Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • yb07 kk. 43-64
  • Umbiko Womhlaba Wonke

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Umbiko Womhlaba Wonke
  • INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2007
INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2007
yb07 kk. 43-64

Umbiko Womhlaba Wonke

E-ASIA NASEMPUMALANGA EPHAKATHI

INANI LAMAZWE 47

INANI LABANTU 930 343 401

INANI LABAMEMEZELI 591 750

INANI LEZIFUNDO ZEBHAYIBHELI 477 609

EJapane

Lapho uMiho esezoteta wakuthola kunzima ukuhlanganyela enkonzweni njengokuvamile. Efuna ukuqhubeka nenkonzo yamaphayona, wacela kumbonisi wenkonzo amakheli ezindlu okwakungashumayeleki kalula kuzo, njengasemafulethini okungangeneki kalula kuwo. Wanikezwa amakheli angaba yikhulu. Esekhaya, washayela abaningi ngangokunokwenzeka ucingo. Lapho ebashayela okokuqala, akekho owayefuna ukulalela futhi waqeda ukushaya izingcingo ngemizuzu engu-30. Wayesezama ukuba ngemva kokushaya ucingo abhale incwadi. Noma yikuphi ukwaziswa ayekucosha lapho esocingweni, njengokukhala kwengane, wayekusebenzisa njengesisekelo sencwadi emfushane. Lapho ecabanga ukuthi incwadi isifikile, wayephinde ashaye ucingo bese exoxa ngezinzuzo zokusebenzisa isiqondiso esingokomBhalo akhulume ngaso encwadini. Ngesinye isikhathi, inkosikazi ethile yenqaba ukukhuluma naye ocingweni, kodwa noma kunjalo uMiho wayibhalela incwadi. Lapho uMiho ephinde eyishayela ucingo, kwakukhona indodakazi efunda isikole, futhi yayiyifundile incwadi kaMiho. UMiho wafakaza kuyo wathembisa nokuyithumelela incwadi eneseluleko esingokomBhalo ngokuphila kwasesikoleni. Wahlela nokubuye ashaye ucingo. Unina waphendula ucingo wathi indodakazi yakhe yayinezinkinga esikoleni futhi lokho uMiho ayeyitshele kona kwakuyisiza. Ngemva kokushaya ucingo nokubhala izincwadi izikhashana ezimbalwa, umama nendodakazi baqala ukufundelwa.

ENepal

UPrem, onguthisha, wayeselifune isikhathi eside iqiniso. Wayezifundela iBhayibheli futhi esonta esontweni elingasesikoleni ayefundisa kuso. Nokho, wayengazitholi izimpendulo zemibuzo yakhe futhi ecasulwa umfundisi owayebelesela ngeminikelo. UPrem wathandaza kuNkulunkulu, ecela isiqondiso sokuthola isonto elizomsiza afunde iqiniso. Lapho ethutha eyofundisa kwesinye isikole, wabuza komakhelwane bakhe abasha ukuthi angalitholaphi isonto. Efulethini ayehlala kulo kwakunomfana wesikole onina wayeke waya eHholo LoMbuso izikhashana, futhi yilapha lapho lo mfana ayisa khona uPrem. Inkulumo yeningi uPrem ayizwa yayichaza uMbuso kaNkulunkulu, indaba ayefuna kakhulu ukuyiqonda. Kwahlelwa ukuba kuqaliswe isifundo. Ejatshuliswe ukuthola izimpendulo zemibuzo yakhe ekugcineni, yena nomkhaya wakhe manje baba khona njalo ezifundweni. Sebethumele nencwadi yokwesula esontweni ngoba bafuna ukuba oFakazi BakaJehova.

ETaiwan

Abafundi esikoleni samabanga aphansi kwathiwa ababhale indaba ezofakwa emncintiswaneni wokubhala waminyaka yonke. Isihloko sasithi “Incwadi Engiyithanda Ukuzedlula Zonke.” UWeizhen oneminyaka eyishumi wabhala ukuthi iBhayibheli iyona ncwadi ayithanda ukuzedlula zonke. Ngaphandle kokukhuluma ngokunemba kweziprofetho zeBhayibheli nesiqondiso esihle esinikezwa iZwi likaNkulunkulu, wachaza nokuthi iBhayibheli limnikeze izimpendulo zemibuzo othisha nabanye abafundi abangakwazanga ukuyiphendula ngokwanelisayo. UWeizhen wabhala: “Uthisha wethu wasitshela ukuthi okhokho bomuntu bavela ezimfeneni. Ngazibuza: ‘Uma umuntu evela ezimfeneni, akufanele yini sizihloniphe izimfene futhi sizibonge ngokusuka enhliziyweni? Pho kungani sizivalela ema-zoo? Akusenzi yini abantu ababi lokho?’ Kodwa iBhayibheli liphendula ngokucacile: Empeleni, asidabuki ezimfeneni. Kunalokho, okhokho bethu badalwa ngomfanekiso kaNkulunkulu ngothuli lomhlabathi.” Waphetha indaba yakhe ngokubhala: “Ezikhathini zasendulo kwakuthiwa, ‘Ukufunda incwadi kufana nokuthola ingcebo.’ Ngokwami ukubona, iBhayibheli liyigugu ukwedlula igolide. Ngenxa yalokhu, le ncwadi iyona engithanda ukuyifunda ukuzedlula zonke.” Indaba yakhe yaphuma phambili, yehlula ngisho nezabafundi abasemakilasini angaphambi kwakhe, nakuba yena efunda ibanga lesibili. Uma elandisa lokhu okuhlangenwe nakho, ucaphuna amaHebheru 4:12 bese ethi, “Lonke udumo ngilunika uJehova uNkulunkulu.”

EMongolia

Lapho uBolortsetseg, udade osanda kubhapathizwa eMongolia, ezwa ukuthi isihlobo sakhe sishonile nokuthi umfelokazi waso ulusizi kakhulu, wamthumelela zonke izincwadi zethu ezitholakala ngesiMongolia. U-Evsanaa, umfelokazi, wazifunda ngobusuku obubodwa. Ngakusasa, washayela uBolortsetseg ucingo wamcela ukuba eze ngokushesha bazokhuluma. Ehamba nomunye udade, uBolortsetseg wavakashela u-Evsanaa, owayelungiselele uhide lwemibuzo. Wazilalelisisa izimpendulo ezivela eBhayibhelini. Ngemva kwengxoxo ende, odade bachazela u-Evsanaa ukuthi wayeyozuza kakhulu uma bexoxa ngendaba eyodwa ngesikhathi. Basikisela isifundo seBhayibheli sasekhaya. U-Evsanaa wavumela phezulu ukufunda kathathu ngesonto. Ngenyanga eyodwa nje, wayesezilahlile izithixo zakhe futhi eseya nasesifundweni. Ngemva kwezinyanga ezimbili ebe ummemezeli, wayesefuna ukuba iphayona elisizayo, kwaze kwaba yilapho echazelwa ukuthi kudingeka abhapathizwe kuqala. Akadumazekanga, wanquma ukuchitha okungenani amahora angu-50 ngenyanga enkonzweni yasensimini futhi manje ulinde umhlangano ukuze abhapathizwe.

EKazakhstan

Edolobheni laseRudny, iphayona lahlangana nensizwa okuthiwa uNikolay eyathanda ukuqhutshelwa isifundo seBhayibheli sasekhaya. Kodwa kwakunenkinga. UNikolay nomkhaya wakhe babehlala kude futhi wayengavamile ukuvakashela izihlobo zakhe eRudny. Umfowethu wabuza uNikolay ukuthi angamvakashela yini lapho ehlala khona, kodwa uNikolay wamchazela ukuthi uhlala endaweni eqhele ngamakhilomitha angu-200 nokuthi kuwumzukuzuku ukufika khona.

Noma kunjalo umzalwane walibhala phansi ikheli futhi wathembisa ukuthi bayophinde babonane. Wabe esehlela ukuvakashela leyo ndawo, wamema omunye umzalwane nodade ababili basebandleni lakubo ukuba bahambe naye. Ngemva kwamasonto amabili, bagibela isitimela. Lapho befika esiteshini sokugcina, bathola ukuthi kwakusasele amakhilomitha angu-18 ngaphambi kokuba bafike kwaNikolay nokuthi zase zingasekho izinto zokuthutha zomphakathi. Okuwukuphela kwendlela kwakuwukudonsa ngezinyawo. Kwakungelula ngoba kwakusebusika futhi kuvunguza umoya obandayo. Ngemva kwesikhashana, kwama ugandaganda owawuthwele ithangi lobisi. Umshayeli wathi abagibele—phakathi ethangini! Abamemezeli bacabanga ukuthi umshayeli uyadlala, kodwa ithangi lalingenalutho lomile, ngakho bagibela. Nakuba kwakubanda ethangini, okungenani babevikelekile emoyeni obandayo. Umshayeli wathi uzobehlisa kusasele amakhilomitha angu-7 bafike lapho beya khona. Sebelapho, kwakuyodingeka bahambe ngezinyawo. Kwabathatha amanye amahora amabili ukuhamba amakhilomitha ayisikhombisa beya kwaNikolay.

UNikolay nomkakhe uValya bamangala futhi bajabula lapho bebona laba bafowethu nodadewethu befika emzini wabo. Babafudumeza, babapha nokudla. Kwase kulandela ingxoxo yeBhayibheli. Ngemva kwamasonto amabili, abafowethu baseRudny babuya. Umzalwane oyiphayona uyakhumbula: “UNikolay wasihlangabeza esiteshini. Abantu abaningi bendawo babefuna ukukhuluma ‘nabantu abafika ngethangi lobisi,’ ngakho uNikolay wababhala phansi ukuze sixoxe nabo bonke abanesithakazelo. Bonke ababesohlwini bafika lapho bebizwa futhi bavuma ukufundelwa iBhayibheli.” Ngokuhamba kwesikhathi, cishe wonke umuntu owaqala ukufundelwa iBhayibheli kule ndawo wathuthuka kahle ngokomoya. Ngemva kweminyaka emibili, uNikolay noValya babhapathizwa. Amadodana abo amabili angabamemezeli abangabhapathiziwe manje, futhi uNikolay usanda kumiswa njengomdala kuleli qembu elingalodwa.

EGeorgia

Amaphayona abelokhu eshumayela ezindaweni ezicezile ezintabeni zaseGeorgia. Odade ababili abangamaphayona bahamba amakhilomitha angu-8 beya edolobhaneni elicezile elisekupheleni komgwaqo oya ezintabeni futhi baqala ukushumayela endlini ngendlu. Akuphelanga sikhathi enye indoda endala yakule ndawo yamisa uKetevan, omunye walab’ odade, yamkhakhabisa imbuza ukuthi ushumayelelani ngoba akayena umOrthodox. Wazama ukuchaza kodwa indoda ayilalelanga. Yabe isimgingqa phansi yamshaya ngenduku. Abantu abaningana bambona eshaywa udade, futhi lesi sigameko saba indaba egudwini. Kamuva, uKetevan wabuya ezoshumayela kuleli dolobhana. Owesifazane owayekade ephikisa wambona, wababaza: “Hhawu, uphinde wabuya ngemva kwesibhaxu owasithola! Isibindi sakho siyangimangaza! Ngicela uze kwami ungixoxele okwengeziwe.” Ngemva kokulalela, wathi kuKetevan angamvakashela noma nini ezomshumayeza.

E-AFRIKA

INANI LAMAZWE 57

INANI LABA 802 232 357

INANI LABAMEM 1 043 396

INANI LEZIFUNDO ZEBHAYIBHELI 1 903 665

ERwanda

Esikhathini esithile esedlule abantu ababehamba emgwaqweni bathola incwadi ethi Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni. Bayithatha bayiyisa kumdala wesonto labo lobuProthestani. Wayifunda ngelikhulu isasasa wayesefuna oFakazi, abaqala ukumfundela iBhayibheli. Ulwazi lwakhe ngeqiniso leBhayibheli lwakhula, ngakho wesula esontweni lakhe wayesebhapathizwa. Ngesikhathi esifanayo, wayebaxoxela iqiniso ngentshiseko abanye ayekade esonta nabo, futhi amalungu angu-25 alishiya isonto aba oFakazi BakaJehova. Indoda eyathatha isikhundla sakhe njengomdala esontweni nayo yaqala ukufunda iBhayibheli noFakazi futhi yesula esontweni. Manje isiyeza emihlanganweni yobuKristu futhi isizwakalise isifiso sokuba ummemezeli. Umkayo ubhapathizwe emhlanganweni okhethekile odlule. Kuyamangaza ukucabanga ukuthi konke lokhu kwaqala ngencwadi eyodwa eyatholwa emgwaqweni!

ECôte d’Ivoire

Esendleleni eya enkonzweni yasensimini enhloko-dolobha e-Abidjan, uFakazi osemusha okuthiwa uBerenger wadlula owesifazane owayethengisa izinkwa. Lo wesifazane wawisa ngephutha ama-franc ayiphepha angu-5 000 (R75). Njengoba uBerenger ethi uyawacosha ukuze awanike umniniwo, kwaqhamuka owesifazane eza ngakuBerenger ememeza, “Yilethe la leyo mali; eyami!” Kepha lapho uBerenger embuza ukuthi imalini, lo wesifazane washingila wahamba. UBerenger wabe esejaha lo wesifazane owayewise imali. Wamangala uma lona wesifazane ephika ukuthi uwise imali, ethi, “Awungiyeke wena, ufuna ukungibamba inkunzi.” Kodwa uma ebona ubuqotho nokuphikelela kukaBerenger, wabheka esikhwameni wathola ukuthi ngempela wayeshoda ngama-franc angu-5 000, imali elingana nezinkwa ezingu-50.

UBerenger wathi: “Ngamnikeza imali ngamtshela ukuthi ngiyibuyisa ngoba uNkulunkulu wami, uJehova, ufundisa izinceku zakhe ukuba zithembeke. Wangibonga, wayesethi: ‘Ukube wonke umuntu ubeziphatha njengoFakazi BakaJehova, bonke abantu ngabe bangabangane. Ngiyaqala ngqá ekuphileni kwami ukubona ingane yenza ngale ndlela.’ Ngamnikeza ipheshana futhi wathembisa ukuthi kusukela lapho, uyobalalela oFakazi BakaJehova. Ngalolo suku, nganginama-franc angu-50 [75c] nje kuphela ephaketheni lami. Kodwa kwangijabulisa ukuthi ngenza okulungile.”

EDemocratic Republic of Congo

U-Eugene ongumdala, ungumhlanzi nonogada ebhizinisini ledayimane. Uyakhumbula: “Ngelinye ilanga kusihlwa kwangena indoda ethile la esitolo samadayimane izothengisa amadayimane enani elingama-dollar (aseMelika) angu-22 000 [R165 000]. Nokho, isikhwama samadayimane esasisephaketheni layo sase silahlekile. Yasicinga yonke indawo kodwa lutho. Ngakusasa, umphathi wakhe nomunye asebenza naye behla benyuka emgwaqweni befunana nesikhwama kodwa abasitholanga. Ngabe sengishanela ngaphandle phambi komnyango wesitolo sethu, hhawu, nasi isikhwama esinamadayimane! Ngasicosha ngaphuthuma kumqashi, umlisa waseBelgium. Akazange akukholelwe engangikwenzile. Ngamtshela ukuthi ngingomunye woFakazi BakaJehova nokuthi nginokwesaba kwenhlonipho ngoNkulunkulu wami. Ubuqotho bami bamthinta ngokujulile umnikazi wamadayimane, wababaza, ‘Angikukholwa lokhu!’

“Omunye engisebenza naye wathi, ‘Eugene, usakhele igama elihle!’

“Ngaphendula: ‘Ngiyabonga! Lonke udumo luya kuJehova, njengoba kunguye ongifundise ukwethembeka.’”

E-Angola

Ngenkathi ehambela indawo esemaphandleni, uJoão, isithunywa sevangeli esikhonza njengombonisi ojikelezayo, wayefuna ukubukisa abafowethu bendawo nabantu abathakazelayo i-DVD enesihloko esithi Noah Walked With God—David Trusted in God. Waphatha i-generator encane, imibhobho emibili emikhulu, uphethiloli kanye ne-computer yakhe yohlobo lwe-laptop. Esigodini sokuqala, wahlala endlini encane yodaka futhi wahlela ukuba ayibukise kusihlwa i-DVD. Uthi: “Ngamangala lapho kufika abantu abangaba ngu-38 bephethe izihlalo, amabhentshi, amatshe, amathini obisi kanye nezinye izinto ababezohlala kuzo. Endlini yayingekho indawo yokuhlalisa ngisho nengxenye yabantu abafika, ngakho kwadingeka siyibukele ngaphandle i-DVD. Kulobo busuku obucwathile, ngabeka i-computer yami phezu kwamabhulokisi odaka, futhi abaningi kwababekhona bahlala phansi phezu kwezindwangu zase-Afrika ezimibalabala.” Izwi lasakazeka ngokushesha futhi abaningi bafika ezigodini uJoão azihambela. “Lapho i-DVD iphela, akekho owayefuna ukuhamba,” ekhumbula. “Abaningi bathi kwakuwubusuku obumnandi kunabo bonke ekuphileni kwabo, bazwakalisa nokubonga okukhulu kuJehova ngaleli lungiselelo elingokomoya.” Phakathi namasonto amathathu uJoão ehambela amaqembu asemaphandleni, bangu-1 568 ababukela le-DVD!

