UMbiko Womhlaba Wonke
I-Afrika
ECôte d’Ivoire umfundi osakhula okuthiwa u-Edith wathola ukuthi ukubhapathizwa kwakhe nokuhlolwa esikoleni kwakuzoba ngosuku olufanayo. Ngesibindi wacela kuthisha imvume yokungabi bikho uma kubhalwa ukuhlolwa, uthisha wavuma. Izingane afunda nazo zamgcona, zimbiza ngoMariya, unina kaJesu. Omunye umfana wamenza inhlekisa phambi kwezinye izingane ethi u-Edith wayengayanga kobhapathizwa, kodwa wayeye emncintiswaneni wokubhukuda. U-Edith wavele wanikeza lo mfana ipheshana elikhuluma ngezinkolelo zoFakazi BakaJehova.
Ngemva kokulifunda, lo mfana wayeka ukugcona u-Edith wathi naye ufuna ukuba uFakazi. Watadisha incwadi ethi Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade, futhi nakuba umkhaya wakubo wawumphikisa, wabhapathizwa. U-Edith uyajabula ngokuthi wabeka ukuzinikezela kwakhe kuJehova kuqala ekuphileni kwakhe nokuthi lokhu kwasiza omunye umuntu ukuba enze okufanayo.
Isithunywa sevangeli eNtshonalanga Afrika siyabika: “Esinye sezibusiso zikaJehova siwukuba yingxenye yenhlangano enedumela elihle, ngisho nasemadolobhaneni amancane omhlaba. Lokhu ngakubona kahle lapha eGhana, lapho oFakazi BakaJehova baziwa kahle futhi behlonishwa khona. Sasiyodiliva i-oda lezincwadi lanyanga zonke emabandleni athile emaphandleni. Kwelinye idolobhana, asimtholanga umuntu ovame ukulanda iphasela lezincwadi. Ngabuza umshayeli ukuthi senzenjani. Wangibuka, wamomotheka, wayesethi: ‘Ungakhathazeki.’ Wabe esemisa iloli emakethe eyayinesixuku sabantu, walunguza ngefasitela, wayesebiza enye yamantombazanyana ayedayisa inhlanzi ngasemgwaqweni. Wanika le ntombazane ibhokisi lezincwadi wathi: ‘Ngicela ulinikeze oFakazi BakaJehova.’ Ngaphandle kwezwi, le ntombazane yathwala ibhokisi ekhanda, yafulathela, yangena esixukwini. Njengoba siya edolobhaneni elilandelayo, ngabuza umshayeli ukuthi uyayazi yini leya ntombazane. Waphinda wamomotheka wayesethi: ‘Cha, kodwa yona iyasazi.’ Ngazibuza ukuthi abafowethu babeyozithola yini lezo zincwadi. Sasingekho isidingo sokukhathazeka. Bazithola ngalo kanye lolo suku.”
Edolobhaneni laseGbolobo, eLiberia, abafowethu babhalela induna yedolobha incwadi, beyitshela ngesifiso sabo sokuqhuba omunye wemihlangano engokwenkolo obaluleke kakhulu onyakeni edolobhaneni layo. Yanikeza abafowethu imvume yokusebenzisa inkundla yebhola yendawo futhi yathumela isimemezelo kuwo wonke amasonto angaphansi kwamadolobhana ayo angu-7. Lesi simemezelo sasimemela abantu eSikhumbuzweni. Iqembu elikhulu loFakazi leza kuleli dolobhana lizokwakha ipulatifomu yeSikhumbuzo enkundleni yebhola. Basebenza ndawonye ngomoya wothando nenjabulo. Lokhu kwabahlaba umxhwele abantu bomuzi. Nakuba kunabamemezeli abahlanu nje kuphela eGbolobo, ababekhona eSikhumbuzweni babengu-636!
Umfana oneminyaka eyishumi ubudala enyakatho yeRwanda wafuya ixhukazana lembuzi laze lazala amazinyane amathathu. Muva nje uthumelele ihhovisi legatsha isithombe sakhe enale mbuzi. Encwadini eyayihamba nesithombe, wabhala: “UJehova uye wangibusisa kakhulu, yingakho nginikela ngale mbuzi emsebenzini wokushumayela emhlabeni wonke oshiwo kuMathewu 24:14.” Wanikeza abadala bebandla lakubo le mbuzi wabacela ukuba bayidayise. Bayidayisa base bethumela imali egatsheni.
Iphayona elikhethekile eNigeria lagitsheliswa umshayeli othile. Njengoba omunye umgibeli elivulela indawo yokuhlala, umshayeli wabona INqabayokulinda esandleni salo mfowethu. Watshela umfowethu ukuba ehle emotweni yakhe. Umshayeli wenqaba ukuchaza, kodwa wamane wathi makehle. Lapho abanye abantu bebona imoto ihamba imshiya umfowethu, bamtshela ukuthi wayesindiswe nguNkulunkulu wakhe. Bathi: “Leya moto eyabathumbi!” “Isibonakaliso” somfowethu sasimlethele isivikelo sikaJehova.
UGrant ungummemezeli oneminyaka engu-8 ubudala eSifundazweni SaseCopperbelt eZambia. Lapho eseyingane, wayekwazi ukulandisa indaba ngezithombe ezisencwadini ethi Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila. Abazali bakaGrant bamkhuthaza ukuba abambe ngekhanda izingxenye zeBhayibheli engakakwazi nokufunda. Manje ungummemezeli ongabhapathiziwe. UGrant uqhuba izifundo zeBhayibheli eziningi, ezithile nge-Ncwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli kanti ezinye ngencwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi? Ngenxa yentshiseko yakhe, izingane zangakubo zibiza uGrant ngokuthi u-shimapepo mukalamba, ngesiBemba okusho ukuthi “umpristi ophakeme.”
Indoda eyaqala ukutadisha iBhayibheli eSenegal yafunda ukulandisa kwe-Phaphama! ka-September 22, 1999, okuphathelene noFakazi nendodakazi yakhe encane eCanada ababuyisela u-R4 200 ababewuthole esikhwameni semali ababesithenge endalini. Lapho isanda kufunda lesi sihloko, le ndoda yathola isikhwama semali emgwaqweni esasinamakhadi kamazisi ambalwa nemali elinganiselwa ngaphezu kuka-R5 000. Yacabangisisa ngesihloko eyayisifundile nobuthongo bangehla ngalobo busuku.
Ngakusasa ngo-8 ekuseni, le ndoda yashayela umnikazi wesikhwama ucingo yahlela ukuba bahlangane ngokushesha ukuze imbuyisele isikhwama nayo yonke imali ekuso. Umnikazi wesikhwama wahlabeka umxhwele kakhulu ngokwethembeka kwalo mfundi weBhayibheli waze wamnikeza ingxenye yemali eyayisesikhwameni—u-R2 500! “Ngenxa yalowo magazini owodwa we-Phaphama!,” kusho lo mfundi weBhayibheli, “ngaziphatha ngendlela engiyoziqhenya ngayo kukho konke ukuphila kwami!” Kusukela ngaleso sikhathi, uye wazimisela kakhulu esifundweni sakhe seBhayibheli.
Ezweni laseMpumalanga Afrika e-Uganda, uKandole oneminyaka engu-12 ubudala wayehlala athule alalelisise lapho unina efunda iBhayibheli noFakazi BakaJehova. Ngokuhamba kwesikhathi, unina wasiyeka isifundo, kodwa lo mfana wayelangazelela ukuzwa iZwi likaNkulunkulu futhi wabuza ukuthi oFakazi babeyiqhubela kuphi imihlangano yabo. NgeSonto elilandelayo, wahamba amakhilomitha angu-11 eya eHholo LoMbuso futhi ngemva kwalokho wayeya njalo. Umfowethu oyiphayona waqala ukufundela uKandole iBhayibheli, wathuthuka kahle futhi wabhapathizwa eneminyaka engu-14 ubudala. Manje useneminyaka engu-17 ubudala futhi usanda kuba yiphayona elivamile muva nje. Umgomo wakhe uwukuba yiphayona elikhethekile. Ekugcineni unina waqala ukufundelwa futhi, kanti manje usengudade obhapathiziwe. UKandole akasahambi ngezinyawo uma eya emihlanganweni. Usenebhayisikili, futhi ugibelisa unina uma beya eHholo LoMbuso.
Amazwekazi AseMelika
UMárcio wamenyelwa ukuyokhonza eBethel eBrazil. Uvela engxenyeni empofu yezwe, futhi akekho noyedwa kubo onguFakazi. Ukuze athole imali yokugibela ibhasi aye eBethel, wadayisa impahla yakhe, futhi ehlanganisa nemali ayeyiphiwe abanye oFakazi ebandleni, wakwazi ukuthatha lolu hambo. Ngemva kokuhamba izinsuku ezintathu, ibhasi lakhishwa endleleni abaphangi ababehlomile. Abaphangi basesha impahla yawo wonke umuntu bathatha abakufunayo. Lapho bevula isikhwama sikaMárcio, babona iBhayibheli lakhe base bevala isikhwama bangathatha lutho. Lapho ibhasi lifika edolobhaneni elilandelayo, abagibeli babelambile kodwa iningi lase lingenamali yokuthenga ukudla. Njengoba abaphangi babengasithathanga isikhwama sikaMárcio, wathengela abanye abagibeli ukudla, futhi lokhu kwaba ubufakazi obuhle.
U-Osvaldo, owayefundelwa oFakazi BakaJehova eChile, watshelwa emsebenzini ukuthi kwakufanele aqale ukusebenza nangeSonto. Watshela umphathi wakhe ukuthi isivumelwano sasiwukuba asebenze kusukela ngoMsombuluko kuze kube uLwesihlanu. U-Osvaldo wanezela: “Ngisanda kushada, futhi ngifuna ukuchitha isikhathi nomkami. Futhi amaSonto ngiwagcinele ukunikela okuthile kuNkulunkulu.” Umphathi wathi u-Osvaldo wayezoxoshwa emsebenzini ekupheleni kwenyanga. U-Osvaldo wayewukuphela kwesisebenzi kwezingaba ngu-3 000 owayengayi emsebenzini ngamaSonto. Kunalokho, waqhubeka eya emihlanganweni, ethembele kuJehova.
Ngokushesha le nkampani yavakashelwa imeneja enkulu yaseFrance. Yafika etafuleni lika-Osvaldo yambonga ngomsebenzi wakhe omuhle. Imeneja yathi: “Nguwena kuphela ongenayo imidlalo kuyi-computer yakho, futhi usebenza ngendlela ehlelekile.” U-Osvaldo wabonga imeneja ngokumncoma, wayitshela ukuthi wayezophelelwa umsebenzi maduzane. Imeneja yabuza: “Ingabe usuthole umsebenzi ongcono?” U-Osvaldo wathi cha wayesechaza isimo.
Ngemva kwezinsuku ezimbalwa wathola isimemo sokuba abe khona emhlanganweni nomphathi wakhe kanye nemeneja. Isimo sasishubile. Imeneja yathi: “Osvaldo, ngeke usebenze ngamaSonto, futhi kuyoqabukela ukuba usebenze ngeMigqibelo. Uzonikezwa nomthwalo othé xaxa emsebenzini.” Ngalo lelo sonto u-Osvaldo wabhapathizwa. Manje yena nomkakhe bakhonza njengamaphayona asizayo.
E-Ecuador, insizwa ethile, ebhapathizwe kuwo lo nyaka, yathola isabelo sayo sokuqala senkulumo yomfundi ehholo elikhulu eHholo LoMbuso. Yaba nomuzwa wokuthi ukunikeza le nkulumo kwakuyilungelo elikhulu kangangokuba yaqala ukonga imali ukuze ithenge isudi entsha. Lapho seyonge u-R300, yezwa ngodade othile ebandleni owayengenamali yokukhokhela imithi kadokotela. Yanika lo dade wonke u-R300 eyayiwugcinile, ithi: “UJehova uzongithanda ngendlela efanayo kungakhathaliseki ukuthi nginikeza inkulumo ngesudi yami endala noma ngesudi entsha!”
