Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w24 Febhuwari k. 32
  • Thola Amagugu Angokomoya Ongawasebenzisa

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Thola Amagugu Angokomoya Ongawasebenzisa
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2024
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Amacebiso Okutadisha
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2023
  • Funda Unomgomo Wokuxoxela Abanye Okufundile
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2025
  • Lingangisiza Kanjani IBhayibheli?—Ingxenye 1: Ukufunda IBhayibheli Lakho
    Intsha Iyabuza
  • Qhubekani Nikufuna njengokungathi Amagugu Afihliweyo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1989
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2024
w24 Febhuwari k. 32

AMACEBISO OKUTADISHA

Thola Amagugu Angokomoya Ongawasebenzisa

Lapho sifunda iBhayibheli, singabheka amagugu angokomoya ngokucwaninga amaqiniso ahlobene nesikufundayo. Kodwa singazuza kanjani nakakhulu?

Funda okwengeziwe ngemininingwane yezindaba eziseBhayibhelini. Ngokwesibonelo, thola ukuthi ubani owayibhala, eyibhalela bani, nini. Zazinjani izimo, yini eyenzeka ngaphambi kokuba ibhalwe, yini eyenzeka ngemva kokuba seyibhaliwe?

Cabanga ngezifundo ongazithola ngokucwaninga ngemibuzo enjengokuthi: ‘Babezizwa kanjani abantu ababehilelekile? Yiziphi izimfanelo abazibonisa? Kungani kufanele ngibalingise ngibonise lezo zimfanelo noma kungani kufanele ngizigweme lezo zimfanelo?’

Zisebenzise izifundo ozitholile, mhlawumbe enkonzweni noma lapho usebenzelana nabanye. Ngokwenza kanjalo, uyohlakanipha, njengoba iBhayibheli lisho: “Noma ubani ohlakaniphile uyozibona lezi zinto.”—IHu. 107:43.

  • Icebiso: Phawula ukuthi ingxenye yaphakathi neviki ethi, Ingcebo Esezwini LikaNkulunkulu isisiza kanjani sicabange ngendlela esingasebenzisa ngayo lokho esikufundayo. Le ngxenye ivame ukuba nemibuzo esingazibuza yona, amaphuzu esingazindla ngawo nemifanekiso esingafunda kuyo.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela