AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | EKSODUSI 35-36
Ukuthola Usizo Lokwenza Umsebenzi KaJehova
Umoya ongcwele kaJehova wasiza uBhezaleli no-Oholiyabe ukuba bazilandele zonke iziqondiso zokwakha itabernakele. (Bheka isithombe esisekhasini lokuqala.) Izinceku zikaJehova namuhla zisengawuthola lowo moya kaJehova onamandla. Ungasisiza kanjani?
Kumelwe sithandazele umoya ongcwele ukuze usisize sithuthukise amakhono ethu ekukhonzeni uJehova
Kumelwe sizikhandle ekufundeni iZwi likaNkulunkulu eliphefumulelwe
Izabelo esinazo kumelwe sizenze ngenhliziyo yonke
Yiziphi izabelo uJehova angakusiza ukuba uzifeze?