Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w22 Agasti kk. 14-19
  • ‘Qhubekani Nihamba Eqinisweni’

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • ‘Qhubekani Nihamba Eqinisweni’
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka (Efundwayo)—2022
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • OKWENZA SITHANDE ‘IQINISO’
  • INDLELA ESIBONISA NGAYO UKUTHI SIYALITHANDA IQINISO
  • “Ngizohamba Eqinisweni Lakho”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2018 (Efundwayo)
  • Kungani Kufanele Sifune Iqiniso?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
  • AmaKristu Akhulekela Ngomoya Nangeqiniso
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2002
  • Ukulingisa UNkulunkulu Weqiniso
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka (Efundwayo)—2022
w22 Agasti kk. 14-19

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 34

‘Qhubekani Nihamba Eqinisweni’

‘Qhubekani nihamba eqinisweni.’​—3 JOH. 4.

INGOMA 111 Sinezizathu Zokujabula

AMAZWIBELAa

1. Sizuza kanjani lapho sixoxa ngokuthi salithola kanjani ‘iqiniso’?

“WALITHOLA kanjani iqiniso?” Akungabazeki ukuthi usuwuphendule kaningi lowo mbuzo. Lowo omunye wemibuzo yokuqala umuntu okholwa naye akubuza yona lapho niqala ukwazana. Siyathanda ukuzwa ukuthi abafowethu nodadewethu bamazi futhi bamthanda kanjani uJehova, siyakujabulela nokubatshela ukuthi silazisa kangakanani iqiniso. (Roma 1:11) Lezi zingxoxo zisikhumbuza ukuthi iqiniso liyigugu kangakanani. Sizimisela nakakhulu ‘ukuqhubeka sihamba eqinisweni’​—okusho ukuqhubeka siphila ngendlela ezokwenza uJehova asibusise futhi asamukele.​—3 Joh. 4.

2. Sizoxoxa ngani kulesi sihloko?

2 Kulesi sihloko, sizohlola ezinye zezizathu zokuthi kungani silithanda iqiniso. Sizobe sesixoxa nangokuthi singaqhubeka kanjani sibonisa ukuthi siyasithanda lesi sipho esiyigugu. Akungabazeki ukuthi le ngxoxo izojulisa ukwazisa esinakho ngalokho uJehova akwenzile ngokusidonsela eqinisweni. (Joh. 6:44) Kuzoqinisa nesifiso sethu sokufundisa abanye iqiniso.

OKWENZA SITHANDE ‘IQINISO’

3. Isiphi isizathu esibaluleke kakhulu esenza sithande iqiniso?

3 Ziningi izizathu ezenza sithande iqiniso. Esibaluleke kakhulu ukuthi sithanda uJehova uNkulunkulu, uMthombo weqiniso. NgeZwi lakhe, iBhayibheli, siye sazi ukuthi akagcini nje ngokuba uMenzi wezulu nomhlaba onamandla kodwa futhi unguBaba osezulwini onothando osikhathalela ngokujulile. (1 Pet. 5:7) Siyazi ukuthi uNkulunkulu wethu ‘unesihe nozwela, uyephuza ukuthukuthela, uchichima uthando oluqotho neqiniso.’ (Eks. 34:6) UJehova uyabuthanda ubulungisa. (Isaya 61:8) Kumzwisa ubuhlungu ukusibona sihlupheka futhi ukulungele​—yebo, uyakulangazelela—​ukukuqeda konke ukuhlupheka ngesikhathi asimisile. (Jer. 29:11) Kujabulisa ngempela lokho! Yingakho nje simthanda kangaka uJehova!

Esikubona ezithombeni: Isithombe sehange. 1. Umhlaba oyipharadesi onezintaba, izigodi eziluhlaza nomfula ogelezayo. 2. Udade ushumayeza owesifazane.

