Imibuzo Evela Kubafundi
Umbhali wezAga 30:18, 19 wathi ‘indlela yendoda lapho inowesifazane ayaziwa.’ Lokho kuyiqiniso ngamuphi umqondo?
La mazwi aye abadida abantu abaningi, kuhlanganise nezinye izazi. Enguqulweni ethi IBhayibheli—ImiBhalo Engcwele la mavesi uma esephelele afundeka kanje: “Kukhona izinto ezintathu engingazazi [noma, “ezimangalisa kakhulu,” mbhw.], nezine engingaziqondi: Indlela ukhozi olundiza ngayo emazulwini, indlela inyoka ehamba ngayo edwaleni, indlela umkhumbi ohamba ngayo olwandle, nendlela yendoda lapho inowesifazane.”—IzAga 30:18, 19.
Esikhathini esidlule, amazwi athi ‘indlela yendoda lapho inowesifazane’ besicabanga ukuthi achaza into embi. Kungani besicabanga kanjalo? Umongo wale ndaba ukhuluma ngezinto ezimbi ezingalokothi zithi “kwanele.” (IzAga 30:15, 16) Ivesi 20 libe selikhuluma ‘ngowesifazane ophingayo’ othi akenzanga lutho olubi. Ngakho, sasicabanga ukuthi njengokhozi olundizela phezulu esibhakabhakeni, inyoka ehamba edwaleni noma noma njengomkhumbi wasendulo ohamba olwandle, nendoda ingase yenze okuthile futhi kungabi bikho muntu owaziyo ngaleyo nto. Ngenxa yalokho, sasicabanga ukuthi amazwi athi ‘indlela yendoda lapho inowesifazane’ abhekisela entweni embi—okuwukuthi, insizwa eyiqili engase iyenge intombi emsulwa ukuba ilale nayo, le ntombi ibe ingaboni nokuthi yini eyenzekayo.
Nokho, kunezizathu ezizwakalayo zokukholelwa ukuthi la mavesi akhuluma ngento enhle. Umbhali wayemane ebabaza indlela ezimangalisa ngayo lezi zinto ezibaliwe.
Imibhalo yolimi lokuqala lwesiHebheru iyakusekela ukuthi leli vesi likhuluma ngento enhle. Ngokwe-Theological Lexicon of the Old Testament, igama lesiHebheru elihunyushwe ngokuthi “engingazazi” elikuzAga 30:18 “likhuluma ngesenzakalo umuntu. . . asithola simangalisa, singenakwenzeka noma esihle kakhulu.”
UProfesa uCrawford H. Toy waseHarvard University, e-United States naye waphetha ngokuthi la mavesi eBhayibheli awachazi into embi. Wathi: “Umbhali wayechaza indlela ezimangalisa ngayo lezi zinto okukhulunywa ngazo.”
Ngakho, kubonakala kunengqondo ukukholelwa ukuthi amazwi akuzAga 30:18, 19 achaza izinto ezimangalisa ngempela, okunzima ngisho nokuthi sizazi. Njengombhali weBhayibheli, iyasimangaza indlela ukhozi olundizela ngayo phezulu esibhakabhakeni, indlela inyoka engenazo izinyawo ehamba ngayo edwaleni, indlela umkhumbi omkhulu ohamba ngayo olwandle nendlela insizwa nentombi abakwazi ngayo ukuthandana baphile kamnandi ndawonye.