EGhana

UVida, umthengisi wokudla e-Accra, wayemathintanyawo ukuthengisela ihhovisi legatsha laseGhana imifino. Ngani? Umfundisi wakhe wayemtshele ukuthi oFakazi babaphatha kabi abantu abangebona oFakazi. Ngakho, lapho uVida eletha ukudla egatsheni okokuqala, wamangala uma ebona abantu abanobungane nabanokwazisa abasebenza ekhishini. Phakathi namasonto alandela, wajwayelana nezisebenzi zokuzithandela zakuleli gatsha, ephawula ukuthi ngasinye sinomusa kuye nokuthi umfundisi wakhe wayengamtshelanga iqiniso.

Efuna ukwazi okwengeziwe, uVida wacela isifundo seBhayibheli nakuba ayengakwazi ukufunda. Ngezinyanga eziyisithupha nje, wafunda ukuzifundela kwelakhe iBhayibheli futhi ubhapathiziwe emhlanganweni wesigodi wamuva. Naphezu kokwenziwa inhlekisa amalungu omkhaya wakhe nabantu ayejwayelene nabo, uVida usesize umzala wakhe wafanelekela ukuba ummemezeli ongabhapathiziwe.

ESudan

Ngenkathi udade esenkonzweni yendlu ngendlu, wathola amantombazane amabili amamukela. Okuxakayo ukuthi la mantombazane ayengamvumeli ukuba awasize athole imiBhalo eBhayibhelini lawo. Kwavela ukuthi umpristi wendawo wayewaxwayise ngokuthi uma omunye woFakazi BakaJehova ethinta iBhayibheli lawo, okuphakathi kuyovele kushintshe kuvumelane nezimfundiso zoFakazi. La mantombazane enqaba ngisho nokuxhawula udade. Noma kunjalo, lapho ezitholela wona imiBhalo, lokho ayekufunda kwakuvumelana nalokho udade ayekusho. Ebona ukuthi umpristi wayeqambe amanga, anquma ukufunda iBhayibheli. Eshaqekile, umpristi wathembisa ukuwanikeza imali yokuthenga ukudla—inqobo nje uma ezoyeka ukufunda iBhayibheli. Aphendula athini? “Asifuni ukugcwalisa izisu zethu ngokudla. Singamane sisuthiswe yizwi likaNkulunkulu.” Manje la mantombazane aba khona emihlanganweni yebandla.

ETopiya

Nakuba umka-Awoke ayeseneminyaka eyishumi enguFakazi, yena wayengakaze abonise isithakazelo esingako eqinisweni. Yize kunjalo, ngenkathi elibangise kwenye ingxenye yezwe eyokwenza izifundo zezinyanga ezimbili, wanquma ukufuna oFakazi. Lapho efika khona, wayiswa ehhovisi okusebenza kulo omunye wodadewethu. Lo dade wayethandazele ukuba kufike umzalwane ozosiza ebandleni lendawo. Lapho etshelwa ukuthi kunendoda efuna oFakazi BakaJehova, wakhumbula imithandazo yakhe. Kwathi uma ebona u-Awoke, owayegqoke futhi ezilungise kahle, waphetha ngokuthi ungumzalwane ayemthandazele. Ejabulile, waphuthuma ku-Awoke wambingelela ngemfudumalo. Ngenxa yenjabulo yakhe enkulu, u-Awoke akabanga nesibindi sokumtshela iqiniso futhi akafunanga ukumdumaza lapho emethula kubazalwane. Ngenkathi elapho, u-Awoke waya kuyo yonke imihlangano. Njengoba izifundo ayezozenza zase ziphelile sekufika nesikhathi sokuba ahambe, odade abathile bammemela esidlweni sasemini futhi bamcela ukuba athandazele ukudla. Wakhumbula indlela umkakhe ayekuthandazela ngayo ukudla ekhaya ethwele ekhanda, ethandaza egameni likaJesu. Ngakho umthandazo nokudla kwahamba kahle. Ethintwe umusa aboniswa wona ngenkathi elapho, u-Awoke wanquma ukuba abe umzalwane wangempela. Lapho ebuyela ekhaya, waqala ukufundelwa futhi ubhapathiziwe emhlanganweni wamuva. Umkakhe ujabulile kanti u-Awoke ulinde ithuba lokuxoxa le ndaba ebandleni ayelivakashele.

EYUROPHU

INANI LAMAZWE 46

INANI LABANTU 730 776 667

INANI LABAMEMEZELI 1 506 019

INANI LEZIFUNDO ZEBHAYIBHELI 744 319

E-Ukraine

Indoda ethile esebenza ngogesi yaya eHholo LoMbuso iyolungisa isigubhu sikagesi. Yayiyisidakwa esaziwayo. Ngenkathi ilungisa isigubhu yabona umbhalo wetekisi lonyaka othi: “Sondelani kuNkulunkulu, naye uyosondela kini.” (Jak. 4:8) Yama kancane yayisibuza omunye wabazalwane: “Umuntu angasondela ngempela kuNkulunkulu? Izoni zingasondela kuNkulunkulu?” Umzalwane wayiphendula ngeBhayibheli wayimemela nasesifundweni. Yanquma ukuthi ngeSonto izokuya esifundweni kodwa kwelinye idolobha ngoba yayingafuni omakhelwane bayo bayibone iya eHholo LoMbuso. Uma ifika lapho, yathola ukuthi isikhulumi sangalolo suku umdala ovela edolobheni lakubo. Lapho imbona, yazama ukucasha. Kodwa umdala wayibona futhi wayamukela ngemfudumalo. Kusukela lapho yanquma ukuya ezifundweni ngakubo. Kwaqaliswa isifundo seBhayibheli nayo, kwathi ngemva konyaka yabhapathizwa.