Udade othile eGuatemala wayefakaza emgwaqweni. Wabona indoda ihlezi emnyango emzini othile, kodwa wacabanga ukuthi akufanele ayishumayeze ngoba lo muzi wawusensimini yelinye ibandla. Wadlula ngakhona kodwa wazizwa eshukumiseleka ukuba axoxe nayo. Ngakho wabuya waxoxa nale ndoda ngoMbuso kaJehova. Le ndoda yalalelisisa. Yabe isithi: “Ngiyabonga ngokuzoxoxa nami, ntokazi, ngoba ngilapha nje bengizobulala indoda ezofika manje nje ekuseni ngo-7:45. Ibizoya kwagoqanyawo, mina ngiye ejele! Ngiyazi ukuthi awuzizelanga lapha; uthunyelwe nguNkulunkulu kimi ukuze ngazi ngothando lwakhe. Sengibuyela kwami manje ukuze ngingabenzi lobu bugebengu. UNkulunkulu akubusise!”
Phakathi kuka-December 2000 no-January 2001, ihhovisi legatsha laseColombia lahlela umkhankaso wokushumayela emasimini angawodwa. OFakazi kulelo zwe bakhuthazwa ukuba bayohlala kulawo masimu isikhathi esingangesonto elilodwa kuya ezinyangeni ezimbili, kuye ngezimo zabo, ukuze bashumayele futhi balandelele isithakazelo.
Efuna ukuhlanganyela kulo mkhankaso, udade osemusha waseBogotá waya edolobhaneni laseGuasca. Wazijabulela kakhulu izinyanga ezimbili azihlala lapho kangangokuba wacela uJehova ukuba amsize athole umsebenzi wokuziphilisa ukuze ahlale. Wathenga ukhukhunathi, wabhaka amakhekhe ngawo, wawadayisa emgwaqweni nasezitolo. Ngaphezu kwalokho, wathola umsebenzi wokuwasha noku-ayina izingubo waze wafunda ngisho nokusenga izinkomo. Kanjalo uye wakwazi ukuziphilisa futhi uyaqhubeka ekhonza njengephayona elivamile eGuasca. Uqhuba izifundo zeBhayibheli ezingu-25.
Umninikhaya othile watshela udade eJamaica ukuthi akukho muntu owayengamguqula abe uFakazi. Udade wachaza ukuthi wayeze ukuzohlanganyela isigijimi seBhayibheli, kuhlanganise nethemba lokuphila okuphakade. Njengoba bexoxa, udade waphawula ukuthi lona wesifazane wayelihlonipha ngempela iBhayibheli. Waqaphela nokuthi ukuphikisa kwakhe okuqinile emaphuzwini athile wayekunqoba ngokufunda imibhalo efanele eBhayibhelini. Lokhu kwashukumisa udade ukuba asebenzise iBhayibheli kakhulu lapho evakashela lo muntu ngisho nakamuva lapho sebeqale isifundo seBhayibheli. Ngenxa yalokho, lo mfundi weBhayibheli waqala ukuba khona emihlanganweni futhi waba yilokho ekuqaleni ayethé wayengasoze abe yikho—uFakazi KaJehova ozinikezele nobhapathiziwe.
UCarol, udade waseBolivia, wayefundela indoda ethile nomkayo. Babehlala emzini kanina wendoda, futhi lo mama engumKatolika oshisekayo owayengaphuthi eMiseni noma emikhosini yenkolo. Kulo muzi kwakunezithombe, ngasinye esasinekhandlela elivuthayo phambi kwaso. Ngolunye usuku besafunda, lo mama wangena ephulukundlela ephethe iBhayibheli lamaKatolika futhi waqonda kuCarol, wathi: “Kukuphi lapho kushiwo khona ukuthi uMariya wayenezinye izingane?” UCarol wambonisa uMathewu 12:46-50 no-13:55. Lo mama waphuma edumele. Ngemva kwemizuzwana waphinde wabuya, ephethe elinye iBhayibheli elikhulu elihlotshiswe ngegolide elinezithombe. Waphuma futhi ngemva kokuboniswa imibhalo efanayo. Ngokushesha wabuya futhi esephethe elinye iBhayibheli, kodwa imibhalo yayisasho okufanayo. Inkukhu yanqunywa umlomo.
Phakathi namasonto alandela, wayelokhu ephazamisa. Wayebuza imibuzo kodwa kancane kancane waqala ukuzola. Zazimhlaba umxhwele izimpendulo ayezithola. Ngokushesha wavuma ukuqhutshelwa esakhe isifundo seBhayibheli. Intshiseko ayenayo ngobuKatolika yaphenduka intshiseko yokukhulekela kweqiniso. Waqala ukuza nabangane bakhe eHholo LoMbuso, futhi ngokuhamba kwesikhathi, wabhapathizwa.
I-Asia Nempumalanga Ephakathi
UGary, ohlala eSri Lanka, wahambisela indoda engumKatolika nomkayo ongumBuddha incwajana ethi Ungaba Umngane KaNkulunkulu! Inkosikazi yama kwelokuthi umyeni wayo kuphela owayengathanda ukwazi okwengeziwe ngeBhayibheli. Kodwa-ke, lapho uGary ephinda evakasha, lona wesifazane wathi naye wayefisa ukwazi ukuthi angaba kanjani umngane kaNkulunkulu. Ngesonto elalandela kwaqalwa isifundo ngale ncwajana, futhi lo mbhangqwana wacela iBhayibheli. Inkosikazi yathi: “Ngicabanga ukuthi siyalidinga iBhayibheli ukuze sibe abangane bakaNkulunkulu.”
Lapho sebefunde isifundo 3 sencwajana Umngane KaNkulunkulu, inkosikazi yabe isisishisekela isifundo. Ngalobo busuku kwafika nomunye ezohlanganyela esifundweni—insizwa eyayihlala nabo. Izinsuku ezimbalwa ngaphambi kwesifundo sabo sesine, uGary wabalethela iBhayibheli. Ngokushesha balibeka obala nezincwajana zabo, ezazibekwe etafuleni. Ngobusuku besifundo sabo sesine, ngokuziqhenya bavula iBhayibheli, okwakufakwe kulona izintambo eziningi eziluhlaza zokubekisa. Umyeni wathi: “Sisilungiselele sonke isifundo.” Babevule yonke imibhalo ekhonjwe esifundweni base bebekisa ngentambo eluhlaza ekhasini levesi ngalinye.
URowena, umama ongashadile osanda kweva eminyakeni engu-20 ubudala wasePhilippines, wakhangwa yiqiniso. Kwaqalwa isifundo seBhayibheli naye, futhi ngokushesha waqala ukuba khona emihlanganweni. Kodwa, ngenxa yezinkinga zezimali, waphoqeleka ukuba ashiye indawo yakubo ayofuna umsebenzi edolobheni elikude. Lapho, wathola umsebenzi wasendlini emkhayeni wamaKatolika ashisekayo. Wacela ukulayelwa iHholo LoMbuso edolobheni, kodwa lo mkhaya wawunqikaza ukumsiza ekutholeni oFakazi.
Kwaphela izinyanga, futhi uRowena wathandaza ngentshiseko kuJehova ukuba amvumele ahlangane noFakazi futhi aqhubeke nesifundo sakhe seBhayibheli. Ngolunye usuku ekuseni kwakhala ucingo, waluphendula. Oshayile wathi: “Sawubona, ingabe kuseHholo LoMbuso lapho?”
Ngokushesha uRowena waphendula: “Nami ngifuna iHholo LoMbuso. Ungangisiza ungifunise lona?” Kwenziwa amalungiselelo. URowena waphinda waqala ukufundelwa iBhayibheli futhi manje usebhapathiziwe.
Intombazane eneminyaka engu-12 ubudala yabhalela ihhovisi legatsha eRussia. Yathi: “Ngiyintombazane evamile. Ngihlala endaweni yaseTyumen eSiberia. Muva nje, ngokokuqala ngqá edolobhaneni lakithi sitholé umagazini INqabayokulinda. Ngawubona emtatsheni wezincwadi esikoleni. Nganquma ukuhamba nawo ngiyowufunda ekhaya. Ngalo magazini, ngafunda izinto eziningi ezintsha nezithakazelisayo. Ngakujabulela kakhulu ngisho nokubuka izithombe nje. Ngingathanda ukuthola ukwaziswa okwengeziwe. Ngingathanda ukutadisha incwadi yesAmbulo neBhayibheli, futhi ngingathanda ukufunda okwengeziwe ngenhlangano yenu.” Kuye kwenziwa amalungiselelo okusiza le ntombazane.
Lapho beshumayela endlini ngendlu eLebanon, oFakazi ababili bafika emzini othile. Ngemva kokungqongqoza, babona isigqebhezana esasithi abafuneki oFakazi BakaJehova. Indoda ethile yavula umnyango. Odade baqala ukuxoxa nayo, futhi yabangenisa endlini. Lapho ithola ukuthi bangoFakazi, yababuza ukuthi babesibonile yini isigqebhezana emnyango. Baphendula: “Yebo, kodwa sisibone sesingqongqozile.” Le ndoda yabe isichaza ukuthi lo muzi owabazali bayo, ababengabathandi oFakazi BakaJehova. Kodwa, yayifuna ukufunda okwengeziwe futhi yayinelukuluku ikakhulukazi ngenxa yalezi zigqebhezana, ezazivamile endaweni yakubo.
Odade bahlela ukuvakashela le ndoda emzini wayo. Kwaqalwa isifundo seBhayibheli nayo nomkayo, futhi ngokushesha baqala ukuya emihlanganweni nokusebenzisa izimiso zeBhayibheli. Le ndoda ithi yayingakaze neze ivule iBhayibheli, kodwa oFakazi bayisiza ukuba ilifunde futhi iliqonde.
Udade onendawo yokuzimonyonga eKorea ulibeka obala iBhayibheli nezinye izincwadi ezikhiqizwa oFakazi BakaJehova. Uvame ukudlala nekhasethi lencwadi ethi Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila. Lapho ezwa leli khasethi, owesifazane othile walicela, futhi kwaqalwa naye isifundo seBhayibheli. Umkamfundisi othile naye wabuza ngaleli khasethi, ethi wayengakaze ezwe izinto ezishukumisa ingqondo ngale ndlela esontweni lakhe. Naye wacela amakhasethi futhi waqala ukufunda noFakazi. Ngenxa yalezi zincwadi okubukiswe ngazo, kunomBuddha naye owaba nesithakazelo futhi manje uqhutshelwa isifundo seBhayibheli. Ukuze anakekele izidingo ezingokomoya zalabo ayehlangene nabo ngokufakaza ngokwethukela, lo dade waba yiphayona elivamile.
Umbhangqwana ongamaphayona akhethekile eMalaysia washumayeza indoda eyayihamba emgwaqweni. Le ndoda yayinemibuzo eminingi, ngakho yamemela lo mbhangqwana emzini wayo. Lo mbhangqwana wahamba nayo futhi baba nengxoxo ethakazelisayo. Lapho usuhamba uya eSifundweni Sencwadi Sebandla, wayimema ukuba ihambe nawo, yavuma. Yawujabulela umhlangano. Ngemva kwawo, wayinikeza incwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo? wahlela ukuyivakashela ngakusasa. Lapho ufika, le ndoda yawutshela ukuthi ngemva komhlangano ngayizolo, yathi uma ifika ekhaya yafunda futhi yathandaza kwaze kwashaya u-4:00 ekuseni.
Le ndoda yayingumfundisi wesonto kweLobukholwa. Nakuba yayichithe iminyaka eminingi ezikoleni zobufundisi, yayingamqondi neze uZiqu-zintathu. Incwadi ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo? yayiyiqondise emavesini eBhayibheli embula iqiniso ngale mfundiso engqubuzana nemiBhalo. Ijabule ngokwazi ukuthi ungubani ngempela uNkulunkulu, yatshela lo mbhangqwana: “Angisakholelwa kuZiqu-zintathu.” Kusukela ngaleso sikhathi kuqhubeke, yenqaba ukushumayela esontweni layo. Kunalokho, yaba khona emihlanganweni yoFakazi BakaJehova.
Le ndoda yatadisha izincwadi zeBhayibheli eyazithola koFakazi yaqhathanisa lokho eyayikufunda nalokho eyayikufunde ezifundweni zenkolo. Ngemva kwamasonto amabili, yanquma ukushintsha yonke inkambo yayo yokuphila. Yayisuke eNdiya izofundela ezenkolo eTrinity College eSingapore. Kodwa, yathi: “Ngingaya kanjani kuleliya kolishi? Ngisho negama lalo elikaZiqu-zintathu!” Yabuyela ekhaya, imagange ukuthintana noFakazi lapho. Ngenhliziyo enokwazisa, yathi: “Ngilitholile iqiniso!”
Udade othile waseKazakhstan, wayekwesaba ngempela ukushumayela kwabanye abantu abangamaKazakh. Lapho eqala ukuphayona, wasebenza insimu okwakuhlala kuyo abantu bamanye amaqembu ezinhlanga. Kodwa ngolunye usuku lapho esensimini, wahlangana nowesifazane ongumKazakh. Wamhambisela i-Phaphama!, futhi lona wesifazane wayamukela. Kwamthatha amasonto amabili lo dade ukuqunga isibindi sokwenza impindelo. Wamangala lapho ethola ukuthi lona wesifazane wayethukuthele ngokuthi wephuzile ukufika. Lona wesifazane wabamba udade wamngenisa endlini, wambonisa incwadi Ulwazi, wayesethi: “Masifunde iBhayibheli!” Ngemva kwesikhathi esithile lona wesifazane nendodana yakhe eyizibulo babhapathizwa emhlanganweni wesifunda. Manje indodana yakhe encane nayo isingummemezeli ongabhapathiziwe, kanti indodakazi yakhe, umzala wakhe nomshana wakhe bafundelwa iBhayibheli.
Ezweni elithile laseMpumalanga Ephakathi, iphayona elikhethekile lahlangana nendoda okuthiwa uMnumzane John eyayifuna ukuvuselela izikhokhelo zayo ze-Nqabayokulinda ne-Phaphama! UMnumzane John wachaza ukuthi uyisemkhulu, ohlala eNdiya, sekuyisikhathi eside enguFakazi. UMnumzane John wayeya emihlanganweni yobuKristu eseseNdiya kodwa kwase kuyiminyaka engu-19 engahlali khona. Wayengazi ukuthi angabathinta kanjani oFakazi bakule ndawo.
Lapho iphayona limkhuthaza ukuba abe khona emihlanganweni, uMnumzane John wachaza ukuthi uqhuba umhlangano kwakhe ngesikhathi esifanayo, wanezela ngokuthi lo mhlangano “owokutadisha iBhayibheli nokuthandaza.” Esebenzisa INqabayokulinda nencwadi Ulwazi, uMnumzane John wayefunda iBhayibheli namaNdiya akubo angaba ngu-25. Kwase kuyiminyaka ethile beqhuba imihlangano yamasonto onke. Ngakolunye uhlangothi, iqembu lesiNgisi lapho linabamemezeli abangu-12 kuphela. Leli qembu lamaNdiya lavakashelwa, futhi kwenziwa amalungiselelo okubanakelela ngokomoya labo abathakazelayo.
ENepal intombazane ethile yayihlala ekhaya lezintandane elinakekelwa yizisebenzi zokuzithandela zaseKorea. Lapho isafunda esikoleni sakule ndawo, omunye wothisha bayo wathi utholé “amaKristu angempela.” Le ntombazane eyintandane yayikholelwa ukuthi ingumKristu weqiniso. Njengoba abantu abaphethe leli khaya lezintandane babethi nabo bangamaKristu, yazibuza ukuthi uthisha wayesho ukuthini. Ukuze izanelise, yayifuna ukuwabona la “maKristu angempela.” Kwahlaluka ukuthi uthisha wayefunda noFakazi BakaJehova futhi wayeya njalo emihlanganweni. Le ntombazane yathintana nothisha wayo futhi yaya naye emhlanganweni. Eyakubona kwayihlaba umxhwele kakhulu kangangokuba yamukela isifundo seBhayibheli ngokushesha. Yathuthuka ngokushesha futhi yabhapathizwa phakathi nezinyanga ezine. Ngemva kokubhapathizwa kwayo, yangenela inkonzo yamaphayona asizayo.
IYurophu
Minyaka yonke eLondon, eNgilandi, kuhlelwa umbukiso wokunikeza ukwaziswa kubantu abayizithulu. OFakazi BakaJehova bahlela itafula elinamaBhayibheli nezincwadi, kuhlanganise ne-video ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi? ngoLimi Lwezandla LwaseBrithani. Ejabule ukubona leli tafula, owesifazane oyisithulu wasondela ethi wayebafune yonke indawo oFakazi abayizithulu. Wachaza ukuthi kwakunoFakazi oyisithulu ayevame ukuxoxa naye esahlala eMongolia. Nokho, waqala ukwazisa ithemba lovuko ngemva kokushona kukayise futhi waqala ukutadisha iBhayibheli. Ngemva kwezinyanga eziyisithupha wathuthela eNgilandi, futhi nakuba ayelitholile iHholo LoMbuso, wayengakuqondi okuqhubeka emhlanganweni futhi akazange asho ukuthi uyisithulu. Wathandaza kuJehova ukuba athole oFakazi BakaJehova abayizithulu, futhi kwenzeka. Manje yena nendodakazi yakhe batadisha iBhayibheli futhi baya emihlanganweni yolimi lwezandla.
U-Andreia, uFakazi oneminyaka engu-8 ubudala ePortugal, waqaphela umfundi esikoleni owayedabuke kakhulu ngoba abazali bakhe babehlukene. Ngemva kwezinsuku ezimbalwa, u-Andreia wathola i-Phaphama! ka-January 8, 2001, enezihloko eziwuchungechunge ezithi “Ingabe Singawusindisa Umshado Wethu?” Ngenjabulo, wachazela unina ukuthi lezi zihloko zaziyoba usizo kubazali bengane afunda nayo esikoleni. U-Andreia wabe esehlela ukuba uyise womngane wakhe nonina bahanjiselwe amakhophi.
Ngokushesha ngemva kwalokho, umngane ka-Andreia wathi kuye: “Abazali bami sebebuyelene, futhi ubaba uthé ngikutshele ukuthi sesihlala ndawonye futhi ngenxa kamagazini osinikeze wona!” Ngokulandelayo, u-Andreia wanikeza lo mkhaya incwadi ethi Imfihlo Yenjabulo Yomkhaya. Unina ka-Andreia manje utadisha iBhayibheli nonina womngane ka-Andreia.
Lapho besenkonzweni yasensimini e-Italy, oFakazi ababili bahlangana nekhehla elithile balihambisela omagazini INqabayokulinda ne-Phaphama! Le ndoda yathi ayikwazi ukufunda. Yachaza ukuthi yayiqale ukuba umalusi kusukela ineminyaka engu-7 ubudala. Ngemva kwalokho, yahlala ezintabeni iminyaka engu-15, inezimvu zayo kuphela. Ayikaze ilubeke esikoleni. Lapho yelusa izimvu zayo, yayithandaza ngentshiseko icela ukwazi uNkulunkulu kangcono. Yatshela abafowethu ababeyivakashele: “Uma nje ngingafunda omagazini benu, kuyogcwaliseka isifiso sami.”
Omunye walaba bafowethu wathi: “Akukephuzi kakhulu ukuba ufunde ukuzifundela.” Ngakusasa, lo malusi waya eHholo LoMbuso. Ngosizo loFakazi, wafunda ukuzifundela nokubhala. Namuhla, leli khehla lingumfundi weBhayibheli wasikhathi sonke nommemezeli wezindaba ezinhle ongakhathali.
IGreenland, ehlanganiswe kulo mbiko nezwe laseYurophu, iyisiqhingi esikhulu kunazo zonke emhlabeni, yize inenani labantu abangu-56 000 kuphela. Kunamabandla angu-7 kuleli zwe, amanye awo mancane kakhulu.
UHarald ungummemezeli ongabhapathiziwe oneminyaka engu-15 ubudala kwelinye lalawo mabandla. Lapho ikilasi labo lithatha uhambo lokuyofunda endaweni ethile, uHarald akazange ahambe. Kunalokho, waya kwelinye ikilasi, lapho abafundi bababelwe khona ukukhuluma ngenkolo yabo. Nakuba babenikezwe izinyanga ezimbili zokuzilungiselela, bambalwa kakhulu kubafundi ababenokuthile kokukusho, futhi labo abakhuluma bakhuluma imizuzu nje embalwa. Njengoba ikilasi lalisazoqhubeka isigamu sehora, uthisha wabuza: “Sizokwenzani ngalesi sikhathi esisele?” UHarald—isivakashi—waphakamisa isandla wathi wayengakujabulela ukubatshela ngenkolo yakhe.
Uthisha wathi: “Uyaqiniseka ngalokho? Awubanga naso isikhathi sokulungiselela.” UHarald wathi wayelungiselele, futhi wasukuma wanikeza ubufakazi obuhle ekilasini. Lapho uthisha wekilasi likaHarald ezwa ukuthi yini ayeyenzile, wacela uHarald ukuba enze okufanayo ekilasini lakhe. Kulokhu wanikwa isonto lonke ukuba alungiselele. Weza nezincwadi ezithile zeBhayibheli ezobonisa abafundi nothisha wakhe.
UPia waseDenmark wayefuna ukuba usana lwakhe olusanda kuzalwa lubhapathizwe esontweni. Umyeni wakhe wayengakholelwa ekubhapathizweni kwezinsana, ngakho baphikisana ngale ndaba. Ekugcineni, banquma ukuxoxa ngale ndaba nomfundisi wabo. Umfundisi wabatshela ukuthi ukubhapathizwa kwezinsana kungqubuzana nemiBhalo. UPia walithukuthelela isonto nabefundisi balo ngoba iminyaka engu-32 wayefundiswe ukuba akholelwe kokuthile okungafanele. Wayeka ukufuna ukuba kubhapathizwe usana lwakhe wanquma ukuzifundela iBhayibheli ukuze athole ukuthi yini elungile nengalungile.
Ngo-May 2000, uFakazi othile wavakashela uPia, futhi wavuma ukufundelwa iBhayibheli. Ngemva kokuya emhlanganweni wesigodi, wathi: “Angikakuqondi konke, kodwa manje ngiyazi ukuthi iSonto lethu alinalo iqiniso.” Manje usengummemezeli ongabhapathiziwe futhi uthuthukela ekubhapathizweni ngokushesha okukhulu.
Umfowethu othile eSlovenia wayeshaywa umoya epaki nendodana yakhe, wabona intokazi engumfundi eyayizihlukanise neqembu labanye abafundi. Waqala ingxoxo nayo ngezinto ezingokomoya. Kamuva, lo mfowethu nomkakhe baqala isifundo seBhayibheli nalo mfundi, ogama lakhe linguSilvia. Weza nesoka lakhe esifundweni seBhayibheli, futhi manje nalo seliqhutshelwa isifundo seBhayibheli. USilvia watshela unina ngeqiniso, naye waqala ukufundelwa. Manje bobathathu beza njalo emihlanganweni eHholo LoMbuso. USilvia ungummemezeli ongabhapathiziwe. Okuthakazelisayo ukuthi uSilvia ukhumbula ukuthi mhla ehlangana nalo mfowethu epaki, wayethandaze kuNkulunkulu ecela ukuba amsize aqonde ukuthi kungani izwe lingenangqondo kangaka.
Eminyakeni yamuva nje, abafuduki baseNingizimu Melika naseMelika Ephakathi baye bathutheleka eSpain. Udade oyiphayona owayeshumayela endlini ngendlu washumayeza intokazi evela eColombia. Le ntokazi yalalelisisa futhi yavuma isifundo seBhayibheli. Ngokulandelayo lapho udade oyiphayona evakasha, wacela ukuqhubela nabanye abahlala kule ndlu isifundo seBhayibheli. Idlanzana lavuma. Njengoba abantu abahlala kule ndlu babefuduka njalo, udade wayeshumayeza noma ubani ayemthola. Kuze kube manje, uye waqala izifundo zeBhayibheli ezingu-20. Abanye baye bathutha, futhi akwaziwa noma basaqhubeka yini nokutadisha. Nokho, manje kuqhutshwa izifundo eziyishumi sikhathi sonke, futhi ezinye seziqalile kakade ukuba khona emihlanganweni.
Nakuba sekuyiminyaka engu-40 elalela isigijimi, owesifazane oneminyaka engu-82 ubudala eCrete uqale muva nje ukuba ummemezeli ongabhapathiziwe. Isithakazelo somuntu siqu asithola kudade oyiphayona elikhethekile samshukumisela ukuba aqale ukuthuthuka, futhi wabhapathizwa.
Abanye emkhayeni wakhe baqala ukulandela isibonelo sakhe. Umyeni walona wesifazane, oneminyaka engu-86 ubudala, oseneminyaka engu-60 ebhema, waqala ukutadisha iBhayibheli, wawuyeka ugwayi, futhi waba ummemezeli ongabhapathiziwe. Indodakazi yalo mbhangqwana eneminyaka engu-55 ubudala nayo ithuthuka kahle kakhulu esifundweni sayo. Iyaya emihlanganweni futhi isiwuyekile ugwayi. Ekugcineni, enye yamadodana omzukulu walo mbhangqwana yaqala ukutadisha iBhayibheli futhi yathi ifisa ukubhalisa eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini.
Lapho eshumayela esakhiweni sokuhlala esakhelene nendawo ahlala kuyo, udade oyisithunywa sevangeli e-Estonia wahlangana nowesifazane owambuza ukuthi umyeni wakhe unothando yini. Udade waphendula ngoyebo. Lona wesifazane wabe esebuza ukuthi udade uhlalaphi. Udade wamtshela ukuthi uhlala esakhiweni esingaphesheya. Lona wesifazane wajabula wayesethi: “O, nguwena-ke—nguwe impela. Nivamé ukudlela kuvulandi, akunjalo?”
Udade waphendula: “Yebo, nomyeni wami.”
Lona wesifazane wathi: “Kade nginibuka. Umyeni wakho ugqoka iphinifa, futhi nguyena ngokuvamile ophaka ukudla. O, kusobala ukuthi ninenjabulo emshadweni wenu! Anginiboni uma ngilapha kwami, kodwa njalo ngiya kuvulandi womngane wami ngiyonibukela. Siqaphelé ukuthi njalo niyathandaza ngaphambi kokuba niqale ukudla. Kuyinto enhle ukuyibona. Ungathanda ukungena?” Kusukela ngaleso sikhathi, le ntokazi isiyimpindelo yasikhathi sonke.
I-Oceania
Le ngxenye yomhlaba ihlanganisa iziqhingi zaseningizimu, entshonalanga nasenkabeni yePacific Ocean, kuhlanganise neMelanesia, iMicronesia nePolynesia. I-Australia, iNew Zealand, iMalay Archipelago neziQhingi ZaseHawaii zihlanganisiwe kulokhu.
Ngolunye usuku odade ababili eNew Zealand babona owesifazane esebenza engadini yakhe. Bema bamsiza ukuba asiphule uqalo. Emangaliswe umusa wabo, wabathelela ikhofi, nabo bamshumayeza. Wabhalela iphephandaba lendawo elitshela ngalokho okwakwenzekile. Iphephandaba lathintana nebandla lalazisa ukuthi laliwine isixha esihle sezimbali ngenxa yomusa walo.
Lesi sihloko sathi: “Lapho oFakazi BakaJehova besiphula uqalo olwaluhlupha umfelokazi, babemane benza lokho okuyinto evamile kubo—basiza othile owayedinga usizo. Umusa wabo wamjabulisa. Lowo muntu wayenokwazisa kakhulu kangangokuba wasitshela okwakwenzekile. Lo mbiko watonyulwa njengowine izimbali ngo-August. Sithemba ukuthi lezi zimbali zizobajabulisa ngendlela abajabula ngayo ngokubonisa umusa.”
Kwesinye seziqhingi zaseVanuatu, amaphayona amabili ashumayeza intombazane eyayisebenza esitolo. Yamukela incwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo? kanye nesifundo seBhayibheli. Uyise wayiphikisa kakhulu engafuni ukuba indodakazi yakhe ifunde noFakazi. Wadabula izincwadi zayo zeBhayibheli, wayibhaxabula, futhi ekugcineni wayixosha ekhaya. Phakathi naleso sikhathi, ulwazi lwale ntombazane lwathuthuka, yaba khona emihlanganweni, futhi yahlakulela izithelo zomoya. (Gal. 5:22, 23) Inhlonipho yayo ekugcineni yahlaba uyise umxhwele, futhi wehlisa igwebu wayicela ukuba ibuyele ekhaya. Le ntombazane yabhalisa eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini futhi yaba khona ngokokuqala ngqá emhlanganweni wesifunda owawusesiqhingini esingumakhelwane saseSanto. Lapho ibuzwa ukuthi iyithole kanjani imali yohambo, imomotheka yaphendula: “Ubaba ungithengele ithikithi.”
UClarence wayeyindoda enobungane eyayamukela omagazini njalo lapho ivakashelwa abamemezeli emzini wayo eHawaii. Iphayona elamvakashela ngolunye usuku laphawula ukuthi uClarence wayenencwadi ethi Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni futhi lacela ukufunda naye. UClarence wavumela phezulu, ethi kade ayefuna ukufunda ngeBhayibheli. UClarence wayesilungiselela kahle isifundo sakhe seBhayibheli futhi ngokushesha waqala ukuya emihlanganweni yebandla.
Kodwa kwakufanele uClarence enze ushintsho. Njengomakad’ ebona weMpi Yezwe II, wayemasha ngokuziqhenya nabanye omakad’ ebona emibukisweni ngamaholide. Ngesikhathi sikaKhisimusi, wayecela ukushaya insimbi endaweni yokucela izipho yeButho Lensindiso. Kwamthatha isikhathi eside ukuba aqaphele ukuthi kusho ukuthini ukungabi yingxenye yezwe likaSathane. Kodwa-ke, ekugcineni wakufanelekela ukuhlanganyela enkonzweni.
UClarence wabhapathizwa eneminyaka engu-85 ubudala futhi uyaqhubeka ehlanganyela ngentshiseko enkonzweni. Unikeza izinkulumo zabafundi eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini. Muva nje, ufundé ukusebenzisa i-computer ukuze enze ucwaningo kuyi-CD-ROM ye-Watchtower Library. Ekhuluma ngokuqiniseka, uClarence wathi: “Akukho okungangisusa ekukhonzeni uJehova ngoba sengilitholile iqiniso.”
Lapho efakaza ngocingo e-Australia, udade wabuza indoda ethile ukuthi yayingazinika yini imizuzu engu-15 ngesonto ukuze baxoxe ngeBhayibheli. Yathi ayinasikhathi. Udade wabuza: “Ungaba nayo imizuzu emihlanu?” Le ndoda yavuma ngokungabaza. Ngesonto elalandela, baqala ukuba nezifundo zabo zemizuzu emihlanu. Ngokushesha le ndoda yaqala ukubuza imibuzo enengqondo. Njengoba udade ayelinganisela isifundo emizuzwini emihlanu kuphela, wayevame ukuthi: “Umbuzo omuhle lowo, kodwa isikhathi sethu sesiphelile, ngakho sizoxoxa ngalokho esifundweni esilandelayo. Usale kahle.”
Lapho le ndoda ibuza ukuthi ingazi kanjani ukuthi iyiphi inkolo yeqiniso, leso kwaba yisihloko sesifundo esilandelayo. Ngemva kwaleso sifundo, yathi: “Kumelwe ukuba oFakazi BakaJehova bayinkolo yeqiniso, kodwa ngeke ngimane ngikholwe bese ngiyaguquka. Ngicabanga ukuthi ngidinga ulwazi olwengeziwe.” Njengoba isithakazelo sayo sasikhula, isikhathi sezifundo saqala ukwanda kancane kancane kusukela emizuzwini emihlanu kuya kwengu-30.
Ngemva kokuqeda incwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo?, udade wabuza le ndoda ukuthi babengakwazi yini yena nomyeni wakhe ukuhlangana nayo emzini wayo ukuze bazoxoxa ngalokho eyayisikufundile kuze kube manje. Yavuma. Bayivakashela, bayitshela ngenjabulo abanayo ngelungelo lokuyisiza phakathi nezinyanga eziyisithupha ezazendulele futhi bayikhuthaza ukuba iqhubeke. Manje umyeni kadade uya emzini walo mfundi isonto ngalinye ukuyoqhuba isifundo.
Kusenezingxenye eziningi zePapua New Guinea lapho izindaba ezinhle zingakashunyayelwa khona ngenxa yokuthi kunzima ukufinyelela emadolobhaneni. Ngokuvamile, okuwukuphela kwesikhathi sokubona abantu bakula madolobhana kulapho beza edolobheni bezothenga. Indoda ethile evela emzini okude yathola INqabayokulinda ngale ndlela. Ngemva kokuyifunda, yabhalela ihhovisi legatsha icela ukwaziswa okwengeziwe. Kwacelwa isithunywa sevangeli ukuba sithintane nayo. Sasingathintana nayo ngeposi kuphela, futhi ngenxa yalokho, kwafundelwa abantu abaningi abanesithakazelo ngeposi.
Zizimisele ukuvakashela le ndawo, ezinye izithunywa zevangeli zathatha imoto yokuqwala izintaba. Kwakuwuhambo lwamahora ayisithupha, ngokuvamile kudlulwa endleleni esehlathini eliyingozi eyayizombeleza ezigodini entabeni iwela nemifula. Kwenye indawo, “umgwaqo” kwakuwusebe lomfula. Lapho ekugcineni zifika lapho zilibangise khona, zathola ithafa elihle elingamakhilomitha-skwele ayishumi kuya kwangu-12, elalizungezwe yizintaba ezinde ezikhotha amafu ezinezihlahla eziluhlaza. Kwakungathi zikwenye indawo. Imizi yayakhiwe ngoqalo, njengoba bekulokhu kwenziwa emakhulwini eminyaka. Lapho abantu bezwa ukuthi izithunywa zevangeli zazifikile, ngenjabulo bahlangana ndawonye. Nakuba abaningi babengakaze bahlangane noFakazi BakaJehova, kakade base befunda INqabayokulinda kabili ngesonto, futhi iningi labo lase liphumile eSontweni LamaLuthela.
Izithunywa zevangeli zabonisa indlela imihlangano eqhutshwa ngayo zamemezela nokuthi kwakuzoba nenkulumo yeningi ngakusasa ngo-8:00 ekuseni. Ngakusasa, amadoda athile avuka ngo-4:30 ekuseni aya emizini eseduze eyomemela abantu enkulumweni. Izakhamuzi ezisele zakha ihholo lokuhlangana. Kwenziwa amabhentshi ngamagatsha amakhulu, kwase kuthi amagatsha anamaqabunga aba yithunzi. Itafula lesikhulumi lenziwa ngoqalo. Wonke umuntu wayejabule. Kwaba nabangu-44 kulo mhlangano, futhi abanye abangu-11 abasha babhalisa ukuze baqhutshelwe izifundo ngeposi. Izithunywa zevangeli zabuyela ekhaya zikhathele ziyingcuba kodwa zanelisekile ngalokho ezazikwaze ukukwenza.
[Isithombe ekhasini 45]
UGrant waseZambia oneminyaka engu-8 ubudala uqhuba izifundo zeBhayibheli eziningi
[Isithombe ekhasini 57]
Itafula elasetshenziswa emibukisweni yezithulu eNgilandi