AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | GENESISE 6-8
“Wenza Kanjalo Nje”
Cabanga nje ukuthi mkhulu kangakanani umsebenzi wokwakha umkhumbi, okwakudingeka uNowa nomndeni wakhe bawenze bengenawo amathuluzi nezindlela zokwakha zesimanje.
Umkhumbi wawumkhulu kakhulu—cishe ungamamitha angu-133 ubude, angu-22 ububanzi nangu-13 ukuphakama
Kwakudingeka kugawulwe izihlahla, kwenziwe amapulangwe bese eyaqukulwa kwakhiwe ngawo
Lo mkhumbi omkhulu kwakudingeka uhuqwe ngetiyela ngaphakathi nangaphandle
Kwakudingeka kuqoqwe ukudla konyaka wonke okwakuzokusetshenziswa umndeni kaNowa nezilwane
Cishe lo msebenzi wathatha iminyaka engu-40 kuya kwengu-50
Le ndaba ingasikhuthaza kanjani lapho kunzima ukwenza lokho uJehova athi sikwenze?