Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w25 Julayi k. 32
  • Funda Unomgomo Wokuxoxela Abanye Okufundile

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Funda Unomgomo Wokuxoxela Abanye Okufundile
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2025
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Thola Amagugu Angokomoya Ongawasebenzisa
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2024
  • Thola Ukuqabuleka Ezintweni Ezingokomoya
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
  • Amacebiso Okutadisha
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2023
  • Ungabaxoxela Kanjani Abanye Izindaba Ezinhle?
    Phila Kuze Kube Phakade!—Izifundo ZeBhayibheli
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2025
w25 Julayi k. 32

AMACEBISO OKUTADISHA

Funda Unomgomo Wokuxoxela Abanye Okufundile

Ukutadisha kungasiqabula, kodwa singaqabuleka ngisho nakakhulu lapho sixoxela abanye amagugu angokomoya akhuthazayo esiwathole lapho sitadisha. IzAga 11:25 zithi: “Noma ubani owenza abanye baqabuleke naye uyoqabuleka.”

Ukuxoxela abanye esikufundile kusisiza ukuba siwakhumbule kalula amaphuzu futhi sikuqonde kakhudlwana esikufundile. Ngenxa yokuthi lawo maphuzu angabazuzisa nabanye, kuyasijabulisa ukubaxoxela lawo magugu.—IzE. 20:35.

Zama lokhu: Ngeviki elizayo funa ithuba lokuxoxela othile lokho okufundile. Ungaxoxela ilungu lomndeni, othile onaye ebandleni, umuntu osebenza naye, ofunda naye, umakhelwane noma umuntu ohlangana naye enkonzweni yasensimini. Zama ukumxoxela lokho okufundile usebenzisa amazwi akho, umchazele ngendlela elula necacile.

Khumbula: Xoxela abanye lokho okufundayo ukuze ubakhuthaze, hhayi ukuze ubabonise ukuthi wena unolwazi olungakanani.—1 Kor. 8:1.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela