Novemba 2-8
EKSODUSI 39-40
INgoma 89 Nomthandazo
Amazwi Okuvula (1 umz.)
AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU
“UMose Wazilalela Ngokucophelela Iziqondiso”: (10 imiz.)
Eks 39:32—UMose wazilalela ngokucophelela iziqondiso zikaJehova zokwakha itabernakele (w11 9/15 27 ¶13)
Eks 39:43—UMose walihlola ngokwakhe itabernakele elase lakhiwe
Eks 40:1, 2, 16—UMose wamisa itabernakele ngokweziqondiso zikaJehova (w05 7/15 27 ¶3)
Ukumba Sifuna Ingcebo Engokomoya: (10 imiz.)
Eks 39:34—Yini engasisiza sibone ukuthi ama-Israyeli azithola kanjani izikhumba zezimvu zamanzi zokwakha itabernakele? (it-2-E 884 ¶3)
Eks 40:34—Lapho ifu limboza itende lokuhlangana, kwakusuke kubonisani? (w15 7/15 21 ¶1)
Iyiphi ingcebo oyithole ekufundweni kweBhayibheli kwaleli sonto mayelana noJehova, inkonzo yasensimini noma okunye ongathanda ukusixoxela ngayo?
Ukufundwa KweBhayibheli: (4 imiz. noma ngaphansi) Eks 39:1-21 (th isifundo 5)
YIBA UMSHUMAYELI NOMFUNDISI ONGCONO ENSIMINI
Ividiyo Ebonisa Lapho Nixoxa Okokuqala: (4 imiz.) Ingxoxo. Dlala ividiyo. Yimise ividiyo lapho isathule okwesikhashana, bese ubuza izilaleli imibuzo evela kwividiyo. Xoxani ngendlela eningenza ngayo ukuze ningathathi hlangothi lapho umninikhaya efuna ukuxoxa ngezepolitiki noma ngezindaba ezithinta umphakathi.
Lapho Nixoxa Okokuqala: (3 imiz. noma ngaphansi) Qala ngokusebenzisa ingxenye ethi Ongase Uxoxe Ngakho. Phendula umninikhaya ofuna ukwazi umbono wakho ngokuphathelene nomuntu othile wezepolitiki noma ngezinto ezithinta umphakathi. (th isifundo 12)
Inkulumo: (5 imiz. noma ngaphansi) w16.04 29 ¶8-10—Isihloko: Yini Esingayenza Ukuze Silondoloze Ukungathathi Hlangothi KobuKristu Ezingxoxweni Zethu Nakulokho Esikucabangayo? (th isifundo 14)
UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
Lalela Ngenjongo Yokuqonda (Math. 13:16): (15 imiz.) Dlala ividiyo. Yibe usubuza le mibuzo elandelayo: Kungani kudingeka silalele ngenjongo yokuqonda? Usho ukuthini uMarku 4:23, 24? Yimuphi umfanekiso ongasetshenziswa ukuze kuchazwe eyamaHebheru 2:1? Singabonisa kanjani ukuthi silalela ngenjongo yokuqonda?
ISifundo SeBhayibheli Sebandla: (30 imiz. noma ngaphansi) ia isahl. 23 ¶1-14
Amazwi Okuphetha (3 imiz. noma ngaphansi)
INgoma 120 Nomthandazo