AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | EKSODUSI 39-40
UMose Wazilalela Ngokucophelela Iziqondiso
UMose waba qotho wenza ngokuvumelana neziqondiso ezicacile ayezinikezwe uJehova ngokuphathelene nokwakha nokumisa itabernakele. Nathi kufanele silalele noma yiziphi iziqondiso esizinikezwa inhlangano kaJehova bese sikwenza ngokushesha nangokusuka enhliziyweni lokho esikutshelwayo. Lokho kufanele sikwenze ngisho noma singaboni ukuthi kungani kubalulekile ukukwenza noma singaqondi ukuthi ziyini izizathu zalezo ziqondiso.—Luka 16:10.
Kungani kufanele sizilalele ngokucophelela iziqondiso . . .
esizinikezwa emihlanganweni yenkonzo yasensimini?
zokulungiselela izimo eziphuthumayo zezempilo?
zokuzilungiselela izinhlekelele?