Ngaleso sikhathi, umkayo wayesebenza phesheya futhi akakholwanga ukuthi umyeni wayo wayeseyekile ukuphuza esengomunye woFakazi BakaJehova. Ukuze azibonele ngawakhe, wabuya ekhaya. Wajabula ngokuthi umyeni wakhe wayeseyekile ukudakwa esebanakekela nabantwana babo, kodwa akakuthandisisanga ukuthi wayesengomunye woFakazi BakaJehova. Ngelinye ilanga le ndoda yamcela, “Ngicela sihambe ndawonye njengomkhaya siye eHholo LoMbuso.” Wavuma. Kwaqaliswa isifundo seBhayibheli naye futhi kungakabiphi, wabhapathizwa yena kanye namadodakazi abo amathathu. Ngaleyo ndlela, ivesi elilodwa leBhayibheli lasiza abantu abahlanu basondela kuNkulunkulu.

EGreece

Umzalwane ohamba ngendlela efanayo nsuku zonke uma eya emsebenzini waqaphela owesifazane owayejwayele ukuvakashela indlwana yesikhumbuzo. Izindlwana ezinjalo eziye zibe seduze kwemigwaqo eGreece ziwuphawu lokuthi kuleyo ndawo kwashonela khona umuntu. Ukuze asize lo wesifazane, umzalwane wabhala incwadi emfushane enemiBhalo ekhuthazayo ngesimo sabafileyo nangethemba lovuko. Wabhala igama lakhe nenombolo yocingo, wayesefaka le ncwadi kule ndlwana. Ngakusasa, lona wesifazane wamshayela ucingo waveza isithakazelo esikhulu ezindabeni ezinhle. Manje useyimpindelo.

ENorway

Ngemva kwenkonzo yasensimini, odade abayisithupha baya ethilomu. Baxoxa ngenkulumo yeningi enhle ababeyizwe eHholo LoMbuso ezinsukwini ezimbili ngaphambili. Yayikhuluma ngethemba lovuko. Ngemva kwesikhashana, owesifazane owayekade ebalalele weza etafuleni labo. Wacela ukuhlala nabo ukuze ezwe le ndaba ababekhuluma ngayo. Wabatshela ukuthi wayesanda kushonelwa abazali bakhe bobabili. Kwalandela ingxoxo eyakhayo. Odade bacela izinombolo zocingo zalo wesifazane futhi kamuva omunye wabo wamthinta, kwaqaliswa isifundo seBhayibheli.

ELithuania

U-Olga, intokazi eyisikhonzi sesikhathi esigcwele, waqala isifundo seBhayibheli emi emnyango nowesifazane waseRussia. Phakathi nokuhambela kokuqala, lona wesifazane wacela u-Olga ukuba achaze inkulumo yeBhayibheli ethi ‘izinsuku zokugcina.’ (2 Thim. 3:1) U-Olga wathembisa ukumchazela lapho ebuya. Kwaphela cishe inyanga u-Olga engamtholi ekhaya nakuba ayefika izikhathi eziningi. Nakuba kwakungekho muntu owayevula umnyango, u-Olga waphawula ukuthi ukhona umuntu owayemlunguza ngembotshana encane yomnyango. U-Olga uthi: “Angicabanganga ukuthi wayengasathandi ukuqhubeka nezingxoxo zethu zeBhayibheli. Phela kwakusengenzeka ukuthi ngomunye umuntu ongilunguzayo. Ngakho nganquma ukumbhalela incwadi echaza indaba ayefuna ukuyazi. Ngemva kwezinsuku ezintathu ngabuyela kuye. Yeka ukuthi ngajabula kanjani lapho evula umnyango! Yayimthinte kakhulu incwadi kanye nesithakazelo somuntu siqu ayeboniswe sona.”

Lona wesifazane wambonga u-Olga, wathi: “Ngiyifunde izikhashana incwadi yakho futhi ngakuqonda konke okukuyo.” Ngenxa yalokho, isifundo esasiqhutshelwa emnyango manje sesiyisifundo seBhayibheli sasekhaya esiqhutshwa njalo ngencwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli. Isikhathi ngasinye u-Olga eya kulesi sifundo, lo wesifazane onesithakazelo umamukela ngezandla ezifudumele.

ESwitzerland

EGeneva, idolobha elinabantu bezizwe ezihlukahlukene, udade okuthiwa uMarie wakhuluma nowesifazane ovela eMpumalanga Ephakathi. Njengoba uMarie efunda isi-Arabhu, waxoxa naye ngaso. UMarie wathi ukholelwa kuNkulunkulu oyedwa weqiniso. Lo wesifazane wavele wamanga, wamqabula, ethi ubedabukile futhi ubethandaza ngenkathi uMarie ezokhuluma naye. Wathi ubuyela kwelakubo ngakusasa. UMarie wavula iBhayibheli, wafunda eyoku-1 Petru 3:7, wachaza ukuthi uNkulunkulu ubazisa kakhulu abantu besifazane. Wabe esethi uJehova ufuna bonke abayeni babadumise futhi babahloniphe omkabo. Emangele, lona wesifazane wabuza: “Hhayi bo, uyingelosi noma ungumuntu wena? Into engiphethe kabi ukuthi umyeni wami akakwenzi lokho uNkulunkulu akushoyo kulo mBhalo. Ngithandaza njalo kuNkulunkulu ukuba angisize. Awubheke nje, uvele wavula le ncwadi wangifundela leli vesi.” Lo wesifazane wabe esecela uMarie ukuba abhale lo mBhalo ephepheni. Wathi uzohamba nalo alibonise umkhaya wakubo, abatshele nangalokhu okuhlangenwe nakho okuhle. Kwamphatha kabuhlungu uMarie ukuthi lo wesifazane uyahamba kodwa bavumelana ngokuthi bazoxhumana.

ENetherlands

Idolobha laseRotterdam linechweba eliphakathi kwamakhulu kunawo wonke emhlabeni. Izimpahla ezifika ngemikhumbi zifakwa emalolini ukuze ziyiswe emazweni angaphansi kwe-European Union nakwamanye. Ngakho kunenqwaba yamaloli anqamula kuleli zwe. Omunye wemigwaqo emikhulu eya eJalimane engumakhelwane, unendawo enkulu lapho amaloli afike ame khona, futhi lapha kudlula amaloli angaba ngu-1 500 ihora ngalinye. Njengoba umthetho uthi abashayeli bamaloli kufanele bathathe ikhefu lapha, abafowethu bathatha leli thuba babashumayeze, bahlangane nabashayeli abavela eYurophu, eMpumalanga Ephakathi cishe nakuwo wonke amazwe ayengaphansi kweSoviet. Abashayeli babathanda kakhulu omagazini bethu. Ngonyaka ofile, abafowethu baya izikhathi ezingu-82 kule ndawo yamaloli, bahambisa omagazini abangaphezu kuka-10 000 ngezilimi ezingu-35.

EMAZWEKAZINI ASEMELIKA

INANI LAMAZWE 56

INANI LABANTU 883 782 291

INANI LABAMEMEZELI 3 256 287

INANI LEZIFUNDO ZEBHAYIBHELI 3 111 358

EPeru

UJorge ukhonza njengephayona elivamile futhi uziphilisa ngokudweba izithombe. Wafakaza komunye umdwebi, uHubert, owamukela isifundo seBhayibheli. Naphezu kokuphikisa okukhulu komkhaya wakhe, abangane nezihlobo, uHubert waqeda ukufunda incwadi ethi Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okuphakade ngezinyanga eziyisithupha nje kuphela. Emithandazweni yakhe wayecela uJehova ukuba asize umkhaya wakubo ufunde iqiniso. Wajabula lapho umfowabo uJhon eba khona lapho efundelwa kanye nasemihlanganweni yebandla. Ngesonto elilandelayo, umlamu kaJhon, uCesar, waqala ukufundelwa. Nakuba umkaCesar ayephikisa ekuqaleni, naye waqala ukufundelwa. Kamuva, uReynaldo, owayefunda noHubert esikoleni, wafuna ukufundelwa. Ukuphikiswa okunamandla kwamphoqa ukuba afundele kubo kaHubert. Ngokushesha ngemva kwalokho, uMilton, umfowabo kaHubert, naye waqala ukufundelwa. Ngemva kwesifundo sokuqala, uMilton wafakaza kubafundi ababili afunda nabo, uDarwin noChristian, nabo baqala ukufundelwa nokuza esifundweni. UHubert unabanye abafowabo ababili, uRonald noMartin. URonald wafika esifundweni sikaHubert nohide lwemibuzo yeBhayibheli, uJorge wamchazela ukuthi isifundo seBhayibheli sasiyoyiphendula yonke imibuzo yakhe. Wasamukela. Kwalandela uMartin waqala ukufundelwa, futhi amadodakazi akhe amabili nawo aseyafundelwa. UHubert noJhon babhapathizwa eMhlanganweni Wesigodi othi ‘Ukukhululwa Kuseduze.’ Ngenxa yobufakazi bokuqala obanikezwa, ukubala kokugcina kwembula ukuthi abantu abangu-18 sebeye bafunda ngoJehova.

EBrazil

UPaulo uhlala epulazini lezinkomo engxenyeni esenyakatho yezwe. Intombi ayehlala nayo futhi ayishada kamuva yayifundelwa, ngakho wavuma ukufunda iBhayibheli ukuze nje ayijabulise. Phakathi naleso sikhathi, abelusi bezinkomo abasebenza kuleli pulazi bazingela futhi bagcina bebulele isilwane esifana nengwe esasibulala izinkomo. Befuna ukuhlomula kulokhu, bashayela umnini-pulazi ucingo bacela imali yokuqasha umzingeli wezingwe okhokhelwayo. UPaulo wahambisana naleli cebo, waze watshela umqashi wakhe wona la manga. Kodwa ngenxa yalokho uPaulo ayekufunde eBhayibhelini, unembeza wakhe wamhlupha. Nakuba ayeqonda ukuthi angalahlekelwa umsebenzi wakhe abuye axabane nasebenza nabo, wathinta umqashi wakhe ngocingo wamtshela iqiniso. Kamuva, uPaulo wakhushulelwa esikhundleni sokuphatha ipulazi ngenxa yokwethembeka kwakhe. UPaulo nomkakhe manje bangabamemezeli bezindaba ezinhle ababhapathiziwe. Yeka injabulo okuyiyo ukubona le ndoda ethembekile ishayela ugandaganda wayo iya eHholo LoMbuso, ihamba nomkayo nezingane zabo ezimbili!

EMexico

Ngenkathi esemhlanganweni wabazali esikoleni samadodakazi akhe amancane, uMaría, iphayona elivamile elishisekayo, waphawula ukuthi othisha babekhathazekile ngokuhlupha nokungcola kwabanye abafundi. Omunye uthisha wathi: “Bazali, uma ningafuni ukubona enye ingane ewumdlwembe emigwaqweni, sicela nisisize. Xoxani nabantabenu. Bathengeleni izincwadi. Basizeni ngoba banemibuzo eminingi. Ningabavumeli bazithole emigwaqweni izimpendulo.” Kamuva, uMaría waya ehhovisi likathishanhloko eyobuza ngokuziphatha kwamadodakazi akhe futhi watshelwa ukuthi awahluphi. Wayesesikisela incwadi ethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo njengesiqondiso esisebenzayo kwabasha. Uthishanhloko walalelisisa futhi wacela uMaría ukuba amphathele le ncwadi. Lapho efika nayo ngakusasa, uthishanhloko wathi ukuyibhekabheka ngokwazisa wabe esecela enye ikhophi ayezoyinika isazi sokusebenza kwengqondo esisebenza kulesi sikole. Ngemva kokuyifunda, lesi sazi sasikisela ukuba ifakwe ohlelweni lwezifundo zesikole. Uthishanhloko wacelela bonke othisha abangu-12 ikhophi kanye nezinye ezingu-50 ezizoba semtapweni wezincwadi wesikole.

E-Uruguay

Ngelinye ilanga entathakusa, indoda ethile yayisuka e-Argentina engumakhelwane iya kwelakubo e-Uruguay. Lapho isizogibela isikebhe esiwela umfula iRío de la Plata, yahlangatshezwa intombazanyana eyayinikeza i-Phaphama! ka-January 2006 enesihloko esithi “Liphetheni Ikusasa?” Le ntombazane yayinobungane futhi le ndoda yawuthatha umagazini. Lapho abagibeli befika eMontevideo, bayiswa esikhumulweni esikhulu samabhasi. Le ndoda yamangala lapho iphinde ihlangana noFakazi, kodwa kulokhu kwase kungugogo odondolozelayo. Wamnika umagazini ofanayo, yawuthatha. Isanda kufika nje ekhaya ngaleyo ntambama, yezwa kungqongqoza umuntu. Yebo, kwakungomunye woFakazi BakaJehova. Ngemva kokulalela isigijimi esifushane, yathatha umagazini—isiwuthatha okwesithathu ngosuku olufanayo! Lapho uFakazi echaza ukuthi siyayamukela iminikelo yokusekela umsebenzi womhlaba wonke, yathi isiyakwazi lokho, yangena endlini iyolanda imali. Lapho ibuya, yayisiphethe omagazini ababili eyayibathole ngalolo suku. Ikhulumela umbuzo ongaphandle othi “Liphetheni ikusasa?” yamomotheka yathi: “Nakhu engiqiniseka ngakho: Ikusasa liyoletha omunye woFakazi BakaJehova!”

EPuerto Rico

Udade wayevakashele indodakazi yakhe lapho izigebengu ezimbili zigulukudela endlini, esinye siphethe isibhamu. Zathi zifuna imali, kodwa lapho bethi abanayo, esinye isigebengu saqala ukupequlula endlini ngesikhathi esinye sibakhombe ngesibhamu. Ngaso leso sikhathi baqala ukuthandaza kuJehova. Isigebengu sabuza, “Nenzani nina?” Baphendula bathi bangoFakazi BakaJehova futhi bathandaza kuNkulunkulu wabo, uJehova. Njengoba odade beshumayeza lesi esiphethe isibhamu, sabuya lesi esinye, sathi sithole ikhadi lasebhange. Bonke bangena emotweni kadade balibangisa ebhange. Odade baqhubeka beshumayela futhi bekhuluma ngenhlonipho nezigebengu. Umama wabe esecela isigebengu esiphethe isibhamu ukuba sisibeke, futhi wamangala lapho sisibeka ngempela, sithi kuyasimangaza ukuzola kwakhe. Umama wathi unendodana ecishe ilingane nabo futhi inekusasa eliqhakazile. Wanxusa izigebengu ukuba zizivumelanise nezindlela zikaJehova ukuze nazo zibe nekusasa elihle. Naphezu kwalokho, baqhubeka bonke baya ebhange, indodakazi yafike yakhipha imali. Izigebengu zabe seziyisa odadewethu emgwaqweni omncane, zabadedela. Esinye isigebengu sasifuna ukubabopha, kodwa lesi sesibhamu senqaba. Satshela odade ukuthi kunothile onamandla kakhulu obavikelayo. Ngalo lolo suku, la madoda ayegebenge, abopha futhi ashaya abanye endaweni efanayo.

E-OCEANIA

INANI LAMAZWE 30

INANI LABANTU 35 914 649

INANI LABAMEMEZELI 94 323

INANI LEZIFUNDO ZEBHAYIBHELI 49 667

EPapua New Guinea

UTom owayeyisosha, wayebazi ububi bempi. Lapho ehlangana noFakazi edolobheni ayehlala kulo, wathintwa isithembiso seBhayibheli somhlaba ongenayo impi. Wafunda iBhayibheli futhi wathuthuka ngokomoya, kodwa kwavela isimo esavivinya ukholo lwakhe lapho enquma ukuya eSikhumbuzweni. Uyise kaTom wayekade engumfundisi esontweni lase-United, kanti uTom wayengusihlalo waleli sonto, elalakhelene neHholo LoMbuso. Njengoba uTom engena eHholo LoMbuso, wabona amalungu esonto—abangane bakhe abaseduze, ayesebenza nabo, kanye nomfundisi wesonto—bonke abavele bambuka. Kwathi akacashe uTom kodwa wayesecabanga: ‘Kungani kufanele ngicashe? Manje yisikhathi sokuba ngenze abantu bazi ukuthi ngizoba omunye woFakazi BakaJehova.’ Ngemva kwamaholide ama-Easter, waya kumfundisi wesonto wambuza, “Ungibonile eHholo LoMbuso?”

Umfundisi wathi, “Yebo ngikubonile,” base behleka bobabili.

UTom wayesethi: “Mngane wami, kunethilomu engangicabanga ukuthi yilona elinokudla okungcono, kodwa ngathola ukuthi ukudla kwakhona kunoshevu. Ngabe sengithola elinye ithilomu, elithengisa ukudla okunempilo nokunomsoco. Ngemva kokudla ukudla okumnandi kanjalo, ngingabuyela kanjani kuleliya thilomu elidala?”

Umfundisi walithola iphuzu wathi, “Tom, ungatsheli muntu, nami ngiyifunda njalo i-Phaphama!” UTom wesula esontweni futhi naphezu kovivinyo, useyisikhonzi sikaJehova esizinikezele.

