UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
Indlela Abashadile Abangasiqinisa Ngayo Isibopho Sabo Somshado
U-Abrahama noSaya bayisibonelo esihle sabantu abashadile ababethandana futhi behloniphana. (Gen 12:11-13; 1Pet 3:6) Nokho, umshado wabo wawunazo izinkinga okwakudingeka bazikhuthazelele. Yini abashadile abangayifunda esibonelweni sika-Abrahama noSara?
Xoxani. Phendula ngomoya omnene lapho oshade naye ekhulume kabi ngenxa yokucindezeleka noma ngenxa yokucasuka. (Gen 16:5, 6) Hlelani ukuba nesikhathi sokuba nodwa. Mtshele njalo oshade naye ukuthi uyamthanda, umbonise nangezenzo. Ngaphezu kwakho konke, gcinani uJehova esemshadweni wenu ngokutadisha, ukuthandaza nokukhulekela ndawonye. (Shu 4:12) Ukuba nesibopho esiqinile somshado kudumisa uJehova, uMsunguli waleli lungiselelo elingcwele.
BUKELA IVIDIYO ETHI INDLELA YOKUQINISA ISIBOPHO SOMSHADO, BESE UPHENDULA LE MIBUZO ELANDELAYO:
Kule vidiyo iziphi izimpawu ezibonisa ukuthi uShaan noKiara babelokhu beqhelelana?
Kungani kubalulekile ukuxoxa ngokukhululekile nangobuqotho?
Isibonelo sika-Abrahama noSara simsize kanjani uShaan noKiara?
Yiziphi izinyathelo ezathathwa uShaan noKiara ukuze baqinise isibopho sabo somshado?
Kungani kungafanele ukuba indoda nomkayo bacabange ukuthi ngeke babe nazo izinkinga emshadweni?
Ningasiqinisa isibopho senu somshado!