Usizo Lwabesifazane Abahlukunyezwayo
“EMHLABENI wonke kunabesifazane namantombazanyana ayizigidi ake ahlukunyezwa. Ingabe ungomunye wawo? Thola ukuthi kungani ukuphepha kwakho kubalulekile kuNkulunkulu nokuthi yini azoyenza ngokuphathwa kabi kwabesifazane.”
Saqala ngalawo mazwi isihloko esiku-jw.org esithi “Ukuphepha Kwabesifazane—Umbono WeBhayibheli.” I-link esekugcineni kwaleso sihloko ikuvumela ukuba udawunilode i-PDF yaso, ongakwazi ukuyiphrinta bese uyayigoqa ibe ipheshana elinamakhasi amane. Udade wase-United States okuthiwa uStacy uthi, “Mina nomunye udade saphrinta amakhophi aleso sihloko, sawayisa endaweni ehlala abesifazane abahlukunyeziwe esensimini yebandla lethu.”
Owesifazane osebenza lapho wacela ukuba simnike amakhophi engeziwe ukuze azowanika abantu abahlala kuleyo ndawo. Ngenxa yalokho, odade ababili bahambisa amanye amapheshana angu-40 kanye namakhadi emininingwane yokungena ku-jw.org angu-30. Kamuva, umphathi wakuleyo ndawo wathi wayengathanda ukuba oFakazi babonise abesifazane abahlala lapho ukuthi siqhutshwa kanjani isifundo seBhayibheli.
Kwenzeka into efanayo kuStacy nabanye odade ababili lapho beya kwenye indawo ehlala abesifazane abahlukumezekile. Bafike bahambisa lawo mapheshana amahlanu futhi kwacelwa amanye engeziwe. Omunye wabantu abasebenza kuleyo ndawo wathi, “Leli pheshana lizobasiza abesifazane abahlala lapha.” Wenezela, “Siyalidinga.” Lapho labo dade bephindela kuleyo ndawo kamuva, abesifazane abaningana abahlala khona bahlangana ukuze babone ukuthi isifundo seBhayibheli siqhutshwa kanjani futhi ababili kubo bathi bangathanda ukuya emhlanganweni eHholo LoMbuso ngempelasonto ezayo.
UStacy uthi: “Kuyasimangaza ukubona indlela abantu abakujabulela ngayo ukufunda lesi sihloko esimnandi. Lapho sesiphrintiwe sagoqwa kahle, siba yindlela ekahle yokuxoxela laba besifazane abahlukumezekile umyalezo woMbuso. Yasithinta ngempela indlela abantu abasamukela kahle ngayo futhi siyajabula ukubona indlela uJehova azoyibusisa ngayo imizamo yethu yokuqhubeka sixoxela laba besifazane izindaba ezinhle.”