ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 35
INGOMA 121 Kudingeka Sizithibe
Esingakwenza Ukuze Sinqobe Izifiso Ezingafanele
“Ningasivumeli isono ukuba siqhubeke sibusa njengenkosi emizimbeni yenu efayo ngenjongo yokuba nilalele izifiso zayo.”—ROMA 6:12.
AMAPHUZU ABALULEKILE
Lesi sihloko sizosisiza ukuba (1) singadikibali lapho sinezifiso ezingafanele futhi (2) simelane nesilingo.
1. Yini sonke esibhekana nayo njengabantu abanesono?
KWAKE kwenzeka yini waba nesifiso esinamandla sokwenza into uJehova angayithandi? Uma ubhekene naleso simo, ungaphethi ngokuthi ubhekene novivinyo olunzima kakhulu kunabanye abantu. IBhayibheli lithi: “Asikho isilingo esinifikele ngaphandle kwalokho okuvamile kubantu.” (1 Kor. 10:13) Lokhu kusho ukuthi noma yisiphi isifiso esingafanele olwisana naso nabanye balwisana naso. Awuwedwa futhi ngosizo lukaJehova ungayinqoba le mpi.
2. Yiziphi izilingo amanye amaKristu nabantu abafundelwa iBhayibheli abangase balwisane nazo? (Bheka nezithombe.)
2 IBhayibheli liphinde lithi: “Yilowo nalowo ulingwa ngokuhehwa nangokuyengwa yisifiso sakhe.” (Jak. 1:14) Abantu bayengwa yizinto ezingafani. Ngokwesibonelo, amanye amaKristu angase alingeke ukuba aziphathe kabi ngokocansi nomuntu wobulili obuhlukile, amanye angase alingeke ukuba aziphathe kabi ngokocansi nomuntu wobulili obufanayo. Labo asebeyekile ukubukela izithombe zocansi ezingcolile bangase babe nesifiso esinamandla sokuphinde bazibuke. Abaningi asebeyekile ukusebenzisa kabi izidakamizwa noma utshwala babhekene nenselele efanayo. Lezo yizifiso ezimbalwa amanye amaKristu nabantu abafundelwa iBhayibheli abalwisana nazo. Cishe sonke, ngesinye isikhathi sake sazizwa njengomphostoli uPawulu, owabhala: “Lapho ngifisa ukwenza okuhle, kukhona okubi kimi.”—Roma 7:21.
Isilingo singaqhamuka singalindele—nganoma yisiphi isikhathi nanoma kuphi (Bheka isigaba 2)c
3. Kungamthinta kanjani umuntu ukulwisana nesifiso esingafanele esifanayo?
3 Uma ulokhu ulwisana nesifiso esingafanele esifanayo, ungase uzizwe ungenamandla, njengokungathi awukwazi ukumelana naleso silingo. Ungase uzizwe uphelelwa nayithemba, njengokungathi uJehova uyakulahla ngenxa nje yokuba nesifiso esingafanele. Qiniseka ukuthi imizwa enjalo ayilona iqiniso! Ukuze sichaze ukuthi kungani sisho kanjalo, lesi sihloko sizophendula le mibuzo emibili: (1) Ibangelwa yini imizwa yokuzizwa ungenamandla neyokuzizwa uphelelwa yithemba? (2) Ungazinqoba kanjani izifiso ezingafanele?
INDLELA “OMUBI” AFUNA SIZIZWE NGAYO
4. (a) Kungani uSathane efuna sizizwe singenamandla? (b) Kungani singathi sinawo amandla okulwisana nesilingo?
4 USathane ufuna sizizwe singenamandla lapho sibhekene nesilingo. UJesu wakuvuma lokho lapho efundisa abalandeli bakhe ukuthandaza: “Ungasingenisi esilingweni, kodwa usikhulule komubi.” (Math. 6:13) USathane uthi abantu ngeke bamlalele uJehova lapho bebhekene nesilingo. (Jobe 2:4, 5) Cabanga nje ngokuba yihlaya kwalawo mazwi. USathane nguye owayengwa yisifiso sakhe, futhi wayengazimisele ukuhlala ethembekile kuJehova. Kusobala ukuthi ukholelwa ukuthi sifana naye, ukuthi siyomlahla ngokushesha uJehova lapho sibhekene nesilingo. USathane waze wacabanga nokuthi neNdodana kaNkulunkulu engenasono yayiyonqotshwa yisilingo! (Math. 4:8, 9) Kodwa cabanga ngalokhu: Ingabe ngempela asinawo amandla okulwisana nezifiso ezingafanele? Lutho neze! Sivumelana nomphostoli uPawulu, owabhala: “Nginamandla azo zonke izinto ngenxa yalowo ongipha amandla.”—Fil. 4:13.
5. Sazi kanjani ukuthi uJehova uyaqiniseka ukuthi singakwazi ukunqoba izifiso ezingafanele?
5 Ngokungafani noSathane, uJehova uqiniseka ngokuphelele ukuthi singakwazi ukumelana nezifiso ezingafanele. Sikwazi kanjani lokho? Sikwazi ngoba uJehova wabikezela ukuthi isixuku esikhulu sabantu abaqotho sasiyosinda ngosizi olukhulu. Cabanga ngokuthi kusho ukuthini lokho. UJehova ongenakuqamba amanga uthi inani elikhulu labantu—hhayi nje abambalwa—liyongena ezweni lakhe elisha lihlanzekile emehlweni kaNkulunkulu, ‘liwashe izingubo zalo zaba mhlophe egazini leWundlu.’ (IsAm. 7:9, 13, 14) Kusobala ukuthi uJehova akasibheki njengabantu abangenawo amandla okulwisana nezifiso ezingafanele.
6-7. Kungani uSathane efuna sizizwe singenalo ithemba lapho silwisana nesilingo?
6 USathane angathanda ukuba singagcini nje ngokuzizwa singenamandla kodwa siphelelwe nayithemba—njengokungathi uJehova uzosilahla ngenxa nje yokuba nezifiso ezingafanele. Kodwa cabanga ngalokhu. USathane nguye ongenathemba, uJehova umahlulele njengongakufanelekele ukuphila phakade. (Gen. 3:15; IsAm. 20:10) USathane ufuna nathi sizizwe singenathemba—ikakhulukazi njengoba sinethuba lokuthola sona kanye lesi sibusiso yena angeke asithole. Kodwa asifani nhlobo naye. Empeleni, iBhayibheli lisiqinisekisa ngokuthi uJehova ufuna ukusisiza, hhayi ukusilahla. “Akafisi ukuba kubhubhe ngisho noyedwa, kodwa ufisa ukuba bonke baphenduke.”—2 Pet. 3:9.
7 Ngempela uma sikholelwa ukuthi asinalo ithemba namandla okulwisana nezifiso ezingafanele, sisuke sicabanga ngendlela uSathane angathanda sicabange ngayo. Ukukuqonda lokho kungasisiza sizimisele nakakhulu ukumelana naye.—1 Pet. 5:8, 9.
INDLELA UKUBA NESONO OKUNGASENZA SIZIZWE NGAYO
8. Ngaphandle kokwenza izinto ezingalungile, kuhlanganisani ukuba nesono? (IHubo 51:5) (Bheka nengxenye ethi “Incazelo Yegama.”)
8 Ngaphandle kukaSathane, kunenye into engasenza sizizwe singenamandla futhi singenathemba njengoba silwa nezifiso ezingafanele. Iyiphi leyo nto? Yisono sonke esasizuza kubazali bethu bokuqala.a—Jobe 14:4; funda iHubo 51:5.
9-10. (a) Ukuba nesono kwabathinta kanjani o-Adamu no-Eva? (Bheka nesithombe.) (b) Kusithinta kanjani ukuba nesono?
9 Cabanga ngendlela ukuba nesono okwabathinta ngayo o-Adamu no-Eva. Ngemva kokungamlaleli uJehova, bacasha futhi bazama ukufihla imizimba yabo. Ikhuluma ngalokho abakwenza, i-Insight on the Scriptures ithi: “Ngakho isono sabenza bazizwa benecala, bekhathazekile, bengazethembi futhi benamahloni.” Kwakunjengokungathi u-Adamu no-Eva babekhiyelwe endlini enamakamelo amane ayilezo zinto ezine kuphela. Into nje u-Adamu no-Eva ababezokwazi ukuyenza ukusuka kwelinye ikamelo baye kwelinye, kodwa babengeke bakwazi ukuphuma kuleyo ndlu. Babengeke besakwazi ukususa isono ababenaso.
10 Yiqiniso ukuthi isimo sethu asifani ncamashi nesika-Adamu no-Eva. Isihlengo—esingasebenzi ku-Adamu no-Eva—singasihlanza esonweni futhi sisenze sibe nonembeza ohlanzekile. (1 Kor. 6:11) Noma kunjalo sazuza isono njengefa. Yingakho kungasimangazi ukuthi nathi sizizwa sinomuzwa wecala, sikhathazekile, singazethembi futhi sinamahloni. Empeleni, iBhayibheli lithi isono siyaqhubeka sinethonya elinamandla kubantu. Siye sathonya ‘ngisho nalabo abangonanga ngendlela u-Adamu ona ngayo.’ (Roma 5:14) Nakuba lelo qiniso lingase lisidikibalise, akudingeki lisenze sizizwe singenamandla noma sizizwe singenathemba. Singakwazi ukumelana naleyo mizwa engakhi. Kanjani?
Isono sabangela u-Adamu no-Eva ukuba bazizwe benomuzwa wecala, bekhathazekile, bengazethembi futhi benamahloni (Bheka isigaba 9)
11. Yini okufanele siyenze lapho sizizwa singenawo amandla okulwisana nezifiso ezingafanele futhi kungani? (Roma 6:12)
11 Lapho sizizwa singenawo amandla—njengokungathi ngeke sikwazi ukunqoba izifiso ezingafanele—singabheka leso simo njengokungathi isono “sikhuluma” nathi sithi ngeke sikwazi ukulwisana nezifiso ezingafanele futhi akufanele sisilalele. Kungani? Kungenxa yokuthi iBhayibheli lisifundisa ukuthi akudingeki sivumele isono siqhubeke “sibusa njengenkosi” phezu kwethu. (Funda eyabaseRoma 6:12.) Lokho kusho ukuthi singakhetha ukungenzi ngokuvumelana nezifiso ezingafanele. (Gal. 5:16) UJehova uyasethemba ukuthi singakwazi ukumelana nesilingo; ukube bekungenjalo, ubengeke asitshele ukuba senze kanjalo. (Dut. 30:11-14; Roma 6:6; 1 Thes. 4:3) Kusobala ukuthi sinawo amandla okulwisana nezifiso ezingafanele.
12. Kufanele senzenjani uma sizizwa singenalo ithemba futhi kungani?
12 Ngendlela efanayo, lapho sizizwa singenalo ithemba—njengokungathi uJehova uzosilahla ngenxa nje yokuba nezifiso ezingafanele—singabheka lokho njengokungathi isono “sikhuluma” nathi sithi ngeke sikwazi ukulwisana nezifiso ezingafanele futhi akufanele sisilalele. Kungani? Kungenxa yokuthi iBhayibheli lifundisa ukuthi uJehova uyaqonda ukuthi sinesono. (IHu. 103:13, 14) “Wazi zonke izinto” ngathi, kuhlanganise nezindlela ezihlukahlukene isono esibe nomthelela ngayo ekusenzeni sifune ukwenza izinto ezingalungile. (1 Joh. 3:19, 20) Uma silwisana nezifiso zokwenza okungalungile ngokungenzi ngokuvumelana nazo, singaba abahlanzekile emehlweni kaJehova. Kungani singaqiniseka ngalokho?
13-14. Ingabe ukumane nje sibe nezifiso ezingafanele kusho ukuthi sehlulekile? Chaza.
13 IBhayibheli liveza umehluko phakathi kokwenza okungalungile (okuyinto esingayilawula) nesifiso sokwenza okungalungile (okuyinto engavele iqhamuke nje singayilindele.) Ngokwesibonelo, amanye amaKristu angekhulu lokuqala eKorinte ayenza izenzo zobutabane. UPawulu wabhala: “Yilokho abanye kini ababeyikho.” Ingabe lokho kusho ukuthi abaphindanga baba nesifiso sokwenza izenzo zobutabane? Ngeke kube nengqondo ukuphetha kanjalo, njengoba izifiso ezinjalo ngokuvamile zisuke zijulile. Kodwa amaKristu ayezithiba futhi ekugwema ukwenza ngokuvumelana nezifiso zawo ayemukeleka kuJehova. Wayewabheka njengalawo aye ‘agezwa ahlanzeka.’ (1 Kor. 6:9-11) Kungashiwo okufanayo nangathi.
14 Kungakhathaliseki ukuthi yiziphi izifiso ezingafanele olwisana nazo, ungakwazi ukuzinqoba. Ngisho noma ungeke ukwazi ukuzisusa, ungakwazi ukuzithiba futhi ugweme ‘ukwenza izinto ezithandwa yinyama nemicabango yakho.’ (Efe. 2:3) Ungakwenza kanjani lokho futhi unqobe izifiso ezingafanele?
INDLELA ESINGANQOBA NGAYO
15. Ukuze sinqobe izifiso ezingafanele, kungani kudingeka sibazi ubuthakathaka esinabo?
15 Ukuze unqobe izifiso ezingafanele, kuyodingeka ubazi ubuthakathaka onabo. Qaphela ukuba ungazikhohlisi “ngokucabanga okungamanga.” (Jak. 1:22) Ukuyithatha kalula inkinga—ngokusho izinto ezinjengokuthi, ‘Abanye baphuza kakhulu kunami,’ noma ngokusola abanye ngayo uthi, ‘Bengingeke ngilingeke ukuba ngibukele izithombe zocansi ezingcolile ukube umkami ubengibonisa uthando kakhudlwana’—kuyomane kwenze kube lula ngawe ukuba unqotshwe yisilingo. Ngakho ungazami ukuthethelela ukuziphatha okungalungile, ngisho nangalokho okucabangayo. Ungasoli omunye umuntu ngezenzo zakho.—Gal. 6:7.
16. Ungazimisela kanjani kakhudlwana ukwenza okulungile?
16 Ngaphandle kokwazi ubuthakathaka onabo, kuyodingeka uzimisele kakhudlwana ukuba ungakuvumeli kukunqobe. (1 Kor. 9:26, 27; 1 Thes. 4:4; 1 Pet. 1:15, 16) Yazi ukuthi yini obuthaka kakhulu kuyo nokuthi ikuhlupha nini leyo nto. Kungenzeka uhlushwa uhlobo oluthile lwesilingo noma ulingeka kakhulu ngesikhathi esithile osukwini. Ngokwesibonelo, ingabe ukuthola kunzima kakhudlwana ukumelana nesilingo lapho ukhathele noma lapho kusebusuku? Cabanga kusengaphambili ngaleso silingo futhi ukulungele ukuthi uyobhekana kanjani naso. Isikhathi esikahle sokwenza lokho ingaphambi kokuba ubhekane nesilingo.—IzAga 22:3.
17. Yini esingayifunda esibonelweni sikaJosefa? (Genesise 39:7-9) (Bheka nezithombe.)
17 Cabanga ngalokho uJosefa akwenza lapho umkaPotifari ezama ukumyenga ukuba alale naye. Wakwenqaba ngokucacile ukulala naye futhi wakwenza ngokushesha lokho. (Funda uGenesise 39:7-9.) Yini esingayifunda kulokho? UJosefa wayazi kahle ukuthi wayezizwa kanjani ngokuthatha inkosikazi yenye indoda ngaphambi kokuba umkaPotifari azame ukumyenga. Ngendlela efanayo, ungazimisela kakhudlwana ukwenza okulungile ngaphambi kokuba kufike isilingo. Ngaleyo ndlela, lapho usubhekene nesilingo kuyoba lula ukwenza lokho okunqume ngaphambili.
Senqabe ngokushesha isilingo njengoba kwenza uJosefa! (Bheka isigaba 17)
‘QHUBEKA UZIHLOLA’
18. Yini enye ongayenza ukuze unqobe izifiso ezingafanele? (2 Korinte 13:5)
18 Ukuze unqobe izifiso ezingafanele, kudingeka ‘uqhubeke uzihlola’—okuwukuthi uhlale uzihlola ukuthi wenza kanjani kule ndaba. (Funda eyesi-2 Korinte 13:5.) Ngezikhathi ezithile, hlola izinto ozicabangayo nozenzayo bese uyalungisa uma kunesidingo. Ngokwesibonelo, ngisho noma ukwazile ukumelana nesilingo, ungase uzibuze: ‘Kungithathe isikhathi esingakanani ukumelana naso?’ Uma uqaphela ukuthi awusheshanga ukumelana naso, ungazithukutheleli kakhulu. Kunalokho, thatha izinyathelo zokuthuthukisa indlela ongamelana ngayo naso ngokuzayo. Zibuze imibuzo enjengokuthi: ‘Ngingasinciphisa yini isikhathi engisithathayo ngaphambi kokuba ngenqabe imicabango engafanele? Ingabe izinto engizijabulisa ngazo zenza kube nzima nakakhulu ukuba ngimelane nesilingo? Ingabe ngiyashesha ukususa amehlo ami ezithombeni ezingcolile? Ngiyaqonda yini ukuthi imithetho kaJehova ihlale ingcono ngisho nalapho kudingeka ngizithibe?’—IHu. 101:3.
19. Izinqumo ezingahlakaniphile ezibonakala zizincane zingakwenza kanjani kube nzima nakakhulu ukuba silwisane nezifiso ezingafanele?
19 Kufanele ukugweme nokubeka izaba ngokuziphatha okungafanele. IBhayibheli lithi: “Inhliziyo ikhohlisa ngaphezu kwanoma yini enye futhi iyingozi.” (Jer. 17:9) UJesu wathi kuyo kuphuma “imicabango emibi.” (Math. 15:19) Ngokwesibonelo, ngokuhamba kwesikhathi, umuntu oseyekile ukubukela izithombe zocansi ezingcolile angase acabange ukuthi “akuyona ingozi” ukubukela izithombe ezivusa inkanuko ngoba azibonisi abantu abanqunu. Noma angase azitshele ukuthi, ‘Akukubi ukulokhu ngicabanga ngezifiso ezingafanele uma nje ngingakwenzi lokho engikucabangayo.’ Ngomqondo othile, inhliziyo yalowo muntu ekhohlisayo ‘izihlelela kusengaphambili izifiso zenyama.’ (Roma 13:14) Ungakugwema kanjani ukwenza lokho? Kuqaphele futhi ukugweme ukwenza izinqumo ezingahlakaniphile ezincane eziyokwenza wenze izinqumo ezinkulu ezingahlakaniphile, ezinjengokwenza okungalungile.b Yenqabe noma yimiphi “imicabango emibi” engakwenza uthethelele ukuziphatha okungalungile.
20. Yiliphi ithemba esinalo ngesikhathi esizayo, futhi yiluphi usizo esinalo njengamanje?
20 Njengoba sifundile, ngosizo lukaJehova sinawo amandla okumelana nesilingo. Siyabonga nangesihe sakhe ngoba ngenxa yaso sinethemba lokuphila phakade ezweni elisha. Kuyoba yimpumuzo ngempela ukukhonza uJehova ngengqondo emsulwa nangenhliziyo emsulwa! Kuze kube yileso sikhathi, singaqiniseka ukuthi sinawo amandla nethemba lokulwa nezifiso ezingafanele. Ngenxa yokuthi uJehova uyayibusisa imizamo esiyenzayo, singanqoba!
INGOMA 122 Yibani Abagxilile, Abangenakunyakaziswa!
a INCAZELO YEGAMA: EBhayibhelini, igama elithi “isono” livame ukubhekisela ekwenzeni into engalungile njengokuntshontsha, ukuphinga noma ukubulala. (Eks. 20:13-15; 1 Kor. 6:18) Nokho kweminye imiBhalo igama elithi “isono” libhekisela esonweni esizalwa naso ngisho noma singakayenzi into embi.
b Phawula ukuthi insizwa echazwe encwadini yezAga 7:7-23 yenza izinqumo ezingahlakaniphile ezincane ngaphambi kokuba yenze isinqumo esingahlakaniphile esikhulu sokuziphatha kabi ngokocansi.
c INCAZELO YEZITHOMBE: Kwesobunxele: Njengoba ehlezi esitolo sekhofi, umzalwane osemusha ubona amadoda amabili enza izenzo zokubonisana uthando. Kwesokudla: Udade ubona abantu ababili ababhemayo.