Izenzo ZoFakazi BakaJehova Ezikhathini Zanamuhla
ICuraçao
Ebalazweni lomhlaba, iziqhingi zaseCuraçao, e-Aruba naseBonaire zibonakala zizincane kakhulu uma ziqhathaniswa namazwekazi amakhulu aseduze kwazo. Kodwa, kulezi ziqhingi kuhlala abantu bezizwe namasiko amaningi. Abaningi abahlala kulezi ziqhingana zaseCaribbean manje bayajabula ngaphansi kokubusa kukaJehova okulungile. Funda ngokuthi oFakazi abashisekayo baye bazinqoba kanjani izinselele zokuhluka kwamasiko nolimi ukuze bafundise ulimi oluhlanzekile lweqiniso leBhayibheli.
I-Ukraine
Kwakungu-April 8, 1951. Ukuduma komsindo wamaloli empi kwaphazamisa ukuthula kwasekuseni. Kulo lonke elasentshonalanga ye-Ukraine, amasosha afika emizini yoFakazi BakaJehova anikeza umkhaya ngamunye amahora amabili okupakisha izinto zawo ukuze uthathe uhambo abaningi abangazange babuye kulo. Ngalolo suku, oFakazi abangaphezu kuka-6 100 bafakwa ezinqoleni, badingiselwa eSiberia. Leso senzo sasiyingxenye yomkhankaso wesikhathi eside wombuso waseSoviet Union onamandla ukuze uthulise noma yiliphi izwi elalilokotha limemezele uMbuso kaNkulunkulu. Indaba ethakazelisayo yokuthi oFakazi base-Ukraine bakhuthazela kanjani ngaphansi kokuvinjelwa nokushushiswa iminyaka engaphezu kwengu-50 izokwakha ukholo lwakho emandleni kaJehova okusekela abantu bakhe.