunokudlala ibhola, bamdedela, banqamula isivumelwano somsebenzi naye.
UTom wabhapathizwa ngo-1983 futhi waqala ukuphayona ngo-1985. Ngo-1987, yena noViktor Uglebakken bathuthela eHammerfest ukuze bayosiza njengoba kwakunesidingo esikhulu sabamemezeli boMbuso. Kamuva, uTom wamiswa njengombonisi wesifunda, sikhuluma nje ukhonza eBethel nomkakhe, uKristina.
[Ishadi/Izithombe emakhasini 162, 163]
ISHADI LEZENZAKALO EZIPHAWULEKAYO—ENorway
1890
1892 UKnud Pederson Hammer uqa-la ukushumayela eNorway.
1900
1900 Kumiswa ibandla lokuqala.
1904 Kuvulwa ihhovisi eKristiania (e-Oslo).
1905 Kuqhutshwa umhlangano wokuqala omkhulu eKristiania.
1909 and 1911 UC. T. Russell uvakashela eNorway.
1910
1914 Kumiswa umbonisi ojikelezayo wokuqala.
1914-1915 “IPhoto-Drama of Creation” idonsa izixuku.
1920
1920-1925 Inkulumo ethi “Izigidi Eziphilayo Manje Azisoze Zafa!” inikezwa ezweni lonke.
1925 Kunyatheliswa i-Golden Age (i-Phaphama!) ngesiNorway.
1928-1940 Kushunyayelwa ngezikebhe emiphakathini egudle ugu.
1930
1940
1940-1945 Ukufakaza kuyaqhubeka naphezu kokuphikiswa kwangesikhathi sempi.
1945 Kunyatheliswa INqabayokulinda ngesiNorway.
1948 Kufika izithunywa zevangeli zokuqala eziqeqeshwe eGileyadi.
1950
1950 INkantolo Ephakeme isekela ilungelo lokushumayela ngezincwadi.
1960
1965 Kuqhutshwa umhlangano wezizwe e-Oslo.
1970
1980
1984 Kunikezelwa igatsha elisha.
1990
1990 Kumiswa amaKomiti Okubonisana Nezibhedlela.
1994 Kunikezelwa iHholo LoMhlangano e-Oslo.
1996 Kukhululwa INguqulo Yezwe Elisha ephelele ngesiNorway.
2000
2010
2011 Amanani amasha amaphayona asizayo navamile, abamemezeli nababeseSikhumbuzweni.
[Igrafu/Isithombe ekhasini 159]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
Ingqikithi Yabamemezeli
Ingqikithi Yamaphayona
10 000
8 000
6 000
4 000
2 000
1920 1935 1950 1965 1980 1995 2010
[Amabalazwe ekhasini 91]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
SWEDEN
STOCKHOLM
Örebro
Gulf of Bothnia
FINLAND
HELSINKI
Gulf of Finland
BALTIC SEA
DENMARK
COPENHAGEN
NORWAY
OSLO
Kjøllefjord
Båtsfjord
Vardø
Kirkenes
Karasjok
Hammerfest
Alta
Finnmarksvidda
Kautokeino
Tromsø
Harstad
Narvik
Sortland
Hennes
Svolvær
Bodø
Rørvik
Namsos
Steinkjer
Trondheim
Kristiansund
Måløy
Florø
Bergen
Haugesund
Stavanger
Egersund
Kristiansand
Arendal
Skien
Kongsberg
Drammen
Hønefoss
Gjøvik
Lillehammer
Brumunddal
Hamar
Kongsvinger
Ski
Askim
Moss
Halden
Fredrikstad
Oslo Fjord
NORTH SEA
NORWEGIAN SEA
Andøya Island
Bleik
Svalbard Archipelago
Longyearbyen
COUNTIES
Finnmark
Troms
Telemark
Vestfold
[Isithombe ekhasini 88]
UKnud Pederson Hammer
[Isithombe emakhasini 88, 89]
IReine, enyakatho yeNorway
[Isithombe ekhasini 92]
IBandla LaseSkien ngo-1911, likanye no-Ingebret noBerthe Andersen
[Isithombe ekhasini 93]
UViktor Feldt
[Isithombe ekhasini 94]
UHallgerd Holm (1), uTheodor Simonsen (2) noLotte Holm (3)
[Izithombe ekhasini 98]
Amaphayona okuqala: (1) uHelga Hess, (2) u-Andreas Øiseth, (3) uKarl Gunberg, (4) uHulda Andersen (5) no-Anna Andersen
[Isithombe ekhasini 100]
I-“Peoples Pulpit”
[Isithombe ekhasini 104]
I-“Golden Age” yesiNorway
[Isithombe ekhasini 106]
U-Even Gundersrud
[Isithombe ekhasini 107]
Amalungu eBandla LaseSkien ayeshumayela ngeloli
[Isithombe ekhasini 108]
UTorkel Ringereide
[Isithombe ekhasini 109]
U-Olaf Skau
[Izithombe ekhasini 114]
UKarl Gunberg wayengukaputeni wesikebhe i-“Elihu”
[Izithombe ekhasini 115]
UJohannes Kårstad wayengumqondisi wesikebhe i-“Ester”
[Izithombe ekhasini 116]
U-Andreas Hope noMagnus Randal bakhonza esikebheni i-“Ruth”
[Isithombe ekhasini 117]
I-“aurora borealis” enyakatho yeNorway
[Isithombe ekhasini 118]
USolveig Løvås
[Isithombe ekhasini 119]
U-Andreas noSigrid Kvinge
[Isithombe ekhasini 124]
Umhlangano wangasese ehlathini eduze kwaseSki
[Isithombe ekhasini 127]
UMarvin Anderson nomkakhe, uKaren
[Isithombe ekhasini 128]
Umshini wokunyathelisa oqondiswa ngonyawo
[Isithombe ekhasini 129]
Umhlangano wango-1946 eBergen
[Isithombe ekhasini 130]
USvanhild Neraal ngo-1961
[Isithombe ekhasini 133]
Kwakuye kushunyayelwe ngesikebhe sika-Arnulf
[Isithombe ekhasini 135]
UGunnar Marcussen (1) noHans Peter Hemstad (2) bangabafundi bokuqala baseNorway abathweswa iziqu eGileyadi
[Isithombe ekhasini 138]
Ikamu lamatende emhlanganweni wezizwe othi “Izwi Leqiniso”
[Isithombe ekhasini 139]
UPaul Bruun
[Isithombe ekhasini 142]
UHartvig Mienna nabanye abamemezeli besebenzisa izinqola ezihamba eqhweni lapho beshumayeza amaSami
[Isithombe ekhasini 144]
Ukwakhiwa kwegatsha kwaqala ngo-1981
[Isithombe ekhasini 145]
Ihhovisi legatsha namuhla
[Isithombe ekhasini 147]
IHholo LoMhlangano Lase-Oslo
[Isithombe ekhasini 160]
Imfundo yeBhayibheli yasekhaya yenze kwaba nezizukulwane zezinceku zikaJehova ezithembekile