ESolomon Islands

Ngo-February 18, 2006, abamemezeli abangu-58 baphothula ekilasini lokufunda ulimi lwezandla lwase-Australia elalihlelwe ihhovisi legatsha loFakazi BakaJehova. Kusukela lapho, bayishumi abantu abayizithulu abamukela isifundo seBhayibheli futhi asebeba khona emihlanganweni yebandla. Omunye wabo uMoses. Umakhelwane wakhe wayemchaza “njengendoda eyisififane—umuntu owuhlupho nje.” Kodwa lapho isihlobo sikaMoses esinguFakazi esasikhona kula makilasi sicela ukumqhubela isifundo seBhayibheli, wavumela phezulu. Ngemva kwenyanga lapho uMoses eqala ukuya esifundweni eHholo LoMbuso, izingubo zakhe zazingcolile, esho ngezinwele ezinde nobhebhenene lwentshebe. Indlela amukelwa ngayo namaqiniso “awezwa” kwamthinta inhliziyo. Kwammangaza ukufunda eBhayibhelini ukuthi ngokunakisisa indlela umuntu agqoka nabukeka ngayo, usuke ekhazimulisa uNkulunkulu. Lapho engena eHholo LoMbuso ngesonto elilandelayo, abafowethu babengasamboni. Wayegundile, eshefile futhi egqoke kahle. Wenza izinguquko nasebuntwini bakhe. Umakhelwane wakhe wathi: “Manje usehlanzekile futhi usehlale emomotheka.” UMoses uyathuthuka ngokomoya futhi usiza abanye abayizithulu baqonde izindaba ezinhle.

ETahiti

Isiqhingana esincane, esingasodwa saseMakemo, esiqhele ngamakhilomitha angaphezu kuka-600 eTahiti, sinabantu abangu-720 kuphela. Owesifazane okuthiwa uRavahere wathola iqiniso ngenkathi ehlala nezihlobo eTahiti. Lapho ebuyela eMakemo, waqala ukufunda iBhayibheli ngeposi, kwase kuba nge-fax, kamuva kwaba ngocingo. URavahere wawubhalisa ngokusemthethweni umshado wakhe wenza nezinye izinguquko ukuze azivumelanise nezindinganiso zikaJehova, naphezu kokucindezela kwabanye emkhayeni wakubo ababefuna ahlale engumMormon. Ekugcineni, ngenkathi evakashele ibandla eTahiti, uRavahere wafaneleka njengommemezeli ongabhapathiziwe. Njalo ngemva kwamasonto amabili uthola izincwadi ezikhuthazayo ezivela kubamemezeli kulelo bandla.

Ngo-June 2006, umbonisi wesifunda nomkakhe bavakashela uRavahere. Umbonisi ubika ukuthi njalo ngezimpelasonto ushumayela endlini ngendlu. Insimu yakhe uyidwebe phansi futhi useqale izifundo zeBhayibheli zasekhaya eziningana. Ukhangisa ngomagazini bethu esitodlwaneni sakhe. Ubuye aqhube nesifundo sencwadi, umyeni wakhe aba khona kuso.

EFiji

Njalo ngesonto uMatthew, oyisithunywa sevangeli esiqeqeshwe eGileyadi futhi ongumdala, uqhuba isifundo seBhayibheli nabafundi abane ekolishi lothisha. Kuleli kolishi, abefundisi bamasonto ahlukahlukene bavamise ukulethela amalungu amasonto abo izinkonzo kusihlwa. Injongo yaleli lungiselelo ukusiza abaphathi bekolishi, abazama ukulwa nokuziphatha okubi okubhidlangile kuleli kolishi.

Ngelinye ilanga kusihlwa uMatthew wabona inqwaba yabafundi enkantini—abangaba ngu-250—behleli ngokuthula, bephethe amaBhayibheli, izinto zokubhalela namapeni. Babelinde umfundisi wesonto elikhulu owayezoqhuba inkonzo. Kodwa ngenxa yokuthi umfundisi akafikanga, uMatthew wacelwa ukuba akhulume nalaba bafundi. Esikhundleni sokucula njengenhlalayenza bese kulandela intshumayelo yokushiswa kwabantu esihogweni, uMatthew wethula intshumayelo ehluke kakhulu, esebenzisa imiBhalo. Kule nkulumo yakhe engalungiselelwe, uMatthew wakhuthaza abafundi ukuba bakhumbule uMdali wabo besebasha. Ngemva kwayo, bonke abafundi bashaya ujenga befuna ukuxhawula uMatthew bambonge. Manje usebheke phambili ekulandeleleni isithakazelo esavuswa yileli thuba ayengalilindele.

E-Australia

Ngenkathi besebenza endlini ngendlu, odade ababili bahlangana nowesifazane owayegula. Wabatshela ukuthi unesifo somdlavuza nokuthi wayematasa eqoqa izinto zakhe ukuze abantu bangahlupheki ngazo lapho eseshonile. Wathi akanazo izihlobo noma abangane futhi unesizungu kakhulu. Wachaza nanokuthi ezinye izinkolo zazimphathe kabi nokuthi wayenomuzwa wokuthi uNkulunkulu umlahlile. Kamuva, omunye walab’ odade wamhambisela izimbali, futhi ngenxa yokuthi wayengekho, udade wazishiya emnyango kanye nencwadi encane. Ngentambama efanayo, lona wesifazane washaya ucingo wabonga wanconcoza ngesenzo somusa. Wathi akekho omunye umuntu owake wambonisa umusa ongaka noma wamnikeza izimbali, waxolisa nangokuthi ubengekho ekhaya. Lapho odade bebuyela, wayebalindile. Bambonisa incwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli, kwahlelwa nesifundo seBhayibheli.

[Isithombe ekhasini 43]

UMiho

[Isithombe ekhasini 47]

Safika ngethangi lobisi

[Isithombe ekhasini 47]

UKetevan

[Isithombe ekhasini 48]

Abanye ababengamalungu esonto

[Isithombe ekhasini 55]

U-Olga

[Isithombe ekhasini 55]

UMarie

[Isithombe ekhasini 57]

UHubert, uJorge noJhon

[Isithombe ekhasini 58]

UPaulo nomkhaya wakhe

[Izithombe ekhasini 63]

URavahere esitodlwaneni sakhe eMakemo

[Isithombe ekhasini 63]

UMatthew

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela