Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • mwb24 Januwari kk. 6-7
  • Januwari 22-28

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Januwari 22-28
  • INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2024
INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2024
mwb24 Januwari kk. 6-7

JANUWARI 22-28

JOBE 38-39

Ingoma 11 Nomthandazo | Amazwi Okuvula (1 umz.)

INGCEBO ESEZWINI LIKANKULUNKULU

1. Uyazipha Yini Isikhathi Sokubuka Indalo?

(10 imiz.)

Ngemva kokudala umhlaba, uJehova wazipha isikhathi sokuhlola umsebenzi wakhe (Gen 1:10, 12; Job 38:5, 6; w21.08 9 ¶7)

Izingelosi zazipha isikhathi sokubuka indalo kaJehova (Job 38:7; w20.08 14 ¶2)

Singamethemba nakakhulu uJehova lapho sizipha isikhathi sokubuka indalo futhi siyazise (Job 38:32-35; w23.03 17 ¶8)

Umama nentombazanyana yakhe bajabule njengoba bebuka uvemvane ngaphandle komuzi wabo.

2. Amagugu Angokomoya

(10 imiz.)

  • Job 38:8-10—La mavesi asifundisani ngoJehova njengoMniki-mthetho? (it-2-E 222)

  • Yimaphi amagugu owathole ekufundwenikweBhayibheli kwaleli sonto?

3. Ukufundwa KweBhayibheli

(4 imiz.) Job 39:1-22 (th isifundo 5)

YIBA UMSHUMAYELI NOMFUNDISI ONGCONO ENSIMINI

4. Ukuqala Ingxoxo

(2 imiz.) UKUSHUMAYELA NGOKWETHUKELA. Yiphethe ngomoya omuhle ingxoxo uma ubona ukuthi umuntu akafuni ukukhuluma. (lmd isifundo 2 iphuzu 3)

5. Ukubuyela Koxoxe Naye

(5 imiz.) ENDLINI NGENDLU. Engxoxweni edlule, umuntu ukutshele ukuthi usanda kushonelwa umuntu amthandayo. (lmd isifundo 9 iphuzu 3)

6. Inkulumo

(5 imiz.) lmd isithasiselo A iphuzu 1—Isihloko: Izinto Ezenzeka Manje Nendlela Abantu Abaziphatha Ngayo Kubonisa Ukuthi Ushintsho Seluseduze. (th isifundo 16)

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Ingoma 111

7. Ukubuka Indalo Kusisiza Sikhumbule Ukuthi Yini Ebaluleke Ngempela

(15 imiz.) Ingxoxo.

UJobe ucabanga ngezinye zezilwane ezimangalisayo ezidalwe uJehova, ezihlanganisa imvubu, unogolantethe, intshe, ingwenya, ukhozi, ihhashi nenkunzi yasendle. Kunesiphepho esinamandla, u-Elihu nabaduduzi bamanga abathathu bahleli eduzane.

Ngesikhathi uJobe ehlaselwa abangani bakhe abathathu noSathane, wagxila kakhulu ezinkingeni zakhe nasekutheni wayegxekwa ngokungafanele.

Funda uJobe 37:14. Ngemva kwalokho, buza izilaleli:

Yini uJobe okwakudingeka ayenze ukuze luphinde luqine ukholo lwakhe kuNkulunkulu?

Lapho sizizwa siphela amandla ngenxa yovivinyo esibhekene nalo, ukubuka indalo kungasisiza sikhumbule ubukhulu bukaJehova, kukhulise nesifiso sethu sokuhlale siqotho kuye, kusenze siqiniseke nakakhulu ukuthi unawo amandla okusinakekela.—Mat 6:26.

Dlala IVIDIYO ethi Izifundo Esizithola Encwadini KaJobe—Indalo Eyizilwane. Ngemva kwalokho, buza izilaleli:

Le vidiyo ikwenze kanjani wamethembanakakhulu uJehova?

8. ISifundo SeBhayibheli Sebandla

(30 imiz.) bt isahl. 4 ¶13-20

Amazwi Okuphetha (3 imiz.) | Ingoma 54 Nomthandazo

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela