Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • mwb24 Januwari kk. 4-5
  • Januwari 15-21

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Januwari 15-21
  • INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2024
INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2024
mwb24 Januwari kk. 4-5

JANUWARI 15-21

JOBE 36-37

Ingoma 147 Nomthandazo | Amazwi Okuvula (1 umz.)

INGCEBO ESEZWINI LIKANKULUNKULU

1. Okwenza Sisethembe Isithembiso SikaNkulunkulu Sokuphila Phakade

(10 imiz.)

UJehova ngokwakhe uphila kuze kube phakade (Job 36:26; w15 10/1 13 ¶1-2)

UJehova unokuhlakanipha namandla okulondoloza ukuphila (Job 36:27, 28; w20.05 22 ¶6)

UJehova uyasifundisa ukuthi singakuthola kanjani ukuphila okuphakade (Job 36:4, 22; Joh 17:3)


Ukuba nokholo oluqinile esithembisweni sikaNkulunkulu sokuphila phakade kusenza sikwazi ukumelana nezikhathi ezinzima.—Heb 6:19; w22.10 28 ¶16.

Abantu basePharadesi bajabule. Izingane zidlala nebhubesi, owesifazane uphethe ubhasikidi onemifino enhlobonhlobo, imibhanqwana emibili ijabulela ukusebenza nokuphumula engadini.

2. Amagugu Angokomoya

(10 imiz.)

  • Job 37:20—Izindaba nemiyalezo kwakuvame ukudluliswa kanjani emazweni okukhulunywa ngawo eBhayibhelini?(it-1-E 492)

  • Yimaphi amagugu owathole ekufundwenikweBhayibheli kwaleli sonto?

3. Ukufundwa KweBhayibheli

(4 imiz.) Job 36:1-21 (th isifundo 2)

YIBA UMSHUMAYELI NOMFUNDISI ONGCONO ENSIMINI

4. Ukuqala Ingxoxo

(3 imiz.) UKUSHUMAYELA OBALA. (lmd isifundo 3 iphuzu 3)

5. Ukubuyela Koxoxe Naye

(4 imiz.) ENDLINI NGENDLU. (lmd isifundo 2 iphuzu 5)

6. Ukuchaza Izinkolelo Zakho

(5 imiz.) Inkulumo. ijwfq 57 ¶5-15—Isihloko: Kungani OFakazi BakaJehova Babeshushiswa Ngesikhathi AmaNazi Ebulala AmaJuda? (th isifundo 18)

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Ingoma 49

7. Zilungele Izimo Ezidinga Welashwe Noma Uhlinzwe

(15 imiz.) Ingxoxo. Kufaneleyenziwe umdala.

Inhlangano kaJehova isinikeze amathuluzi asisiza silalele umthetho kaNkulunkulu ngokuphathelene negazi. (IzE 15:28, 29) Uyawasebenzisa yini?

Ikhadi Legazi I-Durable Power of Attorney (DPA) Nekhadi Lezingane Ezincane I-Identity Card (ic): La makhadi achaza izifiso zesiguli ngokuphathelene nokusetshenziswa kwegazi. Abamemezeli ababhapathiziwe bangazitholela ikhadi i-DPA encekwini yezincwadi, batholele nezingane zabo ezincane i-Identity Card. La makhadi kufanele siwaphathe ngaso sonke isikhathi. Uma kudingeka uligcwalise noma uligcwalise kabusha, kwenze ngokushesha lokho.

Ukwaziswa Okuphathelene Nawomama Abakhulelwe (S-401) Nokwaziswa Okuphathelene Neziguli Ezidinga Ukuhlinzwa Noma I-Chemotherapy (S-407): Lokhu kwaziswa kusisiza sikulungele kangcono ukwelashwa kuhlanganise nezindaba eziphathelene negazi. Cela abadala basebandleni okulo bakunike ikhophi yokwaziswa okudingayo uma kuwukuthi ukhulelwe noma kudingeka uhlinzwe noma welashwe isifo sekhensa.

IKomiti Yokubonisana Nezibhedlela (HLC): Amalungu e-HLC angabadala abaqeqeshiwe abakulungele ukunikeza odokotela nabamemezeli ukwaziswa ezindabeni eziphathelene negazi. Bangaxoxa nodokotela wakho ngezinye izindlela zokwelapha angazisebenzisa ukuze agweme ukukufakela igazi. Uma kunesidingo, bangakutholela udokotela ozohlonipha isinqumo sakho. Batholakala usuku lonke, isonto lonke. Xhumana ne-HLC ngokushesha lapho ubhekene nanoma yisiphi isimo esidinga ulaliswe esibhedlela, uhlinzwe, noma welashwe—njengokwelashwa isifo sekhensa—ngisho noma kubonakala sengathi ngeke kudingeke ufakwe igazi. Lokhu kuyasebenza ngisho nakomama abakhulelwe. Uma udinga usizo, cela abadala bakunike imininingwane yokuxhumana ne-HLC.

Dlala IVIDIYO ethi AmaKomiti Okubonisana Nezibhedlela—Asisiza Kanjani? Ngemva kwalokho, buza izilaleli:

I-HLC ingakusiza kanjani lapho ubhekana nesimo esingadinga welashwe noma uhlinzwe?

UKULUNGELE YINI?

Lapho kudingeka welashwe ngendlela engase idinge ufakelwe igazi,

8. ISifundo SeBhayibheli Sebandla

(30 imiz.) bt isahl. 4 ¶9-12, ibhokisi ek. 34

Amazwi Okuphetha (3 imiz.) | Ingoma 67 Nomthandazo

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela