UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
Zama Ukuthola Konke Okwenzeka
Lapho ufunda indaba eseBhayibhelini, zama ukuthola konke okwenzeka. Thola ukuthi kukhulunywa ngani, ngobani nokuthi yini okungenzeka yabangela ukuba benze ngendlela abenza ngayo. Bona ngeso lengqondo lokho okwenzeka, uzwe imisindo, iphunga bese uzama ukuzizwa ngendlela abazizwa ngayo.
BUKELA IVIDIYO ETHI THUTHUKISA INDLELA OFUNDA NGAYO IBHAYIBHELI—ISIQEPHU, BESE UPHENDULA LE MIBUZO ELANDELAYO:
Yiziphi izinto okungenzeka zenza uJosefa nabafowabo bangezwana?
Kungenzeka iziphi izizathu ezenza abafowabo bakaJosefa bamphatha kabi?
Yini esiyifunda emiBhalweni ngoJakobe, uyise kaJosefa?
Yisiphi isifundo esihle uJakobe asifundisa amadodana akhe mayelana nokulungisa ukungezwani?
Uzuzeni kule vidiyo?