Umhlangano wesifunda e-Indianapolis, e-Indiana, ngo-1925
1925—Eminyakeni Eyikhulu Edlule
INQABAYOKULINDA kaJanuwari 1, 1925, yathi “Ngokulangazela okukhulu amaKristu abelindele ukuba kwenzeke lukhulu kulo nyaka.” Nokho, leso sihloko saqhubeka sathi: “AmaKristu akufanele akhathazeke kakhulu ngokuthi yini engase yenzeke phakathi nalo nyaka kangangokuba aze ahluleke ukuwenza ngenjabulo umsebenzi uJehova afuna awenze.” Yini abaFundi BeBhayibheli ababelindele ukuba yenzeke ngo-1925? Bazigcina kanjani bematasa emsebenzini weNkosi naphezu kokudumazeka?
UKUHLEHLISWA KWENTO ELINDELWE
Ngo-1925 abaFundi BeBhayibheli abaningi babelindele ukuba umhlaba uphinde ube yiPharadesi. Kungani? Umfoweth’ u-Albert Schroeder, kamuva owaba yilungu leNdikimba Ebusayo, wachaza: “Kwakucatshangwa ukuthi abalandeli bakaKristu abagcotshiwe abasele babezoya ezulwini ukuze babe yingxenye yoMbuso nokuthi amadoda athembekile asendulo anjengo-Abrahama, uDavide nabanye, ayezovuswa njengezikhulu ukuze abuse emhlabeni njengengxenye yombuso kaNkulunkulu.” Njengoba unyaka uqhubeka futhi kungenzeki lokho ababenethemba lokuthi kwakuyokwenzeka, abanye badumazeka futhi lokho kuyaqondakala.—IzAga 13:12.
Naphezu kwalokho kudumazeka, abaFundi BeBhayibheli abaningi baqhubeka bematasa emsebenzini wokushumayela futhi bakuqaphela nakakhulu ukubaluleka komsebenzi wabo wokuba oFakazi BakaJehova. Ngokwesibonelo, cabanga ngomsebenzi abawenza ukuze basakaze iqiniso ezindaweni ezikude besebenzisa umsakazo.
KWENZIWA EZINYE IZITESHI ZOMSAKAZO
Ngenxa yokuthi babebaningi abantu ababelalela isiteshi somsakazo i-WBBR ngonyaka odlule, abaFundi BeBhayibheli benza esinye isiteshi somsakazo esinamandla, kulokhu eduze kwaseChicago, e-Illinois. Isiteshi somsakazo esisha sasibizwa ngokuthi i-WORD. URalph Leffler, unjiniyela womsakazo owasiza ekwakheni leso siteshi, wathi: “Ngezikhathi zasebusuku, ebusika obubandayo, abantu abasezindaweni eziningi ezikude babelalela isiteshi i-WORD.” Ngokwesibonelo, omunye umndeni owawuhlala endaweni eqhele ngamakhilomitha angaphezu kwangu-5 000 ePilot Station, e-Alaska, walalela olunye lwezinhlelo ezazisakazwa ngesikhathi isiteshi sisanda kuvulwa. Ngemva kokulalela lolo hlelo, lo mndeni wabhalela labo ababesebenza kuleso siteshi ukuze ubabonge ngokusakaza uhlelo olukhuthaza kangaka nolubasize ukuba bazi okwengeziwe ngoNkulunkulu nangeBhayibheli.
Kwesobunxele: Izigxobo zikagesi ezinde zesiteshi somsakazo i-WORD eBatavia, e-Illinois
Kwesokudla: URalph Leffler esebenza esiteshini somsakazo
Lapho ichaza ukuthi kungani lesi siteshi somsakazo sasikwazi ukusakaza ezindaweni ezikude kakhulu, INqabayokulinda kaDisemba 1, 1925, yathi: “I-WORD ingesinye seziteshi zomsakazo esinamandla kakhulu esikwazi ukufinyelela ezindaweni ezikude eziningi e-United States. Lesi siteshi sasizwakala kahle ezindaweni ezingasolwandle e-Atlantic nePacific, eCuba ngisho nasemajukujukwini enyakatho ye-Alaska. Abaningi ababengakaze balizwe iqiniso ngaphambili babenesifiso sokwazi okwengeziwe ngalo ngenxa yokulalela lesi siteshi.”
UGeorge Naish
Phakathi naleso sikhathi, abaFundi BeBhayibheli babenza umzamo wokushumayela izindaba ezinhle besebenzisa umsakazo eCanada. Ngo-1924 kwenziwa isiteshi somsakazo i-CHUC eSaskatoon, eSaskatchewan. Kwakungesinye seziteshi zomsakazo zokuqala ezazisakaza izinto eziphathalene nezenkolo eCanada. Ngo-1925 leso siteshi esincane kwakudingeka sithuthele kwenye indawo. Ngakho, inhlangano yathuthela istudiyo sayo sokusakaza eRegent Building, isakhiwo esidala okwakubukwelwa kuso amabhayisikobho eSaskatoon eyayisithengile yabe isisilungisa ukuze sibe indawo yokusakaza.
Ngenxa yaleso siteshi, abantu baningi ababehlala emadolobheni amancane nasezindaweni ezisemaphandleni eSaskatchewan bezwa izindaba ezinhle okokuqala ngqa. Ngokwesibonelo, kwelinye idolobha elicezile, uNkosikazi Graham wabhala wacela izincwadi ezisekelwe eBhayibhelini ngemva kokulalela uhlelo olwaludlala kuleso siteshi. Umfoweth’ uGeorge Naish uyakhumbula, “Isikhalo sakhe esithi ‘Sifundiseni!’ sasicacile futhi sizwakala ukuthi siyaphuthuma kangangokuba samthumelela yonke imiqulu yencwadi ethi Studies in the Scriptures.” Ngokushesha, uNkosikazi Graham wayesesakaza umyalezo woMbuso ngisho nasezindaweni ezikude.
UKUCACISWA KWEZINKOLELO ZETHU
INqabayokulinda yangoMashi 1, 1925, yayinesihloko esibalulekile esithi “Ukuzalwa Kwesizwe.” Kungani sasibalulekile leso sihloko? Isikhathi esithile, abaFundi BeBhayibheli babazi ukuthi uSathane unenhlangano yezidalwa zomoya ezimbi ezingabonakali ezulwini futhi ubusa izinkolo zamanga, ezentengiselwano nezepolitiki emhlabeni. Nokho, isebenzisa leso sihloko “inceku ethembekile neqondayo” yasiza abazalwane bomhlaba wonke ukuba baqonde ukuthi uJehova naye unenhlangano, ehluke ngokuphelele enhlanganweni kaSathane nemelene naye. (Math. 24:45) Ngaphezu kwalokho, inceku yachaza ukuthi uMbuso kaNkulunkulu wamiswa ngo-1914 futhi ngalowo nyaka ngenxa ‘yempi eyagqashuka ezulwini,’ uSathane namademoni akhe baxoshwa ezulwini futhi manje bavaleleke emhlabeni.—IsAm. 12:7-9.
Abanye abaFundi BeBhayibheli babekuthola kunzima ukwamukela lokho kuqonda okusha. Ngakho, leso sihloko sathi: “Uma kukhona abafundi be-Nqabayokulinda abangavumelani nalokho okushiwo lapha, sisikisela ukuba balinde iNkosi ngesineke futhi bathembele kuJehova njengoba beqhubeka bemkhonza ngokwethembeka.”
Nokho, uTom Eyre, i-colporteur (manje eyaziwa ngokuthi iphayona) laseBrithani, wachaza indlela abaFundi BeBhayibheli abaningi ababezizwa ngayo ngaleso sihloko, wathi: “Abafowethu babejabule kakhulu ngale ncazelo yesAmbulo 12. Lapho sesiqonda ukuthi uMbuso wawusumisiwe emazulwini, sasijabule kakhulu futhi sikulangazelela ukuxoxela abanye izindaba ezinhle. Ngokuqinisekile, kwasenza safuna ukwenza okwengeziwe emsebenzini wokushumayela, kwasenza sabona nokuthi uJehova wayezobenzela izinto ezinhle abantu bakhe esikhathini esizayo.”
UKUFAKAZA NGOJEHOVA
Namuhla, oFakazi BakaJehova bawazi kahle amazwi aku-Isaya 43:10, athi: “‘Ningofakazi bami,’ kusho uJehova, ‘Yebo, inceku yami engiyikhethile.’” Nokho, ngaphambi kuka-1925, izincwadi zethu zazingakhulumi kangako ngalo mBhalo. Lokho kwase kuzoshintsha. Phakathi nonyaka ka-1925, INqabayokulinda yakhuluma ngomBhalo ka-Isaya 43:10 no 12 ezihlokweni ezingu-11 zalowo magazini!
Ngasekupheleni kuka-Agasti 1925, abaFundi BeBhayibheli bahlangana emhlanganweni wesifunda owawuse-Indianapolis, e-Indiana. Emyalezweni owamukela abeze emhlanganweni owasesimisweni somhlangano, uJoseph F. Rutherford, wathi: “Size kulo mhlangano ukuze . . . sizothola amandla eNkosini ukuze sibuyele emsebenzini wokushumayela sesinamandla amasha okuba ofakazi bakhe.” Phakathi nazo zonke izinsuku ezingu-8 zomhlangano, ababekhona bakhuthazwa ukuba basebenzise wonke amathuba abawatholayo ukuze bafakaze ngoJehova.