Iqiniso LeBhayibheli Lifana . . . Nehange

Njengoba nje ihange lenza umkhumbi unganyakazi uye le nale, nethemba lethu elisekelwe eBhayibhelini lingasisiza sime siqine lapho sibhekene novivinyo. Iqiniso leBhayibheli liphinde lisenze sitshele abanye ngethemba esinalo ngekusasa (Bheka izigaba 4-7)

4-5. Kungani umphostoli uPawulu aqhathanisa ithemba esinalo nehange?

4 Isiphi esinye isizathu esisenza silithande iqiniso? Iqiniso lisizuzisa kakhulu. Cabanga ngalesi sibonelo. Iqiniso leBhayibheli lihlanganisa nethemba esinalo ngekusasa. Ukuze afanekise ukubaluleka kwalelo themba, umphostoli uPawulu wabhala: “Sinaleli themba njengehange lomphefumulo, liqinisekile futhi lisenza singangabazi.” (Heb. 6:19) Njengoba nje ihange lenza umkhumbi unganyakazi uye le nale, nethemba lethu elisekelwe eBhayibhelini lingasisiza sime siqine lapho sibhekene nezinselele.

5 Kule ndaba, uPawulu wayekhuluma ngethemba lokuphila ezulwini amaKristu agcotshiwe alazisayo. Kodwa amazwi akhe ayasebenza nakumaKristu abheke phambili ekuphileni phakade emhlabeni oyipharadesi. (Joh. 3:16) Ngokuqinisekile, ukufunda ngethemba lokuphila okuphakade kwenze ukuphila kwethu kwaba nenjongo.

6-7. Ukufunda iqiniso ngekusasa kumzuzise kanjani uYvonne?

6 Cabanga ngalokho okwenzeka kudade okuthiwa uYvonne. Akakhulelanga eqinisweni futhi eseyingane wayekwesaba ukufa. Uyakhumbula efunda isisho esahlala engqondweni yakhe, esithi: “Ngelinye ilanga siyolala singavuki.” Uthi: “Lawo mazwi ayengenza ngingalali ebusuku ngilokhu ngicabanga ngekusasa. Ngangicabanga, ‘Kumelwe ukuba kukhona okungcono kunalokhu ekuphileni. Kungani ngilapha?’ Ngangingafuni ukufa!”

7 Kamuva, lapho esekhulile, uYvonne wahlangana noFakazi BakaJehova. Uthi: “Ngaqala ukukholelwa ekutheni ngingaba nethemba lokuphila phakade ePharadesi emhlabeni.” Ukufunda iqiniso kumzuzise kanjani udadewethu? Uyanezela: “Manje angisaqwashi ebusuku ngilokhu ngikhathazeke ngekusasa nokufa.” Njengoba ungase ucabange, iqiniso liyigugu kakhulu kuYvonne futhi kumjabulisa ngempela ukutshela abanye ngethemba analo ngekusasa.​—1 Thim. 4:16.

Esikubona ezithombeni: Isithombe sedayimane. 1. Umhlaba oyipharadesi onezintaba, izigodi eziluhlaza nomfula ogelezayo. 2. Indoda ibeka ibhokisi eligcwele amathrofi nezindondo.

Iqiniso LeBhayibheli Lifana . . . Nomcebo

Ukukhonza uJehova manje nokuba nethemba lokumkhonza phakade esikhathini esizayo lapho sekubusa uMbuso kaNkulunkulu, kufana nomcebo. Kufanelwe yinoma yikuphi ukuzidela (Bheka izigaba 8-11)

8-9. (a) Komunye wemifanekiso kaJesu, indoda ethile yawazisa kangakanani umcebo eyawuthola? (b) Liyigugu kangakanani iqiniso kuwe?

8 Iqiniso leBhayibheli lihlanganisa nezindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu. UJesu wafanisa lelo qiniso loMbuso nomcebo ofihliwe. Njengoba kuboniswe kuMathewu 13:44, uJesu wathi: “UMbuso wamazulu unjengomcebo ofihlwe esigangeni, otholwa umuntu bese eyawufihla; futhi ngenxa yenjabulo uyahamba ayothengisa konke anakho athenge leso siganga.” Phawula ukuthi le ndoda yayingahambi ilokhu iwufuna lo mcebo. Kodwa lapho iwuthola, yadela izinto eziningi ukuze iwugcine. Empeleni, yadayisa konke eyayinakho. Kungani? Yayazi ukuthi uyigugu kangakanani. Wawubaluleke ukwedlula noma yini okwakufanele iyidele.

9 Ingabe nawe uzizwa ngendlela efanayo ngeqiniso? Akungabazeki ukuthi kunjalo! Siyazi ukuthi akukho lutho izwe elingasinika yona engaqhathaniswa nenjabulo esiyithola ngokukhonza uJehova manje, sinethemba lokuphila phakade esikhathini esizayo lapho sekubusa uMbuso kaNkulunkulu. Ilungelo esinalo lokuba nobuhlobo obuseduze noJehova lifanelwe yinoma yikuphi ukuzidela. Into esithokozisa kakhulu kunazo zonke ‘ukumjabulisa ngokugcwele.’​—Kol. 1:10

10-11. Yini eyakhuthaza uMichael ukuba ashintshe ukuphila kwakhe?

10 Abaningi bethu baye badela izinto ezinkulu ukuze bamukelwe uJehova. Abanye bashiye imisebenzi ehlonishwayo ezweni. Abanye bayeke ukujaha ingcebo. Kanti abanye bakushintshe ngokuphelele ukuphila kwabo lapho befunda ngoJehova. Yilokho uMichael akwenza. Akakhulelanga eqinisweni. Eseyinsizwa, waqeqeshelwa ukushaya i-karate. Uthi: “Kwakubalulekile kimi ukuhlala ngizivocavoca. Ngezinye izikhathi ngangizizwa sengathi akekho ongangithinta.” Kodwa lapho eqala ukufunda iBhayibheli, wathola ukuthi uJehova uzizwa kanjani ngobudlova. (IHu. 11:5) Ekhuluma ngendoda nomkayo abangoFakazi ababefunda naye iBhayibheli, uMichael uthi: “Abazange bangitshele ukuthi kufanele ngiyeke i-karate, bamane nje baqhubeka bengifundisa iqiniso leBhayibheli.”

11 Njengoba uMichael ayeqhubeka efunda ngoJehova, uthando lwakhe ngaYe lwaqhubeka lukhula nakakhulu. Uzwela uJehova alubonisa izikhonzi zaKhe lwamthinta kakhulu. Ngokuhamba kwesikhathi, wabona ukuthi kwakudingeka enze isinqumo esizoshintsha ukuphila kwakhe. Uthi: “Ngangazi ukuthi ukuyeka i-karate kwakuyoba yinto enzima kunazo zonke okwakudingeka ngiyenze. Kodwa ngangazi nokuthi kwakuyomjabulisa uJehova futhi ngangiqiniseka ukuthi ukumkhonza kwakufanelwe yinoma ikuphi ukuzidela.” UMichael walibheka njengeliyigugu iqiniso alithola, ukulazisa kwamenza wenza izinguquko ezinkulu ekuphileni kwakhe.​—Jak. 1:25.

Esikubona ezithombeni: Isithombe sesibani. 1. Umhlaba oyipharadesi onezintaba, izigodi eziluhlaza nomfula ogelezayo. 2. Owesifazane osemusha uzindla ngalokho akufunde eBhayibhelini.

Iqiniso LeBhayibheli Lifana . . . Nesibani

Isibani esikhanya kahle sisisiza sibone indlela lapho sihamba ebumnyameni. Ngendlela efanayo, iZwi likaNkulunkulu lisisiza sibone indlela esingahamba ngayo ezweni likaSathane elimnyama (Bheka izigaba 12-13)

12-13. Iqiniso leBhayibheli lamsiza kanjani uMayli?

12 Ukuze iBhayibheli libonise ukuthi libaluleke kangakanani iqiniso, lilifanisa nesibani esikhanya ebumnyameni. (IHu. 119:105; Efe. 5:8) UMayli, wase-Azerbaijan, ukwazisa ngokujulile ukukhanya akuthola eZwini likaNkulunkulu. Wakhulela emndenini ohlukene ngokwenkolo. Uyise wayengumSulumane, unina engumJuda. Uthi: “Nakuba ngangingakaze ngingabaze ukuthi uNkulunkulu ukhona kodwa kwakunezinto engangingaziqondi. Ngazibuza, ‘Kungani uNkulunkulu adala abantu futhi kungani umuntu kufanele ahlupheke ukuphila kwakhe konke bese ekugcineni ehlushwa phakade esihogweni?’ Njengoba abantu babethi konke okwenzekayo kuyintando kaNkulunkulu, ngazibuza, ‘Ingabe uNkulunkulu ubangela ukuhlupheka kwabantu bese eyajabula uma ebabona besosizini?’”

13 UMayli waqhubeka efuna izimpendulo zemibuzo yakhe. Ngokuhamba kwesikhathi, wamukela isifundo seBhayibheli, waba omunye woFakazi BakaJehova. Uthi, “Ulwazi olukholisayo oluseBhayibhelini lwayishintsha ngokuphelele indlela engangibheka ngayo izinto ekuphileni. Izincazelo ezinengqondo engazithola eZwini likaNkulunkulu zinginika ukuthula kwangaphakathi.” NjengoMayli, sonke sidumisa uJehova, ‘Lowo owasibiza ukuba siphume ebumnyameni singene ekukhanyeni kwakhe okumangalisayo.’​—1 Pet. 2:9.

14. Singalujulisa kanjani uthando lwethu ngeqiniso? (Bheka nebhokisi elithi “Izifaniso Ezengeziwe.”)

14 Lezi kumane kuyizibonelo ezimbalwa nje ezibonisa ukubaluleka kweqiniso. Akungabazeki ukuthi ziningi ezinye ongazicabanga. Mhlawumbe esifundweni sakho somuntu siqu ungazibekela umgomo wokuthola ezinye izizathu zokuthi kungani silithanda iqiniso. Njengoba siqhubeka silithanda nakakhulu iqiniso, sizothola izindlela ezengeziwe zokubonisa uthando lwethu ngalo.

IBhayibheli elivuliwe.

Izifaniso Ezengeziwe

Kulesi sihloko, sibonile ukuthi ‘iqiniso’ lingafaniswa nehange, umcebo nesibani. Ukubaluleka kweqiniso singaphinde sikufanise nezinye izinto. Ngokwesibonelo:

  • Isibuko.

    Iqiniso leBhayibheli lifana nesibuko. Lapho sifunda iBhayibheli futhi silitadisha, sibona umuntu esinguye ngaphakathi nokuthi yikuphi lapho kufanele sithuthukise khona.​—Jak. 1:22-25

  • Amaconsi amanzi.

    Njengoba nje amanzi esiqabula ngosuku olushisayo, amanzi ayiqiniso leBhayibheli ayasiqabula kuleli zwe elomile ngokomoya.​—IHu. 23:2, 3

INDLELA ESIBONISA NGAYO UKUTHI SIYALITHANDA IQINISO

15. Iyiphi enye yezindlela esingabonisa ngayo ukuthi siyalithanda iqiniso?

15 Singabonisa ukuthi siyalithanda iqiniso ngokulitadisha njalo iBhayibheli nezincwadi ezisekelwe kulo. Kanti kungakhathaliseki ukuthi sinesikhathi esingakanani siseqinisweni, sihlale sinokuningi esisengakufunda. INqabayokulinda yokuqala ngqa yathi: “Iqiniso, linjengembali encane esehlathini, lizungezwe futhi licishe liminyaniswe ukukhula kokhula lwamaphutha. Uma ufuna ukulithola kumelwe uhlale uqaphile. . . . Uma ufuna libe ngelakho kumelwe ukhothame ukuze ulithole. Unganeliswa yimbali eyodwa yeqiniso. . . . Qhubeka ubutha, funa ezengeziwe.” Ukutadisha kuwumsebenzi onzima kodwa kuwufanele umzamo.

16. Iyiphi indlela yokutadisha oyithole iphumelela? (IzAga 2:4-6)

16 Akuthina sonke esithanda ukufunda nokutadisha. Kodwa uJehova usimema ukuba ‘siqhubeke sifuna’ ukuze siliqonde ngokwengeziwe iqiniso. (Funda izAga 2:4-6.) Siyohlale sizuza uma senza kanjalo. Mayelana nokufunda iBhayibheli, uCorey uthi ugxila evesini elilodwa ngesikhathi. Uyachaza: “Ngifunda yonke imibhalo yaphansi, ngibheke zonke izikhombo eziseceleni, ngenze nocwaningo olwengeziwe. . . . Ukwenza ngale ndlela kungizuzisa kakhulu lapho ngifunda!” Kungakhathaliseki ukuthi sisebenzisa le ndlela noma enye, sibonisa ukuthi siyalazisa iqiniso lapho sizinika isikhathi futhi senza umzamo wokulitadisha.​—IHu. 1:1-3.

17. Kusho ukuthini ukuphila ngeqiniso? (Jakobe 1:25)

17 Kuyavunywa, siyazi ukuthi akwanele ukumane nje ulifunde iqiniso. Ukuze sizuze ngokugcwele, kumelwe siphile ngalo, okusho ukuthi sikusebenzise ekuphileni kwethu lokho esikufundayo. Ukwenza kanjalo kuphela okuyosenza sithole injabulo yangempela eqinisweni. (Funda uJakobe 1:25.) Singaqiniseka kanjani ukuthi siphila ngeqiniso? Omunye umzalwane usikisela ukuba sizihlole ukuthi yikuphi lapho senza kahle khona nokuthi yikuphi lapho sifuna ukuthuthukisa khona. Umphostoli uPawulu wakubeka ngale ndlela: “Ngezinga esesithuthuke ngalo, masiqhubeke sihamba ngokuhlelekile ngalo mzila ofanayo.”​—Fil. 3:16.

18. Kungani senza konke okusemandleni ukuze ‘siqhubeke sihamba eqinisweni’?

18 Cabanga nje ukuthi sizuza kangakanani lapho senza konke okusemandleni ethu ukuze ‘siqhubeke sihamba eqinisweni’! Asithuthukisi ukuphila kwethu nje kuphela kodwa sijabulisa uJehova nesikholwa nabo. (IzAga 27:11; 3 Joh. 4) Zikhona ngempela yini izizathu ezedlula lezi zokulithanda iqiniso futhi siphile ngalo?

UNGAPHENDULA KANJANI?

  • Kungani silithanda ‘iqiniso’?

  • Singabonisa kanjani ukuthi silazisa ngokujulile iqiniso?

  • Singabonisa kanjani ukuthi siyalithanda iqiniso?

INGOMA 144 Bheka Njalo Umvuzo!

a Lapho sikhuluma ngezinkolelo zethu nendlela esiphila ngayo sivame ukusebenzisa igama elithi ‘iqiniso’ noma sithi ‘siseqinisweni.’ Kungakhathaliseki ukuthi sibasha eqinisweni noma sikhulele kulo, singazuza kakhulu ngokucabangisisa ngokuthi kungani silithanda iqiniso. Ukwenza kanjalo kuzosisiza sizimisele nakakhulu ukuba uJehova asamukele.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela