Januwari 27–Febhuwari 2
GENESISE 9-11
INgoma 101 Nomthandazo
Amazwi Okuvula (1 umz.)
AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU
“Umhlaba Wonke Waqhubeka Unolimi Olulodwa”: (10 imiz.)
Gen 11:1-4—Abathile banquma ukwakha idolobha nombhoshongo ukuze baphikisane nentando kaNkulunkulu (it-1-E 239; it-2-E 202 ¶2)
Gen 11:6-8—UJehova waphithanisa ulimi lwabo (it-2-E 202 ¶3)
Gen 11:9—Abantu bawuyeka lowo msebenzi wokwakha bahlakazeka (it-2-E 472)
Ukumba Sifuna Ingcebo Engokomoya: (10 imiz.)
Gen 9:20-22, 24, 25—Yini okungenzeka yenza uNowa waqalekisa uKhanani kunoHamu? (it-1-E 1023 ¶4)
Gen 10:9, 10—Kungamuphi umqondo uNimrode ‘ayeyiphisi elinamandla ngokumelene noJehova’? (it-2-E 503)
Iyiphi ingcebo oyithole ekufundweni kweBhayibheli kwaleli sonto mayelana noJehova uNkulunkulu, inkonzo yasensimini noma okunye?
Ukufundwa KweBhayibheli: (4 imiz. noma ngaphansi) Gen 10:6-32 (th isifundo 5)
YIBA UMSHUMAYELI NOMFUNDISI ONGCONO ENSIMINI
Ividiyo Ebonisa Lapho Ubuyela Okwesibili: (5 imiz.) Ingxoxo. Dlala ividiyo, bese ubuza izilaleli le mibuzo elandelayo: Yini ebonisa ukuthi laba bamemezeli bakulungiselele ndawonye abazokusho? Umfowethu uyethule kanjani incwadi eseBhokisini Lethu Lamathuluzi Okufundisa futhi usiqale kanjani isifundo seBhayibheli?
Lapho Ubuyela Okwesibili: (3 imiz. noma ngaphansi) Sebenzisa ingxenye ethi Ongase Uxoxe Ngakho. (th isifundo 4)
Esifundweni SeBhayibheli: (5 imiz. noma ngaphansi) Qala ngokusebenzisa ingxoxo yalapho ubuyela okwesibili, bese uqalisa isifundo seBhayibheli ngencwadi ethi Lingasifundisani. (th isifundo 2)
UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
“Yiba Isisebenzi Esinekhono”: (15 imiz.) Ingxoxo. Le ngxenye kumelwe yenziwe umbonisi wenkonzo.
ISifundo SeBhayibheli Sebandla: (30 imiz.) ia isahl. 2 ¶13-23 Ukubukeza, ek. 24
Amazwi Okuphetha (3 imiz. noma ngaphansi)
INgoma 55 Nomthandazo