Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • mwb24 Januwari kk. 8-9
  • Januwari 29–Febhuwari 4

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Januwari 29–Febhuwari 4
  • INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2024
INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2024
mwb24 Januwari kk. 8-9

JANUWARI 29–FEBHUWARI 4

JOBE 40-42

Ingoma 124 Nomthandazo | Amazwi Okuvula (1 umz.)

INGCEBO ESEZWINI LIKANKULUNKULU

1. Esingakufunda Kulokho Okwenzeka KuJobe

(10 imiz.)

Khumbula ukuthi umbono wakho ulinganiselwe uma uqhathaniswa nokaJehova (Job 42:1-3; w10 10/15 3-4 ¶4-6)

Hlala ukulungele ukwamukela iseluleko esivela kuJehova nasenhlanganweni yakhe (Job 42:5, 6; w17.06 25 ¶12)

UJehova uyabavuza labo abahlala beqotho kuye naphezu kovivinyo (Job 42:10-12; Jak 5:11; w22.06 25 ¶17-18)

UJobe nomkakhe basezintabeni, babukene emehlweni bajabule. UJobe ukhomba imfuyo yabo nomuzi wabo.

UJehova wamvuza uJobe ngokuba qotho kwakhe

2. Amagugu Angokomoya

(10 imiz.)

  • Job 42:7—Abangani kabaJobe abathathu babegxeka bani ngempela, futhi ukwazi lokho kungasisiza kanjani sikhuthazelele ukwenziwa inhlekisa? (it-2-E 808)

  • Yimaphi amagugu owathole ekufundwenikweBhayibheli kwaleli sonto?

3. Ukufundwa KweBhayibheli

(4 imiz.) Job 42:1-17 (th isifundo 11)

YIBA UMSHUMAYELI NOMFUNDISI ONGCONO ENSIMINI

4. Ukuqala Ingxoxo

(3 imiz.) ENDLINI NGENDLU. Umuntu oxoxa naye akayena umKristu. (lmd isifundo 5 iphuzu 3)

5. Ukwenza Abafundi

(5 imiz.) lff isifundo 13 amaphuzu 6-7 nengxenye ethi Abanye Abantu Bathi (lmd isifundo 11 iphuzu 4)

6. Inkulumo

(4 imiz.) lmd isithasiselo A iphuzu 2—Isihloko: Umhlaba Awusoze Wabhujiswa. (th isifundo 13)

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Ingoma 108

7. Siza Abanye Bazi Ukuthi UJehova Uyabathanda

(15 imiz.) Ingxoxo.

Isithombe salokho okuvela kuvidiyo ethi “Sathola Uthando LobuKristu Emndenini KaJehova.” UMimi nomama wakhe balethela udade olaliswe esibhedlela izimbali nekhadi.

Siyajabula ngokukhonza uNkulunkulu oluthando. (1Jo 4:8, 16) Ubuntu obuhle bukaJehova busenza sifune ukuba abangani bakhe futhi sihlale siseduze naye. Njengezimvu zikaJehova, sonke siyaluzwa uthando lwakhe.

Senza konke esingakwenza ukuthi indlela esiphatha ngayo amalungu emindeni yethu, esikholwa nabo kanye nabanye ibonise ukuthi sibathanda njengoJehova. (Job 6:14; 1Jo 4:11) Ngokubonisa uthando sisiza abanye bazi uJehova futhi basondele kuye. Kodwa uma singababonisi uthando, bangase bakuthole kunzima ukukholwa ukuthi uJehova uyabathanda.

Dlala IVIDIYO ethi Sathola Uthando LobuKristu Emndenini KaJehova. Ngemva kwalokho, buza izilaleli:

Ufundeni endabeni kaLei Lei noMimi ngokubaluleka kokubonisa uthando?

Yini esingayenza ukuze sisize esikholwa nabo bazi ukuthi uJehova uyabathanda?

  • Babheke njengezimvu zikaJehova eziyigugu.—Hu 100:3

  • Khuluma nabo ngendlela eyakhayo.—Efe 4:29

  • Zama ukuqonda indlela abazizwa ngayo.—Mat 7:11, 12

8. ISifundo SeBhayibheli Sebandla

(30 imiz.) bt isahl. 5 ¶1-8, ibhokisi ek. 39

Amazwi Okuphetha (3 imiz.) | Ingoma 126 Nomthandazo

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela