Izenzo ZoFakazi BakaJehova Ezikhathini Zanamuhla
ENingizimu Afrika
Kwaphela iminyakanyaka abantu balapha behlukanisiwe, bengahlukanisiwe nje ulimi kuphela kodwa nawumthetho. Imithetho eqinile yobuzwe iyona eyayinquma ukuthi umuntu angahlalaphi, ahambephi, asebenzephi futhi afundephi. Kulokhu kulandisa, uzofunda indlela oFakazi BakaJehova abachuma ngayo ngokomoya futhi balondoloza ubunye obunamandla naphezu kobuzwe, ubandlululo nezimpi zombango.
ELatvia
Ngenkathi yobuKhomanisi enesihluku, abanye oFakazi bakugwema kanjani ukubanjwa? Kungani enye indoda yathi: “Ngiyambonga uNkulunkulu ngokungivumela ukuba ngiyiswe ekamu lokufukuza”? Kwenzekani futhi lapho usozinyama oyingqwele amukela iqiniso? Kulokhu kulandisa uzobona ukuthi naphezu kweminyaka yokucindezelwa, abantu bakaNkulunkulu eLatvia banomlando wenkululeko—inkululeko engokomoya.
ERéunion
Umsebenzi kulesi siqhingi esishisayo waqala ngenkathi kufika umkhaya ongoFakazi ngo-1961. Funda ngendlela abasinakekela ngayo isithakazelo esaboniswa ezindabeni ezinhle. Yizwa indlela indishi yesobho eyashukumisa ngayo umphikisi ukuba alalele abantu bakaNkulunkulu. Thola nokuthi kungani abamemezeli boMbuso abanesibindi balibangisa phakathi entabamlilweni engasaqhumi.