NgoMgqibelo, ngo-Agasti 29, uMfoweth’ uRutherford wabeka inkulumo enesihloko esithi “Sikhuthazwa Ukuba Sishumayele.” Enkulumweni yakhe, wagcizelela ukubaluleka kokushumayela, ethi: “UJehova uthi kubantu bakhe . . . : ‘Ningofakazi bami . . . Mina nginguNkulunkulu.’ Wabe esebanika umyalo ocacile onalamazwi aqinile: ‘Phakamiselani izizwe isibonakaliso.’ Abekho abanye abantu emhlabeni abangafakaza ngoJehova ngaphandle [kwabantu bakhe], labo abaqondisa ngomoya wakhe, ngaleyo ndlela abangofakazi bakhe.”—Isaya 43:12; 62:10.
Ipheshana elithi Umyalezo Wethemba
Ngemva kokubeka inkulumo yakhe, uMfoweth’ uRutherford wafunda i-document enesihloko esithi “Umyalezo Wethemba.” Zonke izilaleli zavumelana nalowo myalezo owawuthi uMbuso kaNkulunkulu uyilona themba langempela lokuba sithole “izibusiso zokuthula, sichume, sibe nempilo enhle, siphile, sikhululeke futhi sijabule phakade.” Kamuva lowo myalezo wahunyushelwa ezilimini eziningana futhi wenziwa ipheshana. Kwasakazwa amapheshana angaba ngu-40 miliyoni.
Kwaphela iminyaka eminingana abaFundi beBhayibheli bengazibizi ngegama elithi oFakazi BakaJehova. Nokho, base beqala ukukuqonda kakhudlwana ukubaluleka komsebenzi wabo wokuba ofakazi bakhe.
UKUBUYELA KULABO ABATHANDA UKUFUNDA IQINISO
Njengoba lalanda inani labaFundi BeBhayibheli emhlabeni wonke, nenhlangano yabakhuthaza ukuba babuyele kulabo ababebonise ukuthi bayazithanda izindaba ezinhle. Ngemva komkhankaso wokusakaza ipheshana elithi Umyalezo Wethemba, i-Bulletina yakhipha lo myalo: “Hlelani ukubuyela emizini eningashiyanga kuyo izincwadi, kodwa enishiye kuyo ipheshana elithi Umyalezo Wethemba.”
I-Bulletin kaJanuwari 1925 yayinalo mbiko ovela komunye uMfundi weBhayibheli wasePlano, eTexas, othi: “Kuyasimangaza ukuthi insimu esesishumayele kuyo izikhathi eziningana ngokuvamile ingcono kunamasimu amasha. Kule minyaka eyishumi edlule sesishumayele izikhathi ezinhlanu kwelinye idolobha elincane elisensimini yethu. . . . Muva nje, udade Hendrix nomama baphindelile kulo beyoshumayela futhi bahambise izincwadi eziningi kunalezo [abake] bazihambisa ngaphambili.”
Ezweni lasePanama, elinye iphayona labhala: “Abantu abaningi abangixoshile emizini yabo lapho ngishumayela okokuqala baba nesimo sengqondo esihlukile lapho sengishumayela okwesibili noma okwesithathu. Kulo nyaka ngichithe isikhathi sami esiningi ngiphindela kulabo asebeke bashunyayezwa esikhathini esidlule; futhi iye yajabulisa kakhulu indlela abasabele ngayo abaningi babo.”
UKUBHEKA ESIKHATHINI ESIZAYO
Encwadini yakhe yaminyaka yonke eya kuwo wonke amaphayona, uMfoweth’ uRutherford wafingqa lokho okwakwenzeke ngalowo nyaka emsebenzini wokushumayela, wakhuluma nangomsebenzi owawusazokwenziwa. Wathi: “Kulo nyaka odlule nibe nelungelo lokududuza abadabukile. Lo msebenzi unenze najabula kakhulu . . . Kulo nyaka ozayo nizoba namathuba amaningi okufakaza ngoNkulunkulu nangoMbuso wakhe nawokubonisa ukuthi obani ngempela abakhulekeli bakhe. . . . Ndawonye, masiqhubeke siphakamisa amaphimbo ethu ukuze sidumise uNkulunkulu wethu neNkosi yethu.”
Njengoba unyaka ka-1925 wawusuzophela, abafowethu babenza izinhlelo zokwandisa izakhiwo zaseBethel eBrooklyn. Ngo-1926 babezoqala ukwenza umsebenzi omkhulu wokwakha, inhlangano eyayingakaze iwenze ngaphambili.
Kwenziwa umsebenzi wokwakha e-Adams Street, eBrooklyn, eNew York, ngo-1926
a Manje ebizwa ngokuthi INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu.