Ukuphepha Kwabesifazane—Umbono WeBhayibheli
Emhlabeni wonke, kunabesifazane namantombazanyana ayizigidi ake ahlukunyezwa. Ingabe ungomunye wawo? Thola ukuthi kungani ukuphepha kwakho kubalulekile kuNkulunkulu nokuthi yini azoyenza ngokuphathwa kabi kwabesifazane.
“Ngesikhathi ngisemncane, umfowethu omdala wayengihlukumeza ngamazwi nangezenzo usuku nosuku. Ngemva kokushada, umamezala wami waqhubeka nokungihlukumeza. Yena nobabezala wami bangiphathisa okwesigqila. Ngangilwisana nemicabango yokuzibulala.”—UMadhu,a eNdiya.
“Ukuphatha abantu besifazane ngodlame kusakazeke emhlabeni wonke,” kusho iWorld Health Organization. Ilinganisela nokuthi okungenani oyedwa kwabesifazane abathathu uye washaywa noma wahlukunyezwa ngokocansi ekuphileni kwakhe.
Uma lokhu kwake kwenzeka kuwe, ungase uzizwe ungaphephile futhi usengozini yokuphinde uhlukunyezwe ngamazwi, ngokushaywa noma ngokocansi nomaphi lapho uya khona. Ngenxa yokuhlukunyezwa nokuphathwa kabi okunjalo, ungase uzizwe sengathi wonke umuntu ucabanga ukuthi ‘Abesifazane abayilutho.’ Kodwa ingabe abesifazane babaluleke ngempela kuNkulunkulu?
IBhayibheli liveza ukuthi ukuphepha kwabesifazane kubalulekile kuNkulunkulu
UNkulunkulu ubabheka kanjani abesifazane?
UmBhalo: “[UNkulunkulu] wabadala owesilisa nowesifazane.”—Genesise 1:27.
Incazelo: UNkulunkulu wadala abesilisa kanye nabesifazane. Bobabili ubabheka njengabafanelwe yinhlonipho. Ngaphezu kwalokho, ulindele ukuba umyeni “athande umkakhe njengoba ezithanda yena,” angazami ukumlawula ngokusho amazwi ahlabayo noma ngokumshaya. (Efesu 5:33; Kolose 3:19) Kuyacaca ukuthi ukuphepha kwabesifazane kubalulekile kuNkulunkulu.
“Ngiseyingane, izihlobo zami zazingihlukumeza ngokocansi. Ngesikhathi ngineminyaka engu-17, umqashi wami wangisongela ngokungixosha emsebenzini uma ngingalali naye. Njengoba sengimdala, umyeni wami, abazali bami kanye nomakhelwane bami, bangibukela phansi. Ngokuhamba kwesikhathi ngafunda ngoJehova,b uMdali. Ubabheka ngenhlonipho abesifazane. Lokhu kwangiqinisekisa ngokuthi uyangithanda futhi ngiyigugu emehlweni akhe.”—UMaria, e-Argentina.
Yini engakusiza uphole futhi ululame ngokomzwelo?
UmBhalo: “Kukhona umngane onamathela ngaphezu komfowenu.”—IzAga 18:24.
Incazelo: Umngane weqiniso uzokusekela. Uma unomuzwa wokuthi kuzosiza, xoxa nothile omethembayo ngendlela ozizwa ngayo.
“Kwaphela iminyaka engu-20 ngingakaze ngitshele muntu ukuthi nganginukubezwa ngokobulili. Ngenxa yalokho, ngaphelelwa yinjabulo, ngakhathazeka futhi ngacindezeleka. Kodwa kwathi lapho ngixoxela othile owayekulungele ukungilalela ngalokho okwangehlela, ngezwa kusuka umthwalo omkhulu kimi.”—U-Elif, eTürkiye.
UmBhalo: “Niphonse zonke izinkathazo zenu [kuNkulunkulu], ngoba uyanikhathalela.”—1 Petru 5:7.
Incazelo: Lapho uthandaza, uNkulunkulu ulalela ngempela. (IHubo 55:22; 65:2) Ngenxa yokuthi uyakukhathalela, angakusiza uqonde ukuthi uyigugu ngempela.
“Ukufunda ngoJehova kwangisiza ngaqala ukupholisa amanxeba angokomzwelo ajulile enganginawo. Manje sengikwazi ukuthandaza kuNkulunkulu ngimtshele indlela engizizwa ngayo. Unjengomngane oyiqonda ngempela imizwa yami.”—U-Ana, eBelize.
Ingabe uNkulunkulu uyoke akuqede ukuphathwa kabi kwabesifazane?
UmBhalo: “UJehova . . . uyoyenzela ubulungisa intandane nalabo abadangele, ukuze umuntu ofayo wasemhlabeni angaphinde abesabise.” —IHubo 10:17, 18.
Incazelo: UNkulunkulu uzokuqeda maduze konke ukungabi nabulungisa, kuhlanganise isihluku nodlame olubhekiswe kwabesifazane.
“Kube yikhambi elilaphayo ukufunda ukuthi uJehova uzokuqeda maduze ukuphathwa kabi kwabesifazane namantombazanyana. Kunginike ukuthula kwengqondo.”—URoberta, eMexico.
Ukuze ufunde okwengeziwe ngendlela iBhayibheli elisinika ngayo ithemba, ukuthi kungani ungazethemba izithembiso zalo nokuthi oFakazi bakaJehova bakusekela kanjani lokho okuseBhayibhelini namuhla, cela isifundo seBhayibheli.
.
a Amagama ashintshiwe.
b Elithi Jehova yigama likaNkulunkulu. (IHubo 83:18) Bheka isihloko esithi “Ungubani UJehova?”