AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | GENESISE 42-43
UJosefa Uzithiba Ngendlela Ephawulekayo
Ungacabanga nje indlela okungenzeka uJosefa wajabula noma wathukuthela ngayo lapho ebona abafowabo engalindele? Wayengase abatshele ukuthi ungubani bese eyabajabulela noma aziphindiselele. Kodwa akenzanga ngamawala. Wena yini ongayenza uma amalungu omndeni noma abanye bekuphatha ngendlela engenabulungisa? Isibonelo sikaJosefa sisibonisa ukubaluleka kokuzithiba nokuhlala sizolile kunokwenza lokho okufunwa inhliziyo ekhohlisayo futhi sithathe izinto ngamawala.
Ungamlingisa kanjani uJosefa ezimweni obhekana nazo?