UMLINGISWA OSEBHAYIBHELINI
UManayeni—Yenza Ukukhonza UJehova Kuze Kuqala
UManayeni wayephakathi kwalabo ababehola ebandleni lase-Antiyokiya langekhulu lokuqala. “Wafunda noHerode umbusi wesifunda.” (IzE. 13:1) Ngakho uManayeni wayeyisifundiswa futhi kungenzeka wakhulela emndenini ocebile.
Nakuba ayekhuliswe ngaleyo ndlela, uManayeni wakhetha ukuba umKristu nokusekela ibandla. Akazange asebenzise imfundo yakhe noma abantu ayebazi ababesezikhundleni eziphezulu ukuze azithuthukise yena. Kunalokho, wakhonza abafowabo.
Isibonelo sikaManayeni sibonisa ukuthi ukukhonza uJehova kubaluleke ukwedlula ukuzama ukuzenzela igama kuleli zwe. NjengoManayeni, kufanele senze ukukhonza uJehova kuze kuqala ekuphileni kwethu kunokuzama ukuceba noma ukuzenzela igama kuleli zwe. (Math. 6:33) Ngaphezu kwalokho, nakuba sibheka imfundo njengebalulekile, ‘siyaqiniseka ngezinto ezibaluleke kakhulu,’ siqikelele nokuthi ukufuna izinto zaleli zwe akuphazamisi ukukhonza kwethu uJehova.—Fil. 1:9, 10.